Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 12/22 k. 9-k. 13 isig. 5
  • Ukunqoba Impi!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukunqoba Impi!
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukugxila Ebuhleni Bangempela
  • Yenqaba “Udumo Oluyize”
  • Ubuhlobo NoNkulunkulu
  • Ukusingatha Imizwelo Ebuhlungu
  • Thola Usizo!
  • Ukulinganisela Kanye Nethemba
  • Obani Ababa Nokuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla
    I-Phaphama!—1990
  • Ukuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla—Yini Engasiza?
    I-Phaphama!—1999
  • Ukusiza Labo Abanokuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla
    I-Phaphama!—1992
  • Kungani Kuwubhadane Losuku Lwanamuhla?
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 12/22 k. 9-k. 13 isig. 5

Ukunqoba Impi!

Lapho uqala ukubona uLee, owesifazane osemusha oyiqhalaqhala, okhululekile, othe ukuba nomzimba, kunzima ukukukholelwa ukuthi eminyakeni emihlanu eyedlule wacishe wabulawa yianorexia. Kodwa lapho uqala ukuxoxa naye, uhlabeka umxhwele ngokujulile ngezinguquko engqondweni okwadingeka azenze—ezinye ezinzima kakhulu—ukuze anqobe lokhu kuphazamiseka kwemikhuba yokudla. Uyachaza: “Kwakungeyona nje impi nokudla.”

Njengoba ukuphazamiseka kwemikhuba yokudla kuwumphumela wezinkinga ezicashile ezingokomzwelo, impi yokukunqoba ilwiwa engqondweni. Ukuzama ukwakha uhlelo oluhlukile lwezindinganiso zokuziphatha esinye sezinyathelo zokuqala zokululama. Sonke sinezindinganiso ezithile esizimisile, izinto esizicabangela njengezibalulekile. Lokhu kulolonga umbono wethu ngathi futhi kuqondise ukusabela kwethu ezinkingeni ezicindezelayo. Labo abanokuphazamiseka kwemikhuba yokudla kufanele bashintshe izindinganiso zabo, okusho ukuhlakulela isimo sengqondo esihlukile.

“Ngesimo senu sengqondo esisha, guqukani,” kweluleka iBhayibheli, “ukuze nithole ukuthi iyini intando kaNkulunkulu—okuhle, okujabulisayo, nokupheleleyo.” (Roma 12:2, An American Translation) Yebo, isimo somuntu sengqondo kufanele silolongwe umbono kaNkulunkulu walokho okujabulisayo. UMenzi wethu usazi ngokuseduze. Uyaqiniseka ngalokho okuzosilethela injabulo ehlala njalo. Yini ngempela ayicabangela njengebalulekile?

Ukugxila Ebuhleni Bangempela

UNkulunkulu wazisa lokho esiyikho ngaphakathi. “Umuntu osithekileyo wenhliziyo,” lapho ehlobe ngomoya wokuthula nowobumnene, “okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.” (1 Petru 3:4) Nokho, siphila ezweni lapho ngokuvamile abesifazane bebhekwa ukubaluleka kwabo ngokubukeka. Kodwa yeka ukuthi akuhlakaniphile kanjani ukulandela lendinganiso, ngoba kungathiwani uma umqondo wanamuhla wokuba nomzimba omncane ushintsha? Eminyakeni eyikhulu eyedlule eUnited States, ukukhuluphala kwakukuhle. Ngo-1890 esinye isimemezelo sokukhangisa seluleka: “Ngenhlonipho tshelani izintokazi ukuba zikhuluphale . . . ngokudla kwakwa-‘Fat-Ten-U’ OKUNESIQINISEKISO sokwenza Abancane Ngomzimba Bakhuluphale Futhi Babebahle.”

“Njalo ngangibheka ukubaluleka kwabantu ngokubukeka kwabo komzimba,” kuvuma uLee, owabe esenza ushintsho esimweni sakhe sengqondo. “Kodwa manje ngifunde ukwazisa izimfanelo zobuKristu kwabanye nakimi ngokwami. Manje ngizama ukuhlakulela izimfanelo ezithandekayo. Ngiyaqaphela ukuthi kukhohlisa kangakanani ukuzahlulela mina nabanye ngokubukeka komzimba.”

Ukulondoloza isimo sengqondo esiqondile ngokubukeka akulula. Kungase kudingeke ukuba sigweme ukuhlangana njalo nalabo abakhathazeka kakhulu ngesisindo somzimba wabo noma abagxila ekubukekeni komzimba. “Kuyimpi eqhubekayo ukulwa nokucindezela komphakathi kanye nokulondoloza isimo sengqondo esiqondile,” kuvuma uLynn, owalulama ngokuphumelelayo kuyibulimia. “Akuzange kuzenzakalele ukuba ngivele ngibe nesimo sengqondo esiqondile, kodwa kwadingeka ukuba ngizenze ngicabange ngendlela eqondile.” Lolushintsho ekucabangeni luthinta futhi nohlobo lwezinto esakhela kuzo ukuzethemba.

Yenqaba “Udumo Oluyize”

Abantu abaningi abanokuphazamiseka kwemikhuba yokudla bakha umuzwa wokubaluleka ngokuphishekela ukuphelela noma ngokubusa indlala yabo ngokuphelele. Udumo lobugovu abazitholela lona empeleni luyize noma alunto yalutho. IZwi likaNkulunkulu lisitshela ukuba singenzi lutho ‘ngodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka sishaye sengathi abanye bakhulu kunathi.’ (Filipi 2:3) Igama lokuqala lesiGreki ngokwezwi nezwi lisho “ukuzazisa,” lisho “udumo oluyize,” noma udumo olungenalutho. Ngakho labo abenza izinto ngenxa yokuzazisa bazama ukudonsela ukunaka kubo ngezizathu ezintulayo noma ezingenakho ukubaluleka okuhlala njalo. Bathola udumo ezintweni eziyize.

Ngokwesibonelo, uLee wathi: “Ngazizwa ngikhethekile ngenxa yokuthi akekho noyedwa owayengangenza ukuba ngidle.” Nokho wavuma: “Ngangikholelwa ukuthi uma nje ngangithe ukuba nomzimba omncane ngokwengeziwe, ngangiyozizwa kangcono ngami. Kodwa lapho ngincipha ngokwengeziwe, ngangilokhu ngizizwa nginganelisekile ngami.”

Khona-ke uLee wembula inguquko enkulu ekululameni kwakhe. Wathi: “Ngaqaphela ukuthi kuNkulunkulu nganginjengethonsi lamanzi esitsheni, ngakho kungani kwakumelwe ngibe omkhulu kunabo bonke? Akudingeki ukuba umuntu abe ungqá phambili. Kulungile uma abanye bengcono kunawe ngezinto ezithile.”

Yebo, uLee wafunda ‘ukushaya sengathi abanye bakhulu kunaye.’ Empeleni, abanye banawo amakhono athile kanye nezinto ezingaphezu kwezethu, njengoba nje nathi singase sibedlule ezintweni ezithile. Nokho, lokho akusho ukuthi abanye ngokwemvelo babaluleke kakhulu kunathi noma sibaluleke kakhulu kunabo.

Njengoba labo abanokuphazamiseka kwemikhuba yokudla benesifiso esijulile sokuzizwa bekahle ngabo, kufanele bagxile kulokho okuletha ukuzethemba kwangempela. “Kunokuba ngithembele ekubukekeni kwami ukuze ngithole udumo,” kusho uMelissa ethulula isifuba, owayenebulimia oselulamile, “ngithola ukuthi ukwamukela izindinganiso zokuziphatha zikaNkulunkulu kanye nokuhlonipha umbono wakhe kuye kwanginikeza umuzwa omkhulu wokubaluleka.” Yebo, njengoba nje iBhayibheli lisho: “Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa [udumo lwangempela, hhayi oluyize].”—IzAga 31:30.

Ubuhlobo NoNkulunkulu

‘Ukwesaba uJehova’ okufanele akukhona ukuba novalo olukhwantabalisayo lokwesaba isijeziso saphezulu kodwa ukwesaba ukwenyelisa uNkulunkulu ngenxa yokuthi unguMngane wethu. “Ubusisiwe umuntu omesaba uJehova, othokoza kakhulu ngemithetho yakhe,” kusho iHubo 112:1. Njengomngane kaNkulunkulu, umuntu angathola injabulo ekulaleleni imithetho yaKhe. Lokhu kunikeza isisusa esinamandla. Kodwa uNkulunkulu uyibheka kanjani indaba yokuphazamiseka kwemikhuba yokudla?

IZwi likaNkulunkulu lisitshela ukuba sihloniphe imizimba yethu, eyisipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu. (Roma 12:1) Umphostoli uPawulu wabala ‘nakho konke ukungcola, noma ukuphanga’ njengezinto ezimenyelisayo uNkulunkulu, ephawula ukuthi kukhona izinto ‘zangasese ezenziwa abangakholwa okuyihlazo nokukhuluma ngazo.’ Ngokunokwenzeka phakathi kwazo kwakuyisiko labanye abahambi bamadili baseRoma lokuzikhulula ngokuphalaza phakathi nedili bese bebuya bezoqhubeka nokudla ngokuphanga. (Efesu 5:3, 5, 12) Umphostoli wabhala: “Mina anginakubuswa-lutho.” (1 Korinte 6:12) Ngakho, ukuze sijabulele umusa kaNkulunkulu, asinakuvumela ukudla kanye nokudla ngendlela ethile kubuse ukuphila kwethu.

Njengoba kunezinhlobo eziningana zokuphazamiseka kwemikhuba yokudla kanye namazinga ahlukahlukene okuhileleka, ukungathi sína kokwenza komuntu emehlweni kaNkulunkulu kungehlukahluka. Nokho, isifiso sokuba umngane kaNkulunkulu siyoshukumisela umuntu ukuba anqobe ukuphazamiseka kwemikhuba yokudla. UAnn wathi: “Into enkulu ekululameni kwami kwakuwukuqaphela ukuthi ngangingeke ngenze lomkhuba futhi ngijabulise uNkulunkulu.” Kodwa kuthiwani uma kunokwehluleka okuthile ekulweni komuntu?

UMelissa uyavuma: “Umuzwa wecala oweza nokuba nebulimia awuchazeki. Izikhathi eziningi ebusuku nasemini lapho kwakungekho muntu, ngangikhala ngikhalile, nginxusa uNkulunkulu ukuba angisize futhi angixolele.” Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi uNkulunkulu “uyakwenza ukuthethelela kube-kukhulu” futhi “uyabahawukela abamesabayo.” (Isaya 55:7; IHubo 103:13) Ngisho nakuba izinhliziyo zethu zingase zisilahle, “uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi uyazi konke.” (1 Johane 3:20) Ubona okungalè kobuthakathaka bethu. Uyakwazi ukujula komzamo esiwenzayo ukuze sigqashule kanye nentuthuko esiyenzayo.

Ungadikibali ukuphendukela kuNkulunkulu ngobuqotho, ufune intethelelo yakhe kungakhathaliseki ukuthi kufanele uye kaningi kangakanani ngobuthakathaka obubodwa. Uma uqotho, uyokunika unembeza ohlanzekile ngenxa yomusa wakhe ongasifanele. (Roma 7:21-25) “Kukho konke,” kuqinisekisa uMelissa, “uNkulunkulu wayenguMngane weqiniso othembekile owezwa imithandazo yami.” Ukungadikibali kuyisihluthulelo sokunqoba lempi!

Ukusingatha Imizwelo Ebuhlungu

Ukuze anqobe lempi, umuntu kufanele afunde ukunqoba imizwa ephambene kunokuba aphendukele ekudleni njengesidungamizwa. Ngokuvamile, ukuthola ukukhululeka kudinga ukuba utshele othile ngemizwa enjalo. Ngokwesibonelo, ukugconwa uyise ngokukhuluphala kwakhe kwaholela ekubeni uMary abe nebulimia. “Kwakuyiphutha lami ngempela ngoba angizange ngitshele muntu ukuthi ngangizizwa kabi kangakanani ngokungigcona kwakhe,” kuchaza uMary. “Ngangimane ngiye ekamelweni lami futhi ngikhale.”

Kodwa ukuzwakalisa imizwa enjalo akulula ngomuntu okhathazeke kakhulu ngokujabulisa abanye. Nokho, incwadi ethi Bulimia: A Systems Approach to Treatment ithi: “Ukuqaphela imizwa yentukuthelo nokufunda ukuyiveza ngendlela elondekile neqondile kungamakhambi amakhulu ekululameni kuyibulimia.” Yeka ukuthi sifaneleka kanjani iseluleko seBhayibheli: “Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.”! (Efesu 4:26) Lapho ucasulwa noma ucindezelelwa ukuba uthi yebo kuyilapho empeleni unomuzwa wokuthi cha, zibuze: ‘Ngingaba kanjani qotho futhi ngingagwegwesi ngaphandle kokuba namazwana ahlabayo?’

Khumbula futhi ukuthi iBhayibheli alichazi indima yowesifazane njengomuntu ojabulisa abantu nje kuphela. Abesifazane abathembekile bakaNkulunkulu, nakuba babewathobela amadoda abo, ngezinye izikhathi babeyiveza ngokufanelekile imizwa yabo. Babethatha isinyathelo kuqala futhi bekhetha izindlela ezazingelula ngaso sonke isikhathi. (IzAga 31:16-18, 29) Ngokulindelekile, kunengozi yokuhluleka lapho uphishekela ukwenza into ongayijwayele. Ngokuvamile labo abanokuphazamiseka kwemikhuba yokudla bayesaba ukwenza amaphutha nokubonakala beyiziwula. Kodwa wonke umuntu uyawenza amaphutha! IzAga 24:16 zithi: “Olungileyo angawa kasikhombisa, abesebuye avuke.” Ukufunda ukuzuza emaphutheni nasekwehlulekeni kubalulekile ekululameni nasekuvimbeleni.

Ngezinye izikhathi, imizwelo ebuhlungu ihilela lokho okwenzeka esikhathini esedlule. Nakuba izinkumbulo zalokho okuhlangenwe nakho zisengakuzwisa ubuhlungu, lwela ‘ukuqonda umusa kaJehova.’ (IHubo 107:43) Ngokuqinisekile, kwakunezikhathi ezinhle lapho wawubona ubufakazi bomusa nothando lukaJehova. Zama ukugxila kulokhu. Ngisho nakuba waphathwa ngonya olubi, akusho ukuthi kwakukufanele lokho kuphathwa kabi, futhi akunqumi izinga lokubaluleka kwakho njengomuntu.

Thola Usizo!

Umuntu ozama ukunqoba ukuphazamiseka kwemikhuba yokudla udinga ukuthulula isifuba sakhe kothile angamethemba. Ungazami ukubhekana nakho wedwa. ULynn uchaza ukuthi yayiyini inguquko enkulu ekululameni kwakhe: “Ngobunye ubusuku ngabizela umama ekamelweni lami. Ngemva kokukhala imizuzu eyishumi, ekugcineni ngaveza ukuthi nganginebulimia.” Uyenezela: “Abazali bami babeqonda kakhulu. UMama wangisiza ukuba ngibe nesineke futhi ngingalindeli ukululama ngobusuku obubodwa. UBaba wanginikeza ukusikisela okuwusizo futhi wathandaza nami. Ukuba angizange ngikhulume, ingabe ngaphuthelwa yilo lonke lolusizo.”a

Ngokuvamile ukuthola ukusekela kwabanye kubalulekile ukuze ululame ngokugcwele. Gwema ukuba unkom’ idla yodwa, ikakhulukazi lapho uzizwa uyisisulu esingavikelekile. (IzAga 18:1) Uma ecasuka, uLynn akasakugcini ngaphakathi. Uthi ngokululama kwakhe: “Mina noMama sasihambahamba futhi sixoxe ngenkinga ecasulayo. Esikhundleni sokuphindela emkhubeni obangela ibulimia, ngangenza okuthile, njengokuvakashela umngane, kunokuba ngibe unkom’ idla yodwa.”

Ebandleni loFakazi BakaJehova kunabantu abaye baba usizo kwabanye ababezama ukugqashula ekuphazamisekeni komkhuba wokudla. “Ngangingasakwazi ukuzisiza,” kuvuma uAnn, owayesephelelwe amandla ekulweni kwakhe nebulimia. “Ngakho ngathulula inhliziyo yami, ngembula inkinga engangiyigcine iyimfihlo iminyaka eyishumi.” Abangane abangamaKristu bangisekela kakhulu. “Ukuzazisa kwami kwakungenze ngangalufuna usizo, futhi kwacishe kwangilahlekisela ngokuphila kwami. Usizo lwalungaphezu kokuchazwa ngamazwi. Ngosizo lwabangane bami, ngalulama ngokugcwele.”

Kwezinye iziguli usizo kudingeka lutholwe kochwepheshe abasebenza ngokukhethekile ukulapha ukuphazamiseka kwemikhuba yokudla. Ngokuvamile, ukuhlola okungokwezokwelapha kuyisinyathelo sokuqala. Usizo olutholakalayo lungahlanganisa izinhlobo ezihlukahlukene zokwelapha ngokuxoxa nesiguli, ukweluleka ngokudla okunomsoco, futhi mhlawumbe nokusetshenziswa kwemithi. Ezigulini ezibangwa nezibi kungase kudingeke zilaliswe esibhedlela. Ngokunokwenzeka udokotela noma isibhedlela bangase bazi nganoma ibaphi odokotela abanjalo emphakathini wakini.

Ukulinganisela Kanye Nethemba

“Udokotela wangiqinisekisa ngokuthi uma nje ngangidla ukudla okunazo zonke izakhi, izinqubo zokusebenza komzimba wami zaziyophindela esimweni sazo esifanele, futhi ngangingeke ngikhuluphale,” kuchaza uLynn. “Futhi yilokho kanye okuye kwenzeka.” Khona-ke, yeka ukuthi ukutusa kweBhayibheli kuhlakaniphe kanjani: “Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze.”—Filipi 4:5.

Impumelelo ekunciphiseni isisindo somzimba esingadingeki ingafinyelelwa ngokunciphisa njalo isilinganiso samafutha kanye nokudla okucolekile, njengoshukela nofulawa omhlophe, futhi udle kakhulu izithelo, imifino, kanye nokudla okuwumgqakazo. Ukuvivinya umzimba okusesilinganisweni nakho kubalulekile.b Nokho, ngenxa yezakhi zofuzo, ubudala, kanye nezinye izici, abanye abantu banesisindo esingaphezu kwalokho okungase kube okusemfashinini.

ULisa, owanqoba impi yesikhathi eside yokudla kancane nebulimia, wafinyelela isiphetho esinengqondo: “Anginawo umuzwa wokuthi ukunqoba kusekwehliseni isisindo. Ngicabanga ukuthi ukunqoba kusekufinyeleleni ukulinganisela kukho konke, ngisho nakuba lokho kusho ukuba nesisindo lelizwe elisicabangela njengesisemfashinini.” Nokho, njengoba umuntu eba nombono olinganiselwe ngokubukeka okungokomzimba, angase afune ukunciphisa isisindo somzimba, hhayi nje kuphela ngenxa yokubukeka, kodwa ukuze agweme izingozi zempilo ezihlobene nokukhuluphala.

Esikhundleni sokuba njalo azame ukuncipha ukuze alinganwe osayizi abathe ukuba bancane, umuntu angembatha izingubo ezibukekayo nezimlingana kahle. Zama ukuzigcina umatasa ngemisebenzi eyakhayo kunokuba nsuku zonke uzikale futhi uzilinganise. Uma ulwa nebulimia, qikelela ukuba ususe konke ukudla ongakudingi okungenzeka ukuthi uye wakugcina, futhi lapho uyothenga ukudla, hamba nothile. Lwela ukudla nabanye. Sebenzela ukulondoloza isimiso esilinganiselayo, futhi ube nesikhathi esidingekile semisebenzi yokuzilibazisa.

Ngaphezu kwakho konke, hlakulela injongo ekuphileni. Gxila ngokungagudluki ethembeni leBhayibheli lezwe elisha lokulunga elizayo. Ngokushesha uNkulunkulu uzosusa emhlabeni ukukhungatheka okuningi okuholela ekuphazamisekeni kwemikhuba yokudla futhi aqede phakade lolubhadane lwekhulu lama-20 leminyaka.—2 Petru 3:13.

Kodwa yini umzali noma umngane womshado angayenza ukuze asize othile emkhayeni onokuphazamiseka komkhuba wokudla? Umagazini wamuva wePhaphama! uzokucabangela lokhu.

[Imibhalo yaphansi]

a Kwezinye izimo lapho kunokuphazamiseka kwemikhuba yokudla, umzali angase abe ingxenye ewumnyombo wenkinga. Nokho, abazali nabo kungase kudingeke bafune usizo. Uma lokho kweluleka kunikezwa ngasese, kwenza kube lula ngengane ukulondoloza inhlonipho ngabazali. Ngaleyondlela umzali uyakwazi ukufeza indima eqhubekayo ekululameni.

b Bheka isihloko esithi “Ingabe Ukwehlisa Isisindo Kuyimpi Ongeke Wayinqoba?” kumagazini wethu kaJune 8, 1989.

[Izithombe ekhasini 10]

Funda ukwenqaba inkulumo-ze yezwe yokuthi ukubaluleka kwakho kuncike endleleni obukeka ngayo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela