Izincwadi Zamahhala
AMAPHEPHANDABA amahhala eBrithani aletha inzuzo enkulu yokukhangisa engamakhulu amaningana ezigidi zamarandi ekusakazweni kwamashumi ezigidi zamakhophi ngesonto. Imiphumela ingokuthile okuhluke kakhulu ezibikezelweni zokweya ayebhekwa ngakho eminyakeni engaphezu kwengu-20 edlule. “Abantu bawudelela umbono wokuthi ungakhangisa kokuthile okwakutholakala mahhala,” kuphawula uIan Locks, umqondisi oyiphini weNhlangano Yamaphephandaba Amahhala. Kodwa, eqinisweni, “kuye kwavula lonke uchungechunge lwamaphephandaba, omagazini namapheshana amahhala njengohlobo olusha lwamathuba okuthengisa,” enezela.
Nomagazini ngokufanayo? Yebo. Omagazini abahlukahlukene abangaphezu kuka-400 kuphiswana ngabo eUnited Kingdom, nabo besakazwa ngamashumi ezigidi. Amanani ehlisiwe aye adonsa abakhangisi emaphephandabeni endawo angokwesiko, amaningi awo angasekho noma manje asehanjiswa mahhala. ITimes yaseLondon ichaza lesenzakalo “njengamandla amakhulu amasha embonini yokunyathelisa yaseBrithani,” ayohlala ekhona.