Ukubalekela Kwami Eqinisweni
Ngesikhathi ngiqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, ngangiyisigelekeqe eseqe ejele. Ngokushesha ngabhekana nenselele yokuthi ngingayeka kanjani ukuqamba amanga futhi ngiqale ukukhuluma iqiniso.
KWAKUNGU-NOVEMBER 1974, futhi ngangiphambi kwenkantolo ephakeme yesifunda sasePender, eNyakatho Carolina, e-U.S.A. Amacala engangibekwe wona ayehlanganisa ukuphanga kuhlonyiwe, ukuhlasela ngesikhali esiyingozi, nokuhamba ngesivinini samakhilomitha angu-145 ngehora endaweni okuhanjwa kuyo ngamakhilomitha angu-55 ngehora. Ngenyanga elandelayo, lapho ngineminyaka engu-22 nje kuphela, ngalahlwa yiwo wonke lamacala futhi ngagwetshwa iminyaka engu-30 eMnyangweni Wokuqondisa Izigwegwe WaseNyakatho Carolina.
Ngangikhulele eNewark, eNew Jersey. Nakuba ubaba ayeyiphoyisa, abazali bami ngangibabangela izinkinga ngaso sonke isikhathi. Ngachitha isikhathi esithile ekhaya lentsha engamahlongandlebe, emakhaya okuqondisa izigwegwe entsheni, futhi ngake ngisho ngavalelwa kuso kanye isiteshi samaphoyisa ubaba ayesebenza kuso. Angisoze ngayikhohlwa indlela angishaya ngayo ngalobobusuku! Yayanele ukuba ingenza cishe noma imuphi omunye umuntu osemusha aguqule izindlela zakhe—kodwa hhayi mina.
Ngeqa ekhaya, ebusuku ngilala kubo kamngane wami noma ngintunte esitaladini. Ekugcineni ngaphinde ngaboshwa futhi. Nakuba ubaba ayengafuni, uMama wangikhipha. Abazali bami, ababenezinye izingane ezinhlanu, banquma ukuthi mhlawumbe okuyiyonanto engangiyidinga kwakuwubusosha.
Ngabungenela ubusosha, futhi izinhlelo zakhona ezihlukahlukene zokuqeqesha zawenza umehluko othile ekuziphatheni kwami okwesikhashana. Kodwa-ke ngabe sengiluthwa izidakamizwa, ngiba umlutha we-heroin. Ngangabelwe ukuba seFort Bragg, eNyakatho Carolina, futhi akuthathanga sikhathi ukuba mina nabangane bami sihambe idolobha nedolobha seba lokho esasikudinga ukuze sisekele imikhuba yethu. Izindaba eziphathelene nokuphanga kwethu zakhishwa emaphepheni naku-TV.
Ngokushesha iziphathimandla zangithola, futhi ngathola isigwebo seminyaka engu-30 engikhulume ngaso ekuqaleni. Ejele ngalwisana nemithetho nezimiso iminyaka eminingi kodwa ekugcineni ngabona ukuthi ngangimane nje ngizishaya ngendlebe etsheni. Ngakho ngazama ukuyilalela imithetho nginethemba lokuyiswa ejele elingenayo imithetho eqinile nokuncishiselwa isigwebo.
Ngemva kweminyaka eyishumi, ngayiswa ejele elingenayo imithetho eqinile, futhi esikhathini esingeside ngemva kwalokho, ngafakwa ohlelweni lwemvume yokuyozisebenzela ngaphandle. Lokhu kwakusho ukuthi ngangingahamba ejele ekuseni futhi ngibuye ntambama ngingagadiwe. Ngolunye usuku ngehluleka ukubuya ngokushesha ngemva komsebenzi, futhi ngakhishwa kuloluhlelo. Nokho, ngangisavunyelwe ukujabulela ukuba sejele elingenayo imithetho eqinile.
Ngemva kokuba sejele iminyaka engu-11, amathuba okuba ngiphume ngokuncishiselwa isigwebo ayengabonakali emahle. Ngolunye usuku olwalushisa ekuseni ngo-August 1985, ngesikhathi ngingaphandle kwejele, ithuba lokubaleka laziveza—ukuba ngeqe ngingabonwa. Ngaya emzini womunye umngane wami esasikade sinaye ejele isikhathi esithile. Ngemva kokuphumula ubusuku obubodwa nokushintsha izingubo zokugqoka, wangiyisa eWashington, D.C., ngemoto, okuyibanga lamakhilomitha angaba ngu-400.
Nganquma ukuba ngingaphinde ngibuyele ejele, okwakusho ukuthi kwakudingeka ngigweme noma isiphi esinye isenzo sobugebengu. Ngaqale ngabamba amatohwana anoma yiluphi uhlobo lomsebenzi engangingase ngiluthole. Ngemva kwalokho ngathola umsebenzi enkampanini kagesi. Ngokuhamba kwesikhathi, ngakwazi ukuthola isitifiketi sokuzalwa esinegama elihlukile—uDerek Majette. Igama lami, indawo engazalelwa kuyo, isizinda, umkhaya—konke okuphathelene nami manje kwase kungamanga. Nganginomuzwa wokuthi ngiphephile uma nje kungekho muntu owaziyo. Ngaphila ngalendlela iminyaka emithathu eWashington, D.C., nasezindaweni zangakhona.
Ukuhlangana NoFakazi BakaJehova
Ngolunye usuku kusihlwa, kwafika izinsizwa ezimbili ezigqoke kahle endlini yami. Zakhuluma nami ngeBhayibheli, zashiya incwadi ethile, futhi zathembisa ukubuya. Nokho, ngathuthela kwenye indlu futhi angiphindanga ngazibona. Khona-ke, ngolunye usuku ekuseni ngaphambi kokuqala umsebenzi, ngadlula kwenye indawo ukuze ngithole ikhofi futhi ngahlangana nabesifazane ababili abangibuza ukuthi ngangingebe naso yini isithakazelo kumagazini INqabayokulinda. Ngawuthatha owodwa, futhi ngemva kwalokho usuku ngalunye ekuseni laba besifazane babengibona futhi bakhulume ngeBhayibheli.
Nakuba lezizingxoxo ngaso sonke isikhathi zazizimfushane, isithakazelo sami kulokho laba besifazane ababekusho sakhulela ezingeni lokuthi usuku ngalunye ekuseni ngangibheka phambili ekubaboneni, uCynthia noJeanette. Ngokuhamba kwesikhathi ngazi nabanye oFakazi BakaJehova ababeshumayela ekuseni kakhulu. Bangimema ukuba ngibe khona emhlanganweni eHholo LoMbuso. Nganginovalo, kodwa ngavuma.
Njengoba ngangihlezi ngilalele inkulumo ngaleyontambama, ngangiqala ukuzwa imibhalo ichazwa ngendlela eqondakala kangako. Ngahlala nasesifundweni seBhayibheli kusetshenziswa INqabayokulinda futhi ngathola ukuthi ngangingahlanganyela ngokuphendula imibuzo. Nganikeza impendulo yami yokuqala, futhi ngemva kwalowomhlangano ngavuma ukuba nesifundo seBhayibheli nomunye wabadala bebandla.
Ngokushesha ngase ngithuthuka olwazini lweBhayibheli. Futhi okubaluleke nakakhulu, ngangiwaqonda amaqiniso engangiwafunda. Ngangingasakhululekile ngokuphila kwami. Ngaqala ukuzizwa nginecala ngamanga engangiwatshela lababantu manje abase bengabangane bami. Ngaqhubeka ngifunda, ngicabanga ukuthi ngizoqhubeka uma nje engekho olaziyo iqiniso ngami. Kodwa-ke owayengifundisa iBhayibheli wabe esekhuluma nami ngokuhlanganyela enkonzweni yendlu ngendlu.
Cishe ngalesosikhathi kwenzeka okuthile okwangenza ngazi ukuthi ukuhlanganyela enkonzweni, noma kunoma imuphi umsebenzi onjengalowo, kwakungeke kwenzeke ngaphandle kokuba ngenze okuthile ngesimo sami. Ngangetha uphethiloli emotweni yami lapho kuza othile emva kwami futhi ebhangqanisa izingalo zami emhlane wami. Lwangishaya lwangeqa uvalo! Ngangicabanga ukuthi iziphathimandla zase zingitholile ekugcineni. Yeka indlela engakhululeka ngayo lapho ngithola ukuthi kwakungomunye esasikade sinaye ejele! Njengoba ayengazi ukuthi ngangeqile, wayelokhu engibiza ngegama lami langempela futhi engibuza yonke imibuzo lena.
Ngangingakaze ngethuke kangako kusukela ngosuku engeqa ngalo. Kodwa kwangenza ngacabanga ngokungathi sína ngesimo sami. Ake kuthiwe ngisenkozweni yendlu ngendlu bese emnyango kuvula othile owazi kahle ukuthi ngingubani? Ngangingaphuma kanjani ngiye enkonzweni kaJehova futhi ngikhulume ngeqiniso kuyilapho mina ngiphila ngamanga? Ngangizokwenzenjani? Ngiqhubeke ngifunda kodwa ngiphila ngamanga, noma ngiyeke ukufunda ngishaye utshani? Kwakudida kangangokuthi kwadingeka ukuba ngithi ukuhamba okwesikhashana ngiyocabanga.
Ukwenza Isinqumo
Ngathatha uhambo. Loluhambo lwami olude ngemoto olunokuthula lwaluyilokho kanye engangikudinga ukuze ngikhululeke, ngicabange, futhi ngicele uJehova ukuba angisize nginqume lokho okufanele ngikwenze. Kwaze kwaba yilapho sengisendleleni ephindela emuva eWashington, D.C., lapho ngenza khona isinqumo sami—ukuyeka ukuqamba amanga futhi ngikhulume iqiniso. Kodwa kwakungelula kangako ukukwenza. Njengoba ngase ngimazi kangcono impela uCynthia, ngamthululela isifuba sami. Wakwenza kwacaca ukuthi kwakudingeka ngilungise izindaba phambi kukaJehova. Wasikisela ukuba ngikhulume nabadala bebandla.
Ngangazi ukuthi uqinisile, futhi ngavuma. Kodwa njengoba ngangingaqiniseki ukuthi ngangizokwenzenjani ngakwezomthetho, ngashayela ummeli othile wakulendawo ucingo ngamchazela isimo sami. Wangeluleka ukuba ngithintane nommeli owayeseNyakatho Carolina, njengoba kunguye owayengase azazi izinqubo zakulesosifundazwe. Ngakho ngathatha uhambo ngilibangise eningizimu ukuze ngithole ukwaziswa mayelana nendlela yokuthola ummeli.
Lapho ngifika eRaleigh, eNyakatho Carolina, ngaya ejele lakhona, elikwesinye sezitaladi ezinkulu. Ngamisa imoto, ngamane ngahlala nje ngibuka uthango olude locingo olunameva, onogada abahlomile abasezinqabeni, neziboshwa zihambahamba ngaphakathi kothango. Ngangike ngaba ngesinye salezoziboshwa iminyaka engu-11! Lesi kwakungesona isinqumo esilula.
Noma kunjalo, ngathatha incwadi yezinombolo zocingo ngakhetha ummeli. Ngamshayela ucingo ngase ngimnikeza ukwaziswa okufana nengangikunikeze ummeli wokuqala engangikhulume naye. Akangibuzanga imibuzo eminingi. Wamane nje wangitshela imali okufanele ngimkhokhele yona nokuthi uma sengilungile ngimshayele ucingo futhi wayezohlela ukuba sibonane. Lapho ngibuyela eWashington, D.C., ngaqonda ngqó kowayengifundisa iBhayibheli.
Yena, umkakhe, nendodakazi yabo base befana nomkhaya wakithi kimi. Ngakho ngobusuku engaya ngabo emzini wabo, kwangithatha isikhashana ngaphambi kokuba ngikwazi ukukhuluma. Kodwa lapho sengikhulumile, ngazizwa ngingcono. Bona, uma ngikubeka kalula, babeshaqekile. Nokho, lapho belulama kulokho kushaqeka, babenozwela kakhulu futhi bangisekela.
Into elandelayo okwakudingeka ngiyenze kwakuwukuthola imali yokukhokhela ummeli nokuba nginqume ukuthi ngangizoziveza nini kuziphathimandla. Ngakhetha u-March 1, 1989, owawuqhele ngamasonto ambalwa nje kuphela. Ngangifuna ukuyeka umsebenzi futhi ngijabulele izinsuku zami zokugcina zenkululeko, kodwa ngangingenakukwazi ngoba ngangidinga imali yokukhokhela ummeli.
Kimina kwakuhlekisa ukuthi ngangeqe ejele futhi manje ngase ngonga imali yokuphindela khona. Ngezinye izikhathi ngangike ngifikelwe umcabango wokuba ngivele ngikhohlwe konke ngishaye utshani. Kodwa u-March 1 wafika ngokushesha okukhulu. Owayengifundisa iBhayibheli nomunye kwayefunda nabo iBhayibheli bangiphelezela ukuya eRaleigh. Saya ehhovisi lommeli futhi saxoxa ngamacala engangikade ngiboshelwe wona, ubude besigwebo sami, nokuthi kungani ngangizimisele ukuziveza. Ummeli wabe eseshayela ihhovisi lemantshi ucingo ecela ukwaziswa ngendawo okwakumelwe ngiye kuyo. Wathola ukuthi imantshi yayingangiphindisela ejele khona manjalo.
Ngangingakuhlelelanga ukuphindela ngokushesha kangako. Ngangicabangé ukuthi sasimane nje siyokhuluma nommeli futhi ngangizoziveza ngakusasa. Kodwa manje, njengoba isinqumo sase senziwe, sobane saya ejele kungekho okhulumayo. Ngiyakhumbula ngicabanga, ‘Ingabe kwenzeka ngempela lokhu?’ Ngokungazelele, sase sisemasangweni angaphambili futhi silalele ummeli echazela unogada ukuthi ngingubani.
Ukuphindela Ejele Futhi
Lapho amasango evuleka, ngazi ukuthi kwase kuyisikhathi sokuvalelisa. Saxhawulana nommeli wami. Kwase kuthi mina nowayengifundisa, nalowo esasifundelwa naye sagonana ngezingalo. Ngokushesha nje lapho sengikolunye uhlangothi lwesango, ngafakwa ozankosi futhi ngaqhutshwa ngayiswa endaweni lapho izingubo zami zokugqoka zathathwa khona futhi zashintshaniswa nezingubo zasejele. Ngathola inombolo yasejele ethi 21052-OS, yona leyana engangikade nginayo ngaphambili.
Lelijele laliyindawo engaqashiwe kakhulu, ngakho lingakapheli nehora ngayiswa ejele elinomthetho oqinile. Ngavunyelwa ukuba ngigcine iBhayibheli lami nencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni kuphela. Ngafakwa phakathi kweziboshwa lapho kwakunamadoda engangiwazé iminyaka eminingi. Ayethatha ngokuthi ngangibuye ngabanjwa, kodwa lapho ngiwachazela ukuthi ngangizibuyele mina ngoba ngifuna ukuba ngomunye woFakazi BakaJehova, wonke athi kwakuyinto ewubulima ukuzedlula zonke ake azizwa.
Enye yezinto zokugcina owayengifundisa ayengitshele yona yayiwukuthi: “Ungalokothi uyeke ukufunda.” Ngakho, isikhathi sami esiningi ngangisichitha ngifunda iBhayibheli, incwadi yami ethi Ungaphila Phakade, nokubhala izincwadi eziya emuva ekhaya kubangane ababazi ukuthi ngangivelelwe yini. Phakathi koFakazi engababhalela kwakunoJerome nomkakhe, u-Arlene. Incwadi yami yayimfushane, kungamaganyana nje okubonga namazwana okuthi ngangizizwa kanjani ngesikhathi engasichitha ngiphakathi koFakazi BakaJehova.
Ngokushesha uJerome wangiphendula ecela imvume yokusebenzisa incwadi yami enkulumweni ayezoyinikeza emhlanganweni wesifunda woFakazi BakaJehova. Ngavuma kodwa ngingenawo umbono womphumela lokho okwakuzoba nawo. Bambalwa oFakazi ababazi ngesizinda sami. Ngakho, yeka ukuthi kwabamangalisa kanjani, ngemva kokuba uJerome efunde incwadi yami nokumemezela igama lami langempela, elithi Brian E. Garner, lapho ethi, “Owaziwa ngokuthi uDerek Majette!” Kwabe sekuba ithuba lami lokumangala. Izincwadi zesikhuthazo zaqala ukutheleka zivela kubazalwane nodade—hhayi abaseBandleni lasePetworth lapho engangiye emihlanganweni yakhona nje kuphela kodwa nezivela kubantu bakwamanye amabandla.
Ngokushesha ngashintshwa eJele Elikhulu ngayiswa ejele elinemithetho engaqinile kakhulu eLillington, eNyakatho Carolina. Ngokushesha lapho sengizinzile, ngabuza mayelana nezinkonzo ezingokwenkolo. Ngajabula lapho ngithola ukuthi oFakazi BakaJehova babeqhuba imihlangano njalo ngoLwesithathu kusihlwa ezindlini zesikole zasejele. Ngeke ngilulibale uthando engaboniswa lona, ukusekela, nemizamo eyenziwa ukuze kungasizwa mina nje kuphela kodwa nanoma ubani owayefuna ukufunda amaqiniso eBhayibheli kulelojele. Lapho ethola ukuthi ngangike ngafundelwa ngaphambili, omunye wabadala owayeqhuba imihlangano kulelojele ngokushesha waqhubeka nokungifundela lapho ngangigcine khona.
Ukucatshangelwa Ukuncishiselwa Isigwebo
Kwadlula izinyanga eziningana, futhi kwafika izwi lokuthi ngangizohlangana nesigungu esicabangela ukuncishiswa kwezigwebo. Nakuba ngangikade ngeqile futhi ngisanda kubuya nje, umthetho wawufuna ukuba ngilethwe phambi kwesigungu esicabangela ukuncishiswa kwezigwebo ukuze kubukezwe icala noma okungenani ngithole izwi lokuthi sasilicabangelile. Ngazisa abangane bami ukuthi kwakuzocatshangelwa ukuba ngincishiselwe isigwebo. Izincwadi zaqala ukutheleka futhi, zingezile kimi, kodwa ziya esigungwini esicabangela ukuncishiswa kwezigwebo.
Ngo-October 1989, ngathola izwi elivela esigungwini esicabangela ukuncishiswa kwezigwebo lokuthi icala lami lalizobukezwa. Ngangimagange. Kodwa ngosuku amalungu esigungu ayezofika ngalo, akufikanga muntu. Futhi akushiwongo lutho mayelana nokuthi ayezofika nini. Ngangidumele kakhulu, kodwa angiyiyekanga imikhuleko yami eya kuJehova. Emasontweni ambalwa kamuva, ngo-November 8, mina namanye amadoda amabili satshelwa ukuthi amalungu esigungu esicabangela ukuncishiswa kwezigwebo ayekhona ejele nokuthi mina ngangizobizwa kuqala.
Njengoba ngangingena ehhovisi, ngabona imiqulu emibili egcwele amaphepha. Omunye wawuyifayela yami eyayisukela emuva ngo-1974. Ngangingaqiniseki ukuthi lona omunye wawuphetheni. Ngemva kokuxoxa nami ngezinye zezinto ezimayelana necala lami, elinye ilungu lesigungu esicabangela ukuncishiswa kwezigwebo lavula omunye umqulu. Kuwona kwakunezincwadi eziningi ezazilotshwe ngenxa yami. Lelikomiti lalifuna ukwazi ukuthi abantu abaningi kangaka ngangibaze kanjani ngemva kokweqa ejele. Ngakho ngalandisa kafushane ngokuhlangenwe nakho kwami noFakazi BakaJehova. Ngabe sengicelwa ukuba kengithi ukuphumela phandle.
Inkululeko Nokuphila Okusha
Lapho ngibizwa futhi, ngatshelwa ukuthi isigungu sasivumelene “Ngokukhululwa Okunemibandela Okusheshayo.” Kwakuthi angibambe amafu ngezandla ngenxa yenjabulo. Ngemva kwezinyanga eziyisishiyagalolunye nje kuphela ngisejele, ngase ngizokhululwa! Kwathatha isikhashana ukuba amaphepha alungiswe, ngakho ngo-November 22, 1989, ngazihambela kahle nje—akuzange kudingeke ngigijime kulokhu—ngaphuma ejele.
Ngo-October 27, 1990, esikhathini esingaphansi konyaka ngemva kokukhululwa, ngabonakalisa ukuzinikezela kwami kuJehova uNkulunkulu ngobhapathizo lwamanzi. Manje ngikhonza uJehova ngenjabulo eWashington, D.C., njengenceku ekhonzayo. Ngo-June 27, 1992, mina noCynthia Adams sahlanganiswa ngomshado.
Ngiyambonga uJehova, umkami nomkhaya wakubo, nabo bonke abazalwane nodade abangisiza ukuba ngibe ingxenye yenhlangano enjengalena enothando yomhlaba wonke.—Njengoba ilandiswa nguBrian E. Garner.
[Isithombe ekhasini 13]
Ijele engachitha kulo iminyaka emide engu-11
[Isithombe ekhasini 15]
Nginomkami, uCynthia