Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukushiywa Isikhathi Ngasazisa kakhulu isihloko esithi “Ingabe Uhlala Ushiywa Isikhathi?” (January 8, 1990) Natusa ukulindela izikhathi zokulinda nokuphatha okokufunda ukuze ube matasa ngokuzuzisayo kuyilapho ulindele abanye. Ukusikisela kwenu kuye kwaba usizo ngempela.
UI. D., eNigeria
Izidlova Nakuba ngingasongelwa ngokushaywa esikoleni, ngiyagconwa kakhulu ngoba umama uvela kwelinye izwe futhi ubukeka ngokuhlukile. Isihloko senu esiphathelene nezidlova zasesikoleni (August 8, 1989) sangitshela ukuthi ngingazinaki, futhi lokho kuye kwangisiza. Futhi manje sengiyaqaphela ukuthi iningi lalabobantwana livela emakhaya ahlukene futhi lidlulisela ukukhungatheka kwalo kwabanye abantwana. Ngijabula kakhulu ngokuthi niyakwazi ukuqonda isizukulwane esincane.
UM. D., eUnited States
Ukuchitheka Kukawoyela Lapho ngibona isihloko esithi “Ukuchitheka Kukawoyela!” ngangithanda ukungabaza. (September 22, 1989 [yesiNgisi]) Ngangifunde okuningi ngalokhu kuchitheka emaphephandabeni nakomagazini futhi ngazibuza ukuthi kazi yini iPhaphama! okungenzeka iyenezele. Nokho, ngemva kokufunda lesihloko esigcwele amaqiniso, esibekwe ngendlela entsha, ukuzibuza kwami kwaphela. Futhi nadlulela ngalé kwalapho amaphephandaba nomagazini egcina khona futhi nabonisa ukuthi ikhambi langempela lezinkinga zesintu liyoba sezweni elisha likaNkulunkulu.
UC. K., eUnited States
Izidingo Ezikhethekile Cishe ngineminyaka eyi-14 futhi bengifuna nje ukunibonga ngesihloko (sikaSeptember 8, 1989) esiphathelene nokusiza labo abanezidingo ezikhethekile. Lapho ngisesikoleni sabaqalayo, ekilasini lethu kwakunabantwana abathathu abayizithulu, futhi abantu babenza njengokungathi abaphili futhi babekhuluma ngabo ngoba bengezwa. Ngakho abanye bethu bahlangana futhi bafunda indlela yokukhuluma nabo. Lapho abanye abantwana bebona indlela ukwenza lokhu okwakukuhle ngayo, nabo baqala! Ngethemba ukuthi ngolunye usuku ngiyotolikela abayizithulu emihlanganweni yoFakazi BakaJehova.
UA. B., eUnited States
Umlando Wenkolo Ngiyabonga ngochungechunge oluthi “Ikusasa Lenkolo Uma Kubhekwa Isikhathi Sayo Esidlule.” Ngihlangana nabantu abaningi abanezizinda ezingokwenkolo ezihlukahlukene. Lezihloko ziyosiza abaningi ukuba balandelele inkolo kusukela ekuqaleni kuze kube manje.
UD. S., eUnited States
Ngifunda uchungechunge oluphathelene nomlando wenkolo. Ngokuqinisekile ngiye ngafunda okuningi, okudlula engake ngakufunda esikoleni.
UB. J., eUnited States
Abantwana Abafayo Umzukulu wami wentombazane onezinyanga eziyishumi ubudala waphathwa uhudo. Isibhedlela samthumela ekhaya, futhi kwakuqhubeka kuba kubi ngokwengeziwe usuku ngalunye. Ngakhumbula isihloko senu esiphathelene nokusindisa abantwana ngokusebenzisa inqubo yeOral Rehydration Therapy (Ukwelapha ngokumphuzisa amanzi anosawoti noshukela ngomlomo). (October 8, 1988) Ngalandela iziyalezo, futhi ngosuku olulandelayo waqala ukululama. Lolohudo lwanqamuka, futhi walulama ngokuphelele.
UR. M., eUnited States
Ukunakekela Izilwane Zasekhaya Ngisebenza esikhungweni sezilwane futhi ngokuvamile nginikeza izinkulumo zokufundisa umphakathi ngemithwalo yemfanelo yokunakekela izilwane zasekhaya. Ngahlabeka umxhwele ngokwamukela isihloko senu esithi “Ingabe Ungasinakekela Ngempela Isilwane Sasekhaya?” (June 8, 1989 [yesiNgisi]) ngosuku olwandulela engangizonikeza ngalo inkulumo eyayethanyelwe abantu abaningi esikoleni. Engisebenza nabo bahlabeka umxhwele kakhulu ngalesihloko futhi bathanda ukusisebenzisa epheshaneni lethu lasekwindla. Ngokuvamile abantu bakhetha izilwane zasekhaya ngoba bethathekile okwesikhashana. Nokho, yayihlaba umxhwele indlela enanikeza isimo esingokoqobo nemithwalo yemfanelo umuntu okumelwe akucabangele ngaphambi kokukhetha isilwane sasekhaya.
UC. S., eUnited States