Ingabe Ukulungele Ukubhekana Nesimo Sezokwelapha Esibekela Ukholo Inselele?
Gcina lokhu kwaziswa endaweni ongakuthola ngokushesha kuyo lapho kudingeka
1 Akekho oke acabange kangako ngokuba nokwenzeka kokuba abe sesibhedlela namuhla noma kusasa. Nakuba kunjalo, ‘sonke sihlangabezana nesikhathi nethuba.’ (UmSh. 9:11) Ngisho nakuba ungakwamukeli ukwelapha kodokotela njengendlela oyithandayo yokunakekela impilo, yini ozoyenza ukuze uzivikele ekumpontshelweni igazi ongakufuni uma kungenzeka ingozi ikushiye uqulekile futhi uphuthunyiswe esibhedlela? Yebo, ingozi noma ukuwohloka kwesimo sempilo okungalindelwe ngokungazelele kungakwenza ubhekane ngokuqondile nenselele yokholo lwakho.
2 Uma nganoma isiphi isizathu kungenzeka uzithole ususesibhedlela, yini oyoyenza ukuze ulondoloze ubuqotho bakho uma othile ekutshela ukuthi uzokufa uma ungampontshelwa igazi? Ingabe ngokuphamazela uyokwamukela ukuthi lokho akushoyo ngempela kuchaza isimo okuso? Ingabe uqiniseka ngokugcwele ukuthi awulifuni igazi? Ingabe ukulungele ukubhekana nalenselele yokholo lwakho ‘nokuyeka igazi’?—IzE. 15:28, 29.
3 Ukwenqaba ngokuphumelelayo ukumpontshelwa igazi okungafuneki, okungcolisayo ngokomoya kuqala ngokuqiniseka okuqinile. Ukuqiniseka okunjalo kufanele kusekelwe ekuqondeni ngokucacile lokho iBhayibheli elikushoyo ngegazi. Ngaphandle kwalokho, lapho usabela esimweni obhekene naso, ungase kalula wesatshiswe othile okutshela ukuthi wazi okwengeziwe kunawe ngalesimo. Ingabe ungakhohliswa ukuba ucabange ukuthi mhlawumbe odokotela bazi okwengeziwe ngegazi kunoNkulunkulu? Ngokuqinisekile, kulezimo uyofuna “ukuzimisela ngokuqinile” ukwenza “okulungile” emehlweni kaJehova, kungakhathaliseki ukuthi abantu abangelutho bathini.—Dut. 12:23-25, NW.
IZINYATHELO EZIBALULEKILE EZITHATHWA KUSENGAPHAMBILI—INGABE USUZITHATHILE?
4 Okokuqala, qiniseka ukuthi bonke emkhayeni banamakhadi abo siqu esiqondiso sezokwelapha (medical directive) agcwaliswe kahle—anosuku, asayiniwe, futhi anofakazi. Abanye abazalwane abafika esibhedlela namakhadi angenalo usuku noma angasayiniwe ofakazi kuye kwangatshazwa ukuba kwawo angokomthetho. Futhi ingabe zonke izingane zethu ezingabhapathiziwe zinawo amaidentification card azo agcwaliswe kahle? Uma kungenjalo, esimweni esiphuthumayo esihilela ingane yakho, izisebenzi zasesibhedlela zikwazi kanjani ukuma kwakho ngokuphathelene negazi nokuthi ubani ezingamthinta?
5 Khona-ke qikelela ukuthi bonke bayawaphatha njalo lamakhadi NGAZO ZONKE IZIKHATHI. Zibuze izingane zakho ngaphambi kokuba ziye esikoleni usuku ngalunye, yebo, ngisho nangaphambi kokuba ziye enkundleni yokudlala noma yokuzilibazisa. Sonke kumelwe siqiniseke ukuthi siyawaphatha lamakhadi emsebenzini, lapho siseholidini, noma emhlanganweni wobuKristu. Ningalokothi ningawaphathi!
6 Cabanga ngalokho okungenzeka kuwe uma ubungafika usesimweni esinzima egunjini labasesimweni esibucayi lasesibhedlela, uqulekile futhi ungakwazi ukuzikhulumela. Uma ungaliphethe ikhadi, futhi kungekho sihlobo noma umdala osefikile esibhedlela ukuba akukhulumele, bese kuphethwa ngokuthi ‘udinga igazi,’ cishe uyompontshelwa igazi. Ngeshwa, lokhu kuye kwenzeka kwabathile. Kodwa lapho sinekhadi, liyasikhulumela, liveze isinqumo sethu.
7 Kungakho ikhadi lesiqondiso sezokwelapha lingcono kunebhengela noma umgexo wezokwelapha. Ibhengela nomgexo akuzichazi izizathu zethu ezisekelwe eBhayibhelini zokuma kwethu futhi akunawo amasignesha aqinisekisa lokho okukushoyo. Inkantolo yaseCanada yathi ngekhadi likadade: “[Isiguli] siye sakhetha ukuba ngendlela eyodwa esingenza ngayo sazise odokotela kanye nabanye abalungiseleli bezokunakekelwa kwempilo, ukuthi uma kungenzeka siquleke noma ngenye indlela singakwazi ukusho izifiso zaso, mabazi ukuthi asikufuni ukumpontshelwa igazi.” Ngakho ungalokothi ungaliphathi!
8 Njengoba ikhadi lethu lesiqondiso sezokwelapha ngokuyinhloko liklanyelwe ukubhekana nezimo eziphuthumayo, khona-ke ekuhlinzweni kokuzikhethela kuyoba ukuhlakanipha ukubhala kusengaphambili isiqondiso esibhalwe uwena siqu, esinokwaziswa okugcwele ngokwengeziwe okubhalwe kusengaphambili (okusekelwe ekhadini lethu lesiqondiso sezokwelapha) ukuze ukwazi ukufaka ukwaziswa okuchaza ngokuqondile, njengohlobo olufunayo lokuhlinzwa kanye namagama odokotela nesibhedlela. Kuyilungelo lakho ukwenza lokhu ngaleyondlela uqinisekise ukuthi uthola ukwelashwa ozikhethele khona. Ngisho nakuba wena nodokotela ningalindele ukuba kube khona izinkinga ezingathi sína, chaza ukuthi lesiqondiso kufanele silandelwe kunoma iziphi izenzakalo ezingalindelwe ezivelayo.—IzAga 22:3.
9 Isinyathelo esilandelayo esibalulekile siwukuxoxa nezisebenzi ezibalulekile zezokwelapha okuzodingeka usebenzelane nazo ekwelashweni ozikhethele khona noma okuphuthumayo. Kufanele ukhulume nobani ngokukhethekile?
KHULUMA NEZISEBENZI ZEZOKWELAPHA
10 IQEMBU LEZOKWELAPHA: Lesi isikhathi lapho ukwesaba umuntu kufanele kungabibikho. (IzAga 29:25) Uma ubonakala ungaqinisekile, omunye angase anqume ngokuthi awuqotho. Lapho kudingeka uhlinzwe, uzikhethele noma kuphuthuma, wena noma ilungu lomkhaya eliseduze kufanele ngesibindi ubuze imibuzo ethile engagwegwesi kumholi weqembu elizohlinza. Omunye umbuzo obalulekile uwukuthi, Ingabe iqembu lizozihlonipha izifiso zesiguli futhi kuzo zonke izimo liselaphe ngaphandle kwegazi? Ngaphandle kwalokhu kuqinisekiswa uyobe ungavikelekile kahle.
11 Yisho ngokucacile nangokuqiniseka okunesizotha ukuthi ziyini izifiso zakho. Kwenze kucace ukuthi ufuna ukuba inkinga yakho isingathwe ngenye indlela yezokwelapha engalisebenzisi igazi. Ngomoya ophansi nangokuqiniseka xoxa kokubili ngesiqondiso sakho sezokwelapha obanikeze sona kusengaphambili kanye nefomu lokukhulula isibhedlela ekubeni necala. Uma udokotela ohlinzayo engazimisele ukusebenza ngokuvumelana nezifiso zakho, uyokonga isikhathi uma ucela umphathi wesibhedlela ukuba akwabele omunye udokotela. Lokho kuyingxenye yomsebenzi wakhe.
12 ISAZI SEZIBULALA-ZINZWA: Kubo bonke abaseqenjini lezokwelapha okudingeka uxoxe nabo ngaphambi kokuhlinzwa, AKUMELWE WEHLULEKE UKUKHULUMA NALODOKOTELA. Njengoba kuwumsebenzi wakhe ukukugcina uphila lapho udokotela ohlinzayo esebenza, isazi sezibulala-zinzwa yisona esenza izinqumo ngezindaba ezifana nokusetshenziswa kwegazi. Ngakho awuvikelekile ngokugcwele ngokumane nje ukhulume nodokotela ohlinzayo. Khona-ke, kufanele uxoxe nesazi sezibulala-zinzwa futhi usiqinisekise ngokuma kwakho, uthole ukuthi kuzohlonishwa yini noma cha.—Qhathanisa noLuka 18:3-5.
13 Kubonakala kungumkhuba ovamile ukuba isazi sezibulala-zinzwa sivakashele isiguli kafushane sekwephuzile ebusuku bangaphambi kokuhlinzwa—sekwephuze kakhulu uma singavumelani nokuma kwakho ngokuphathelene negazi. Phikelela ukuba udokotela ohlinzayo akhethe kusengaphambili isazi sezibulala-zinzwa ongaxoxa naso kusengaphambili impela kokuhlinzwa okukhethayo. Khona-ke kuyoba nesikhathi sokukhetha omunye uma owokuqala engazimisele ukuhambisana nezifiso zakho. Ungavumeli muntu ukuba azame ukukuyekisa lelilungelo lokwaneliseka ngesazi sezibulala-zinzwa sokuhlinzwa kwakho.
14 Kubo bonke laba, kufanele ukwenze kucace ukuma kwakho okungenakuxoxiswana ngakho: LINGASETSHENZISWA NEZE IGAZI. Cela ukuba isimo sakho sisingathwe ngendlela ehlukile yokwelapha engalisebenzisi igazi. Yisho noma iziphi ezinye izindlela ezaziwayo zokwelapha isimo sakho ngaphandle kwegazi. Uma iqembu lezokwelapha linomuzwa wokuthi lezi ngeke zisebenze esimweni sakho, bacele ukuba bacwaninge ezinye izindlela ezincwadini zezokwelapha. Baqinisekise ukuthi ungabatholela ukwaziswa okuthile uma befisa, ngokucela abadala bakini ukuba bathintane neNhlangano.
UKUSEBENZISA AMALUNGELO AKHO
15 Funda ngokunakekela ifomu lokukhulula ecaleni kanye nefomu lokuvuma isibhedlela esikucela ukuba uwasayine lapho bekulalisa. Ngezinye izikhathi ngemva nje kokusho ukuthi bazozihlonipha izifiso zakho, isigaba esilandelayo siyothi osayinile uyavuma ukuthi isibhedlela singasebenzisa ukwelapha “okusindisa ukuphila” lapho sihlangabezana nezinkinga. Lokho kungahlanganisa igazi. Unelungelo lokushintsha noma iziphi izinkulumo ezinjalo ukuba zingalihlanganisi igazi noma uzicime ngokuphelele ngokudweba umugqa. Abahlengikazi bangase bazame ukukutshela ukuthi ngeke ukwazi ukukwenza lokho, kodwa ungakwazi! Chaza ukuthi lelofomu liyisivumelwano nabo nokuthi ngeke usayine isivumelwano ongavumelani naso. Uma noma ubani ezama ukukuphoqelela ukuba usayine ngokungavumelani nentando yakho, cela ukukhuluma nomphathi wesibhedlela noma ummeleli weziguli walesosikhungo sokunakekelwa kwempilo.
16 Ingabe ungazenza lezozinto? Yebo, ungazenza. Ngakho qaphela amalungelo akho njengesiguli. Lamalungelo abantu awabekwa emnyango wangaphambili lapho ungena esibhedlela. Akumelwe uwadele ukuze uthole ukwelashwa. Ungavumeli muntu akutshele okunye okuhlukile.
17 Elinye ilungelo elinjalo libizwa ngokuthi ilungelo lokuvuma ukwelashwa ngendlela ethile ngemva kokuba usutsheliwe okuhilelekile kuyo, okusho ukuthi akukho ukwelapha kwanoma iluphi uhlobo ongakunikezwa ngaphandle kwemvume yakho. Ungaze ngisho ukwenqabe konke ukwelashwa uma uthanda. Ukuvuma kwakho ukwelashwa ngendlela ethile kufanele kulandele incazelo ecacile yalokho iqembu lezokwelapha elihlosa ukukwenza, kuhlanganise nazo zonke izingozi. Okulandelayo, kufanele bakutshele nganoma iziphi ezinye izindlela ezikhona. Khona-ke, ngemva kokuba usutsheliwe, ukhetha ukwelashwa okuthandayo.
18 Ukuze uqiniseke ukuthi yini oyivumayo, KUFANELE ubuze imibuzo emihle nganoma yini ongayiqondi, ikakhulukazi lapho izisebenzi zezokwelapha zisebenzisa amagama amakhulu noma amagama ezokwelapha. Ngokwesibonelo, uma udokotela ethi angathanda ukusebenzisa “iplasma,” ungase ngokungazi uphethe ngokuthi ubhekisela “kusandisi somthamo wegazi,” kodwa akunjalo. Ngaphambi kokuvuma, buza: “Ingabe lokho kuyingxenye yegazi?” Ngokuphathelene nanoma iziphi izinqubo zakhe, buza: “Ingabe lokho kwelapha kuhlanganisa ukusebenzisa izinto ezenziwe ngegazi?” Uma echaza umshini othile azowusebenzisa, buza: “Ingabe igazi lami lizogcinwa eceleni nganoma isiphi isikhathi phakathi nokusetshenziswa kwalomshini?”
19 Kodwa yini okufanele uyenze uma naphezu kokuba sewenze konke lokhu okungenhla futhi kungekho ukubambisana noma ngisho kukhona ukumelana nokuma kwakho? Unganqikazi ukucela usizo. Abanye baye balinda isikhathi eside kakhulu ngaphambi kokuba bathole usizo futhi bafaka ukuphila kwabo siqu engozini.
USIZO OLUYIGUGU NGESIKHATHI OLUDINGEKA NGASO
20 Phawula inqubo elandelayo yokuthola usizo oludingekayo: (1) Ngokushesha lapho wena noma othandekayo ebhekana nokuhlinzwa kokuzikhethela noma okuphuthumayo lapho okunokuxabana khona ngenxa yokuthi isibhedlela sifuna ukusebenzisa igazi; noma (2) uma isimo sakho sempilo noma sothandekayo siwohloka ngokungathi sína; noma (3) uma esimweni sengane (noma umuntu omdala), udokotela, umhlengikazi, noma umphathi wesibhedlela ethi bazothola imvume yenkantolo, khona-ke:
21 THINTANA NABADALA BEBANDLA LAKINI uma ungakenzi kanjalo. (Ngokuqinisekile, ngenxa yokuma kwethu ngokuphathelene negazi, kuyinkambo yokuhlakanipha ukuqaphelisa abadala bethu nganoma isiphi isikhathi lapho kudingeka siye esikhungweni sokunakekelwa kwempilo.) Okulandelayo, uma kubonakala kudingekile, ABADALA BAYOTHINTA INHLANGANO. Abadala bangase beze esibhedlela ngalesosikhathi ukuze bakusize.—Isaya 32:1, 2.
22 INhlangano nababonisi bedolobha abakuzo zonke izikhungo ezinkulu banohlu lodokotela ababambisanayo endaweni yakini ukuze wena noma abadala bakwazi ukuxhumana nabo. Uma bengekho abakhona endaweni yakini, abadala bazobuza eNhlanganweni. Njengokulindelekile, abadala ngeke bakwenzele izinqumo, kodwa ngokuvamile bangakusiza ekucabangeleni umbono weNhlangano ngezinto futhi bakuqaphelise ngongakukhetha ngokwezokwelapha nangokomthetho.
23 Uma iqembu lezokwelapha lilokhu lingavumi ukubambisana nawe, khuluma nomphathi wesibhedlela ngokuba afake esikhundleni salo ezinye zezisebenzi zakhe ezizohlonipha izifiso zakho. Uma umphathi wesibhedlela emadolonzima ukukwenza lokho futhi uma KUPHELA unaye ngokuqinisekile omunye udokotela ohlinzayo osekuhleliwe naye kwenye indawo futhi ungase udluliselwe kuye, khona-ke unokuzikhethela kokunika umphathi wesibhedlela amazwi abhalwe phansi anosuku futhi asayiniwe asho amagama odokotela abangabambisani nawe nashoyo ukuthi awusaludingi usizo lwabo.
24 Ingabe ungakwenza lokho? Yebo, unalo lelolungelo. Futhi uma kamuva indaba ilethwa phambi kukamahluleli, amazwi akho abhalwe phansi angafeza okukhulu ekumenzeni aqaphele izifiso zakho. Futhi kungenzeka kuvule indlela evumelana nezindinganiso zezokwelapha yokuba nabanye odokotela abahlinzayo manje bangenele futhi bakunikeze izinkonzo zabo. Futhi okubaluleke kakhulu, kungakutholela ukunaka kodokotela okudingekayo ngaphambi kokuba isimo sakho siwohloke ngokuyingozi. Ungalindi isikhathi eside kakhulu!
25 Nakuba singeke sitshele muntu ukuba athole umshuwalense wempilo, kumelwe sinazise ukuthi ngokuvamile siba nezinkinga ezingathi sína zokuthola omunye udokotela ngokuvamile obambisanayo nathi ukuba elaphe labo abangenazo izimali ezanele noma abangenazo kwanhlobo izimali zokuhlanganisa izindleko zezokwelapha.
IMIBUZO YOBUQILI OKUFANELE UYIQAPHELE
26 Kufanele wazi ukuthi kuneminye imibuzo odokotela kanye nabanye abayiphakamisayo engabuzwa njalo ngesisusa esihle. Lowo ovame ukubuzwa odokotela (nangabanye abahluleli) uthi:
• “Ingabe ubungancamela ukufa (ukuvumela ingane yakho ife) kunokuba wamukele ‘ukumpontshelwa igazi okusindisa ukuphila’?”
27 Uma uthi yebo, lokho kungaba impendulo eqondile ngomqondo ongokwenkolo. Kodwa ngokuvamile leyompendulo ayiqondwa kahle futhi ngezinye izikhathi iholela ngisho nasezinqumweni zenkantolo eziyingozi. Kumelwe ukhumbule ukuthi awukho enkonzweni kulesisimo. Kunalokho, ukhuluma ngokwelashwa ngemithi okudingekayo. Ngakho, kumelwe uvumelane nohlobo lwezilaleli zakho, ngokwezokwelapha noma ngokomthetho.—IHu. 39:1; Kol. 4:5, 6.
28 Kudokotela, umahluleli, noma umphathi wesibhedlela, “uyebo” angasho ukuthi ufuna ukuba umfel’ ukholo noma ufuna ukwenza umnikelo wokholo lwakho ngomntanakho. Ukubatshela ngokholo lwakho oluqinile ovukweni ngokuvamile kulesimo ngeke kusize. Bayokubheka njengomuntu ongokwenkolo oshiseka ngokungenangqondo, ongakwazi ukwenza izinqumo ezinengqondo lapho ukuphila kusengozini. Endabeni yabantwana, bayokubheka njengomzali obudedengu owenqaba lokho okuthiwa ukwelapha ngemithi “okusindisa ukuphila.”
29 Kodwa AWENQABI ngempela ukwelashwa ngemithi. Umane nje wehlukile kudokotela ngokuphathelene nokuthi LUHLOBO LUNI lokwelapha. Lokhu kuma ngokuvamile kuyowushintsha wonke umbono ngabo nangawe. Ngaphandle kwalokho, kuyadukisa ngabo ukwenza kubonakale sengathi igazi lilondekile futhi LIWUKUPHELA kokwelapha “okusindisa ukuphila.” (Bheka ethi Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?, amakhasi 7-22.) Ngakho kumelwe ulenze likhanye lelophuzu. Ungakwenza kanjani? Ungase uphendule ngokuthi:
• “Angifuni ukufa (ukuba ingane yami ife). Ukuba bengifuna ukufa (ukuba ingane yami ife), bengiyohlala ekhaya. Kodwa ngize lapha ukuze ngithole ukunakekela kwezokwelapha ukuze (ingane yami iphile) ngiphile. Engikufunayo ukusingathwa kwesimo sami (sengane yami) ngenye indlela yezokwelapha engalisebenzisi igazi. Zikhona ezinye izindlela.”
30 Eminye imibuzo eminingana ngokuvamile ebuzwa odokotela noma abahluleli yilena:
• “Yini ezokwenzeka kuwe uma umpontshelwa ngempoqo ngokugunyazwa inkantolo? Ingabe uwena ozoba necala?”
• “Ingabe ukwamukela noma ukumpontshelwa ngempoqo kuyokwenza ukuba uxoshwe enkolweni yakho noma ukuba unganikezwa ukuphila okuphakade? Ibandla lakini lizokubheka kanjani?”
31 Omunye udade waphendula umahluleli ngokuthi kulesosimo wayengeke abe necala ngalokho umahluleli akunqumile. Nakuba ayephendule kahle ngokomunye umbono, umahluleli wakuthatha njengokusho ukuthi njengoba udade engeke abe necala, khona-ke wayezomthwalela icala lakhe. Ngakho wagunyaza ukuba ampontshelwe.
32 Kufanele uqonde ukuthi lapho bebuza lemibuzo, ngokuvamile abanye bafuna indlela yokuchitha ukwenqaba kwakho ukuze wamukele igazi. Ungabavumeli ngokungaqondi! Ngakho singakugwema kanjani lokho kungaqondi? Ungaphendula ngokuthi:
• “Uma ngifakelwa igazi ngempoqo nganoma iyiphi indlela, kungafana kimi nokudlwengulwa. Kukho konke ukuphila kwami ngingakhathazwa imiphumela engokomzwelo nengokomoya yalokho kuhlaselwa engingakufuni okwenziwe kimi. Ngiyomelana ngawo wonke amandla ami nalokho koniwa komzimba wami ngaphandle kwemvume yami. Ngingenza wonke umzamo wokumangalela abahlaseli bami njengoba nje bengingenza endabeni yokudlwengulwa.”
33 Kufanele kunikezwe umbono onamandla, nongokoqobo wokuthi ukumpontshelwa igazi ngempoqo kithi kuwukoniwa kwemizimba yethu okwenyanyekayo. Akusiyo nje indaba encane. Ngakho qina ume ngazo zombili. Kwenze kucace ukuthi ufuna ukunakekelwa ngenye indlela yokwelapha engalisebenzisi igazi.
YINI OZOYENZA UKUZE UKULUNGELE?
34 Siye sabuyekeza ezinye izinto okufanele uzenze ukuze uzivikele wena nomkhaya wakho ekumpontshelweni igazi okungafunwa. (Kamuva, sinethemba lokunikeza imininingwane eyengeziwe ngokuphathelene nokusingatha izinkinga eziphakama lapho izinsana nezingane zisongelwa ngokumpontshelwa.) Siye sabona futhi ukuthi yini iNhlangano eye yayenza ngothando ukuze ilungiselele usizo ngesikhathi oludingeka ngaso. Yini okufanele uyenze ngalokhu kwaziswa ukuze uqiniseke ukuthi ukulungele ukubhekana nesimo sezokwelapha esibekela ukholo inselele?
Okokuqala: Yibani nengxoxo yomkhaya yokukuprakthiza ngokoqobo lokhu kwaziswa futhi nibone ukuthi yini eniyoyisho futhi niyenze, ikakhulukazi esimweni esiphuthumayo.
Okulandelayo: Qinisekani ukuthi nonke ninawo amakhadi eniwadingayo.
Kamuva: Kwenzeni kube indaba yomthandazo oqotho kuJehova ukuba anisekele ekuzimiseleni kwenu okuqinile ‘ukuyeka igazi.’ Ukulalela umthetho wakhe ngokuphathelene negazi kusiqinisekisa ngomusa wakhe wokuphila okungenasiphelo.—IzE. 15:29; IzAga 27:11, 12.
Uma noma isiphi isimo sokwelapha siwohloka ngokungathi sína kuze kube seqophelweni lapho kusongelwa ngokumpontshelwa, hlola lelibhokisi ukuthi yini okufanele uyenze:
[Ibhokisi ekhasini 5]
1. Thintana nabadala bebandla lakini ukuze bakusize.
2. Tshela abadala bathintane neNhlangano uma kudingekile.
3. Abadala bangakusiza ekukhulumeni nodokotela kanye nabanye.
4. Abadala bangakusiza ukuba uthintane nabanye odokotela ukuze babonisane nodokotela abahlinzayo abakhona ngokuphathelene nezinye izindlela ezingase zisetshenziswe.
5. Abadala bangakusiza futhi ukuba uthuthelwe endaweni ehlonipheke ngokwengeziwe ukuze uthole ukwelashwa okudingekayo.