Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Irosari Ngibhala ngokuqondene nesihloko senu esikhuluma ngerosari. (“Umbono weBhayibheli.” June 8. 1990) Ngokusekelwe emibonweni yohlangothi olulodwa yababili “ababeyizindela,” niphetha ngokuthi uNkulunkulu akafuni ukuba size kuYe ngoNina. uMariya. Imfundiso yamaKatolika yokuthi uMariya ungumlamulelikazi kaKristu isinesikhathi eside futhi igxilile. Umuntu ozama ukuphikisa leliqiniso ngaphandle kokucwaninga konke ukwaziswa okutholakalayo wenza iphutha elikhulu. Tholani amaqiniso!
M. E. M., United States
Sikuqonda kahle ukuthi kungani abanye abafundi abangamaKatolika bengase bazizwe ngalendlela. Nakho, isihloko sethu sasicwaningisisiwe, kusetshenziswa imithombo ehloniphekile, kuhlanganise ne“New Catholic Encyclopedia.” Futhi nakuba ukukhulumela kwababeyizindela okwacashunwa kwakuthakazelisa, isihloko sasekela iziphetho zaso ebufakazini beBhayibheli ngokwalo. Amakhulu eminyaka esiko lesonto awalishintshi iqiniso lokuthi iBhayibheli ngokucacile alimabeli uMariya indima yokuba “umlamulelikazi.” Ngokuphambene, uJesu ngokwakhe wathi: “Akekho ongeza kuBaba ngaphandle kwami.” (Johane 14:6, Catholic “Jerusalem Bible”)—ED.
Isibona-kude Umagazini kaMarch 8. 1990. wawunesihloko esithi “Isibona-kude Esingavamile Sembula Izimfihlakalo Zelanga.” Ngasibonisa uthisha wami wesayensi, futhi samjabulisa kakhulu. Ezinsukwini ezimbili kamuva uthisha wanikeza wonke umuntu ekilasini amakhophi ayewenzile alesihloko, futhi sasifunda sonke isihloko. Uzimisele ukusebenzisa lesihloko kuwo wonke amakilasi akhe esayensi.
A. V. A., United States
Izimonyo Cishe wonke amantombazane ekilasini lami esikoleni afaka izimonyo, nakuba amanye awo eneminyaka engu-13 kuphela ubudala. Ngangifuna ukuzama ukuzifaka, kodwa abazali bami abawuthandanga lowomqondo. Ngemva kokufunda isihloko senu (May 22. 1990), manje ngiyaqonda ukuthi ungabukeka kahle ngisho nangaphandle kwezimonyo. Ngicabanga ukuthi kuhle kakhulu ngempela ukuba nikhiphe izihloko eziklanyelwe ngokukhetheke intsha.
D C. Germany
Ngiyabonga ngesihloko senu esasikhuluma ngokusebenzisa izimonyo ngokufanele. (June 22, 1990) Angivunyelwe ukusebenzisa izimonyo ngoba ngineminyaka engu-11 kuphela. Kodwa ngafunda esihlokweni senu ukuthi lapho sengivunyelwe ukuzisebenzisa, ngiyozisebenzisa kancane kuphela, futhi njengoba ngikhula futhi ngidinga izimonyo ezengeziwe, yilapho ngiyosebenzisa ezengeziwe.
S. D., United States
Ukubusa Komuntu Uchungechunge lwezihloko zenu ezithi “Ukubusa Komuntu Kubekwe Esilinganisweni” ziyangidida. Kusiza ngani ukuhlaziya nokwahlulela izinhlobo ezihlukahlukene zohulumeni babantu kuyilapho zonke izinhlobo zohulumeni ziye zabhekana nokungenela kukaSathane okungakhawuki? Umuntu angazi kanjani lapho kuphela khona ukulawula kukaSathane nalapho kuqala khona ukwehluleka komuntu?
A. P.. United States
Ukungenela kukaSathane ngokungangabazeki kuye kwaba lengxenye ekwehlulekeni komuntu ukuzibusa. Nokho, ukubusa komuntu ngaphandle kukaNkulunkulu bekuyohluleka ngisho nangaphandle kokungenela kukaSathane. UJeremiya 10:23 uthi: “Akukuyo indoda ukuba ihambe iqondise izinyathelo zayo.” Uchungechunge lwezihloko zethu lusebenzela ukubonisa iqiniso lalamazwi.—ED.
Ukulutha Kwecrack Ngiyabonga ngezihloko zenu ezingokoqobo ezikhuluma ngecrack (July 22, 1990) Ngiye ngasebenzisa zonke izidakamizwa ezaziwayo ngaphandle kweheroin, futhi ngangingumsebenzisi wezidakamizwa iminyaka engu-11. Umkami wayengumsebenzisi futhi ngokufanayo engumthengisi wezidakamizwa. Lapho edonsa izinyanga ezingu-27 ejele, waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi wabhapathizwa. Ngokutadisha iBhayibheli, nangosizo lukaJehova, nami ngiye ngaziyeka ngokuphelele izidakamizwa.
C. V., Colombia
Ukuyeka izidakamizwa eziluthayo kunzima, luthi abanye baye badinga usizo lochwepheshe ukuze benze kanjalo. Nakho, ukufunda amaqiniso eBhayibheli, kungaba usizo olunamandla ekuzikhululeni emilutheni.—ED.