Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 12/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1990
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1990
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 12/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukulutha Kwe“crack” Ngiyabonga kakhulu ngesihloko senu sikaJuly 22, 1990 esithi “Ukulutha KweCrack—Isimo Esibucayi Songakazalwa.” Sidinga ukuba umphakathi uqasheliswe futhi ufundiswe ngokwengeziwe ngalendaba. Ngiyazi ngoba ngisebenza enhlanganweni eyelapha imilutha yezidakamizwa ekhulelwe.

D. P., United States

Ukuzibulala Ngibonga kakhulu ngesihloko esithi, “Abantu Abazibulele—Bayovuka?” (September 8, 1990) Sangisiza ukuba ngiyazise indlela uJehova asinakekela ngayo nokuthi sidinga ukukuhlonipha ukuphila asinike khona. Futhi sangifundisa ukuba ngingawabhekeli neze phansi amandla omusa ongasifanele.

M. R., United States

Umama wazibulala lapho ngineminyaka engu-14 ubudala. Ingxenye yami enkulu yafa naye. Kodwa manje sengineminyaka engu-26 futhi ngiyinceku kaNkulunkulu ezinikezele. Lapho isihloko senu sinikeza ubufakazi bokuthi umama angase avuswe, singitshela ukuthi ingxenye yami eyalahleka ingase ibuye itholakale lapho ngimbona futhi.

L. R., United States

Incwadi ethi “Intsha Iyabuza” Ngasifunda ngesithakazelo esikhulu isihloko esithi “Ukusabela Kwabafundi Encwadini Ethi Intsha Iyabuza.” (September 8, 1990) Ngaphambi nje kokuba ngithole lesihloko, nganikeza engifunda naye iBhayibheli osekhulile lencwadi, ngisikisela ukuba ayinikeze umzukulu wakhe. Nokho, lapho ngimvakashele esikhathini esilandelayo, lona owesifazane osekhulile wayeseyifunde wayiqeda yena siqu lencwadi. Ngambonisa ingxenye yalesihloko lapho sikhuluma khona ngowesifazane “oneminyaka engu-74 ubuncane” owazuza ngokuyifunda. Lapho esefunde lengxenye, wathi: ‘Ngiyavuma. Ngiye ngacabanga ukuthi kufanele ngikwazi okukulencwadi ngaphambi kokuba ngiyinikeze umzukulu wami, kodwa ngokushesha bese ngithatheke kakhulu yiyo.’ Ngokuzenzakalelayo, uneminyaka engu-80 “ubuncane”!

K. H., Japane

Intsha—Inselele Yawo-1990 Namuhla ntambama ngithole umagazini kaSeptember 8, 1990 okhuluma ngentsha. Ngiwufunde ngokushesha futhi ngazijabulela zonke izihloko. Muva nje ngiye ngaba nomuzwa wokuthi akekho ongiqondayo. Kodwa ngemva kokufunda lomagazini, ngiqaphelile ukuthi bengiphazama kanjani. Ngiyanibonga kakhulu ngokukhathalela thina-ntsha.

B. P., United States

Izihloko Ezikhuluma Ngemvelo Umagazini kaMay 22, 1990 wangihlaba umxhwele. Wawunesihloko esasikhuluma ngePoint Lobos, okuyindawo enhle ngempela kubantu abathanda izilwane nemvelo. Futhi nasisiza ukuba sithole amaHaida, abantu abaphila kude lé ukuya ngasenyakatho ePacific. Yiqiniso, akubona bonke abantu abangaya khona. Kodwa ngokucabanga okuncane, kungakhiwa engqondweni ingxenye enkulu yohambo ngokufunda lomagazini nokubuka izithombe. Siyanibonga ngalezizihloko ezibhalwe kahle.

R. F., France

I“Lupus” Umbiko okhuluma ngelupus kuyiPhaphama! kaMay 8, 1990 wangishiya ngikhexile. Lapho ngiyifunda ngangidwebela lezozingxenye ezichaza isimo sami. Khona-ke, ngihlomé ngekhophi yePhaphama!, ngavakashela udokotela wami. Wafunda ukwaziswa futhi ngokushesha wayala ukuba ngihlolwe igazi. Manje sengelashelwa isimiso sami sokuzivikela komzimba, hhayi sokuqaqamba kwemisipha.

C. K., Federal Republic of Germany

Ukukhulelwa kwentsha Nginibonga kakhulu ngesihloko esithi “Ukukhulelwa Kwentsha—Yini Intombazane Okumelwe Iyenze?” (May 8, 1990) NgoAugust 16, 1989, ngabusiswa ngentombazanyana enhle. Ngesikhathi ngikhulelwe ngangingazi ukuthi ngenzeni. Ngangididekile ngokushada nokusisa umntwana kodwa angizange neze ngicabange ngokukhipha isisu. Lapho lesihloko siphuma, ngazi ukuthi ngangenze isinqumo esilungile. Manje sengiba khona emihlanganweni yobuKristu nendodakazi yami futhi ngethemba ukuthi ngizoba uFakazi ozinikezele kungekudala.

D. A., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela