Intsha Iyabuza . . .
Ngingazigcoba Kanjani Ngokufanele Izimonyo?
“AWUFUNI ukuzimonyonga kancane?” UNina wamangala ukuzwa unina ebuza lowombuzo. Eminyakeni emibili ngaphambili, wayenqatshelwe ukugcoba izimonyo. Kodwa kulesisenzakalo esikhethekile, umcimbi womshado okwakumelwe baye kuwo, unina wayenqume ukuthi kwakuyisikhathi ngoNina sokuba afunde ubuciko babesifazane bokugcoba izimonyo. “Ngangithukile kancane,” kukhumbula uNina. “Ngangingakwazi ukuzigcoba kahle. Ngakho uMama wangigcoba kancane ilipstick kanye nokugcotshwa eziqhomeni.”
Mhlawumbe abazali bakho ngokufanayo banomuzwa wokuthi kuyoba okufanelekile ngawe ukuba ugcobe izimonyo.a Lapho zigcotshwé kahle—futhi zangabhixwa—izimonyo zinganezela ekubukekeni komuntu. Nokho, lapho zingagcotshwanga kahle, zinomphumela ophambene kakhulu. “Amanye amantombazane agcoba izimonyo futhi zibukeke kahle,” kusho omunye umfana osemusha. “Kodwa amanye amantombazane agcoba ugqinsi lwazo, futhi luwenza abukeke kabi.”
“Lapho egcoba umbala ogqamé kakhulu, futhi ukhanya kakhulu ngempela,” kunezela intombazana esentsha, “umane wenze abukeke njengomuntu owenza amahlaya wasesekisini!” Ungazigcoba kanjani izimonyo ngendlela eyonezela—hhayi eyophazamisa—ukubukeka kwakho?
Iziqondiso Ezivela EZwini LikaNkulunkulu
Izimonyo aziyona into entsha. Emfucumfucwini yamaIsrayeli kuye kwatholakala izitsha ezazifeza ngokumangalisayo injongo yanamuhla. Lezizitsha “zazisetshenziselwa ukuxuba imibala yokugcoba ubuso” babesifazane abangamaIsrayeli. NgokweBiblical Archaeologist, kaFebruary 1955, “ukusetshenziswa . . . kwezimonyo kwakwandé kakhulu” ngisho nasezikhathini zeBhayibheli.—Hezekeli 23:40.
Namuhla, eUnited States iyodwa imboni yezimonyo ichitha amarandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezinhlanu ngonyaka ekukhangiseni. Zisebenzisa abakhangisi ababukeka kakhulu, zitusa “ukubukeka” kwamuva, okusukela “kokungokwemvelo” kuya kokweqile. Zithi lokhu “kubukeka” kungaba ngokwakho kuphela uma uthenga inqwaba yemikhiqizo yezimonyo. Nokho, amantombazane ambalwa aphumelelayo ekubeni abukeke njengabakhangisi bengqephu. Futhi ngisho nalapho ebukeka njengabo, “ukubukeka” okusha kungaphela ngaphambi kokuba ishubhu lokuqala lelipstick liphele.
IBhayibheli liyakusiza ukuba ubalekele ukulawulwa imimoya yemfashini. Lithi: “Ningalingisi lelizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe-nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu.” (Roma 12:2) Ezikhathini zeBhayibheli, abanye besifazane abangamaKristu kungenzeka babethambekele ekugqokeni izingubo ezimayikayika nokulungisa izinwele okuyinkimbinkimbi okwakuthandwa emuva ngalesosikhathi. Kodwa umphostoli uPawulu weluleka: “Abesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda, kungabi-ngezinwele ezalukiweyo, nangegolide, nangamaparele, nangezambatho ezinemali eningi.”—1 Thimothewu 2:9.
Iseluleko sikaPawulu asikwenqabeli ukubukeka kwakho ngendlela ekhangayo. Simane sisho ukuthi ukubukeka kwakho kumelwe kube ‘okokuhlonipha,’ noma kube okufanelekile, kungabi mayikayika; kube okuzothile nokunengqondo, kungabi okuxakile noma okwemfashini. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ngokuhlonipha” linomqondo ‘wokuhlonipha imibono yabanye,’ futhi kumelwe ngokukhethekile uhloniphe imibono yabazali bakho. Ngakho-ke ake sibone indlela lokhu okungase kuhlobane ngayo nokugcotshwa kwezimonyo.
Ngaphambi Kokugcoba Izimonyo
Njengoba izimonyo kumelwe zenezele ekubukekeni kwakho, zingenzi imfihla-buso noma zikwenze ubukeke ngendlela ongeyona, kunengqondo ukuba kuqala unakekele ukubukeka kwakho okungokwemvelo nempilo yakho iyonke. Ukudla njalo izinhlobo zokudla okufanele nokuphumula ngokwanele nokuvivinya umzimba njalo kungase kwenze okwengeziwe ekukhuliseni ukukhanga kwakho kunalokho okungase kwenziwe yinoma yiziphi izimonyo.
Umeluleki wezobuhle uJane Parks-McKay ngokuqhubekayo unxusa amantombazane asemasha “ukuba aqale ngezinto eziyisisekelo—okungukuthi, ukunakekelwa kwesikhumba kwasikhathi sonke, okuphumelelayo. . . . Abantu abaningi bathambekele ekungasinakini isikhumba sabo . . . [bese] bemboza izikhumba zabo ezingakhangi ngezimonyo ngethemba lokuthi lokhu kuyobenza babe bahle.”
Izimonyo zisebenza kangcono kakhulu esikhunjeni esinakekelwé kahle. Incwadi ethi A Lifetime of Beauty iyachaza: “Ukuhlanza isikhumba kunjengokulungiselela udonga ukuba ulupende ngopende omusha: kungakhathaliseki ukuthi umbala muhle kangakanani, umsebenzi uyobukeka uwubunuku uma kunokungcola nezindawo ezimagazugaqu ngaphansi. Isikhumba esingahlanzwa kahle siyobukeka siphuphile futhi sinamakhekheba.”
Ngakho-ke ingcweti yezokugcotshwa kwezimonyo yatshela iPhaphama!: “Ekuseni, intombazane ingageza ubuso bayo ngokokuhlanza ubuso okukahle. Ingase ilandelise ngetoner yobuso noketshezi oluhle lokugcina isikhumba siswakeme.”
Ukuhlaziya Izidingo Zakho
Manje, ake ububheke kahle ubuso bakho bese uhlaziya okuhle onakho nongase ube nakho. Ingabe unesiphiwo samehlo amahle, isikhumba esingenamabala, noma nebala elibonisa ngisho nempilo? Khona-ke cishe uyodinga izimonyo ezincane noma ungazidingi. Ngakolunye uhlangothi, mhlawumbe isikhumba sakho sinamafutha ngokweqile (okuvamé phakathi neminyaka yobusha) futhi sithambekele ekubeni namabala. Noma kungase kube nokuthile ebusweni (njengeziqhomo) ongase uthande ukukugqamisa. Ukusetshenziswa kwezimonyo ngokuhlakanipha kungase kusize ngempela.
Ezikhathini zeBhayibheli abanye besifazane babegcoba upende omnyama ukuze babukeke ‘benamehlo amakhulu.’ (Jeremiya 4:30, qhathanisa neNW) Namuhla, izimonyo zokupenda amajwabu amehlo, amapensela noketshezi okugcotshwa ngasezinkopheni, kusetshenziselwa injongo efanayo. Ukhilimu noketshezi okugcotshwa ngaphansi esikhunjeni kungasithibeza ngisho nesikhu-mba esinamabala. Iblush ingagqamisa iziqhomo zakho.
Kuthiwani uma udinga usizo oluthile ekukhetheni nasekusebenziseni izimonyo? Kunezincwadi ezitholakala emitatsheni yezincwadi yomphakathi ezingasiza. Kodwa ungase uthande futhi ukuxoxa nomama wakho noma umngane osekhulile. Intombazana eyevé eshumini nambili egama layo linguTina iyakhumbula: “Umama wahamba nami ukuyothenga wabe esecela osebenza ngezimonyo ukuba abone ukuthi imiphi imibala okufanele ngiyigcobe.” Abeluleki bezobuhle ezitolo ezinedumela elihle banganikeza iseluleko ngemibala efanelana kangcono kakhulu nebala lesikhumba sakho nangendlela izimonyo ezingase zigcotshwe ngayo kangcono kakhulu. Kodwa njengoba umsebenzi wabo uwukukuthengisela imikhiqizo, qaphela ukuba ungathengi imikhiqizo ongayidingi ngempela. Futhi ngenxa yezidingo eziyingqayizivele zendlela yakho yokuphila yobuKristu, uyofuna ukuqiniseka ukuthi awuthengi imibala engase iphumelele esimweni sombuthwano wasebusuku kodwa engeke ifaneleke esikoleni noma emisebenzini yobuKristu.
Amacebiso Ngezimonyo
Izitayela zezimonyo ziyahlukahluka kulelo nalelozwe. Kodwa kungabalwa izimiso ezivamile ezimbalwa:
Cabangela Uhlobo Lwesikhumba Sakho. Njengoba intsha eningi inesikhumba esinamafutha, cishe uyofuna ukunamathela ezimonyweni ezingamanzi, ezingenamafutha. Lezi zigcobeka kancane, ngakho uyobukeka sengathi awuzimonyongile. Futhi abaningi banomuzwa wokuthi izimonyo ezinamafutha zibanga amabala.
Funda Izigqebhezana. Qhathanisa izithako zezimonyo ezishibhile nezibizayo. Mhlawumbe ukuphela komehluko wangempela yinani nento ezifakwe kuyo. Ukufunda izigqebhezana kubaluleké ngokukhethekile uma unokusabela kokungezwani nezimonyo.
Sebenzisa Ukukhanya Okukhanya Kahle. Uma ukukhanya kungenele, ungase uzigcobe kakhulu izimonyo. Njengoba izimonyo ezigcotshwa kukhanyise isibani sikagesi zingase zibonakale zizimbi ekukhanyeni kwelanga, zama ukugcobela izimonyo zakho eduze kwefasitela ukuze ubone ukuthi zibukeka kanjani ekukhanyeni kwemvelo.
Sebenzisa Izimonyo Ngokulinganisela. Okuningi ngokweqile ngisho nokwento enhle kungalimaza. (Qhathanisa nezAga 24:13; 25:27.) Uma ubuso bakho cishe bumemeza buthi “izimonyo!” usuke uzigcoba kakhulu noma usuke ugcoba imibala egqamé kakhulu. Izimonyo ezigcotshwa ngokweqile zilulaza ukubukeka kwakho futhi zingase zinikeze ngisho nombono ongeyiwo ngezimiso zakho zokuziphatha. (Qhathanisa noHezekeli 23:36-42.) Ngakho namathela ekuzigcobeni ngokungabonakali, hhayi okweqisayo. Zazi lezindlela zokusebenzisa izimonyo ukuze okugcotshwa ezihlathini kungabukeki njengomthende opendwe ebusweni bakho noma okugcotshwa emajwabwini amehlo kungakwenzi ubukeke njengeraccoon.
Hlanzisisa Ubuso Bakho. Incwadi ethi A Lifetime of Beauty ithi: “Ungalokothi uyolala ebusuku ngaphandle kokuzisusa ngokuphelele izimonyo . . . Ukuba nomkhuba wokulala nongwengwezi lokungcola, izingcezu namangqamuzana esikhumba afile kunamathele esikhunjeni sakho kuyoshiya ibala lakho libukeka linodaka futhi libhashile.” Esinye isazi sezikhumba size sithi “uzifaka engozini yokungenwa isifo neyokushoshozela uma uhluleka ukugeza ususe zonke izimonyo ubusuku ngabunye ngaphambi kokulala.” Sebenzisa isikhucululi-zimonyo, njengokhilimu wokugeza opholile, ukuze uhlanze ubuso bakho.
“Ubuhle [bungaba, NW] yinkohliso,” kusho izAga 31:30, futhi ngisho nezimonyo ezigcotshwa ngobuciko azinakusifihla isimo esingaqondile noma ingqondo engacabangi. IBhayibheli liyasikhumbuza: “Ubuhle bakho akumelwe buvele ekuhlobeni kwangaphandle . . . Kunalokho, kumelwe bube yilobo bengaphakathi lakho, ubuhle obungafadalali bomoya omnene nozothile, obubaluleke kakhulu emehlweni kaNkulunkulu.”—1 Petru 3:3, 4, New International Version.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Abazali Bami Bayongivumela Nini Ukuba Ngigcobe Izimonyo?” esivela kuPhaphama! kaMay 22, 1990.
[Ibhokisi ekhasini 20]
Izingozi Zezimonyo
Ummeli wabathengi uElaine Brumberg uyabika: “Amakhemikhali nezithako zezimonyo okuningi kungaphumela ngalé kwesikhumba futhi kungene emzimbeni.” Ezinye izithako ezisetshenziswa ngokuvamile kusolwa ukuthi zidala umdlavuza.
Ezinye izithako (ngokuvamile ezinamakha neziyizilondolozi) kwaziwa ukuthi zibangela ukusabela kokungezwani nezinto ezithile okusuka ekulumeni komzimba kuye ekuthimuleni. Yiqiniso, eminye imikhiqizo izisholo ukuthi ayikubangeli ukungasabeli kahle kwesikhumba (hypoallergenic) noma ukuthi “ihloliwe ukungezwani nezikhumba ezithile.” Kodwa indlela wena oyosabela ngayo emkhiqizweni othile inganqunywa kuphela ngokuhlangenwe nakho nangokuhlolisisa izigqebhezana ngokunakekela.
Enye ingozi evamile iwukungcoliswa amagciwane. Okokwelula izinkophe (mascara) kungaba indawo yokuzalela kwezilongoshane ezincane eziyiswe lapho zisuka ejwabini leso noma eminweni ngento yokugcoba okokwelula izinkophe. Lokhu kungabangela izifo ezithathelwanayo esweni uma ipheshana lokokuvikela iso lapho kwelulwa izinkophe livunyelwa ukuba liklwebhe iso. Ukungcola kuyinkinga ikakhulukazi emikhiqizweni yasesitolo engamasampula abantu abaningi abaye bafaka kuyo iminwe yabo. Ngakho-ke ezinye izazi zitusa ukuthi ugweme ukugcoba amasampula asesitolo ebusweni bakho.
[Isithombe ekhasini 18]
Umama wakho angase akwazi ukukufundisa ubuciko bokugcoba izimonyo