Jabulela Amaholide Ngaphandle Kokuzisola!
LAPHO ebuzwa ukuthi wakujabulela kangakanani ukuvakashela endaweni yeholide edumile, umMelika othile osehlala eYurophu waphendula: “Kwakukuhle ngaphambi kokuba kufike abantu.” Ingabe wake wazizwa njengaye? Amahhotela nama-disco asondelene, ibhishi elingcolile, eliminyene, nemisakazo ebanga umsindo akuwona umbono wonke umuntu anawo ngeholide elimnandi.
Ngokudabukisayo, izikhathi zamaholide azibi yilokho ebesikulindele ngaso sonke isikhathi. Kunokuba zisinikeze amandla avuselelwe, zisishiya sikhathele; kunokuba zisinikeze umdlandla, ngezinye izikhathi zisishiya siyingcuba. Ngakho, lombuzo uyafaneleka, Singawajabulela kanjani amaholide ngaphandle kokuzisola?
Yiba Olinganiselayo
Njengezinongo ekudleni kwethu, isikhathi seholide sifinyelela imiphumela emihle lapho sisisebenzisa ngokulinganisela. Nakuba ukuphila komuntu ocebile ohlala evakasha kungase kubonakale kukhanga, kuntula ukulinganisela futhi akulethi injabulo yangempela.
Ikakhulukazi ngokuphathelene nezikhathi zamaholide, ukulinganisela ekusebenziseni imali kubalulekile. Hlela ngokucophelela ngaphambi kokuba uhambe, futhi uzame ukulinganisela ngokwemali onayo. Gwema ukukhohliswa imititilizo eyenziwa izinkampani ezihlela uhambo ezikukhuthaza ukuba “ujabule manje, ukhokhe kamuva.”
Futhi, ungakhathazeki ngokweqile ngezingozi ezingase zivele kangangokuthi ucindezele ukuzenzekela kwezinto nokukhululeka okwenza izikhathi zeholide zikhange kangaka. Ngaphezu kwalokho, ukulinganisela okufanele kuhlanganisa nokuqaphela ingozi enkulu kunazo zonke engase ibangele ukuba sizisole lapho sicabanga ngeholide esilijabulele. Ayihlangene nakancane nezingozi, ukugula, noma ubugebengu, kodwa kunalokho, ihlangene nobuhlobo nabanye abantu.
Ukulondoloza Ubuhlobo Obuhle
Izikhathi zeholide ezichithwa nomkhaya noma abangane zingaqinisa izibopho zothando. Ngakolunye uhlangothi, izikhathi zeholide zingawohloza ubuhlobo, okungase kube nzima ukubulungisa kamuva. Umlobeli wephephandaba uLance Morrow wathi: “Ingozi yangempela yesikhathi seholide isekhonweni laso lokuveza obala zonke izingxabano zomkhaya. . . . Abantu ekuphileni kwabo okuvamile bayasebenza, banezindima, abangane nezimiso zokunqanda imizwelo. Endaweni yokuchitha iholide, izingxabano zomkhaya ezineminyaka engu-20 zifihlekile zingase zivele sezivutha bhé.”
Ngakho ngaphambi kokuba uye eholidini, zimisele ukulenza libe okuhlangenwe nakho okujabulisayo. Khumbula ukuthi izithakazelo ziyahluka. Izingane kungenzeka zifuna ukuzama izinto ezintsha, kuyilapho abazali bengase bafune ukuphumula. Zimisele ukuyeka lokho othanda ukuba kwenziwe nezindawo ofuna zivakashelwe. Uma kulungile futhi kungenzeka, nikeza umuntu ngamunye ithuba lokuba aphishekele lokho okumthakazelisa kakhulu. Funda ukubonakalisa izimfanelo zomoya kaNkulunkulu nsuku zonke phakathi nonyaka, futhi ngeke kube nzima ngokungadingekile ukuqhubeka wenza kanjalo phakathi nesikhathi sakho seholide.—Galathiya 5:22, 23.
Nakuba kubalulekile ukulondoloza ubuhlobo obuhle nomkhaya nabangane, ubuhlobo bethu noNkulunkulu bubaluleke ngisho nakakhulu. Ngezikhathi zeholide sivame ukuhlangana nabantu abangenawo umbono wobuKristu esinawo ngoNkulunkulu nezimfuneko zakhe. Ukujwayelana nabo—mhlawumbe ngisho nokuvama ezindaweni zokuzijabulisa okungafanele—kungabangela imiphumela yokuzisola. Khumbula ukuthi iBhayibheli liyaxwayisa: “Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba enosizo.”—1 Korinte 15:33.
Lapho useholidini, uma kwenzeka uzizwa unesifiso sokulahla izindinganiso nemikhuba yobuKristu, ngokuhlakanipha bhekana nobuthakathaka obunjalo futhi ucele usizo lwaphezulu lokulwa naleso sifiso!
Yini Ekhuthazwayo?
Abantu abangalolongi ukuphila kwabo ngokuvumelana nezimiso zobuKristu bangase babe nomuzwa wokuthi lapho beseholidini bangenza noma yini. Kwamanye amazwe aseYurophu, ukuvakasha ngenxa yesithakazelo ebulilini kuyibhizinisi elikhulu, futhi ezinye izinkampani ezihlela uhambo ziyakukhuthaza ngisho nokukukhuthaza. I-European ibhala ukuthi ‘sekuyisikhathi eside zaziwa kabanzi izinto ezinengekayo ezenziwa amadoda aseYurophu kwamanye amadolobha okuphumula ase-Asia.’ Ubhekisela kwelinye izwe lase-Asia, umagazini waseJalimane i-Spiegel walinganisela ukuthi amaphesenti angafinyelela kwangu-70 azo zonke izivakashi zabesilisa “ayizivakashi ezinesithakazelo ebulilini.”
Abesifazane abavakashela amazwe sebelandela isibonelo samadoda. Inkampani yaseJalimane enezindiza eziya eCaribbean ilinganisela ukuthi amaphesenti angu-30 abagibeli bayo besifazane aya lapho eholidini ngenjongo ekhethekile yokujabulela ubulili obungemthetho. I-European yacaphuna umlobeli wephephandaba waseJalimane ethi: “Bakubheka njengendlela elula nengeyona inkimbinkimbi yokuzijabulisa—umdlalo oyingqayizivele.”
Nokho, amaKristu eqiniso awabubheki ubulili obungemthetho njengendlela eyamukelekayo yokuzijabulisa. Buwukwephula izimiso zobuKristu futhi bugcwele izingozi. Nakuba zaziwa lezi zingozi, abantu abaningi bamane bazame ukugwema imiphumela kunokuba balahle lomkhuba. Isibonelo salokhu isikhangiso emaphephandabeni aseJalimane esiveza isambulela nezihlalo ezimbili zasebhishi ezingenamuntu. Sinamagama afundeka kanje: “Uhambe kahle, futhi ubuye ungenayo ingculaza.”
Umphumela onengekayo wokuvakasha ngenxa yesithakazelo ebulilini ukuxhashazwa kwabantwana ngokobulili. Ngokuphawulekayo, ngo-1993 uhulumeni waseJalimane washaya umthetho ogweba amaJalimane lapho etholwa enecala lokuhlanganyela ubulili nezingane—ngisho nalapho eseholidini emazweni angaphandle. Nokho, kuze kube manje, imbalwa imiphumela eyinzuzo. Ubufebe bezingane buye baba uhlupho olubi—futhi buseyilo—emphakathini wesintu.
Yenza Isikhathi Seholide Sibe Esivuzayo
Ukufunda, ukutadisha iBhayibheli, nokuhlanganyela enkonzweni yobuKristu kuyimisebenzi ejabulisayo, nevuzayo kumaKristu eqiniso. Kodwa amaningi awanaso isikhathi esanele sokwenza lezi zinto ngezinga angathanda ngalo. Yisiphi isikhathi esingaba ngcono sokwenza lokhu kunalapho umuntu eseholidini, engacindezelwe ukuba matasa?
Yiqiniso, isikhathi seholide esimatasa, esanelisayo singase singakuvumeli ukuba uphishekele izithakazelo zobuKristu ngezinga ovame ukwenza ngalo. Kodwa kungani ungazami ukubekela eceleni isikhashana sokwenza umsebenzi othile owakhayo ngokomoya? Lokhu kusengasishiya isikhathi sokuphumula. Ngempela, abanye baze basebenzise isikhathi esengeziwe esitholakala ngezikhathi zamaholide ukuze bandise inkonzo yabo. Njengoba uJesu asho, “bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”—Mathewu 5:3.
Ngokushesha kungenzeka nawe uye eholidini. Uma kunjalo, qiniseka ukuba ulijabulele! Ungakhathazeki ngokweqile ngezingozi ezingase zivele, kodwa thatha izinyathelo zokuphepha ezifanele. Khumbula ukusikisela okunjengalokho okutholakala ebhokisini elikuleli khasi. Kamuva, buyela ekhaya uqabulekile, uphumulile, futhi ukulungele ukuqhubeka nemisebenzi yokuphila ebaluleke kakhulu. Ngokushesha, isikhathi seholide siyadlula, kodwa ezinye zezinkumbulo zaso eziyigugu zingase zihlale phakade. Yeka indlela eziyigugu ngayo—izikhathi zeholide ezijatshulelwa ngaphandle kokuzisola!
[Ibhokisi ekhasini 10]
Amacebiso Ambalwa Esikhathi Seholide
Yilwa Nobugebengu
1. Hlela ukuba othile agade izinto ekhaya.
2. Gwema izindawo ngokuvamile ezibhekwa njengeziyingozi.
3. Qaphela abakhuthuzi, gcina imali endaweni elondekile kuwe, futhi ushiye imali ongayidingi endaweni ephephile lapho uhlala khona.
4. Qaphela abantu ongabazi abanikeza usizo ongalucelanga.
Gwema Izingozi
1. Uma ushayela, phaphama, futhi uthathe amakhefu njalo.
2. Lapho uhlala emahhotela noma uhamba ngendiza, qaphelisisa amalungiselelo ezimo eziphuthumayo.
3. Ngemva kokufika, vumela isikhathi sokuba umzimba uzivumelanise nendawo ngaphambi kokuba wenze umsebenzi onzima.
4. Phatha izingubo zokugqoka ezifanele, izicathulo, nezinto ozozidingela imisebenzi ozoyenza.
Hlala Ungumqemane
1. Cela iseluleko sikadokotela ngemijovo yokugoma noma imithi engatholakala.
2. Thatha ibhokisi lemithi lokuhamba elinemithi oyidingayo.
3. Phumula ngokwanele, futhi uqaphele lokho okudlayo nokuphuzayo.
4. Phatha amaphepha adingekayo aphathelene nezidingo noma izifiso zakho zezokwelapha ngaso sonke isikhathi.
Londoloza Ubuhlobo Obujabulisayo
1. Bonisa uthando nokucabangela ngalabo ohamba nabo.
2. Londoloza izindinganiso eziphakeme zokujwayelana nabantu.
3. Ungavumeli abanye abaseholidini bakuholele ezenzweni ozibheka njengezingafanele.
4. Bekela eceleni isikhathi esithile sokwanelisa izidingo ezingokomoya.
[Izithombe ekhasini 9]
Khetha imisebenzi eyinzuzo lapho useholidini