Umhlaba Ohlanzekile—Siyawudinga
Ngomlobeli wePhaphama! eBrithani
INGABE bewazi ukuthi abashayeli bezimoto ezithutha abantu baseLondon baboshwe umthetho ukuba bagcine amatekisi abo ehlanzekile? Ukwehluleka ukwenza kanjalo kungase kuphumele ekunqatshelweni kwabo ukusebenzisa izitaladi zedolobha isikhathi esithile. Ngisho nalapho izimo zomgwaqo zizimbi futhi izimoto eziningi zihlala zingcolile, itekisi laseLondon alihlalwa-mpukane. Ingaphandle nengaphakathi lemoto elicwebezelayo livusa imizwa yokuzigqaja nenjabulo kumshayeli nakubagibeli bakhe.
Ngokufanayo, lapho ikhaya lethu, izingubo zethu, nezimpahla zethu kuhlanzekile, lokho kuthuthukisa ngaphakathi kithi umuzwa wenhlala-kahle. Umfana wesikole usuke eyinyathele emsileni uma unina embona engena endlini futhi eshiya udaka oluvela ezicathulweni zakhe ezingcolile kukhaphethi.
Eqinisweni, impilo enhle ixhomeke kakhulu enhlanzekweni yomuntu siqu. Umzimba wethu udinga ukunakekelwa nokuhlanzwa njalo ukuze kususwe ukungcola okunganikeza isisusa sokungenwa isifo. Izinkampane zezentengiselwano zenza izinzuzo ezinkulu ekudayiseni imithi yokukhuculula konke ukungcola, imithi yokuhlanza, imithi yokucwazimulisa, izinsipho, imithi yokugeza izinwele, kanye nezibulala-magciwane esikusebenzisela ukuzigcina thina ngokwethu kanye nendawo yethu esizungezile ihlanzekile. Ngokuqinisekile, abantu abaningi bayasiqaphela isidingo senhlanzeko. Kodwa uma uhlala edolobheni, uyazi ukuthi kusenokuningi okuhilelekile.
Ingozi—Ukungcola
Abantu abahlala emadolobheni bakubona kahle ukungcola kanye nesimo sendawo esizungezile esingcolisiwe. Bakubona emfucumfucwini esakazwe yonke indawo, ezibini ezishiywe ngokunganaki ezitaladini, nasenhlambeni ebhalwe ezindongeni zezakhiwo zomphakathi. Bakuhogela entuthwini evimbanisile yezimoto eziminyene nasesisini esinuka kabi esihlasela amanye amadolobha.
Mhlawumbe yingakho ngezinye izikhathi abaningi abahlala emadolobheni bezama ukuchitha isikhathi sabo emaphandleni. Bajabulela ukugcwalisa amaphaphu abo ngomoya ohlanzekile, mhlawumbe ngisho nokuphuza amanzi acwebile ageleza entabeni. Abanye bathanda ukuya ogwini futhi baphumule esihlabathini noma baziqabule ngokubhukuda okujabulisayo olwandle.
Nokho, ake ume kancane! Nalapho ukungcola kuyangena ngendlela engabonakali. Kungenzeka kanjani lokho?’ uyabuza. ‘Lubonakala luhlanzeke kakhulu.’ Nokho, ake sithi ukubhekisisa kancane kulowomoya “ohlanzekile” nakulawomanzi “acwebile.”