Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 12/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1990
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1990
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
  • Ukulutha Kwecrack—Ubhadane Lwakho Lobudlova
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 12/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Abasemzini Umagazini kaFebruary 22, 1990, owawukhuluma ngabasemzini ngawazisa kakhulu. Emasontweni amabili adlule ngavakashela abasemzini isonto lonke. Phakathi nokuvakasha kwami, ngacabanga ngalesihloko futhi ngasisebenzisa kuzo zonke izimo engangibhekane nazo. Ngazijabulisa, futhi lapho sengihamba, sonke sangana futhi saqabulana. Ngibheke phambili ekubavakasheleni ngokwengeziwe, kodwa lomagazini ngizowugcina useduze kakhulu kimi ukuze ngiwusebenzise uma kwenzeka ngidinga isikhuthazo sawo.

A. G., United States

Izimonyo Isihloko senu esithi “Intsha Iyabuza . . .” siyakha. Kodwa esihlokweni senu esasikhuluma ngezimonyo (June 22, 1990), nasebenzisa umbhalo weBhayibheli okuHezekeli 23:40, ngokusobala obhekisela ekusebenziseni kwesifebe isigqabo samehlo. Ingabe anenzi iphutha ngokuvumela ukusetshenziswa kwezimonyo?

T. H. H., Netherlands

Lombhalo umane nje ufakazela ukusho kwabavubukuli ukuthi izimonyo zazisetshenziswa abesifazane abangamaIsrayeli. Yiqiniso, lelivesi likhuluma ngesifebe ‘esizihlanzile, sazigqaba amehlo, sazivunulisa ngezivunulo.’ Nokho, ngokusobala lokhu kumane nje kubonisa iqiniso lokuthi abanye abesifazane abangamaIsrayeli babezisebenzisa izimonyo.—ED.

Ukucwaninga Ngezilwane Siyakwazisa ukuthi oFakazi BakaJehova bakhulume ngendaba yokucwaninga ngezilwane (Phaphama! July 8, 1990). Sinomuzwa wokuthi kuyadingeka ukuba silungise lamazwi: “Ukuthambekela okukhona embulungeni yonke okokusekela izinhlangano eziwotha ubomvu ngamalungelo ezilwane.” Abalwayo bambalwa futhi bathola ukuvelela ngokukhishwa emaphephandabeni kuphela.

I. L., Federal Association for Animal Rights,

Federal Republic of Germany

Sathi ‘abanye’—hhayi bonke—abashisekeli bamalungelo ezilwane ‘bazimisele ukusebenzisa ubudlova.’ Lamazwi okhuluma ngawo ashiwo umshisekeli waseCanada ophambili wokulwelwa kwamalungelo ezilwane. Esikwenzile nje ukukubika.—ED.

Ukulutha Kwe“crack” Ngangiwumlutha wecrack iminyaka emihlanu. Ngazama izikhathi eziningi ukuyeka ukusebenzisa lesidakamizwa esisabekayo. Nganginomkhuba wokusebenzisa u-R390 kuya ku-R520 ngosuku! Kodwa ngiyambonga uJehova uNkulunkulu, angisewona umlutha wecrack! Ngokutadisha ngenkuthalo iZwi laKhe, ukuthandaza njalo, nokuzihlanganisa namaKristu eqiniso, icrack ngayenza into yesikhathi esidlule. Isihluthulelo sokuyeka icrack siwukuthi: Kumelwe uyeke ukuzihlanganisa nabantu abasebenzisa lesidakamizwa!—Bheka iPhaphama! kaJuly 22, 1990.

[Ucele ukuba iziqalo zamagama akhe zigodlwe], United States

Ukubeletha Okulula Ngokubhekisela esihlokweni senu esasikhuluma ngokubeletha kwesithi “Ukubuka Okwezwe” (December 8, 1989 ngesiNgisi), nizovumelana nami uma ngithi ezindaweni zasemaphandleni nasezindaweni ezisemagqumeni enyakatho yePakistan, umkhuba wokubelethisa umuntu eqojeme ubulokhu usetshenziswa kwakudala ezikhathini ezingaziwa. Akungabazeki ukuthi abanazo izihlalo zokubelethisa eziyinkimbinkimbi, kodwa bayasisebenzisa isihlalo esenziwe ngesitini nangetshe.

F. U. B., Pakistan

Izipopolo ZeCAT Ngiyanibonga ngesihloko esithi “IComputer Ekubona Ingaphakathi.” (July 22, 1990) Kwakuhlelwe ukuba ngipopolwe ngeCAT eminyakeni ethile edlule, kodwa ngachazelwa ngayo ngendlela eyangithusa, futhi ngakwenqaba lokho kupopolwa. Lesihloko sangisiza ukuba ngilinganise ubuhle nobubi, futhi manje sengiye ngahlela ukubonana nodokotela wami.

A. S., United States

Ama“jaguar” Ngasijabulela kakhulu isihloko senu esithi “Ikati Lasehlathini Elizifihlayo.” (August 22, 1990) Angikaze ngiqaphele indlela amajaguar amangalisa ngayo. Ayizilwane ezinhle ngokuqinisekile ezinika uNkulunkulu udumo.

L. F., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela