Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 7/22 k. 19-k. 23 isig. 5
  • Amahora Amathathu Ashintsha Ukuphila Kwami

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amahora Amathathu Ashintsha Ukuphila Kwami
  • I-Phaphama!—1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iqiniso Lasindisa Ukuphila Kwami
    I-Phaphama!—1996
  • Ukunqoba Ukuphila Kobudlova
    I-Phaphama!—1991
  • Okuthile Okubi Kakhulu KuneAIDS
    I-Phaphama!—1990
  • Indlela Iqiniso Elangishintsha Ngayo Ekubeni Isigebengu Lingenza UmKristu
    I-Phaphama!—1989
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 7/22 k. 19-k. 23 isig. 5

Amahora Amathathu Ashintsha Ukuphila Kwami

NGANGINEMINYAKA eyishumi ubudala lapho ngithola isibhamu iBB njengesipho sikaKhisimusi. Ngadubula amabhodlela namathini kodwa ngokushesha ngathuthukela emdlalweni othakazelisa ngokwengeziwe—izinyoni, izinyoka, nanoma yini enyakazayo. Ngangiwuphawula ngesibazi umphini wesibhamu sami ngenyoni ngayinye engiyibulele. Ngokushesha, ngase nginezibazi ezingu-18 ezazazisa ubuciko bami njengomzingeli.

Khona-ke kwenzeka okuthile okwashintsha konke lokhu. Ngolunye usuku ngangingaphandle egcekeni elingemuva ngizingela izinyoni. Ngabona umzwilili uthe cóngco phezu kwesihlahla sakithi sikakotini, ngase ngiqondisa isibhamu ngokucophelela, ngadedela inhlamvu kancane. Ngayinemba! Yayingeye-19!

Lenyoni yawela phansi emhlabathini. Ngaya lapho yayiwele khona, ngayibuka iphansi, ngabona igazi ezimpapheni zayo. Yapaquza, kwabonakala sengathi yayingibuka njengokungathi ifuna ukuthi: ‘Ubani okunikeze ilungelo lokuthatha ukuphila kwami?’ Njengoba yayifa, ikhanda layo kancane kancane lagebela enhlabathini. Ngahlabeka enhliziyweni. Ngaqala ukukhala. Ngagijimela kumama ngamtshela lokho okwakwenzekile nalokho enganginethemba lokuthi inyoni eyayifa yayikushilo kimi. Angiphindanga ngadubula enye inyoni, angizange ngiphinde ngiphawule esinye isibazi esibhamwini sami. Kuze kube namuhla, ngisakubona lokho kuyephuzela kwezimpaphe ezincane ezinegazi. Ithonya elingapheli lalokhu okuhlangenwe nakho ngiseyingane langenza ngaqaphela ukuba yigugu kokuphila, kungakhathaliseki ukuthi okomzwilili noma okomuntu.

Ezinye izimiso zagxiliswa kimi kancane kancane ngiseyingane—ukwethembeka, ukuhlonipha abantu abadala, umuzwa wokuziphatha, ukuzinikela eqinisweni. Ngazalelwa eMemphis, eTennessee, kodwa ngakhulela eChicago, Illinois, edolobheni elisemaphethelweni elibizwa ngokuthi iRobbins. Ngakhula ngisonta, kodwa izimiso zokuziphatha engangizinikezwa njengengane esontayo zashabalala ngokuhamba kweminyaka. Angizange ngizibone lezimiso ziboniswa ebandleni noma amadiyakoni noma abefundisi; kunalokho, ngabona ubuzenzisi. Futhi, emphakathini uwonke, lezozimiso zachilizelwa eceleni njengezingenalo usizo futhi zanganakwa. Kodwa isifundo sokuba yigugu kokuphila njengoba ngasifunda ekufeni komzwilili omncane, asizange sishabalale.

Lapho sengiyofunda esikoleni esiphakeme, ngase ngikuyekile ukuya esontweni—okwenza abazali bami bakhathazeka kakhulu. Unembeza wami waba buthuntu, kodwa ngiyakhumbula ukuthi lapho ngiqala ukusebenzisa inhlamba—wonke umuntu wayekwenza—unembeza wami wangikhathaza. Njengoba ngangijwayelana nabangane ababi kakhulu, ngaholelwa ezidakamizweni nasekuziphatheni okubi. IBhayibheli lathi kwakuzoba njalo, futhi ngagcwalisekisa ukubikezela kwalo: “Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.”—1 Korinte 15:33.

Ngisho nakuba kunjalo, umuzwa wokuhle nokubi wangenza ngaba nokuzithiba okuthile. Ngokwesibonelo, onyakeni wami wesithathu ngisesikoleni esiphakeme, nganginabangane ababili engangigijima nabo, ngiseqenjini lomdlalo webhola lomnqakiswano nabo, ngenza yonke into nabo—kwaze kwaba ngobunye ubusuku lapho sihlangana nowesifazane osemusha. Abangane bami ababili banquma ukumdlwengula. Wabancenga ukuba bangakwenzi lokho, kodwa lapho beqhubeka bekwenza, wesaba kakhulu futhi waphazamiseka ngokomzwelo wayesememeza ethi kungcono bamane bambulale. Naphezu kokuzabalaza kwakhe, bamdlwengula. Khona-ke, babefuna ukuba ngihlanganyele nabo kulesisenzo sabo sokudlova umuntu ubuntu bakhe. Ngicasukile futhi ngenyanya, ngenqaba ukuhlanganyela nabo onyeni lwabo lokumdlwengula. Bangithukuthelela kakhulu futhi bagcina sebengibiza ngamagama enhlamba. Ubungane bethu baphela ngalobo busuku.

Eminyakeni ethile kamuva ngaqaphela ukuthi lokho engangikubonile kwakungesinye isibonelo salokho iBhayibheli elathi kwakuzokwenzeka: “Bayamangala ngokungagijimeli kwenu kulowomsindo wokushinga kwabo, behlambalaza.”—1 Petru 4:4.

Ngonyaka wami wokugcina esikoleni esiphakeme, ngo-1965, kwagqashuka iMpi yaseVietnam, futhi ngangibhekene nenkinga yokuthi ngangizokwenzani uma ngiphothula esikoleni. Ngangingafuni ukuba ngibuthwe empini futhi ngiphoqelelwe ukuba ngibulale. Ngangisenemizwa enamandla ngokuthatha ukuphila—kungakhathaliseki ukuthi okwemizwilili noma okwabantu. Nganginendlela elula yokuphunyuka: ukuthola imali yokuxhasa abadlali ukuba badlalele iyunivesithi ibhola lomnqakiswano. Esikhundleni salokho, ngajoyina ibutho lezindiza, uphiko lwamabutho ahlomile lapho okwakungadingeki khona ukuba ngilwe emahlathini futhi ngibulale.

Ngabelwa esigabeni seMAC (Military Airlift Command) njengomakhenika wezindiza ukuze ngithole ukuqeqeshwa iminyaka emine yenkonzo yami. Ngemva kokuqeqeshwa okuyisisekelo, ngathunyelwa eSikhumulweni Sokulungisa Izindiza iCCK, eTaiwan. KwakungoJanuary 1968. Abaningi babangane bami ababesesigabeni samasosha bababelwe ukuya eVietnam, eThailand, eJapan, nasePhilippines. Babekwazi ukuthola noma yini abayifunayo—kuhlanganise nezidakamizwa ezinamandla njengeheroin necocaine. Ngangiqale ukusebenzisa izidakamizwa ngisesesikoleni esiphakeme; manje ngaqala ukuzidayisa. Ezinyangeni eziyisishiyagalombili kamuva sonke isigaba sethu samasosha sabelwa kabusha eOkinawa, eJapan, ngalesosikhathi eyayingaphansi kokuphatha kweU.S. Ibhizinisi lethu lezidakamizwa lachuma.

Induna yeqembu lethu yangimema ngokuqondile ukuba ngiye eVietnam ukuze ngiyozibonela ngawami. Ngenxa yemali nenjabulo, ngalithatha lelothuba. Ngathola ukuthi iVietnam iyizwe elihle elinohlaza oluhle kanye namabhishi anesihlabathi esimhlophe. Abantu baseVietnam babenomusa ngokungazenzisi futhi bamukela izihambi. Uma nje ungqongqoza emnyango wabo, babekungenisa endlini futhi bakunike ukudla. Ngokuvamile ngangizibuza: ‘Kungani kuliwa lempi? Kungani labantu bebulawa njengezilwane?’ Kodwa eSaigon ngabona ubugebengu obuningi, izenzo eziningi zokukhohlakala, ukonakala okuningi kanye nobudlova obunonya! Ukuphila kwakungelutho. Ngaqala ukuba nokungabaza okukhulu ukuthi kuyoke kwenzeke yini ngekhono lomuntu nokuzimisela ukuba kuhlalwe ndawonye ngobunye nangenjabulo.

Ngemva kokudedelwa kwami ngenhlonipho emabuthweni ezindiza ngasekupheleni kukaJuly 1970, ngaphindela edolobheni engazalelwa kulo iRobbins, eIllinois. Ngathola umsebenzi futhi ngazama ukuzinza, kodwa izinto zazehlukile. Abantu nendawo kwakushintshile. Yebo, nami ngokwami ngangishintshile. Ikhaya lalingasesilo ikhaya. Imicabango yami yagxila eMpumalanga Ekude, igxile ezinkumbulweni ezazingasuleki engqondweni yami. Isifiso sami sokubuyela emaZweni aseMpumalanga sasikhula ngamandla. Ezinyangeni eziyisishiyagalombili ngidedelwe kwezempi, ngathenga ithikithi lendiza lokuya kuphela ngibuyela eOkinawa, eJapane.

Ngobusuku bami bokuqala ngibuyele, ngaya kwenye yezindawo zami ezindala engangichitha kuzo isikhathi, indawo yokuzijabulisa evuth’ uphondo okuthiwa iTina’s Bar and Lounge. Okwangimangalisa kakhulu ukuthi lapho kuleyonkantini kwakukhona omunye wabangane bami esasidayisa nabo izidakamizwa. Sajabula ukubonana futhi ngokushesha wenza icebo lokuba sishushumbise izidakamizwa sizikhipha eThailand. Sazishaya izikhulu zezempi ukuze sifike eThailand, njengoba sasinamakhadi angomazisi-mbumbulu eID, amaphepha okuba seholidini, amayunifomu, kanye nokunye. Khona-ke sasuka esikhumulweni silibhekise eBangkok.

Silapho saxhumana nomqondisi esasihlele naye kusengaphambili, owasihambisa ngesikebhe esiqoshwe ngokhuni sanqamula emiseleni yamanzi emnyama namaxhaphozi asemahlathini siya esiqhingini esithé qekelele. Samukelwa omunye wabaholi bebhizinisi lezidakamizwa eThailand. Wayengumuntu onomusa nowamukela izihambi kakhulu kangangokuba asizange sicabange ukuthi wayezotshela iziphathimandla ngomsebenzi wethu. Kodwa wakwenza. Wayezivala ukuze zingayinaki imisebenzi yakhe engekho emthethweni.

Iziphathimandla zazisilinde esitobhini sebhasi eBangkok—futhi ngangiphethe ipotimende elalinezidakamizwa ezingamakhilogremu angu-29 kulo! Lapho ngifika esitobhini sebhasi, ngazizwa ngiba nohlevane ngemuva entanyeni. Induna yamabutho amaphoyisa aseThai yayimise isibhamu esingamamilimitha angu-9,7 phezu kwekhanda lami futhi sasho ngomoya opholile sathi, “Siza ungazami ukudlubulunda.” Saboshwa futhi sasiwa esiteshini samaphoyisa.

Sasizohlangana nomshushumbisi okanye nathi eOkinawa, owayezobe ephethe amabhokisi amathathu ezicathulo aneheroin. Ngokuhlanganisa izidakamizwa zethu, sasicabangele ukuthi kuzoba lula ukulilawula ibhizinisi lezidakamizwa eOkinawa. Lowo esikanye naye wafika lapho ephethe iheroin, futhi lapho amabhokisi ephuma ebhandeni lemithwalo, amaphoyisa ayelapho nenja yawo eyezwa iphunga leheroin. Walahlekelwa iheroin, ngalahlekelwa ipotimende eligcwele insangu kanye nesidakamizwa okuthiwa ispeed, futhi ibhizinisi lethu lavalwa ngaphambi kokuba liqale. Sagcina sisejele laseKlong Prem. Izimo zazingaphucuzekile. Ukudla kwakuyindlala. Ukudla kwethu kwansuku zonke kwakuyinhlanzi encane enosawoti kanye nerayisi kabili ngosuku. Phakathi nezinyanga ezimbili silapho, ngehla ngesisindo esingamakhilogremu angamashumi amane nanhlanu.

Lapho sisejele, insizwa esukile egadeni yeza yazosivakashela, yathi yayivela esikhulwini sikahulumeni waseU.S. Yathi yayifuna ukusisiza kodwa idinga ukwaziswa okwengeziwe. Sasingayethembi. Ngemva kokubuya ngokuphindaphindiwe, ekugcineni yaziveza ukuthi yayiwumseshi omkhulu wezidakamizwa wendawo yonke yaseNingizimu-mpumalanga Asia, futhi yayizama ukuthola ukuthi sasishushumbisa izidakamizwa sizikhiphela kwamanye amazwe yini. Ngosuku olulandelayo, yabuya yazokhuluma nami ngasese.

“Ake wethembeke kimi,” kwasho lomseshi. “Uma ungangitsheli, ngiyagomela uyodilikelwa ijele.” Khona-ke ngathembeka kuye. Ngakhuluma iqiniso. Ngokulandelayo wabuza: “Ungathanda yini ukungisebenzela njengenhloli yami ekhethekile?” Ngangibanjwe nginganakile neze, kodwa ekugcineni ngavuma ukwenza naye lemisebenzi yomshoshaphansi.

Ekugcineni ngakhululwa ejele futhi ngaphindela eOkinawa ukuba ngiyoqalisa ukuphila kwami okusha njengenhloli ekhethekile yezidakamizwa. Umsebenzi wami kwakuwukuqalisa amabhizinisi okudayisa izidakamizwa ngenhloso yokubopha labo abazikhiqizayo abahileleke ekushushumbiseni izidakamizwa. Ngasebenza kulesosikhundla cishe unyaka nengxenye, ngase ngiyeka.

Ngokuhamba kwesikhathi, mina nomngane wami sasinendawo edayisa utshwala eyayibizwa ngokuthi iPapa Joe’s. Sasinamantombazane asenkantini ayesisebenzela njengabemukeli bamakhasimende, umsebenzi wawo okwakuwukwenza ama-GIs athenge utshwala obuningi ngangokunokwenzeka. Ngobunye ubusuku indoda ethile eyayihleli enkantini yangibuza: “Awusiye yini uJimmy-san?”

“Yebo, nginguye.”

“Uqhuba kahle lapha, akunjalo?”

“Kuyazameka. Kungani ubuza?”

“Iseluleko sami kuwe siwukuthi, Ungaphindi ubuyele ngaphandle emgwaqeni. Uma ukwenza, sizokubamba sikuqoqe.”

Ngaqaphela ngalesosikhathi ukuthi wayeyinhloli yezidakamizwa futhi ngangigadiwe. Ngangazi kakhulu, futhi babengixwayisa ukuba ngingabonakali emigwaqeni. Kwakungenandaba. Empeleni manje ngangingasadayisi emigwaqeni. Ngase ngiyiyekile indlela yokuphila ewohlokile engangiyiphila.

Futhi, ngalesisikhathi ngangizama ukuthola injongo yokuphila ngokuhlola izinkolo zaseMpumalanga. Ngokushesha ngaqaphela ukuthi zazixaka futhi zidida njengemfundiso kaZiqu-zintathu weLobukholwa. Nazo zazingenangqondo.

Khona-ke, ngolunye usuku lapho ngangisekhaya ngingedwa, kwakukhona ongqongqozayo emnyango. Kwakunowesifazane osekhulile waseJapan, wamamatheka ngokufudumele. Kodwa okwangikhanga kwakungamehlo akhe. Ayebonakala ekhazimula. Kwakunjengokungathi ngokubona nje amehlo akhe ngingasho ukuthi uqotho futhi unezisusa ezinhle, ukuthi wayengezelanga ukuzongihilela ekuziphatheni okubi. Nganginomuzwa onamandla wokuthi kwakufanele ngimlalele. Ngangingenakukuchaza, kodwa futhi ngangingenakukushaya indiva. Ngakho ngathi angene.

Kwaze kwaba yilapho sesihlezi phansi etafuleni lasekhishini lapho ngaqala khona ngempela ukumuzwa ukuthi wayethini. Ebusheni bami ngangiye esontweni izikhathi eziningi, kodwa ngangingakaze ngizwe okuthile okuqondile kuvela eBhayibhelini njengalokhu. Wabonisa ukuthi kungani kunobubi obungaka, ukuthi uSathane ungunkulunkulu walelizwe, nokuthi konke lokhu kuyisibonakaliso sezinsuku zokugcina. Ngokushesha uNkulunkulu uzothatha isinyathelo sokuqeda bonke ububi futhi aqalise umhlaba omusha onokulunga. Ngokuvamile ngangizibuza ukuthi kungani silapha, ukuthi yayikhona yini injongo ethile ekuphileni, injongo ngalomhlaba omuhle. Izimpendulo zaziseBhayibhelini—futhi zazilokhu zilapho.—IHubo 92:7; UmShumayeli 1:4; Isaya 45:18; Daniyeli 2:44; 2 Korinte 4:4; 2 Thimothewu 3:1-5, 13; 2 Petru 3:13.

Njengoba ayekhuluma, lempicabadala yaqala ukuqaqeka. Njengezimbewu ezihleli zingamili iminyaka kodwa ezihlumayo lapho kuba nomswakama, ngakho imicabango ngoNkulunkulu eyayihleli ingenzi lutho engqondweni yami ngokushesha yaqala ukuphila lapho amanzi eqiniso avela eBhayibhelini eyinisela.—Efesu 5:26; IsAm. 7:17.

Ukuphila phakade, hhayi ezulwini elikude lé, kodwa khona lapha emhlabeni oyipharadesi. Wonke umhlaba uyinsimu yase-Edeni. Uvuko oluyobuyisela izigidi ezingenakubalwa zabafile ethubeni lokuphila phakade kuleliPharadesi elisemhlabeni elinjenge-Edeni. Akuyikuba khona buhlungu, izinyembezi, ukuhlupheka, ubugebengu, izifo, nokufa—imibhalo eminingi ememezela ngalezibusiso eziyokuza eMbusweni kaJehova ngaphansi kukaKristu yadweba imifanekiso ekhazimulayo engqondweni yami ngalokho uNkulunkulu akugcinele isintu esilalelayo.—IHubo 37:10, 11, 29; IzAga 2:21, 22; Johane 5:28, 29; 17:3; IsAmbulo 21:1, 4, 5.

Ingabe kuhle kakhulu ukuthi kungaba iqiniso? Phela, wakufakazela ngokuvela eBhayibhelini konke ayekusho. Njengoba ayekhuluma, ngokokuqala ngqá iBhayibheli lacaca ngokukhanyayo, laba nengqondo, laphila kimi. Ngaqaphela izinto ezimbili: Okokuqala, leli kwakuyiqiniso elimsulwa elivela eZwini likaNkulunkulu, lingaxutshanisiwe nezivumo ezingamanga kanye nezimfundiso zezinkolo zeLobukholwa; futhi, okwesibili, ukuthi kwakunezinguquko okwakumelwe ngizenze ekuphileni kwami ukuze ngivumelane nemithetho kanye nezindinganiso zikaNkulunkulu.—IHubo 119:105; Roma 12:1, 2; 1 Korinte 6:9-11; Kolose 3:9, 10.

Sakhuluma amahora amathathu, amahora amathathu aguqula ukuphila kwami. Ngaphambi kokuba uHaruko Isegawa—lelo kwakuyigama lakhe—ahambe, wangitshela lapho ngingaya khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Waqala ukuza masonto onke ukuzofunda nami iBhayibheli. Ngesonto elilandelayo, ngaya okokuqala emhlanganweni woFakazi BakaJehova. Lokho engangikufunda kwaba nethonya elikhulu ekucabangeni nasekuziphatheni kwami. Izinguquko ezisheshayo zenziwa njengokungathi ngobusuku obubodwa. Ngabaningi babangane bami abadala, lokhu kwasheshe kwabacika, kwenza sahlukana. Ngalahlekelwa abangane bami abadala, kodwa ngazuza abaningi ngokwengeziwe abasha, njengoba nje uJesu ayethembisile. (Mathewu 19:29) Ezinyangeni eziyishumi ngemva kokuhambela kokuqala kukaDade Isegawa, ngabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova, ngoAugust 30, 1974.

Ngenyanga elandelayo ngabuyela eUnited States futhi ngaqala ukuhlanganyela neBandla laseRobbins endaweni engazalelwa kuyo. Ngonyaka olandelayo ngavakashela endlunkulu yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York, ebizwa ngokuthi iBethel, okusho “iNdlu KaNkulunkulu.” Namuhla, izisebenzi eziyizinkulungwane ezintathu zokuzithandela zilapho, enye inkulungwane isebenza eWatchtower Farms eNew York esenyakatho, inyathelisa izincwadi zeBhayibheli ezisakazwa emhlabeni wonke. Ukuvakasha kwami kwandisa isifiso sami esijulile sokukhonza lapho, futhi uJehova wanginika lelolungelo elihle ngoSeptember 1979.

Ezinyangeni ezimbalwa ngemva kokuba ngifikile, omunye umzalwane wabelwa ukuba azosebenza emnyango engangisebenza kuwo. Kwakukhona okuthile ngaye okwakujwayelekile, kodwa engangingakwazi ukukuthola. Ngemva kokuba sesijwayelene kangcono, sathola ukuthi sobabili sasiseOkinawa ngesikhathi esifanayo, sihlala esakhiweni esisodwa sezindlu, futhi sobabili sasingabashushumbisi bezidakamizwa. Kwakungukuhlangana okujabulisayo. Yena nomkakhe manje bakhonza njengezikhonzi ezikhethekile zesikhathi esigcwele zoFakazi BakaJehova eziQhingini zaseMicronesia.

Ngo-1981 uJehova wangibusisa ngomfazi othandekayo, uBonnie, futhi siye sajabulela izibusiso eziningi ezicebile njengoba sikhonza ndawonye lapha eBethel. Ngizizwa njengeNkosi uDavide umhubi, njengoba yathi kuyiHubo lama-23 ivesi 6: “Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube-phakade.”

Ngolunye usuku ngafunda uMathewu 10:29, 31. Wangikhumbuza emuva ngiseyingane: “Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? Kepha akuyikuwa phansi namunye kuyo ngaphandle [kwemvume, NW] kukaYihlo.” Ingabe uJehova wayazi ngomzwilili engangiwubulele? Ngakhululeka njengoba ngiqhubeka ngifunda: “Maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi.”—Njengoba ilandiswa uJames Dyson.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]

‘Kungani labantu bebulawa njengezilwane?’

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 20]

Ngazizwa ngiba nohlevane ngemuva entanyeni

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 21]

Amaphoyisa ayelapho elinde ngenja yawo eyezwa iphunga leheroin

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 22]

Nganginomuzwa onamandla wokuthi kwakufanele ngimlalele

[Isithombe ekhasini 23]

Nginomkami, uBonnie

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela