Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 5/22 kk. 21-23
  • Abazali bami Bayongivumela Nini Ukuba Ngigcobe Izimonyo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abazali bami Bayongivumela Nini Ukuba Ngigcobe Izimonyo?
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimonyo—Isizathu Sokuba Zibaluleke Emantombazaneni
  • Isizathu Esingabenza Bathi Qha
  • Ukwamukela Isimo
  • Ngingazigcoba Kanjani Ngokufanele Izimonyo?
    I-Phaphama!—1990
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
  • Lithini IBhayibheli Ngokuziphophotha Nokufaka Ubucwebe?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 5/22 kk. 21-23

Intsha Iyabuza . . .

Abazali bami Bayongivumela Nini Ukuba Ngigcobe Izimonyo?

IPhaphama!: Intombazane kufanele ibe neminyaka emingaki ngaphambi kokuba ivunyelwe ukuba igcobe izimonyo?

UJuliea: Ngingathi iminyaka engu-13 ubudala.

IPhaphama!: Kungani?

UJulie: Angazi.

IPhaphama!: Eneminyaka engu-12 incane kakhulu?

UJulie: Yebo.

IPhaphama!: Kodwa ingabe enengu-13 indala ngokwanele?

UJulie: Yebo.

USallie: Ngicabanga ukuthi uma intombazane ikwazi ukuzigcoba kahle futhi ingazenzi ibonakale sengathi idlala eqenjini lerock noma okuthile okunjengalokho, kumelwe ivunyelwe ukuba izigcobe.

UJohn: Ngicabanga ukuthi kufanele azigcobe kuphela uma engabukeki kahle ngaphandle kwazo.

UGloria: Yebo, izimonyo ziyenezela ekubukekeni kwakho kwemvelo.

ULarry: Kodwa kungani umuntu kufanele afune ‘ukwenezela ekubukekeni kwakhe’ eneminyaka engu-13? Ngiqonde ukuthi akukakafuneki bakwenze lokho! Ngicabanga ukuthi amantombazane kumelwe abe lapha ko-18 ngaphambi kokuba aqale ukugcoba izimonyo.

EUNITED STATES, intsha ichitha amarandi angaphezu kwayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-13 ngonyaka ezintweni ezisiza ubuhle nasezimonyweni. Khona-ke, kuqondakala kahle ukuthi ungase ube nomuzwa wokuthi nawe unelungelo lokugcoba ilipstick, okokugcoba ezihlathini, noma okugcotshwa emajwabwini amehlo uma ufisa kanjalo. Nokho, abazali bakho bangase babone izinto ngokwehluke kakhulu.

UNina oneminyaka engu-17 ubudala uyakhumbula, “Ngabuza umama ukuthi ngingazigcoba yini lapho ngineminyaka engu-13. Wathi, ‘Nina, awuzidingi manje.’” UShelly osemusha wathola ukusabela okufanayo kubazali bakhe. “Ngacela imvume ngesikhathi ngineminyaka cishe engu-13, futhi bangitshela ukuthi ngangingenakuzigcoba ngize ngibe neminyaka engu-15. Ngathi, ‘Kungani ngingenakuzigcoba?’”

Izimonyo—Isizathu Sokuba Zibaluleke Emantombazaneni

Njengoba ingxoxo esekuqaleni ibonisa, kunochungechunge olude lwemibono ngalendaba ngisho nasentsheni. Khona-ke, akumangalisi ukuthi wena nabazali bakho kungenzeka ninenkinga yokungavumelani! Nakuba kunjalo, ukuphendulwa ngoqha kukho konke ngabazali bakho kungase kubonakale kuwukuqinisa izinto ngokungenangqondo. Owesifazane osemusha ogama lakhe linguMonica uyakhumbula, “Uma ubheka amantombazane esikoleni, futhi wonke ayazigcoba.” Futhi ungase uzibuze ukuthi zingamlungela kanjani umama wakho, kodwa zingakulungeli wena! Ngaphezu kwalokho, uya ukhula, futhi indlela obukeka ngayo ibaluleka ngokwengeziwe kuwe kunanini.

Ukuthomba kuye kwabangela izinguquko ebudeni bakho, isisindo, nesimo somzimba. Njengoba incwadi ethi The Secret of a Good Life With Your Teenager iphawula, “lolushintsho lushiya [intsha] ikhathazeka ngokukhanga kwayo kunanini ngaphambili . . . Futhi ikhathalela kakhulu ukuba ubulili eyibo buqinisekiswe. Ifuna ukutholwa ibukeka njengabesifazane noma njengabesilisa.” Noma njengoba omunye umbhali ekubeka, ufuna “ukuqala ukulolonga isitayela esiyoba esakho . . . [leso] esibonisa ubuwena obuthanda kunabo bonke futhi owaneliseke kakhulu ngabo.”—IChanging Bodies, Changing Lives, kaRuth Bell.

Emantombazaneni amaningi, izimonyo zingenye indlela yokwakha lesositayela somuntu siqu nokuzizwa engabesifazane ngokwengeziwe noma ekhanga. Enye intombazane esentsha yachaza, “Lapho ngigcobe izimonyo, ngizizwa ngizethemba ngokwengeziwe.” UNina, ocashunwe ngaphambili, uyanezela: “Kunamantombazane amaningi amahle, futhi ukugcoba izimonyo kungenza ngizizwe kangcono ngami siqu.”

Ukugcoba izimonyo futhi kuwuhlobo oluthile lomcikilisho wokushintshela ekubeni umuntu omdala. Njengoba omunye osemusha akubeka: “Awusafuni ukubhekwa njengomntwana.” Abanye bathemba ukuthi ukubonakala bebadala ngokwengeziwe kuyobazuzela inhlonipho eyengeziwe—noma ngisho kukhange abafana abadadlana. Kwabanye, ukugcoba izimonyo kumane kuyindlela yokuzivumelanisa nontanga yabo. UDiane uthi: “Uma ubukeka umdala ngokwengeziwe, kulapho abanye abantwana becabanga ukuthi umuhle ngokwengeziwe.”

Kodwa intsha eningi ifuna ukugcoba izimonyo ngezizathu ezizwakala ngempela: ukuqondisa amabala esikhumba angafani, ukumboza isikhumba esibi noma isibazi, ukuqokomisa izici zobuso ezikhangayo, noma ukufihla izici ezingakhangi kangako. Ngisho nakulokho, isicelo semvume yokugcoba izimonyo singase sokhele impikiswano yomkhaya. Kungani abazali ngokuvamile besabela ngendlela enjalo ephambene?

Isizathu Esingabenza Bathi Qha

Yiqiniso ukuthi ngezinye izikhathi abazali baba nesikhathi esinzima ekubhekaneni neqiniso lokuthi abantwana babo bayakhula. Ngaleyondlela abanye bangase bathambekele ekubambeleleni bathi ngqí kakhulu. Noma kunjalo, abazali abaningi bamane bafunela abantwana babo okungcono kakhulu. Yingakho iBhayibheli linxusa: “Zwanini, madodana ami, ukulaya kukayise, nilalele, ukuze nazi ukuqonda.” (IzAga 4:1) Abazali bakho kungenzeka abanalo ikhono lokuveza imizwa yabo ngamazwi. (“Abazali bami babengangivumeli ukuba ngigcobe imascara,” kukhumbula enye intombazane esentsha, “kodwa abanginikanga isizathu.”) Ngokunokwenzeka banezizathu ezinhle zokuzizwa bengakhululekile ngalendaba.

Ungase uthambekele ekubhekeni ukugcoba izimonyo njengohlobo oluthile lwelungelo, okuthile okumelwe ngokuzenzakalelayo ukunikezwe lapho ufinyelela “ubudala obukhethekile,” njengobeminyaka engu-13. Kodwa njengoba umhleli wephephandaba uElizabeth Winship ebonisa: “Akukho-mthetho ngobudala obuthe ngqó ukugcoba izimonyo okuvumeleka ngabo. Kuxhomeka emasikweni omkhaya nawomphakathi.” Abazali bakho bangase babe nomuzwa wokuthi ukugcoba izimonyo unaleminyaka kungase kungabhekwa kahle umphakathi noma amaKristu enikanye nawo. Abazali bakho bayokukhathalela lokhu ngokukhethekile uma bengoFakazi BakaJehova, njengoba bengeke bafune ukuba ukuzilungisa kwakho kululaze inkonzo yakho yobuKristu.—2 Korinte 6:3.

Abazali bakho bangase futhi babe nomuzwa wokuthi ukugcoba izimonyo kuyomane kube okungadingekile nokungafaneleki kulesikhathi ekuphileni kwakho. Kakade, intsha inobuhle bayo, ubuhle obudlula ngokushesha. (IHubo 90:10; IzAga 20:29) Bangase bacabange, ‘Kungani kumelwe enze okuthile okuzofihla noma kushintshe ukubukeka kwakhe kobusha?’

Futhi abazali bakho kungenzeka bazi kokuhlangenwe nakho kwabo siqu indlela “izinkanuko zobusha” ezingadukisa ngayo ngempela. (2 Thimothewu 2:22) Bangase ngisho besabe ukuthi ungase uphinde amanye amaphutha abawenza besebancane, futhi bafune ukukuvikela. Enye intombazane esentsha iyakhumbula: “Umama waqala ukugcoba izimonyo esemncane kakhulu. Waba yihlongandlebe futhi wayevame ukugqoka iziketi ezimfushane futhi agcobe ugqinsi lwezimonyo. Wayengafuni ngibe njalo.”

Akukhona ukuthi uyoba ngokwesifazane ongaziphethe kahle ngoba nje ugcoba kancane ilipstick. Nokho, bangase ngokufanelekile besabe ukuthi ukugcoba izimonyo kungakwenza uvulekele ezintweni ezicindezelayo ongakazilungeli. Ubaba wamantombazane amabili asemasha ucashunwe umbhali uRuth Bell ethi: “Kuyathakazelisa ukubona abantwana beba abantu abadala. . . . Kodwa lapho ngibabheka futhi ngibona amantombazanyana ami, lapho ngikhuluma ngedwa ngithi, ‘Labo abantwana bami futhi baba abantu abadala futhi kuzodingeka babhekane nalelozwe elingaphandle ngingekho mina ukuba ngibavikele,’ kungalesosikhathi lapho ngiqala khona ukuba nomzwelo. . . . Lelizwe linobudlova futhi bangase balimale.”

Kungenye into ukubonakala umdala. Kodwa ukwenza njengomuntu omdala nokubhekana nezinto ezicindezelayo zabantu abadala kungase kube enye into ehluke kakhulu. Ingabe ukulungele ngempela ukubhekana nokunakwa abafana abadadlana—noma ngisho namadoda amadala—okungase kuvuke uma izimonyo zikwenze wabonakala umdala kunalokho oyikho ngempela?—Qhathanisa noGenesise 34:1, 2.

Ukwamukela Isimo

Lapho zonke izinto sezicatshangelwe, usengaba nawo umuzwa wokuthi ukulungele ukugcoba izimonyo, futhi mhlawumbe ukulungele. Yini okumelwe uyenze? Enye intombazane esentsha yavuma: “Ngavele ngaqala ukuzigcoba. Ngagcoba kancane okugcotshwa emajwabini amehlo, futhi uMama wacabanga ukuthi zibukeka kahle.” Nokho, ukugcoba izimonyo ngaphandle kwemvume kuyinto eyingozi! IzAga 13:10 ziyaxwayisa: “Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela.” Njengoba enye intombazane yavuma: “Ngangazi ukuthi abazali bami bazodinwa uma ngokungalindelekile ngivele ngiqhamuka sengigcobe izimonyo.” Ngakho, yini ongayenza? Lelovesi leBhayibheli liyaqhubeka: “Kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha.”

Yebo, khetha ‘isikhathi esiyiso’ sokukhuluma ngalendaba nabazali bakho. (IzAga 25:11) Ngomoya ophansi chaza imizwa yakho ngalokhu. Chaza isizathu esenza lokhu kubaluleke kuwe, futhi yisho ngokuthe ngqó onakho engqondweni. Baqinisekise ukuthi awufuni ukubonakala usanganiswe izitayela noma uphambuka ekubukekeni kwakho nokuthi uyayazisa imibono nokwahlulela kwabo. Mhlawumbe bayozishintsha izingqondo zabo noma okungenani bakuvume okunye kwakho.

Ngakolunye uhlangothi, bangase ngokufanelekile baphethe ngokuthi umane awukakazilungeli izimonyo. Kodwa lesi akusona isiphelo sezwe. Yenza ongakwenza ukuze uzenze ubonakale kahle kakhulu ngaphansi kwalezimo. Ngokwesibonelo, ukunakekelwa okufanelekile kwesikhumba kungazinciphisa izinkinga zaso. “Uma isikhumba sakho sinezinduna,” kweluleka isazi sezobuhle uJane Parks-McKay, “susa ukunakekela kuso . . . ngokugqoka okuthile okukwenza ubukeke umuhle kakhulu—noma yini ukuze ususe ukunakekela kulokho okungekuhle.” Isimo esihle sokuziphatha, izinsipho ezinakekelwe kahle, izinwele ezihlanzekile, nezicwebezelayo—zonke lezizinto zingakusiza ukuba ubukeke kahle kakhulu uzigcobile noma ungazigcobanga izimonyo!

Nokho, kuthiwani uma abazali bakho bekuvumela ukuba ugcobe izimonyo? Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngokusetshenziswa kwazo okufanelekile.

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

[Isithombe ekhasini 23]

“Uyazigcoba izimonyo. Mina ngiyozigcoba nini?”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela