Intsha Iyabuza . . .
Ingabe Kufanele Ngingenele Iqembu Lezemidlalo?
“YINI ekhetheke kangaka ngokuba seqenjini?” kubuza isihloko esikumagazini i-Seventeen. Lesi sihloko saphendula sathi: “Nisebenza ndawonye ukuze nifinyelele umgomo ofanayo, ngakho nisondelana ngempela. Ufunda namakhono okusebenzelana nabantu, njengokuthi ningazixazulula kanjani izinkinga niyiqembu, ungaba kanjani ovumelana nezimo nocabangelayo, nendlela yokukwazi ukuvuma ukuze kube nokuzwana.”
Ngakho, ukudlala imidlalo ehleliwe kubonakala kunezinzuzo, ikakhulukazi ukuzijabulisa nokuvivinya umzimba.a Abanye baze bathi ukudlala imidlalo yamaqembu kukusiza ukuba uthuthukise ubuntu. Ngakho enye i-league ye-baseball yabasebasha inesiqubulo esithi, “Ubuntu, Isibindi, Ukwethembeka.”
Inkinga iwukuthi, imidlalo ehleliwe ayenzi ngokuvumelana nalezo zinhloso ezinhle ngaso sonke isikhathi. Incwadi ethi Kidsports ithi: “Ezimweni ezithile intsha eshesha ukuzwela ifunda ukuthuka, ukukhohlisa, ukulwa, ukwesabisa, nokulimaza abanye.”
Ukunqoba Kungakhathaliseki Ukuthi Kwenzekani?
Isihloko esikuyi-Seventeen savuma: “Kunohlangothi lwezemidlalo olungeluhle, lapho abantu bebeka ukubaluleka okukhulu ekunqobeni.” Lokhu kuphikisana ngokuqondile namazwi eBhayibheli athi: “Masingabi abazazisayo, sibhebhezela ukuncintisana, sifelana umona.” (Galathiya 5:26) Nakuba isilinganiso esincane sokuncintisana kobungane singanezela isithakazelo nenjabulo emdlalweni, umoya wokuncintisana oweqile udala umbango—futhi uqede injabulo emdlalweni.
UJon, owayengumdlali webhola likanobhutshuzwayo esikoleni esiphakeme, uyakhumbula: “Sasinalomqeqeshi owayeshiseka ngokweqile ngempela; ehlale eklabalasa futhi esithethisa . . . ngangikusaba kakhulu ukuyovivinya umzimba. . . . Ngangizizwa sengathi ngisekamu lokuhlushwa.” Nakuba kungebona bonke abaqeqeshi abaphatha kabi abadlali, iningi ligcizelela ukunqoba ngokweqile. Omunye umlobi waphetha: “Abadlali abaningi . . . bafinyelela iqophelo lapho injabulo yokuncintisana inqotshwe umthwalo ongabekezeleleki wokufuna ukuphumelela.” Ungaba yini umphumela?
I-Science News yabika ngokuhlola okwaveza ukuthi phakathi kwabadlali basekolishi bebhola likanobhutshuzwayo nabe-basketball, “abangamaphesenti angu-12 babika izinkinga okungenani ezintweni ezimbili kwezinhlanu: ukucindezeleka okungokwengqondo, ukucindezeleka okungokomzimba, ubunzima bokugwema izidakamizwa noma utshwala, ukuxhashazwa ngokwengqondo nangokomzimba, nokungaphumeleli kahle ezifundweni zesikole.” Ngokuphathelene nalokhu, incwadi ethi On the Mark iyabika: “Cishe wonke umuntu ohlangene nemidlalo ehleliwe uyavuma ukuthi kunenkinga engathi sína yokusebenzisa kabi izidakamizwa kuyo yonke imikhakha yezemidlalo.”
Ukuyekethisa Ngokokuziphatha
Ukucindezela kokufuna ukunqoba kungabangela nokuba umdlali osemusha ayekethise izindinganiso ezifanele zokubonisa ukungakhethi nokwethembeka. Incwadi ethi Your Child in Sports iyaphawula: “Ezweni lanamuhla lezemidlalo, ukunqoba akukuhle nje kuphela; kuwukuphela kwento eyamukelekayo. Ukwehlulwa akukubi nje kuphela, akwamukeleki.”
Elinye iqiniso elibuhlungu: Abaqeqeshi bavame ukucindezela abadlali ngendlela esabisayo ukuba balimaze abancintisana nabo. Isihloko esikuyi-Psychology Today sathi: “Ukuze ube muhle kwezemidlalo, kudingeka ube mubi. Noma yilokho abadlali abaningi, abaqeqeshi nabalandeli bezemidlalo abakukholelwayo.” Omunye umdlali webhola likanobhutshuzwayo okhokhelwayo uchaza ubuntu bakhe bansuku zonke ngokuthi “bumnene, buyacabangela futhi bunobungane.” Kodwa enkundleni yezemidlalo, ushintsha ngokuphelele. Echaza ubuntu bakhe basenkundleni yezemidlalo, uthi: “Ngaleso sikhathi ngiyinkathazo futhi ngiyingozi. . . . Angisineki nhlobo. Angimhloniphi nakancane umuntu engizomfaka inqindi.” Ngokuvamile abaqeqeshi bakhuthaza isimo sengqondo esinjalo.
IBhayibheli likhuthaza amaKristu: “Gqokani ukusondelana okunesisa kobubele, umusa, ukuthobeka kwengqondo, ubumnene, nokubhekakade.” (Kolose 3:12) Ingabe ungazihlakulela izimfanelo ezinjalo uma nsuku zonke uthola izinkulumo ezikukhuthaza ukuba ulimaze, ufohloze, futhi ugoge oncintisana nabo? URobert oneminyaka engu-16 uyavuma: “Ngiye ngadlala imidlalo ehleliwe. Awunandaba ukuthi ulimaza bani uma nje uzonqoba.” Njengoba esengumKristu obhapathiziwe, imibono yakhe iye yashintsha. Uthi: “Ngeke ngiphinde ngibuyele kulokho.”
Ukuqeqesha Umzimba Noma Ukulimala Komzimba?
Okunye okungafanele kubhekelwe phansi, izingozi ezingokomzimba. Yiqiniso, imidlalo inezingozi ngisho nalapho idlalwa nabangane ngenjongo yokuzijabulisa nje kuphela. Kodwa izingozi zanda kakhulu lapho intsha iqeqeshelwa ukuba izame ukudlala njengabadlali abakhokhelwayo.
Incwadi ethi Your Child in Sports iyaphawula: “Abadlali abakhokhelwayo bangalimala. Kodwa banekhono elihle, banemizimba eqinile, bangabantu abadala abavuthiwe abazibeka engozini yokulimala ngokuzithandela futhi bakhokhelwa kahle ngokwenza kanjalo. Ngaphezu kwalokho, ngokuvamile bathola ukuqeqeshwa okungcono kakhulu, kochwepheshe abaphezulu, izinto zokuqeqesha ezingcono kakhulu, nokunakekelwa okungokwempilo okwenziwa ngokucophelela, kwezinga eliphezulu. . . . Izingane zesikole azinazo izinzuzo ezinjalo.” AmaKristu atshelwa ukuba ‘ethule imizimba yawo ingumhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu.’ (Roma 12:1) Akufanele yini ukucabangele ngokucophelela ukubeka umzimba wakho ezingozini ezingadingekile noma ezingenangqondo?
Ezinye Izici Okufanele Zicatshangelwe
Ngisho nalapho izingozi ezingokwempilo zibonakala zizincane, imidlalo ehleliwe idla isikhathi. Izikhathi zokuzivivinya zingase zinganciphisi isikhathi sakho sokuba nabanye abantu kuphela kodwa zingase zithathe nesikhathi esiningi okufanele sibekelwe ukufunda nokwenza umsebenzi wasekhaya. I-Science News yabika ukuthi abadlali basekolishi babethambekele ekubeni “namamaki angaphansana” kunawabanye abafundi ababehlanganyela emisebenzini yangemva kwesikole. Okubaluleke nakakhulu, ungase uthole ukuthi ukudlala eqenjini kwenza kube nzima ukuphishekela lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘izinto ezibaluleke ngokwengeziwe’—izithakazelo ezingokomoya. (Filipi 1:10) Zibuze, ‘Ingabe ukungenela iqembu kuzodinga ukuba ngiphuthelwe imihlangano yobuKristu, noma ingabe kuzongenza ngibe nengxenye elinganiselwe emsebenzini wokushumayela?’
Cabangela ngokucophelela nemiphumela engase ibe khona ngenxa yokuchitha amahora amaningi nentsha nabantu abadala abangenawo umbono ofana nowakho ngokuphathelene nokuziphatha, inkulumo ehlanzekile, noma ukuncintisana. Kakade, iBhayibheli lithi “ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba enosizo.” (1 Korinte 15:33) Ngokwesibonelo, cabangela isihloko esisekhasini leZindaba Ezikhethekile kuyi-New York Times esithi: “Igumbi lokushintshela . . . liyindawo lapho abesilisa bexoxa khona ngemizimba yabesifazane ngamazwi acacile aphathelene nobulili, lapho beziqhayisa khona ngokuphumelela ukuba nobuhlobo bobulili futhi benze amahlaya ngokushaya kwabo abesifazane.” Ungaphumelela kanjani ngokomoya uma ukhethe ukuba sendaweni enjalo?—Qhathanisa noJakobe 3:18.
Ukwenza Isinqumo Esihlakaniphile
Ingabe ubulokhu ucabanga ngokungenela iqembu lezemidlalo? Khona-ke mhlawumbe lokhu osekukhulunywe ngakho kuzokusiza ukuba ucabangele imiphumela yokwenza kanjalo. Cabangela onembeza babanye lapho wenza isinqumo sakho. (1 Korinte 10:24, 29, 32) Kuyavunywa, akukho mthetho oqinile ongabekwa, njengoba izimo zihlukahluka emhlabeni wonke. Kwezinye izindawo kungase kube ngisho nayimfuneko ukuba abafundi bahlanganyele kwezemidlalo. Kodwa uma ungabaza, xoxa nabazali bakho noma nomKristu ovuthiwe.
Intsha eningi engamaKristu iye yenza isinqumo esinzima sokuba ingayidlali imidlalo yamaqembu. Lokhu akulula uma ungumdlali futhi uyithanda ngempela imidlalo! Ukucindezela kothisha, kwabaqeqeshi, nokwabazali kunganezela ukukhungatheka. UJimmy osemusha uyavuma: “Ngikuthola kunzima kakhulu ukuba ngingadlali. Ubaba wami ongakholwa wayengumdlali ovelele lapho esesesikoleni esiphakeme. Ngezinye izikhathi kuba nzima ukuba ngingajoyini iqembu.” Noma kunjalo, ukusekela kwabazali abakholwayo namaKristu avuthiwe ebandleni kungenza lukhulu ekukusizeni ukuba unamathele kulokho okunqumile. UJimmy uthi: “Ngiyambonga umama. Ngezinye izikhathi ngiyacindezeleka ngenxa yesifiso esicindezelayo sokudlala imidlalo. Kodwa uhlale ekulungele ukungikhumbuza ngemigomo yami yangempela ekuphileni.”
Imidlalo yamaqembu ingase ifundise abadlali ukubambisana nokuxazulula izinkinga. Kodwa kunethuba elanele lokufunda izinto ezinjalo ngokusebenza ngaphakathi ebandleni lobuKristu. (Qhathanisa neyabase-Efesu 4:16.) Imidlalo yamaqembu ingase futhi ijabulise, kodwa akudingeki ukuba uze ube seqenjini ukuze uyijabulele. Eminye imidlalo ingajatshulelwa nabangane abangamaKristu egcekeni elingemva kwendlu noma epaki lendawo. Uhambo lokushaywa umoya njengomkhaya lungase lunikeze amathuba engeziwe omdlalo onempilo. “Kungcono kakhulu ukudlala nabanye basebandleni lenu,” kusho uGreg oneminyaka engu-16. “Kumane nje kungokokuzijabulisa, futhi unabangane bakho!”
Yiqiniso, umdlalo wobungane cishe awunakuvusa amadlingozi njengokuba seqenjini elinqobayo. Nokho, ungalokothi ukhohlwe ukuthi ngisho nokusezingeni eliphezulu, “ukuqeqesha umzimba kunenzuzo encane [kuphela]; kodwa ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kunenzuzo ezintweni zonke.” (1 Thimothewu 4:8) Hlakulela ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, futhi ngokuqinisekile uyoba umnqobi emehlweni kaNkulunkulu!
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Imidlalo Yamaqembu—Ingabe Ingilungele?” esikumagazini wethu ka-February 22, 1996.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 22]
“Sasinalomqeqeshi owayeshiseka ngokweqile ngempela; ehlale eklabalasa futhi esithethisa . . . ngangikusaba kakhulu ukuyovivinya umzimba”
[Isithombe ekhasini 23]
Ngokuvame kakhulu, abaqeqeshi bagcizelela ukunqoba—ngisho noma kusho ukulimaza abanye