Isimangaliso Sokubomvana
Inyoni evutha amalangabi! Yingaleyondlela amaGreki asendulo achaza ngayo iphoenix, inyoni yasenganekwaneni eyaqeda ukuphila kwayo emalangabini omlilo futhi kamuva yavuka emlotheni. Emakhulwini eminyaka edlule, igama lephoenix ladluliselwa enyonini engokoqobo, iflamingo (Phoenicopteridae). Iphila ngokuvumelana negama layo kangcono kunokuba kungenza inganekwane. Amehlo aphelela emoyeni lapho ebuka ihele elindizayo—“isiphepho somlilo” esibhakuzayo, esikhala njengehansi, sokubomvana, okumnyama, nokubomvu klebhu ligcwalise isibhakabhaka.
Futhi iflamingo eyodwa iyisimangaliso somklamo, kusukela ekhanda kwehle kuye onyaweni. Cabangela umlomo, ibhokisi eliwumhubhe elinesivalo eligobele ngezansi ngasekugcineni ukuze lime ngokulinganayo nengaphansi lechibi emanzini angajulile. Ngaphakathi, umlomo unesisefo esisazinsiba esivimbela ukungena kwezinto ezinkulu lapho ibamba izingcezwana ezidlekayo zealga nokunye, ngesikhathi ulimi lufaka ngaphakathi futhi lubuye lukhiphele ngaphandle amanzi. Imikhomo kuphela edla ngendlela efanayo, isefa izimfezi ezincanyana zasolwane ngebaleen yayo.
Ngokwesilinganiso intamo nezinyawo zeflamingo, kude ukwedlula okwanoma iyiphi enye inyoni. Iflamingo ingaba imitha elingu-1,8 ubude uma imile. Izinyawo zayo ezinesisekelo zenzelwe impilo yasemachibini angajulile nanosawoti. Ize ngisho izimelele ngesikhathi ime emanzini, ilondekile kubahlaseli, ngisho nasezimweni ezingathandeki kakhulu—ime ngonyawo olulodwa! Izazi zithi iflamingo ima ngonyawo olulowa ukuze iphumuze olunye. Umsipha okhethekile wenza ukuba lenyoni ikwazi ukugcina lomlenze uqinile endaweni yawo njengesigxobo. Umuzwa ophelele wokuma inganyakazi nawo uyasiza ngokufanayo.
Izazi zokuziphendukela kwemvelo ziyaphiceka ngesiqalo seflamingo. Kuzo, ngezindlela ezithile ifana nehansi, kwezinye ifana nonogolantethe, kanti kwezinye ifana neheron. Singase senezele ukuthi idla njengomkhomo futhi ilale njengelambu elimile. Kodwa asidingi ukuphicwa ukuthi yavelaphi. UMklami ohlakaniphile kuphela ongaklama umklamo onjalo.