IMpumalanga Yurophu Ingabe—Iwukuvuselelwa Kwenkolo?
UKUCINDEZELWA kwenkululeko yokukhuluma emashumini ambalwa eminyaka adlule emazweni aseMpumalanga Yurophu kuye kwahlanganisa imigoqo eqinile enkolweni. Inkolelo yokuthi uNkulunkulu akekho yayishunyayelwa ngentshiseko, futhi ezinye izikhungo zokukhulekela namasonto kwaguqulwa kwaba iminyuziyamu yenkolelo yokuthi uNkulunkulu akekho, njengalowo ovakashelwa izivakashi eziningi ezibuka indawo eLeningrad. Noma yibaphi abefundisi ababesasebenza njengabefundisi baba abasebenzela imibuso yangalesosikhathi. Njengoba zonke izindawo zokukhulekela, njengezindlu ezihlala izindela, amasonto, namathempeli, zavalwa ngokomthetho ngo-1967, iAlbania yaze yamenyezelwa nawuMsakazo iTirana ngokuthi “umbuso wokuqala okholelwa ekutheni uNkulunkulu akekho emhlabeni.”
Manje, njengoba inkululeko iqhakaza njengezimbali zasentwasahlobo yonke indawo eMpumalanga Yurophu, kwenzekani enkolweni? Njengoba umlobi ongumFulentshi uJean-François Kahn abhala: “Inkolo ezungezwe ukuvinjelwa ingabambisana nesizwe esizungezwe ukucindezelwa. Kwenzekile izolo eIran. Kuyenzeka namuhla eAzerbaijan yaseSoviet. Kusasa kungase kubhebhethekele eRashiya njengomlilo wequbula.” Ngisho kwamanje ezinye izinkolo zizihlanganisa nemiqondo nezifiso ezinamandla zobuzwe futhi ziba elinye lamanxusa ayinhloko okuphikisa okungokombangazwe, zikungcwelisa ngokuba khona kwabapristi bazo bamaKatolika nabamaOrthodox nabefundisi baseSheshi.
Ngakho inkululeko engokwenkolo iphumelela kanjani kulesimo esisha sokubusa ngentando yeningi?
Indlela Izinto Eziye Zashintsha Ngayo!
Izinkolo eziyinhloko zaseMpumalanga Yurophu, ikakhulukazi iSonto lamaKatolika, ziye zathatha isinyathelo esiphuthumayo sokuthola ukuqashelwa okungokomthetho yilabohulumeni abasha. Ngokwesibonelo, iL’Osservatore Romano yabika ukuthi “ngomhla ka-9 kuFebruary [1990], kwasayinwa iSivumelwano phakathi kweHoly See neRepublic yaseHungary.” Ngalesivumelwano lamaqembu amabili avumelana ngokumisa kabusha ubudlelwano bokuxoxisana. (IVatican ibhekwa njengombuso wobukhosi obuzimele.)
Omunye umbiko ovela emazweni eVatican uphawula ukuthi iSonto lamaKatolika leHlelo laseUkraine, elacindezelwa ngo-1946, linxuse ukuqashelwa ngokomthetho futhi liye langenela izingxoxo “noHulumeni neSonto lobuOrthodox laseRashiya maqondana nemibuzo ewusizo ngokuphathelene nokuphila kweSonto eUkraine.”
NgoApril 1990 upapa wavakashela iCzechoslovakia futhi wabingelelwa ngenhlonipho “izikhulu zeSonto noMbuso, kuhlanganise . . . noMnu. Vaclav Havel, uMongameli weRepublic” esikhumulweni sasePrague. (L’Osservatore Romano) Isimo esisha esingokwenkolo siyavela futhi lapho.
ISonto lamaKatolika ngaso sonke isikhathi belilokhu lingamandla okumelwe acatshangelwe ePoland. Manje, njengoba lisanda kuthola inkululeko, linyusa izikhwepha zalo futhi likhankasela ukwethula kabusha izifundo zezenkolo ezikoleni. Omunye umpristi wathi: “Izikole ziyimpahla yesizwe. Isizwe sasePoland sinabantu abangaphezu kwamaphesenti angu-90 abangamaKatolika. . . . Ngenhlonipho efanele ngezinye izinkolo, isifundo sezenkolo esikoleni siyobuyisela igunya lothisha . . . nelezikhulu ngoba siphathelene nomgogodla wezimiso zokuziphatha zomuntu.”
Umbiko okhuluma ngeSonto lobuOrthodox eRomania uthi: “OFata kanye nababhishobhi abaningana ababambisana nombuso [waseCeauşescu] baphoqelelwa ukuba bayeke. Kwamiswa isiGungu sokuvuselela iSonto. Abaningi ababengewona amakholwa baphendukela enkolweni futhi bagcwala emasontweni endawo . . . ISonto lamaKatolika laseByzantium eseRomania, elaphoqelelwa ukuba lihlakazeke eminyakeni engu-40 edlule, liye lavunyelwa ukuba lizihlele kabusha.”—Orthodox Unity, July 1990.
Izinguquko EAlbania
Ngokwemibiko yamaphephandaba, izinguquko ezimangalisayo ziyenzeka kancane kancane eAlbania, izwe elincane elinezintaba elinezakhamuzi eziyizigidi ezintathu nengxenye eyodwa kwezine, eliqhele kakhulu oGwini lwaseAdriatic phakathi kweYugoslavia neGrisi. Iphephandaba laseJalimane iWelt labika: “EAlbania, eyikomkhulu lokugcina lobukhomanisi bohlobo oludala eYurophu, abantu sebeqale ukuvota ngezinyawo zabo” befuna isivikelo emanxuseni aseNtshonalanga, lapho ngalesosikhathi abavunyelwa khona ukuba bahambe baye eItaly, eJalimane, nakwamanye amazwe.
Lombiko uyaqhubeka uthi: “NgoMay 1990 abantu baseAlbania bathenjiswa amapassport nokuqedwa kwemithetho eyayivimbela iminako engokwenkolo.” (Ucashunwe kuyiGerman Tribune, kaJuly 15, 1990) Njengoba uprofesa womlando uDenis R. Janz abhala: “Umzabalazo onzima nowathatha isikhathi eside wokuvinjelwa ngokuphelele kwenkolo kubonakala sengathi uye wabekelwa eceleni.” Nokho, uyenezela: “Kunobufakazi . . . bokuthi eqinisweni inkolo iye yanikezwa igalelo elinzima kulomphakathi.”
Mayelana nalokhu oFakazi BakaJehova balondoloza ukungathathi-hlangothi kwabo okujwayelekile nokuqinile. Ngesisekelo sezimiso zeBhayibheli, abahileleki obandlululweni olungokombangazwe nolungokobuzwe. Bathembela kuNkulunkulu ukuba abanikeze isimo esinokuthula ukuze bafeze ukuthunywa kwabo kokushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu emhlabeni wonke.—Mathewu 22:21; 1 Thimothewu 2:1, 2; 1 Petru 2:13-15.
Ngakho, kuthiwani ngoFakazi BakaJehova eMpumalanga Yurophu? Ingabe baye bachuma ngaphansi kokuvinjelwa? Ingabe banayo inkululeko engokwenkolo?
[Isithombe ekhasini 7]
Ingabe abantu bayobuyela emasontweni aseMpumalanga Yurophu?