Inkokhelo Yokungathembeki
IZINSO zikaCasey Lunsford zazingasebenzi kahle. Odokotela basikisela ukuthi lomfana oneminyaka emithathu nengxenye wayezophila kuphela ezinye izinyanga ezintathu noma ezine uma engafakelwa enye inso. Abazali bakhe, abangoFakazi BakaJehova, banquma ukuba ahlinzwe; empeleni, uyise kaCasey wayezonikela ngeyodwa yezinso zakhe siqu kulomfana.a Ukuphela kombandela abawubeka wawuwukuthi igazi lingalokothi lisetshenziswe—oFakazi BakaJehova bakwenqaba ngezizathu ezingokomBhalo ukumpontshelwa igazi.—Bheka izEnzo 15:20.
AbakwaLunsford bahlela ukuba lokhu kuhlinzwa kwenzelwe esibhedlela esiseTexas esinerekhodi elaziwayo lokufakela izinso ngokuphumelelayo ngaphandle kokumpontshelwa kwegazi. Kodwa isibhedlela esiqhele ngamakhilomitha ambalwa emzini wabakwaLunsford eCalifornia sasizimisele ukwenza lokuhlinza ngaphandle kokumpontshelwa kwegazi. AbakwaLunsford bakhetha lesibhedlela esiseduze kakhudlwana.
Phakathi nesonto langaphambi kokuhlinza, izisebenzi zasesibhedlela nodokotela ofakela ezinye izitho babaqinisekisa ngokuphindaphindiwe abazali ukuthi sasingeke sibe khona isidingo sokumpontshelwa kwegazi noma umyalo wenkantolo okugunyaza naphezu kokwenqaba kwabazali. Nokho, ngemva nje kokuba abazali bevumile ukuba ukuhlinza kwenziwe, udokotela ohlinzayo waqala ukulungiselela ukuthola umyalo wenkantolo ukuze aphoqelele igazi kuCasey. Waze waphumelela ngisho nokuba isisebenzi sezenhlala-kahle kuloludaba sithathelwe isikhundla lapho sigcizelela ekutheni abazali babenelungelo lokwazi nganoma imuphi umyalo wenkantolo. Ekuseni ngosuku lokuhlinza, isibhedlela sakhipha isitifiketi esicela umyalo wenkantolo wokuba uCasey ampontshelwe igazi. Lesitifiketi senza kwezwakala sengathi ngalesosikhathi uCasey wayelele etafuleni lokuhlinzela futhi opha, kuyilapho eqinisweni ukuhlinza kwakungakaqali! Esikhathini esingangehora ngemva kokuhlinza, okwakwenziwe ngempumelelo ngaphandle kwegazi, uCasey wampontshelwa igazi.
AbakwaLunsford bammangalela udokotela ohlinzayo kanye nesibhedlela ngokwephula amalungelo abo njengezakhamuzi nangokukhohlisa, ukuphoqelela ngokungemthetho, ukubangela ukucindezeleka ngokomzwelo ngenhloso, nokwephula isibopho sokwethembeka. Ngemva kwecala elathatha amasonto amane, inkantolo yabhunga izinsuku ezimbili nengxenye futhi yakhipha isinqumo esilahla udokotela ohlinzayo nesibhedlela. Bayalwa ukuba bakhokhele abakwaLunsford ingqikithi ka-R1 300-000.
Nakuba umahluleli wecala manje esesichithile isahlulelo sokwephula amalungelo omphakathi futhi wavula icala elisha lokuphamba namanye amacala, amajaji angu-12 ayeqiniseka ukuthi ukukhohlisa kwesibhedlela nodokotela kwakuyifanele inhlawulo engu-R1 300 000. Abameli balomkhaya baye babonisa ukuthi bazosisekela isinqumo samajaji ngokulidlulisa icala.
[Umbhalo waphansi]
a OFakazi babheka ukuhlinzwa kokufakela esinye isitho njengendaba kanembeza womuntu ngamunye.