Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 12/8 k. 17-k. 19 isig. 7
  • Ngangiwumthunjwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngangiwumthunjwa
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngizichaza
  • Angihambisani Nomphangi
  • Ukukhululwa Ekugcineni
  • “Ungenzi Lutho Oluwubuwula, Kungenjalo Ngizokubulala”
    I-Phaphama!—1991
  • Impi Yami Yesikhathi Eside, Nenzima Yokuthola Ukholo Lweqiniso
    I-Phaphama!—1995
  • Okuthile Okubi Kakhulu KuneAIDS
    I-Phaphama!—1990
  • Indlela Iqiniso Elangishintsha Ngayo Ekubeni Isigebengu Lingenza UmKristu
    I-Phaphama!—1989
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 12/8 k. 17-k. 19 isig. 7

Ngangiwumthunjwa

“Cela kuNkulunkulu wakho ukuba konke kuhambe kahle!” Lawomazwi ayevela kumuntu ongaziwa, emahoreni ambalwa nje ngaphambili, owayengibambile—owesifazane ongenakuzisiza—engikinatele entanyeni, engisongela ngebhomu elijikijelwa ngesandla. Ngaphandle, abanembi abangamaphoyisa ababeqondise izibhamu zabo lapho ngangibanjwe khona. Ngangiwumthunjwa ebhange eDolobheni laseGuatemala!

Lendoda yamemeza ngezwi elikhulu: “Kunganyakazi noyedwa! Lokhu ukuphanga okwenziwa kuhlonyiwe! Ngiyifuna yonke imali!” Wamemeza ebhekise emaphoyiseni: “Ningadubuli. Akulona ithoyizi lokhu engikuphethe esandleni sami. Uma nidubula, akuzukufa mina kuphela. Sonke sizosakazeka sibe yizicucwana!”

NGATHANDAZA kuJehova uNkulunkulu, ngimcela ukuba angisize, njengoba ngangizizwa ngilahlekelwa ukuhleleka kwengqondo. Ngamcela ukuba angisize ukuba ngehlise umoya futhi ngibekezelele lenhlupheko. Ngakhumbula ukuthi ungumbhoshongo onamandla olungileyo agijimela kuwo ukuze athole isivikelo.—IzAga 18:10.

Lapho ingqondo yami ihleleka futhi, ngaqaphela ukuthi izisebenzi zasebhange, kanye nabantu ababeze ebhange, babekwazile ukuphumela ngaphandle. Yimina, indoda ewumphangi, nonogada kuphela, ababesele. Khona-ke onogada bavunyelwa ukuba baphume.

Ngemva kwesikhathi esithile, amadoda amane angahlomile avunyelwa ukuba angene, phakathi kwawo kwakunodokotela wengqondo, (njengoba ngatshelwa kamuva) kanye nentatheli. Bobabili bayibuza imibuzo lendoda, enjengokuthi kungani yayenza ngalendlela. Yaphendula ngokuthi yayikwenza ngenjongo yokuziphindiselela ngenxa yokuthi ezinye izinhlangano zaziyiphathe kabi.

Ngizichaza

Ngalesosikhathi ngase ngibonakala nginokuthula kwengqondo, ngakho udokotela wengqondo waqala ukungibuza imibuzo. Wabuza amagama abazali bami nawabafowethu nodadewethu. Ngazichaza njengomunye woFakazi BakaJehova futhi nanjengomdala kunabo bonke abantwana abahlanu abazali abangamaKristu ababeye bagxilisa izimiso zeBhayibheli kubo.

Njengoba kwase kuhwalala, lamadoda amane aphuma ngayinye ngayinye. Ngacela lona ongithumbile ukuba nami angivumele ngihambe. Wenqaba. Wenezela: “Ungakhathazeki. Konke kuzolunga. Bazonginika engikufunayo, futhi kamuva uzobe usuya ekhaya.” Ngaphendula: “Ngeke bakunike lutho. Bazosibulala. Ngiyakucela masiphume.” Kodwa wathi: “Ngikhetha ukufa, futhi uma kudingekile sizofa sobabili.”

Ngikhumbula lokho ayekusho ekuqaleni, ngazama ukubonisana naye: “Ngangikhona yini mina ngesikhathi bekuphatha kabi?” “Cha,” esho. “Khona-ke kungani kumelwe ngikhokhele lokho engingakwenzanga?” ngibuza. Waphendula: “Ishwa lakho. Uma kumelwe sife lapha, sizofa.” Kodwa ngaphendula: “Akulona ishwa. Nguwe onalowombono engqondweni yakho wokuthi kumelwe ufe. UJehova unguNkulunkulu wothando; uyasithethelela. Usinikeza ithuba lokuzisindisa ngoba injongo yakhe ayishintshile. Uzophinda futhi enze lomhlaba ube ipharadesi.”

Ngaso lesosikhathi omunye umuntu wangena ebhange futhi wancenga lendoda ehlomile ukuba izinikele, ethi: “Asibonisane. Vumela uSiomara ahambe. Thatha imali ephezu kwekhawunta nesesisefweni, bese sihamba ndawonye ukuze bangakulimazi.” Kodwa lomthumbi wenqaba.

Angihambisani Nomphangi

Kwadlula amahora amaningi. Khona-ke, ngokushesha ngezwa indoda ikhuluma ngesidlulisazwi, ithi: “Zinikeleni! Ngeke niphumelele. Phumani niphakamise izandla zenu. Tshela lomphangi ukuba azinikele. Awuyena umthunjwa. Uhambisana nomphangi! Ungabe usazenzisa!” Ngethukile, ngamemeza: “Yini ekunikeza ilungelo lokungisola?” Izwi laphendula: “Besilokhu sinibuka, sibona indlela okhululeke ngayo. Noma ngubani osesimweni esifana nesakho ubengeke akhululeke ngaleyondlela.”

Lapho ngizwa lokhu, ngabiza ngokuzwakalayo igama likaJehova futhi ngathandaza. Khona-ke ngathi kulona ongisolayo owayekhuluma ngesidlulisazwi: “Uyokuthwala lokhu kunembeza wakho konke ukuphila kwakho, njengoba ungisola ngento ongenasiqinisekiso ngayo.” Kamuva ngathola ukuthi iphephandaba laseGuatemala kanye nesiteshi seTV nakho kwakubike ukuthi ngokusobala ngangihambisana nalomphangi.

Kulesikhathi lendoda engithumbile yangenela: “Yeka ukumkhathaza! Akahlanganisanga lutho nami! Ngimthole lapha, futhi ulandela iziqondiso zami kuphela.”

Kwafika engqodweni yami ukuthi uJehova akasinikanga umoya wobugwala kodwa umoya wamandla nowokuzikhuza. (2 Thimothewu 1:7) Lokhu kwangimisa isibindi, njengoba kwenza ukwazi ukuthi ngangingengedwa. Ngazizwa ngikhululeke ekujuleni ngaphakathi futhi ngacabanga: ‘Uma siphila, siyazi ukuthi siphilela uJehova, futhi uma sifa, sifela yena futhi.’—Roma 14:8.

Ngemva kwamabili ngaphinda futhi ngabuza umthumbi wami ukuthi usewushintshile yini umqondo wakhe. Lapho ephendula ngokuthi akawushintshile, ngakhuluma ngomkhaya wakithi. Ngamtshela ukuthi ngangiwuthanda, ukuthi angifuni ukuwushiya nakuba ngangazi ukuthi uma kuyintando kaJehova, ngangiyowubona futhi ezweni elisha. Kulokho, lendoda ewumphangi yangitshela ukuba ngithandaze kuNkulunkulu futhi ngimcele ukuba konke kuhambe kahle.

Ngaphandle kwebhange, kwakubonakala sengathi amanye amaphoyisa ayezama ukungitshela okuthile. Kamuva ngathola ukuthi ayezama ukungenza ukuba ngisondele eduze nomnyango ukuze akwazi ukungisiza ukuba ngiphume. Futhi ngawezwa ethi kulendoda ephangayo: “Thatha imali elapho, futhi umyeke aphume. Siyazi ukuthi uSiomara akahlangene ngalutho nalokhu.”

Ngangingazi ukuthi abazali bami, kanye namanye amaKristu engikanye nawo babengaphandle. Babengisizile ekukwenzeni kucace ukuthi ngangingahlangene ngalutho nalendoda ephangayo.

Khona-ke umthumbi wami wafuna okunye okusha: “Ngifuna imoto yamaphoyisa enocingo eshayelwa umshayeli ongahlomile kuphela ukuba ingiyise lapho ngifuna ukuya khona, futhi uma sesisendaweni elondekile, ngizomdedela. Uma nizama ukungidubula, mina naye sizosakazeka sibe izicucwana.” Kodwa ngaphikelela: “Khipha lokho engqondweni yakho. Ucabanga ngokufa nje kuphela. Kodwa imizimba yethu ingekaJehova.”

Ukukhululwa Ekugcineni

Cishe ngehora lesine ekuseni, ngaqala ukuzizwa ngigula. Kwase kudlule amahora angaphezu kwangu-16 kusukela esikhathini engangingene ngaso ebhange. Ngangilambile, futhi ngingazange ngidle lutho, futhi umsindo wesidlulisazwi wawusenza sesabe sobabili.

Entathakusa owesifazane kamuva okwathiwa ungudokotela wakhuluma nami. Wangitshela ukuthi isikhathi ngasinye esasidlula sasiyoba sibi kakhulu ngami. Ongithumbile wangitshela: “Ake uthi ukubekezela kancane.” Khona-ke wavuma ukuthi omunye angangena ukuze anginakekele. Kodwa labo abangaphandle ababenomthwalo wemfanelo onjalo babesaba futhi bengavumi ukungena.

Cishe emizuzwini eyishumi nanhlanu ngaphambi kwehora lesishiyagalombili, ngezwa wonke umzimba wami ugodola. Ngase ngizizwa nginenzululwane futhi ngawela phansi, ngaquleka. Lapho ngiphaphama, ngase ngingaphandle kwebhange! Isikhulu samaphoyisa sangisiza ukuba ngivuke, futhi ngosizo lwamanye amabili, ngabalekela emotweni yamaphoyisa futhi ngayiswa esibhedlela. Ngaphinde futhi ngaquleka lapho ngiphuma emotweni, futhi angizange ngiphaphame kwaze kwaba yilapho ngithola ukwelashwa. Khona-ke ngatshelwa: “Ulondekile manje. Konke kuhambe kahle. Phumula.” Imicabango yami yaya kuJehova uNkulunkulu. Ngambonga ngokungisiza ukuba ngikwazi ukubekezelela loluhlupho.

Kamuva, abazali bami bangitshela ukuthi ngiphume kanjani ebhange. Leyondoda ewumphangi yayingikhiphele ngaphandle izama ukungivusa. Kodwa ngokuphazima kweso, yangiyeka futhi yaqalaza ukuze ibheke ngasebhange. Kwakungalesosikhathi lapho amaphoyisa ayinqoba khona, futhi ngasindiswa. Amaphoyisa ayengazi ukuthi yini eyashukumisela owayengithumbile ukuba angidedele futhi aqalaze ngasebhange lapho ayazi ukuthi kwakungekho muntu lapho.

Ngemva kwezinsuku ezine, ngakhululwa esibhedlela, futhi ngabuyiselwa ekhaya. Ngashukunyiswa ngokujulile ukubona uthando lwabazalwane bami nodade abangamaKristu. Cishe abangu-60 babo bahlangana ekhaya. Yeka injabulo engaba nayo ukwazi ukuthi mina nomkhaya wakithi sasingesodwa! Ngangicabanga ngomgomo wami ekuphileni, okuwukukhonza uNkulunkulu, nokuba neqiniso kwalamazwi: “Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami.” (IHubo 34:4)—Njengoba ilandiswa nguSiomara Velásquez López.

[Isithombe ekhasini 18]

Siomara Velásquez López

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela