‘Masiphuze IHorchata De Chufas!’
NGOKUNOKWENZEKA kakhulu lesimemo asijwayelekile kuwe. Kodwa uma uhlala eSpain, futhi ikakhulukazi ogwini lwayo lolwandle olungasempumalanga, ngokuqinisekile sijwayelekile. Kuwo wonke unyaka, kodwa ikakhulukazi phakathi nezinsuku ezishisa kakhulu zasehlobo, abantu abaningi bayasijabulela lesiphuzo esimnandi, nokho esiqabulayo futhi esingena-alcohol, ihorchata de chufas eyingqayizivele!
Ngisho nabantu abaningi baseSpain bayomangala ngokwazi ukuthi ihorchata ingenziwa ngama-alimondi nezimbewu zamaphuzi noma amakhabe, nangerayisi, ama-apricot, ama-apula, amacherry, amacurrant, amagilebhisi amuncu, amamulberry, amaplum, nelicorice. Nokho, ngokuvamile abantu baseSpain bacabanga ngamachufa njengayisakhi esiyinhloko salesiphuzo.
Kodwa ayini amachufa? Angama-alimondi asemhlabeni, noma asenhlabathini noma izinhlamvu zerush, futhi leligama ngokukhethekile libhekisela esigaxeni ngasinye esincane esinjengenhlamvu esikhiqizwa isihlahla sesedge saseYurophu (Cyperus esculentus). Atholakala cishe emasentimitheni amahlanu kuya kwayisishiyagalombili ngaphansi komhlabathi. Isihlahla sesedge sitshalwa kusukela ngoJuly kuya kuOctober hhayi eSpain nje kuphela kodwa futhi naseMpumalanga Ephakathi naseNyakatho Afrika. Kusukela lapho ama-Arabu ayiletha eSpain. Nakuba satshalwa okokuqala eningizimu yalelozwe, ayikho indawo efanelekela ukutshalwa kwaso njengamasimu aniselwayo aseValencia ogwini lweMedithera lwaseSpain, lapho sitshalwa khona ngobuningi.
Yenziwa kanjani ihorchata? Amachufa acwiliswa emanzini amahora amaningana, kuye ngokuthi uyini umbono womenzi ngamunye wehorchata ngesikhathi okumelwe isihlale. Lokhu kubangela ukuba amachufa akhukhumale, njengoba emunca amanzi amaningi. Manje sekuyisikhathi sokuwagaya, kuyilapho amanzi amaningi enezelwa. Lapho esegayiwe, indaphundaphu eningi ifakwa esitsheni futhi ihlanganiswe kahle, futhi ngemva kokuyiyeka imizuzu engu-15, idluliswa entweni ezoyicindezela ukuze kukhishwe amanzi alendaphundaphu. Kamuva, lamanzi ayacwengwa, futhi kwenezelwe ushukela, (cishe ikhilogremu elilodwa ekhilogremini ngalinye lamachufa omile).
Abanye futhi banezela icinnamon, ikhasi likalamula eligayiwe, noma mhlawumbe ngisho namanzi enziwe ngewolintshi. Lapho isiphuzo sesilungisiwe, kumelwe silondolozwe ngokushesha ngokufakwa efulijini, kodwa akumelwe kube ngaphezu kwamahora angu-48; ngale kwalokho amaenzyme amachufa azothatha isinyathelo ngokushesha futhi ashintshe ukunambitheka. Uma ufuna ukuyijabulela njengesiphuzo, kumelwe iqandiswe ngamadegree Celcius amathathu kuya kwamane, futhi uma uthanda isiphuzo esineqhwa kumelwe igcinwe cishe kuyidegree Celsius elingu–-1.
IHorchata de chufas iyisiphuzo esiqabulayo, esimnandi, esinempilo. Ngakho-ke, uma uba nethuba lokuvakashela ugu lolwandle olusempumalanga yeSpain, yamukela lesimemo, “Masiphuze ihorchata de chufas!”—Inikelwe.