Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 7/22 k. 27
  • Izivikelo Nezingozi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izivikelo Nezingozi
  • I-Phaphama!—1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Usana Kufanele Lulale Kanjani?
    I-Phaphama!—1999
  • Ugwayi—Ingabe Uyawenqaba?
    I-Phaphama!—1996
  • Lapho Ukuba Yisidudla Kungengcono
    I-Phaphama!—1997
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 7/22 k. 27

Izivikelo Nezingozi

Isimiso Sokuzivikela Komzimba Womuntu Izigidi zamagciwane ziyasihlasela njalo, zinenhloso yokuhlasela imizimba yethu ethokomele, efudumele, nenamanzi. Uma ekwazile ukungena, ayashaqeka. Ahlangana nesimiso sokuzivikela komzimba esiyinkimbinkimbi ngendlela emangalisayo—izigidi zezigidi zamangqamuzana aklanywe ngendlela ekhethekile aqondiswa amaprotheni amaningi. Umagazini iTime uthi: “Isimiso sokuzivikela komzimba siqhathaniseka kahle nesitho esiyinkimbinkimbi ukuzedlula zonke, ubuchopho.” Ube usucaphuna isazi sesayensi yokuzivikela komzimba uWilliam Paul: “Isimiso sokuzivikela komzimba sinekhono eliphawulekayo lokusingatha ukwaziswa, lokufunda nokukhumbula, lokwakha nokugcina ukwaziswa.” UDkt. Stephen Sherwin unezela ukudumisa kwakhe: “Isimiso esimangalisayo. Siyawabona amamolecule angakaze abe semzimbeni ngaphambili. Singahlukanisa phakathi kwalokho okungokwalaphaya nokungesikho okwakhona.” Futhi uma kungesikho okwakhona, impi yodwa, impi yokubambana ngezihluthu.

Ukudla Amacarbohydrate Ukudla okunamacarbohydrate kungabangela isiyezi kanye nokukhathala ngemva kwesikhathi, naphezu kwesilinganiso esiphakeme seglucose egazini lomuntu. Ukuhlola kuye kwabonisa ukuthi ukugxilisa ingqondo kanye namamaki okuhlolwa kuba phansi ngemva kokudla okunamacarbohydrate. Abaningi abadla kakhulu bakhetha amacarbohydrate kunezinye izinhlobo zokudla hhayi ngoba behahela amaswidi kodwa futhi ngenxa yokuthi bathanda isinkwa nezinto zokusigcoba. Abantu ababhemayo abakuyekayo ukubhema bahalela amacarbohydrate, futhi isizathu sokuba bakhuluphale uma bekuyeka yingoba badla kakhulu amaswidi, ukudla okucebile ngamacarbohydrate.

Ingozi Yokuba Nesisindo Eseqile Kwabesifazane abaneminyaka yobudala ephakathi nabasebasha ukuba nesisindo eseqile ngokwanoma iliphi izinga kwenyusa ingozi yesifo senhliziyo. Lokhu kwatholwa ngokuhlola okwathatha iminyaka eyisishiyagalombili okwenziwa kubahlengikazi abangu-116 000 abasukela eminyakeni yobudala engu-30 ukuya kwengu-55. Amaphesenti angu-70 esifo senhliziyo kwabesifazane abakhuluphele ngokweqile namaphesenti angu-40 akho konke ukugula kwabesifazane kungenxa yesisindo eseqile. Umbiko wezindaba walokhu okwakhishwa kuyiNew York Times waqhubeka: “Ukuhlola kwangaphambili okwenziwa emadodeni kuye kwabonisa ukuthi ukuba nesisindo eseqile ngokusesilinganisweni kwenyusa ingozi yokuphathwa isifo senhliziyo. Kodwa lokhu kungokokuqala ukuba izingozi zokuba nesisindo eseqile ngokusesilinganisweni zitholwe kwabesifazane beminyaka yobudala ephakathi, kwasho uDkt. Charles H. Hennekens, isazi sokulawulwa kwezifo eBrigham naseSibhedlela Sabesifazane eBoston kanye nomlobi walokuhlola. Wathi imiphumela ibonisa ukuthi ‘ukukhuluphala ngokweqile kuseqophelweni elilinganayo nokubhema ugwayi nokuphuza ngokweqile njengembangela eyinhloko yokungenwa izifo kalula nokufa kakhulu eUnited States.’”

Ukufa Kwezinsana Okuhlangene Nokubhema Ngemva kokuhlola okwathatha iminyaka emithathu, odokotela ababili eSweden bathola ukuxhumana okuqinile phakathi kokubhema nesifo esingagomeki sokufa kwezinsana ngokuzumayo, esaziwa ngokuthi iSIDS—igama elichaza ukufa okunezimbangela ezingaziwa kubantwana abanenyanga eyodwa kuya kweziyisithupha ubudala. UDkt. Bengt Haglund noSven Cnattingius bahlanganisa ukwaziswa abakuthola ekuzalweni kwezingane eziphilayo ezingu-280 000 eSweden. Kuleliqembu, ezingu-190 zafa ngenxa yeSIDS, futhi odokotela basola ukubhema komama ngokufa kwezingu-50. Omama ababebhema ngokulinganiselwe ngesikhathi sokukhulelwa—umucu owodwa kagwayi kuya kweyisishiyagalolunye ngosuku—ngokunokwenzeka babesengozini yokulahlekelwa umntwana ngokuphindwe kabili ngenxa yeSIDS kunomama abangabhemi. Amaxhwele kagwayi—ababhema osikilidi abayishumi noma ngaphezulu ngosuku—babesengozini ngokuphindwe kathathu. UDkt. Haglund wathi: “Uma sikubheka ngokombono wokukuvikela, ukubhema kuwukuphela kwembangela eyinhloko yeSIDS,” Nokho, washo futhi nokuthi kungenzeka ezinye izici ezingokwenhlalo nezingokomnotho zibe ezihilelekile: iminyaka yobudala kamama, isimo esingokwenhlalo, nokuthi ubaba wahlala yini nomama nomntwana. Umbiko kuyiNew York Times waphetha: “Ukuhlola kwabonisa ukuthi isigameko seSIDS siphansi emazweni aseScandinavia kunokuba kunjalo kwamanye amazwe ezemisebenzi njengaseUnited States.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela