Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g93 2/8 k. 24-k. 25 isig. 9
  • Ama-flamingo—“Izinyoni Zosiba”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ama-flamingo—“Izinyoni Zosiba”
  • I-Phaphama!—1993
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imikhuba Ephawulekayo
  • Isimangaliso Sendalo
  • Abadansi Abanezimpaphe Ezigqamile
    I-Phaphama!—2003
  • Izinyoni Ezimangalisayo ZeChibi LaseBogoria
    I-Phaphama!—1992
  • Isimangaliso Sokubomvana
    I-Phaphama!—1990
  • Ukubuka Izinyoni—Ingabe Kuwukuzilibazisa Okuthandwa Yibo Bonke Abantu?
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1993
g93 2/8 k. 24-k. 25 isig. 9

Ama-flamingo—“Izinyoni Zosiba”

Ngumlobeli wePhaphama! eSpain

IJWAYELEKILE kodwa iyimfihlo, ayizinaki kodwa iyabukeka, ithanda ukuzifihla kodwa ayihlukani nezinye zosiba—i-flamingo iyinyoni ekhohlisayo.

Njengoba ujwayelwe cishe yiwo wonke umuntu, umklamo wayo oyingqayizivele uyavela emifanekisweni yaseGibithe (wawufanekisela umbala obomvu), imidwebo yasendulo eyayiqoshwa emadwaleni emigede, kanye nemidwebo yobuciko yosuku lwanamuhla. Kodwa ama-flamingo asenezinto ezithile eziyimfihlakalo. Izindawo zawo zokuzalela zikude ngokungajwayelekile, futhi idlanzana lalezo ezinkulu lisanda kutholwa eminyakeni engu-50 nje edlule. Futhi eyesilisa neyesifazane zifana kakhulu kangangoba ochwepheshe abayizazi zezinyoni bangazihlukanisa kuphela ngokusebenzisa i-optical probe.

Leyomilenze emide neyimicondo naleyontamo ende—eyishwibayo futhi iyifake ngaphansi kophiko lwayo njengokungathi yakhiwe ngenjoloba—kunezela ekubukekeni kwayo kokungazinaki. Nokho, lapho izintantela emanzini ngokungajahi noma ishona ekujuleni kwamanzi ukuze ibambe izilwanyana ezincane ezinamagobolondo eziwukudla kwayo, inokubukeka okukhangayo, ukubukeka okuphenduka kube ubuhle obuhlaba umxhwele lapho indiza.

Zimbalwa izinto ezingokwemvelo ezingafaniswa nomhlambi wama-flamingo lapho endiza. Umbala obomvu nomnyama ezimpikweni zawo uqhathaniseka ngokugqamile nombala obomvana noma omhlophe wemizimba yawo.a Kubonakala njengokungathi amashumi ngamashumi eziphephethamoya abephephezeliswa kanyekanye njengoba lomhlambi unyukela phezulu emoyeni kancane kancane. Futhi lapho esephezulu emoyeni ukwakheka kwawo okukhangayo nokunyakaza kwawo okuhamba ngesigqi kuwaguqula abadansi be-ballet basezweni lezinyoni.

Ngeshwa, akulula ukubona umbukwane onjalo. Ama-flamingo ayizinyoni ezinobudlelwane, kodwa ancamela ukuba nobudlelwane nezinyoni zohlobo lwawo—ayisibonelo sangempela ‘sezinyoni zosiba.’ Agwema izindawo ezinabantu ngokuphikelelayo futhi ngokuvamile ahlangana ngobuningi kuphela emachibini kasawoti noma ezihlanjeni ezikude kakhulu nabantu.

Imikhuba Ephawulekayo

Ukuze sithole okwengeziwe ngalezinyoni ezihlaba umxhwele, iPhaphama! yaxoxisana noManuel Rendón, umqondisi weFuente de Piedra Reserve, eMálaga, eSpain.

Ingabe ama-“flamingo” antekenteke njengoba ebonakala enjalo? “Hhayi ngempela. Ayachuma emachibini angathandeki kasawoti enhla neAndes lapho kungekho-nyoni engalubhada khona. Emachibini aseAfrika lapho evame ukutholakala khona, amanzi ayashisa futhi aphucula kakhulu kangangoba angashisa isikhumba sakho, kodwa isivikelo esisasikhumba semilenze yama-flamingo siwavikela ekulimaleni.”

Iyiphi inkinga yawo eyinhloko? “Ngokungangabazeki yileyo yokuthola indawo efanelekile yokuzalela. Adinga ichibi likasawoti elithulile, elingajulile lapho kuneziqhingi ezincane angakwazi khona ukwakha izidleke zawo kuzo. Kunzima kakhulu kulezinsuku ukuthola izindawo ezinjalo. Eqinisweni, kuyo yonke iMediterranean esentshonalanga, manje sinezindawo ezimbili kuphela ezinjalo: eyodwa iseSpain futhi enye iseFrance.b

“Lapha eFuente de Piedra, anobunye ubunzima. Ichibi azalela kulo lishesha kakhulu ukoma ekushiseni okukhulu kwelanga laseAndalusia—ngaphambi kokuba amancane akhule ngokwanele ukuba andize.”

Kwenzekani uma ichibi loma geqé? “Ngeminye iminyaka kufanele silungiselele amanzi ngendlela engeyona engokwemvelo ukuze yonke lendawo yokuzalela ingasilahlekeli. Siye sathola ukuthi uma sigcina [amahekthare ayisithupha] ngaphansi kwamanzi, lokho kwanele, ngisho nakuba lokhu kusho ukuthi ama-flamingo amadala kumelwe athole ukudla kwawo cishe ngokuphelele emadanyini amakhulu kude [ngamakhilomitha] amaningi. Ama-flamingo achitha isikhathi sawo esiningi ehla enyuka futhi ezondla, kuyilapho eshiya izingane zawo ukuba zinakekelwe izinyoni ezimbalwa ezindala—okufana kakhulu ngempela nenkulisa.”

Yini enye eniye nayithola? “Ngenxa yokuphawula lezinyoni, siye safunda okuningi kakhulu ngokuthanda kwazo ukuzula. Ama-flamingo awathutheli kwamanye amazwe ngempela, kodwa ayahamba esuka kwenye indawo yokudla eya kwenye, noma kukuphi lapho efisa ukuya khona. Ngakho, enye inyoni ingase ichithe ihlobo iseSpain futhi ubusika iseNyakatho Afrika, kuyilapho enye yenza ngokwehluke kakhulu. Ungazibiza ngokuthi izihambeli ezithanda injabulo, nakuba ukuzula kwazo ngokusobala kuhlobene kakhulu nokufuna ukudla kunenjabulo.

“Okusobala ukuthi uma enikezwa usizo nesivikelo esincane, ama-flamingo ayanda. Ngaphambi kwawo-1980 ayezalela lapha ngokwethukela kuphela nangamanani amancane kakhulu. Ngokulinganisela ukuphazamisa kwabantu nangokulondoloza isilinganiso samanzi esidingekile echibini kuze kube yilapho amachwane esekwazi ukundiza, siye sabona ukwanda okukhulu kwamanani awo. Ngo-1988 saba namachwane acishe abe yizinkulungwane eziyishumi akhuliswa.”

Isimangaliso Sendalo

Bambalwa abaye babona ama-flamingo endle abayokukhohlwa lokho abakubona. Futhi ngenxa yokuthanda kwawo izindawo ezikude nokuzinikela kwabalondolozi bemvelo, kusenezinye izindawo zomhlaba ezithandwayo lapho imihlambi emikhulu ingabonwa khona endaweni yayo ezungezile engokwemvelo.

Umhlaba ubungaba indawo empofu kakhulu ngaphandle kwezimangaliso ezinjalo zendalo ukuze zijabulise amehlo futhi zihlabe umxhwele. Ngempela, kungashiwo ukuthi ‘lezinyoni zosiba’ zenezela izwi lazo “nezinyoni ezindizayo” ezidumisa igama likaJehova.—IHubo 148:10, 13.

[Imibhalo yaphansi]

a I-flamingo yaseCaribbean (Phoenicopterus ruber ruber) inezimpaphe ezibomvana ezikhangayo, kuyilapho i-flamingo enkulu (Phoenicopterus ruber roseus) iphaphatheke kakhudlwana, umbala uxhomeke ohlotsheni lokudla ekudlayo.

b Zona yilezi: iFuente de Piedra (eMálaga), eSpain, neCamargue (Bouches-du-Rhône), eFrance.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]

Photos top and bottom: Zoo de la Casa de Campo, Madrid

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela