Yini Edonsela Abantu Ekusebenzelaneni Nemimoya?
IMPENDULO yalo mbuzo incike kakhulu ekutheni umuntu uhlalaphi nokuthi siyini isizinda sakhe senkolo nesosiko-mpilo. Yini ekhanga abantu ekusebenzelaneni nemimoya endaweni yakini? Kungenzeka kungokunye kwalokhu okulandelayo.
● Ilukuluku Ngokwemvelo abantu banelukuluku lokwazi, kanti ukusebenzelana nemimoya kuyinto engaqondakali. Ngakho, abanye bayazibuza ukuthi ingabe kunamandla athile yini afihlekile ekusebenzelaneni nemimoya. Abanye bangase basebenzise i-Ouija board noma bafunde izinkanyezi ukuze babone ukuthi lokho ezikushoyo kuyenzeka yini. Kanti abanye bangase baye kwababhula ngabalozi noma ezangomeni.
● Ukuzijabulisa Eminyakeni yamuva nje kuye kwanda ukuzijabulisa ngezincwadi, amabhayisikobho nemidlalo yama-computer okusekelwe ekusebenzelaneni nemimoya kanye nezinkolelo-ze zasendulo zobuqaba. Ezinye zalezi zindlela zokuzijabulisa zibonisa ubudlova nobulili ingcaca.
● Ukukhathazeka ngekusasa IBhayibheli labikezela: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thimothewu 3:1) Izikhathi ezinzima sezisifikele ngempela, abantu abaningi baya kubantu abasebenzelana nemimoya, njengababhula ngezinkanyezi, izangoma, abafunda intende yesandla ukuze bathole isiqondiso. Esinye isangoma sathi, “Leli elinye lamabhizinisi ambalwa ukuwa wezomnotho okungawaphazamisi. Abantu abavamile ukuza kuwe uma kubahambela kahle.” Esinye isangoma eCanada sathi: “Muva nje sengishayelwa ucingo osomabhizinisi besemahhovisi abo noma ngomakhalekhukhwini behambe behlebeza emaphasishi.” Siyanezela: “Laba abantu ababekugxeka futhi bengakuthandisisi ukuya ezangomeni.”
● Ukugula Kwamanye amazwe abantu abagula kakhulu ngokuvamile baphonsa ithawula ekuyeni kodokotela, bese beya ezinyangeni ezisebenzisa imimoya ukuze zibelaphe. Kungase kuthiwe bagula ngenxa yokuloywa noma ukuphonswa. Ukuze kuqedwe lelo shwa, abangane nezihlobo zogulayo bangase bafune usizo lwabantu abasebenzelana nemimoya, abangase bafune ukukhokhelwa imali enkulu.
● Isifiso sokulondeka nokuba nenhlanhla Kwezinye izingxenye ze-Afrika, izakhamuzi ziqasha “umprofethi” wesonto likamoya ukuze axoshe imimoya emibi emphakathini. Njengoba kwenziwa lokhu, kuphuzwa imithi “nesiwasho.” Kwezinye izindawo, abantu baya ezangomeni ukuze bathole inhlanhla emzini omusha noma engcwabeni.
● Ukusongelwa kwezingane EPapua New Guinea, umama angase enqabe ukuphumela nosana ngaphandle ebusuku. Kungani? Wesaba ukuthi imimoya emibi ingalulimaza usana. E-Uganda, bavame ukubopha izingane zabo ngencweba enobuhlalu namagobolondo asolwandle ezihlakaleni nasemaqakaleni ukuze bazivikele engozini.
● Ukushona kothandekayo Umlobi waseBrithani uSir Arthur Conan Doyle walahlekelwa yindodana yakhe, umfowabo, umlamu wakhe nomshana eMpini Yezwe Yokuqala. Edabuke kakhulu, uDoyle nomkakhe baya kumuntu obhula ngabalozi, benethemba lokuthi babezokhuluma nendodana yabo. Nanamuhla, abantu abaningi basaya ezangomeni bezama ukukhuluma nabathandekayo babo abafile. Kwamanye amazwe, izinkolo zomdabu namasonto azibiza ngokuthi awobuKristu zifundisa ukuthi ukufa kubangelwa imimoya ethukuthele. Kungase kuchithwe imali eningi kwenziwa imikhosi eyimpoqo kushwelezwa ukuze kunqandwe ukufa okuhlasele umphakathi.
● Ukwesaba abafile Izinkolelo eziphathelene nokufa nesimo sabafile zisithonye kakhulu isintu. Ngakho, emazweni amaningi abantu benza zonke izinhlobo zamasiko, kuhlanganise nokuzilimaza ukuze bashweleze kwabafile noma “babonise” ukuthi bayabathanda. Kweminye imiphakathi yaseziqhingini zasePacific, abafelokazi nabafelwa bayaphoqwa ukuba bagqoke inzilo futhi balile izinyanga eziningi, bevalelwe endlini lapho kufanele bagweme uhlobo lokudla obeluthandwa kakhulu umufi. Abantu abaphila ngaleli siko bangase bacindezeleke, baguliswe yindlala baze bafe nokufa.
Kuyacaca ukuthi ziningi izinto eziyengela abantu ekusebenzelaneni nemimoya. Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba siwuqonde umthombo wangempela wezimfundiso zokusebenzelana nemimoya! Ukuze senze lokho, masihlole iBhayibheli okuwukuphela kwencwadi esinika incazelo egcwele.