Ukuhambela KukaPapa EMexico—Ingabe Kuzolisiza Isonto?
Ngomlobeli WePhaphama! eMexico
ESITHI “Uhambo Lobuvangeli’ Lufika EMexico” kwakuyisihloko esikhulu seOsservatore Romano kaMay 7, 1990 yamasonto onke yesiNgisi yeVatican. Lokhu kwakuwukuhambela kwesibili kukaJohn Paul II eMexico eminyakeni engu-11 kuphela. Yisiphi isigijimi upapa ayesilethile? Babelindeleni abantu baseMexico neSonto lamaKatolika eMexico? Iziphi izinzuzo okwakuzozilethela abantu baseMexico?
Ngokwemibiko ethile yabacosheli bezindaba, izigidi zabampofu nabacindezelwe zazethemba ukuthi upapa wayezowuthinta unembeza wesigaba esibusayo futhi alethe izimo ezingcono esigabeni esisebenzayo. Indaba eyayiku-Universal yansuku zonke yaseMexico yayinalesihloko: “UbuKristu Nabampofu BaseMexico.” Yakhuluma ngencwadi yezikhalo eyayiya kuJohn Paul II eyayivela eqenjini elikhulu futhi elihlukahlukene lamaKatolika aseMexico. Lencwadi yayithi ngokwengxenye: “Labantu, abayaluziswayo futhi abasemzamweni wokuzihlela nokuzimbandakanya, balindele izwi lesikhuthazo.” Futhi yamncenga: “Sicela ukuba uphinde ube ‘izwi lalabo abangenazwi.’ . . . Memezela isigijimi sethemba nokuphila futhi ufune ukwahlulela ngokulunga, ikakhulukazi ngabampofu nabacindezelwe.”
Wasiphendula kanjani upapa lesosicelo? Emhlanganweni omkhulu owawenzelwe edolobheni laseChalco emaphethelweni eDolobha laseMexico, lapho iningi labantu abampofu abangaphezu kwezigidi ezimbili bahlangana khona ukuzomuzwa, uJohn Paul II wenza lesicelo: “Ngakho-ke ngimema amaKristu nabo bonke abantu benhliziyo enhle eMexico ukuba bavuse onembeza babo bezenhlalo ngobunye; ngeke sikwazi ukuphila nokulala ngokuthula kuyilapho izinkulungwane zabafowethu nodadewethu abaseduze kakhulu bencishwa izidingo zokuphila ukuphila kobuntu okwanelisayo.”
Akuzona zonke ezezindaba zobuKatolika ezahlatshwa umxhwele amazwi anjalo. INational Catholic Reporter yaseU.S. yayinalesihloko esikhulu: “UPapa Udlule Abampofu BaseMexico Ngamakhilomitha Angu-50 Ngehora.” Lathi “abaningi babampofu . . . babekezelela amahora amaningi okunethwa ukuze babone imoto kapapa, eyadlula ngamakhilomitha angu-50 ngehora.” IJornada yansuku zonke yaseMexico, yathi: “Ngaphakathi esontweni? Amasudi amahle nezingubo. Ngaphandle? Izinkulungwane zabampofu eziguqe ngamadolo emvuleni.” Abanye bakhonona ngokuthi lapho ekhuluma nabezombangazwe nosomabhizinisi, akazange abe nengxoxo yomlomo nomlomo eqondile nezisebenzi namacampesino.
Indaba Eyinhloko—Ukubuyiselwa Kwamandla Esonto
Nokho, umsebenzi oyinhloko weSonto LamaKatolika eMexico uwukuzama ukuzuza amanye amandla nesithunzi okwalilahlekela cishe eminyakeni engu-150 edlule ngenkathi uBenito Juárez, umNdiya waseZapotec ofundile kamuva owaba umongameli waseMexico, ehola umzabalazo wenguquko yenkululeko. Isonto futhi linengwa imithetho ethile yakuleyonkathi, “Imithetho Yenguquko,” eyaqaliswa uMthetho-sisekelo owathathwa ngo-1917, abefundisi abayibheka njengenemingcele ekusebenzeni kweSonto LamaKatolika.
Abefundisi bazonda Isiphakamiso 3, esigcina yonke inkolo, kuhlanganise nobuKatolika, ngaphandle kwesimiso sesikole soMbuso. Isiphakamiso 5 sinqabela ukumiswa kwezigaba zezindela. Isiphakamiso 27 asivumeli noma iyiphi inkolo ukuba ibe nempahla noma ingcebo eyizindlu noma umhlabathi; wonke amasonto ayimpahla yoMbuso. Isiphakamiso 130 sithi umthetho awamukeli noma iliphi iqembu lezenkolo, futhi abefundisi bezenkolo abanasikhundla esikhethekile ngaphansi komthetho. Abavunyelwe ukugxeka obala noma ngasese imithetho eyisisekelo yesizwe.
Ngokucabangela lemingcele, iSonto LamaKatolika lifuna ukuba loMthetho-sisekelo uguqulwe kancane ukuze unike isonto amandla engeziwe nesikhala sokunyakaza. Ukuhambela kukapapa kwakuyithuluzi lokuthwala lezifiso. Emaceleni ezinye izinkolo zikubuka ngensolo lokhu kuqomisana kwamaKatolika nohulumeni, zizibuza ukuthi inkululeko eyengeziwe ngeSonto LamaKatolika ingasho inkululeko eyengeziwe yini nangezinye izinkolo ezweni. Nokho, ngoMarch 1990, isikhulu sikahulumeni, uFernando Gutiérrez Barrios sakubeka ngokucacile ukuthi ukwahlukana kweSonto noMbuso kwakuzoqhubeka, njengoba kunjalo nangazo zonke izinkolelo nezindlela zokucabanga.
Nakuba kunjalo, iphuzu lokuthi upapa wemukelwa esikhumulweni sezindiza ngumongameli waseMexico, uCarlos Salinas de Gortari, futhi wamenyelwa esigodlweni sakhe libhekwa amaKatolika amaningi njengesibonakaliso esihle. Anomuzwa wokuthi khona kanye ukuba khona kukapapa kanye nemihlangano yeningi yezenkolo emikhulu eyavunyelwa kwabonakala kubonakalisa ukuthi iziphathimandla zazisiqaphela isidingo soshintsho. IOsservatore Romano yaseVatican yaphawula ukuthi ukuba khona kukamongameli waseMexico esikhumulweni sezindiza “ngokukhanyayo [kwabonakalisa] ubuhlobo obuthuthukayo beSonto noMbuso eMexico.”
Abefundisi nabasekeli benkulumo-ze yobuKatolika bazama ukusebenzisa lokhu kusekela komphakathi ngokwenzuzo yabo ngokuhambela kukapapa. UMnu. Alamilla Arteaga, usihlalo weKhomishane Lababhishobhi Lokuxhumana Kwezenhlalo, wathi: “Lesenzakalo, ukuhambela kukapapa, siwukuthola umbono wesizwe sonke. Futhi ukuthola umbono wesizwe sonke kusho ukhukhulela-ngoqo omkhulu, ozenzekelayo woquqaba ukuba lusekele isifiso . . . , isifiso sabo bonke abantu, ngoba siyazi kakade ukuthi umphakathi wamaKatolika uyiqembu lesizwe elinabasekeli abaningi.”
Ukushumayela Nokwesaba Amahlelo
Phakathi nokuhlala kwakhe eMexico, upapa wagcizelela isihloko sokushumayela. Empeleni, esinye sezizathu zokuhambela kwakhe sasiwukunikeza isonto laseMexico umdlandla ovuselelwe, “ukunyakaziswa okusezingeni elingokomoya,” njengoba kwabonisa inxusa lobuphostoli uGirolamo Prigione. Ngosuku lokufika kwakhe, ngoMay 6, uJohn Paul II wathi enkulumweni yakhe: “INkosi . . . ithande ukuba isikhundla sami sobupapa sibe esikaPapa ohamba eshumayela, ngihambe emigwaqweni yomhlaba ngihambisa kuzo zonke izindawo isigijimi sensindiso. . . . Ngibhekisé isicelo kuwo wonke amaSonto ‘akulelizwekazi lethemba’ ukuba aqhube ukuShumayela Okusha.”
Futhi waxwayisa ababhishobhi bakhe: “Akumelwe futhi ningayinaki inkinga ‘yamaqembu amasha ezenkolo,’ ahlwanyela ukudideka phakathi kwabathembekile . . . Izinqubo zawo, imithombo yawo engokwezomnotho, nokugcizelela emsebenzini wawo wokuguqulela abantu enkolweni yawo kuye kwathinta ikakhulu labo abafudukela edolobheni bevela emaphandleni. Nokho, ngeke sikhohlwe ukuthi izikhathi eziningi impumelelo yawo ibangelwa ukuba sivivi nokunganaki kwamadodana namadodakazi eSonto angekho ezingeni lomsebenzi wokushumayela, kanye nobufakazi obuntengantengayo anabo ngokuphila kobuKristu okuphelele.”
Wazama kanjani upapa ukuphinde adonse labo asebelishiyile isonto? Ingabe kwakungokubakhuthaza ukuba batadishe iBhayibheli? Enkulumweni yakhe eVillahermosa, wathi “Buyela enhliziyweni yeSonto, uMama wenu! INcasakazi yaseGuadalupe, ‘nokubheka kwayo okunozwela,’ ilangazelele ukuniletha eNdodaneni yayo.” Ngakho kunokuba asebenzise ukunxusa kweZwi likaNkulunkulu, waphendukela emzwelweni wokuncenga ongokwenkolo emzamweni oyize wokubuyisa amaKatolika alahlekile.
Ngaleyondlela, cishe njengakukho konke ukuhambela kwakhe, uJohn Paul II wabuyela enjwayelweni yakhe esekelwe kuZiqu-zintathu—ukukhulekelwa kukaMariya, “uNina kaNkulunkulu.” Wathi enkulumweni yakhe yokuvula: “UPapa uzokhothama phambi kwesithombe esinamandla seNcasakazi yaseGuadalupe ukuba acele usizo lwayo lobumama nokuvikela enkonzweni yobupapa ngokwayo . . . nokubeka ezandleni zayo ikusasa lokushumayela eLatin America.”
Nokho, abanye baye bazibuza ukuthi ingabe ngempela lezigijimi ezifanayo ezashiwo ngupapa zazihloswe ukubhekisela ekushumayeleni. Yiqiniso, abanye abantu bathatheka ngokuba khona kanye namazwi kapapa, kodwa abanye baba nomuzwa wokuthi iningi leziphathimandla zesonto zakhuluma okuningi kakhulu ngezomnotho, ezombangazwe, namalungelo abantu nokuncane kakhulu ngeZwi likaNkulunkulu. Mhlawumbe kungalesosizathu iphephandaba lansuku zonke iUniversal kaMay 8, 1990, yathi: “Abantu abacabangayo bayazibuza ukuthi ubuKatolika baseMexico buzoyivuna yini inzuzo ecebe kakhulu engatholakala ngokuhambela kukaPapa kwesibili” noma, njengokuhambela kwakhe kokuqala, ngeke kuyithinte yini indlela yokuphila yamaKatolika nganoma yiliphi izinga eliphawulekayo.
Ingabe izidingo ezingokomoya zabantu ziyokwaneliseka? Kakade amakhulukhulu ezinkulungwane abantu baseMexico abaqotho athola ukwaneliseka okungokomoya emsebenzini wokushumayela woFakazi BakaJehova. Ukusebenzisa amazwi kapapa, “ukomela uNkulunkulu” kwabantu kuyeneliswa ngokuthola kwabo ulwazi oluqondile eBhayibhelini ngoNkulunkulu weqiniso, uJehova, nangeNdodana yakhe, uKristu Jesu. Kanye namabandla angaphezu kuka-8 000 oFakazi BakaJehova eMexico, ababeki ithemba labo ezithembisweni zabantu ezingamanga, kodwa esithembisweni sikaNkulunkulu sokubusa koMbuso wakhe ngesintu emhlabeni oyipharadesi.—Mathewu 6:9, 10; Johane 17:3; IsAmbulo 21:1-4.
[Izithombe ekhasini 15]
UPapa John Paul II emukelwa umongameli waseMexico, uCarlos Salinas de Gortari
Abathengisi basemgwaqweni bethengisa izinto zokukhumbula “uPapa John Paul II”