Ingabe UNkulunkulu Uthatha Uhlangothi Kwezemidlalo?
UMSUBATHI onqobile uguqa phansi bese emisa umzimba njengokungathi uyathandaza, ebonga ngenxa yokuphumelela kwakhe. Nokho, kumelwe sivume ukuthi nabanye abasubathi kulomncintiswano baye bathandazela ukunqoba kuNkulunkulu—kodwa bahlulwa.
Abashayi besibhakela ababili baguqa emagumbini esiyingi sesibhakela ngaphambi komjikelezo wokuqala wempi yabo. Bobabili bashaya isiphambano, uhlobo lomthandazo wokucela impumelelo owenziwa buthule kuNkulunkulu. Khona-ke omunye ushaya omunye amqumbe phansi. Kwezinye izimpi, munye kuphela umshayi wesibhakela ongase anxusele ukunqoba kuNkulunkulu, kodwa ngokuvamile angase ahlulwe kaningi njengendlela angase anqobe ngayo.
Emidlalweni yamaqembu, amaqembu abadlali angase athandaze ngaphambi, phakathi, noma ngisho nangemva komdlalo. Ngokwesibonelo, phakathi nemizuzwana yokugcina yomdlalo kanobhutshuzwayo we-American Super Bowl, umdlali othile wagijimela ukuyofaka igoli eliwumnqamula-juqu elaliyokwenza iqembu lakubo linqobe noma lihlulwe emdlalweni ukuba wayeligejile. Kamuva lomdlali wathi: “Ngangikuthandazela lokho.” Kodwa abathile eqenjini ababedlala nalo nabo babekuthandazela—bethandazela ukuba kuphumelele bona.
Nakuba kungase kuthandazwe nhlangothi zombili, olunye uhlangothi kumelwe luhlulwe. Ngisho neqembu elinqobile abadlali balo abathandazela ukunqoba lingase lihlulwe emdlalweni olandelayo. Ekugcineni, eqinisweni, ekupheleni kwenkathi yemidlalo, wonke amanye amaqembu kumelwe ahlulwe, ngoba kumelwe kube nompetha oyedwa kuphela kuyi-league. Nokho, iningi lalawomaqembu ahlulwayo lisuke linabadlali abathandazela ukunqoba.
Esihlokweni esasithi “Sizani Nigcine Imithandazo Yenu,” umhleli wezindaba zemidlalo wabhala: “Ukuthi niqhosha ngendlela enisondelene ngayo noNkulunkulu akusho ukuthi kuyiqiniso ngempela. . . . EMpini Yezwe II, amasosha aseJalimane ayenamazwi ayebhalwe ezintshasipeleni zamabhande awo ayethi: Gott mit uns. Lawomazwi ahunyushwa ngokuthi: ‘UNkulunkulu unathi.’” Omunye umlobi wezemidlalo waphawula: “UNkulunkulu akathathi-hlangothi emidlalweni kanobhutshuzwayo. Izindaba zasemhlabeni ezinjengalezi zinqunywa amadoda nabesifazane, hhayi uMninimandla onke.”
Umphostoli uPetru wathi: “UNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu, kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.” Ukuhlanganyela emidlalweni enobudlova akukhona ‘ukwenza ukulunga.’ (IzEnzo 10:34, 35; Roma 14:19) Ukuba uNkulunkulu wayizwa imithandazo yalabo ababecela ukunqoba kwase kulimala othile abancintisana naye noma wafa nokufa, ingabe bekuyosolwa uNkulunkulu?
IZwi likaNkulunkulu lithi: “Uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.” (1 Johane 5:14) Ukuze imithandazo iphendulwe, umuntu kumelwe azi intando nezinjongo zikaNkulunkulu, futhi izenzo zakhe kumelwe zivumelane nalokho.—Qhathanisa noMathewu 6:9, 10.
Cha, intando nezinjongo zikaNkulunkulu akuhlobene nezenzakalo zemidlalo. Ngakho, lapho kuthandazelwa ukunqoba kuleyomidlalo, ingabe uNkulunkulu uyalalela? Ngokuqinisekile akalaleli.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
UPI/Bettmann