Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 3/8 k. 13-k. 15 isig. 3
  • Kungani Kumelwe Ngigweme Ukulumba?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kumelwe Ngigweme Ukulumba?
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isizathu Sokuba Bahileleke
  • ‘Ukuhlushwa Okungakholeki’
  • Labo Ngempela Abahlala Ezweni Lemimoya
  • ‘Uju Emmeseni Obukhali’
  • Iyini Ingozi Yokudlala Ngemilingo?
    I-Phaphama!—2002
  • Ubani Ngempela Ongumthombo Wamandla Okubhula?
    I-Phaphama!—2011
  • Yini Edonsela Abantu Ekusebenzelaneni Nemimoya?
    I-Phaphama!—2011
  • Yini Engalungile Ngokusebenzelana Nemimoya?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 3/8 k. 13-k. 15 isig. 3

Intsha Iyabuza . . .

Kungani Kumelwe Ngigweme Ukulumba?

“NGANGISONDELENE kakhulu nomkhulu,” kusho enye intombazanyana, “futhi lapho eshona, kwangiphatha kabuhlungu kabi. Ngafuna ukwazi ukuthi kwakungenzeka yini ukuba ngithintane naye futhi.” Ngakho-ke lentombazanyana yaqala ukucobhoza ekulumbeni.

Umbiko wamuva ubika ukuthi “okungenani abantwana nentsha abangu-200 000 eFederal Republic yaseJalimane baye baba nokuhlangenwe nakho kwezinhlobo ezihlukahlukene zokulumba.” IJapane inoquqaba lwabantu abasebenzisa imimoya abasafufusa esikoleni, abanye bagxile kwezokuxoxisana ngengqondo (telepathy), abanye ekuthumbeni ingqondo (hypnosis), kanti abanye ekukhipheni ufufunyane (exorcism). ENigeria akukhona okungavamile kulezinsuku ukuzwa ngabantwana abasesikoleni esiphansi abathakathayo. Futhi, kuyadabukisa ukusho ukuthi, ngisho nenye intsha ekhuliswe abazali abangamaKristu, mhlawumbe ngokungahlosile, iye yadlala ngokusebenzisa imimoya.

Kungani ukulumba kuthakazelisa kangaka entsheni? Futhi kungani ukuhileleka kukho kuyingozi kangaka?

Isizathu Sokuba Bahileleke

Ukulumba kuhilela ukusebenzisa imimoya, ukuhlola izwe lemimoya ngokufunda izinkanyezi, ukubhula, ukuthakathaka, imilingo, nokunye okufanayo. Futhi kungani intsha eningi kangaka inesithakazelo ekulunguzeni ezintweni ezinjalo? UDirk wayenesifiso esijulile sokuthintana noyise owayesashona. Eqiniseka ngokuthi wayengakwenza lokhu uma ethuthukisa amandla akhe engqondo, waqala umkhuba wokuzindla azama kuwo ukunyakazisa izinto ngaphandle kokuba azithinte. Ukuzindla okunjalo, kusho uDirk, kwamletha esangweni lezwe lemimoya!

Enye intsha yesaba ikusasa. Ifuna iseluleko ngokuphathelene namamaki ayo noma amathemba omshado futhi icabanga ukuthi izwe lemimoya lingayisiza. Okuphazamisa ngokukhethekile ukukhulekelwa kukaSathane uqobo! Yini ekhangayo kulenkolo esabeka kangaka? “Ngikuyo ukuze ngithole amandla,” kuchaza omunye osemusha waseCanada owenza ubuSathane. “Inginika amandla okulimaza abantu.”

Nokho, abacwaningi abaningi bakholelwa ukuthi isizathu esiyinhloko sokuba intsha izihilele ekulumbeni simane siyisifiso sokufuna ukwazi. Enye intombazane eyahileleka ekulumbeni yavuma: “Ngangikufuna kakhulu ukwazi.” Enye intombazane yakubeka ngalendlela: “Ekuqaleni ngangizizwa ngimanqikanqika kakhulu, kodwa ngacabanga, ‘Okungenani uyokwazi ukuthi kuyinto enjani ngempela.’” Ngakho-ke yamukela isimemo esivela kumngane wayo sokuba ihlanganyele emhlanganweni wokulumba.

Iqhutshwa yisifiso sokufuna ukwazi, enye intsha izama ngokokuqala ngqá iOuija board noma esikhundleni sayo ifunde ukunyakaza kwengilazi ebheke phezulu. Ukusuka lapho kumane nje kuyibanga elifushane ukuhileleka ngokujulile emimoyeni ngokusebenzisa ingilazi yokubhula, amakhadi okubhula, imigexo, izinkambi zetiye, nezincwadi zezinkanyezi. Abanye baze ngisho baqale ukuya kubabikezeli benhlanhla abaqeqeshiwe noma ezinyangeni. Nokho, ocwepheshe abaningi, babonakala bengamahumusha. Ngokwesibonelo, ukuze athuthukise amamaki akhe, uAlexander wabonana nenyanga. Akahlulekanga nje kuphela ukuba athuthukise amamaki akhe kodwa futhi walahlekelwa ngokwezimali. Imali yakhe yahlukaniselwa inyanga-mbumbulu nalowo ozibiza ngomngane owancoma leyonyanga kuye.

Nokho, entsheni eningi, ukuzifaka engozini yemimoya kuphumela kokuthile okulimaza ngaphezu kokulahlekelwa ngokwezimali.

‘Ukuhlushwa Okungakholeki’

Amazwi athi “ukuba nje ngangazile” avamile ukuzwakala phakathi kwalabo abaye bazisola ngokudlala ngokusebenzisa imimoya. Umagazini waseNingizimu Afrika, iPersonality, washo kanjalo. Isililo esinjengalesi sivamile: “Ukuba nje angibanga yisiwula kangako. . . . Ngiye ngahlupheka ngokungakholeki, ngizwa amazwi, amaphupho amabi, izinsongo, futhi abanye abakhulekeli bakaSathane bangishushisa ngokwengqondo nangokomzimba lapho ngizama ukuphuma.”

Amaphesenti angama-24 othisha abahlolwa eJalimane aphawula ithonya eliphazamisayo lokulumba kubafundi. Abanye abafundi babengonyube, benezinkinga ekufundeni, behlala ngokwesaba, behlushwa ukucindezeleka, futhi benokuthambekela ekuzilimazeni bona noma abanye. UDirk ngokuvamile wayengalali ebusuku. Uyakhumbula: “Ngixhakathiswe ukwesaba ukungenwa amademoni, ngangingalokothi ngiwavale amehlo. Ngangigoqana uma ngizwa noma yimuphi umsindo.” Osemusha ogama lakhe linguMichael ngokufanayo “wayengalali ebusuku ehlushwa amademoni” ngemva kokuphuza imithi ayeyinikiwe. Eminye imibiko ichaza izinguquko ezimangalisayo zobuntu kubantu abahlanganyela ezenzweni zokulumba. Enye intombazane yathusa unina ngokumtshela ukuthi esikhathini esizayo yayizogqoka izimpahla ezimnyama (okuwumbala eyayifuna ukuthi kupendwe ngawo ikamelo layo) futhi ilale ebhokisini lomngcwabo elivuliwe!

Labo Ngempela Abahlala Ezweni Lemimoya

Imibhalo ikwenza kucace ukuthi “abafileyo abazi-lutho.” (UmShumayeli 9:5) Ngakho-ke izwe lemimoya alihlalwa yimiphefumulo yabathandekayo abafile. Pho siyini isizathu sokuhlangenwe nakho okwesabisa kanjalo? Amademoni akhohlakele! NgokweBhayibheli, lezi izingelosi eziyizihlubuki, abalandeli bakaSathane uDeveli. (1 Petru 3:19, 20; IsAmbulo 12:9) Zinomlando wokuletha ukukhohlakala nokulimala okungadingekile kubantu.

Ngokwesibonelo, uLuka 9:42, usitshela ngendoda eyayinamademoni leyo ‘idemoni elayiwisa phansi, layihlukumeza kakhulu.’ Yeka unya! Ngokufanayo izEnzo 19:16 zichaza indlela indoda enamademoni eyabahlasela ngonya ngayo abayisikhombisa ababezoba ngabakhiphi bofufunyane. Okuhlangenwe nakho kosuku lwanamuhla kuqinisekisa ngokucacile ukuthi amademoni awakazishintshi nakancane izindlela zawo ezimbi.

Osemusha oqala ukudlala ngeESP, ukufundwa kwezinkanyezi, amakhadi okubhula, noma nganoma yiluphi uhlobo lokulumba ngaleyondlela kungase kube uvula umnyango oya kokuhlangenwe nakho okwesabisayo. Umagazini iPersonality wathi: “Into efanayo kokuhlangenwe nakho kwabo bonke labo esakhuluma nabo [ababeye bahileleka ekulumbeni] yayiwukuthi babeye bashona kancane kancane edanyini lobusathane ngezindlela ezembathiswe ukukhohlisa okuncane kokuhlonipheka.” Yebo, ukulumba akulutho ngaphandle kokuba yitshe elikuwezela ekuthintaneni noSathane namademoni!

‘Uju Emmeseni Obukhali’

Ngaleyondlela uMthetho kaNkulunkulu kumaIsrayeli wawenqabela noma yiluphi uhlobo lokusebenzisa imimoya, uthi: “Makungafunyanwa kuwe . . . umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi, noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana.”—Duteronomi 18:10, 11.

AmaKristu ekhulwini lokuqala azihlanza kunoma yikuphi ukuthintana nemimoya, eshisa zonke izimpahla zobudemoni. (IzEnzo 19:19) Ngokufanayo intsha namuhla efisa ukuba nobungane noJehova iyozihlangula ngokuphelele kunoma iyiphi into ehlangene nokulumba. Lokhu kuyohlanganisa wonke amabhayisikobho, izincwadi, izincwadi zamahlaya, nezithombe ezisikisela ukuthi ezemimoya. Ngisho nomculo umuntu awukhethayo kumelwe ucwaningwe. Ngokwesibonelo, umculo onomsindo wezinsimbi, izikhathi eziningi uye wahlotshaniswa nobuSathane.

AbaseTibet banesisho esithi: ‘Cabangisisa ngaphambi kokuba wamukele uju olufakwe emmeseni obukhali.’ Ekuzameni ukukhotha uju emmeseni, ungase ulahlekelwe ulimi lwakho! Ngokufanayo, kungakhathaliseki ukuthi ukusebenzisa imimoya kungase kukhange kanjani esifisweni sakho sokufuna ukwazi, kuyabulala. Ngakho yenqaba noma yisiphi isimemo sokuba uhlanganyele noma ngisho ubukele ukwenziwa kokulumba. Okuthile okubonakala kungalimazi njengomdlalo wokunyakazisa ingilazi kungase kuholele ekuhilelekeni okuyingozi ebudemonini. Yiqiniso, ungase ube nesifiso sokufuna ukwazi. Kodwa ubungayidla yini inyama ebolile ukuze nje ubone ukuthi kunjani ukuba nobuthi obubangelwa ukudla okonakele?

UDirk (okukhulunywe ngaye ngaphambili) wakwazi ukuzikhulula ekulumbeni. Ngokutadisha iBhayibheli ngosizo lwezincwadi zeWatch Tower Society, wafinyelela ekuqondeni iqiniso ngoyise ofile, futhi wafunda ngethemba lovuko. (IHubo 146:4; Johane 5:28, 29) Leliqiniso lamkhulula kunoma yisiphi isifiso sokuxhumana nezwe lemimoya. (Qhathanisa noJohane 8:32.) Uphi uDirk manje? Uye wahlanganyela noFakazi BakaJehova futhi usebenza kwesinye sezakhiwo zokunyathelisa zeWatch Tower Society njengesikhonzi sesikhathi esigcwele.

Yebo, iBhayibheli liyazenelisa izidingo zethu ‘ezingokomoya.’ (Mathewu 5:3) Futhi ngokuhamba kwesikhathi, lokhu kuzuzisa kakhulu kunokwanelisa ukufisa komuntu kokufuna ukwazi ngokusebenzisa ukulumba okuyingozi, nokubulalayo.

[Isithombe ekhasini 15]

Ukuhileleka ekulumbeni kungase kuqale ngomdlalo obonakala ungalimazi, onjengaleOuija board

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela