Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 5/8 k. 18-k. 19
  • Umthandazo Emidlalweni—Ingabe UNkulunkulu Uyalalela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umthandazo Emidlalweni—Ingabe UNkulunkulu Uyalalela?
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Phula Umakhelwane Wakho”
  • Ingabe UNkulunkulu Uba khona Emincintiswaneni Yezemidlalo?
  • UNkulunkulu Uzwa Abangane Bakhe
  • Ingabe UNkulunkulu Uthatha Uhlangothi Kwezemidlalo?
    I-Phaphama!—1994
  • Izinkinga Ngezemidlalo Namuhla
    I-Phaphama!—1991
  • Ingabe Kufanele Ngingenele Iqembu Lezemidlalo?
    I-Phaphama!—1996
  • Imidlalo Yamaqembu—Ingabe Ingilungele?
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 5/8 k. 18-k. 19

Umbono WeBhayibheli

Umthandazo Emidlalweni—Ingabe UNkulunkulu Uyalalela?

UMOYA uhlokoma ngenjabulo njengoba izinkulungwane zabalandeli zitheleka enkundleni, zimemeza ukusekela kwazo iqembu ezilithandayo. Abadlali basanda kuqeda nje ukuzilungiselela ngokwelula imizimba, futhi indweba yokuqalisa umdlalo isizokhala. Kolunye uhlangothi lwenkundla, abadlali baqoshama ndawonye, futhi phakathi nendawo kuguqa ukaputeni, othandaza athi: “Nkulunkulu, sicela ubusise iqembu lethu, siphe ukunqoba abamelene nathi, futhi usivikele ekulimaleni. Amen.” Umhlangano uphetha ngokumemeza okukhulu, abadlali bama ezindaweni zabo enkundleni, indweba iyakhala, futhi ukulimaza okuhleliwe kwebhola likanobhutshuzwayo laseMelika kuyaqala.

Umthandazo wabantu ngabanye nowamaqembu ngaphambi, phakathi, kanye nangemva kokuhlanganyela emidlalweni enhlobonhlobo uye waba yinto evamile. Kodwa ingabe uNkulunkulu uyalalela? Noma njengoba abanye begcizelela, ingabe lokhu kuwukuhlekisa ngomthandazo?

“Phula Umakhelwane Wakho”

Kulo lonke izwe, cishe umdlalo ngamunye wonakaliswe ubudlova—enkundleni nasendaweni yezibukeli. Omunye owayengumdlali webhola likanobhutshuzwayo elikhokhelwayo eUnited States wabhala: “Kuyaphikiswana ngokuthi ukwephulwa komzimba kuyiyona-njongo yebhola likanobhutshuzwayo, njengoba nje ukubulala nokukhubaza kuyinjongo yempi.” Uyaqhubeka ephawula: “Ukulimala kokuncintisana, okuhleliwe kuyingxenye eyinhloko endleleni yethu yokuphila, futhi ibhola likanobhutshuzwayo lingesinye sezibuko ezibonakala kahle. . . . ezisibonisa indlela okujabulisa nokunomvuzo ngayo ukwaPhula Umakhelwane Wakho.”

Yaphula umakhelwane wakho? UJesu wathi uthande umakhelwane wakho. (Mathewu 22:39) Akunakwenzeka ukucabanga ngoNkulunkulu wothando ekhona futhi ebusisa omunye wemidlalo yanamuhla, nokugcizelela kwayo ukuphumelela kungakhathaliseki uku-thi kwenzekani.—1 Johane 4:16.

Ingabe UNkulunkulu Uba khona Emincintiswaneni Yezemidlalo?

Esinye isici esikhuthaza umthandazo emidlalweni imfundiso engokwenkolo yokuthi uNkulunkulu ukuyo yonke indawo, ukuthi uNkulunkulu, ngazo zonke izikhathi, ukhona ngokoqobo kuzo zonke izindawo nezinto ezikhona. Ngokwesibonelo, encwadini ethi God Goes to Football Games, umfundisi futhi owayengumfundisi weqembu lezemidlalo uL. H. Hollingsworth uthi: “Inkolelo ngayinye engokomthetho esinayo ngoNkulunkulu ihlanganisa umqondo wokuba khona kwaKhe kuyo yonke indawo; uma uthanda, umqondo wokuthi ngokuqinisekile ukhona kulokho esikubiza ngokuthi okuhlangenwe nakho kwethu ekuphileni . . . Lokho kusho ukuthi uNkulunkulu uyaya esontweni, futhi uNkulunkulu uyaya nasemidlalweni yebhola likanobhutshuzwayo.”

Nokho, iBhayibheli alikufundisi ukuthi uNkulunkulu ukuyo yonke indawo. Umphostoli uPawulu ongumKristu wabhala: “UKristu . . . wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu.” (Heberu 9:24) Kunamaphuzu amabili abalulekile lombhalo osisiza ukuba siwaqonde: ukuthi uNkulunkulu ungumuntu womoya nokuthi unendawo yakhe yokuhlala, izulu. (1 AmaKhosi 8:49; Johane 4:24) Ngakho akanakuba kwenye indawo ngesikhathi esisodwa.

UNkulunkulu Uzwa Abangane Bakhe

Nokho, uma uNkulunkulu engabibikho emidlalweni, okungenani ingabe uyayilalela imithandazo? Ukuze imithandazo ifinyelele ezindlebeni ezizwayo zaloNkulunkulu wezulu, lowo uJesu abonakala phambi kwakhe, umuntu othandazayo kumelwe abe nolwazi, ulwazi lwezinjongo zikaNkulunkulu, ubuntu bakhe, izimfanelo zakhe, izindlela zakhe, negama lakhe. (Jakobe 4:3) Egcizelela isidingo sokwazi uNkulunkulu, uJesu wathandaza: “Ukuphila okuphakade yilokhu kuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo.”—Johane 17:3.

Ukwazi othile kudinga ukuxoxisana. UNkulunkulu ukhuluma nomuntu ngeBhayibheli, futhi iBhayibheli liyindlela esithola ngayo ukwazi uNkulunkulu wezulu. Lisitshela igama lakhe, uJehova. (IHubo 83:18) Futhi iBhayibheli lithi uNkulunkulu wathanda izwe kangaka waze wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa, uJesu, lapha emhlabeni ukuze umuntu athole ithuba lokuphila okuphakade. (Johane 3:16) Njengoba sifunda futhi sitadisha iBhayibheli, uJehova uba ngokoqobo kithina, futhi sidonseleka kuye ngoJesu. (Johane 6:44, 65; Jakobe 4:8) Ngenxa yokuthi uJehova ungokoqobo, singakha ubuhlobo bomuntu siqu obuseduze naye.

Nokho, ubungane noNkulunkulu buhilela ukuxoxisana kwabantu ababili. IBhayibheli lithi uNkulunkulu ‘ungozwayo imikhuleko’ nokuthi “kakude kulowo nalowo kithi.” (IHubo 65:2; IzEnzo 17:27) Nokho, lokhu akusho ukuthi uNkulunkulu ulalela yonke imithandazo. (Isaya 1:15-17) Imithandazo yobani uNkulunkulu azimisele ukuyilalela?

Umhubi uDavide wathi: “Ubuhlobo bukaJehova bukubo abamesabayo.” (IHubo 25:14) NgesiHeberu sokuqala, umsuka welithi “ubuhlobo” (sohd) usho “ukwenza kuqine.” Ngakho-ke lelivesi linikeza umqondo wokuvunyelwa ukungena eduze kakhulu noJehova noma esivumelwaneni sobungane naye. Yilezozikhonzi kuphela ezibonisa inhlonipho efanele ezamukelwayo. Ngakho, ubungane bethu obuseduze noNkulunkulu busibangela ukuba sesabe ukunqamula lobobuhlobo ngokwenza noma yini engamcasula, njengokuthatha umthandazo njengentelezi yenhlanhla ukuze kuqinisekiswe ukunqoba kwezemidlalo.

UJehova ulalela imithandazo yabantu abanhliziyo-ziqotho abafuna ukuba nobungane naye, futhi akakhethi. Akakhethi noma ahloniphe iqembu elithile lobuzwe, uhlanga, ngisho noma iqembu lezemidlalo, kunelinye. (IHubo 65:2; IzEnzo 10:34, 35) Uma uNkulunkulu eyilalela imithandazo yabancintisana emidlalweni futhi womabili amaqembu ethandaza kuye ecela ukunqoba, yiliphi okumelwe alibusise? Noma uma umdlali elimalé kabi phakathi nomdlalo, ingabe bekuyosolwa uNkulunkulu?

Ngakho-ke, kumelwe sithandazele izinto ezifanelekile. Umphostoli uJohane ukuchaza ngalendlela: “Uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.” (1 Johane 5:14) UJehova ulalela imithandazo evumelana nentando yakhe. Sidinga ukwazi intando yakhe nezinjongo zakhe ukuze imithandazo yethu ibe sekuvumelaneni nalezizinto.

Intando kaNkulunkulu nezinjongo zakhe kanye negama lakhe elikhazimulayo akuhlanganiswa nemidlalo yanamuhla yokuncintisana nenobudlova. UNkulunkulu akakhethi. Ngakho, lapho imithandazo yenziwa kulemidlalo, ingabe uNkulunkulu ulalele? Ngokuqinisekile akunjalo!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela