Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 5/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okumelwe Ukwazi Ngezintwala Zasekhanda
    I-Phaphama!—1989
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1990
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1990
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 5/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukuchapha Ngenhlamba Ngifisa sengathi bonke abantu abasha njengami bangaqaphela izinzuzo zokusebenzisa ukusikisela okwanikezwa esihlokweni senu sesiNgisi esikhuluma ngokuchapha ngenhlamba. (June 8, 1989) Ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli eziphawulwe lapho, manje senginobuhlobo obuhle nabazali bami abangakholwa.

S. C., Italy

Izintwala Zasekhanda Ngakhetha esithi “Izintwala Zasekhanda” njengesihloko sombiko wesikole futhi ngasisekela esihlokweni senu. (September 8, 1989). Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, izintwala zasekhanda zatholakala komunye wabafundi esikoleni sethu. Iningi lalabo engifunda nabo lalikholelwa ngokuqinile ukuthi izintwala zasekhanda zazitholakala kuphela kubantu abangcolile. (Nami futhi ngangicabanga kanjalo kwaze kwaba yilapho sengifunde lesihloko.) Ngakho uthisha wafunda umbiko wami futhi wakhipha ukungaqondi kwabo.

Y. N., Japane

Ukufundwa Kwezinkanyezi Angikaze ngibe nesithakazelo esikhulu ekufundweni kwezinkanyezi futhi ngalokho angizange ngithande ukufunda umagazini wePhaphama! kulesosihloko. (November 22, 1989, ngesiNgisi) Kodwa njengoba ngangiqala ukuwufunda, ngabona indlela lenqubo yobusathane yokucabanga enethonya elingakholeki ngayo engxenyeni enkulu yesintu. Incazelo ecacile yangihlaba umxhwele kakhulu futhi ngazizwa nginokubonga kwangempela ngokuqonda owanginika khona.

J. A., New Zealand

Amafutha Isihloko esikumagazini wesiNgisi esithi “Uwoyela Ungowosizo Lwakho—Mhlawumbe!” (November 22, 1989) sasithakazelisa kakhulu futhi sifundisa. Ngathanda ngokukhethekile indlela enasibhala ngayo ngokombono weconsi elincane lamafutha. Kwakulula ukusiqonda futhi safinyelela khona kanye ephuzwini!

J. W., United States

Impikiswano Yegazi Ngafunda isihloko esikumagazini wesiNgisi esithi, “Odokotela Bazama Ukusephuca Indodakazi Yethu” futhi ngavele ngakhala ngenjabulo ngenxa yabakwaDeskins nendodakazi yabo [eyaphunyuka lapho kuphoqelelwa ukuba ifakwe igazi]. (October 22, 1989) Indodakazi yami, uDana, yasha kabuhlungu futhi kwadingeka ukuba ilaliswe esibhedlela. Impikiswano yegazi yaphakama. Naphezu kwemizamo yami enamandla kakhulu yokunqaba, igazi lafakwa ngenkani kuDana. Ngakho-ke ngiyayiqonda ngempela indlela abakwaDeskins okumelwe ukuba bazizwa ngayo phakathi nokuvivinywa kwabo. Kumelwe banconywe ngenxa yokholo lwabo kuJehova uNkulunkulu.

D. C., United States

Uthola “iPhaphama!” Ngangilindele ithuba lami endaweni yokugunda izinwele lapho ngifuna umagazini ongangisiza ukuba ngidlulise isikhathi. Ngaphambi kokuba ngikuqaphele, ngase ngichithe imizuzu eminingana ngifunda umagazini othiwa iPhaphama! Ngamangala ngempela ukuzithola ngithatheke ngokujulile ngobuhle obunengqondo besigijimi esiqukethwe ezihlokweni zawo ezinhlobonhlobo.

H. P. C., Brazil

Izidingo Ezikhethekile Ngibonga kakhulu ngesihloko esikhuluma ngabakhubazekile. (September 8, 1989). Sinendodakazi ehamba ngesihlalo sabakhubazekile, futhi kuthatha isikhathi esiningi ukulungiselela ukuya emihlanganweni yobuKristu kanye nokungena nokuphuma emotweni yethu phakathi nenkonzo yethu yendlu ngendlu. Sifika ngesikhathi emihlanganweni futhi sikujabulela kakhulu ukudla okungokomoya, kodwa akekho owaziyo ngempela ukuthi kudinga umzamo ongakanani ukuba nje lapho. UJehova usinika amandla; uma ubengasiniki, besingeke siphumelele.

S. A., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela