Abantwana, Igazi, Nengculaza
MUVA NJE iNew York Times ibinalombiko oshaqisayo ekhasini elingaphandle: “IRomania isongelwa umqedazwe wezingane ongavamile wengculaza, igcwele ezindaweni zokugcina izintandane ezichichimayo kanye nemithola-mpilo, isakazwa isenzo esiyisidala sokumpompela ngegazi izinsana ezisanda kuzalwa.”—February 8, 1990.
Ngokusobala abanye odokotela baseRomania ngokuvamile bafaka ngomjovo isilinganiso esincane segazi enkabeni yosana olusanda kuzalwa benethemba lokuthi lokhu “kumpontshelwa okuncane” kuyoshukumisa ukukhula kwengane. Lesisenzo sabonakala siyindlela ephumelela ngokushaqisayo ekusakazeni ingculaza; iphayinti elilodwa legazi elonakalisiwe linesilinganiso esanele esingatholwa izingane eziningi.
INhlangano Yezempilo Yezwe, eyathumela iqembu lodokotela lesimo esiphuthumayo esibucayi eRomania, ilinganisela ukuthi kakade izingane ezingu-700 zaseRomania kutholakale ukuthi zinalo igciwane lengculaza, kanye nezinye ezingu-50 eziphethwe isifo sengculaza. Umholi wesimiso senhlangano yengculaza watshela iTimes ukuthi isilinganiso sesifo sengculaza phakathi kwalezingane siphakathi kwesiphakeme kakhulu emhlabeni wonke.
Ngaphansi kombuso osanda kugumbuqelwa kaCeausescu, iRomania yayingenalo ngokomthetho usongo lwengculaza. Noma iziphi izindaba zokusakazeka kwalesisifo kwakuhlalwa phezu kwazo njengeziyimfihlo yombuso. Abantu abathekelisa ngegazi babengahlolwa ngisho nokuhlolwa ukuze kubonwe ukuthi abanayo yini ingculaza. Manje lokho kushintshile. Kodwa phakathi nonyaka nengxenye ngaphambi kwalenguquko, odokotela abaningi baseRomania abazange ngisho bacabange nokucabanga ngengculaza lapho beqala ukubona izingane ezengeziwe zinezifo ezazingenakwelapheka nhlobo. Njengoba omunye wabo asho: “Uma nitshelwa ukuthi alikho igciwane elinjalo eRomania, kungani kucwaningwa ngalo?”