Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 2/8 k. 11-k. 13 isig. 5
  • Iyini Induduzo Ngezisulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iyini Induduzo Ngezisulu?
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Edingekayo Ngempela?
  • Induduzo Evela EZwini LikaNkulunkulu
  • Ikusasa Elihle Kakhulu
  • Izwe Elisha Elingenakho Ukuhlupheka
    I-Phaphama!—1990
  • Izwe Elisha Elimangalisayo Elenziwe UNkulunkulu
    Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
  • Ngingabhekana Kanjani Nesimo Uma Kugadla Inhlekelele?
    I-Phaphama!—2003
  • Thola Induduzo Emandleni KaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 2/8 k. 11-k. 13 isig. 5

Iyini Induduzo Ngezisulu?

NGALABO ababhekana nokulahlekelwa okuzumayo ngabathandekayo babo ezingozini ezihlobene nealkhoholi, “asikho isikhathi . . . sokuthi ‘Uhambe kahle,’ . . . noma “Ngiyakuthanda,’” kuphawula uJanice Lord, umlobi weSurvivor Grief Following a Drunk-Driving Crash.

Njengoba sesiye sabona, abasindile banokuningi okumelwe babhekane nakho: ukwethuka, uvalo, ukuthukuthela, nokudumazeka. Ukufa kwabathandekayo ngendlela enjalo kudala umuzwa wokulahlekelwa ngokuphelele. Abasindile bangase babe nomuzwa wokuthi ubuhlungu abaye babhekana nabo ngeke busombululeke ngempela.

Ziqaphela ubuhlungu ukulahlekelwa okunjalo okububangelayo, iziphathi-mandla eziningi zisebenzela imithetho noma imibandela engase inciphise inani eliphakeme ngokwethusayo lezingozi unyaka ngamunye. Ngokwesibonelo, esinye isikhulu sakhomba ubuthakathaka obungokwesimilo kulabo abanecala lokuphuza bese beshayela futhi sasikisela ukumiswa kwezikhungo zabo zokubika lapho, ngemfundo nangokuyalwa ngomsebenzi nangezidakamizwa, ‘bengaqiniswa futhi banikwe amandla’ okunqoba ubuthakathaka babo.

Yini Edingekayo Ngempela?

Kungakhathaliseki ukuthi lokhu kungase kufiseleke kangakanani, akekho umuntu noma isu lomuntu elingasusa ubuhlungu obuzwiwa izisulu, futhi abantu ngeke bababuyise abafileyo. Lokho okudingekile ukuze kusombululwe wonke lomonakalo kungaphezulu kakhulu kwalokho abantu abangakuletha. Lokho okudingekile ngempela ilungiselelo elihluke ngokuphelele emhlabeni, elingeke lisekelwe emicabangweni yanamuhla ‘yenjabulo noma sekunjani’ yobugovu neyonakalisayo ethatha ukuphila okuningi kangaka.

Ingabe sikhona isisekelo esinengqondo sokuthembela ohlotsheni olunjalo lwezwe elingcono lapho izinsizi ezinjalo ziyoba into yesikhathi esidlule? Yebo, sikhona. Eqinisweni, kunethemba eliqinisekile lezwe elisha lapha emhlabeni lapho lezinhlekelele zizophela khona, izwe lapho ngisho nezisulu zezingozi ziyobuyiselwa khona ekuphileni. Yeka injabulo engenakuchazwa lapho lezi ziphinda zihlangana khona nabathandekayo bazo! Kuyoba izwe elisha lapho, ngokuhamba kwesikhathi, izinkumbulo ezidabukisayo zezinhlekelele ezedlule ziyosuswa khona phakade.

Lelothemba lezwe elisha liyatholakala eZwini likaNkulunkulu eliphefumlelwe, iBhayibheli, elithi: “[UNkulunkulu] uyakugwinya ukufa kuze kube-phakade; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke.” (Isaya 25:⁠8) Lokhu kuyohlanganisa nokubuyisa abafileyo abasemathuneni. Njengoba umphostoli uPawulu abhala: “Nginethemba kuNkulunkulu . . . lokuthi kuyakuba-khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.” (IzEnzo 24:​15) UJesu nabaphostoli bakubonisa lokhu ngokuvusa abafileyo.​—⁠Luka 7:​11-16; 8:​40-42, 49-56; Johane 11:​1, 14, 38-45; IzEnzo 9:​36-42; 20:​7-⁠12.

Ukuphila emhlabeni ezweni elisha, kuhlanganise nokuphila ngabafileyo abavuswe emathuneni, kuyofinyelela umvuthwandaba omuhle ngokuphelela kobuntu. Amandla kaNkulunkulu elaphayo ayokwenza izingqondo nemizimba yabo bonke abayobe bephila ngalesosikhathi ukuba baphile kahle ngokuphelele: “Abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.” “Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba.”​—⁠Isaya 33:​24; 35:​5, 6; bheka futhi uMathewu 15:​30, 31.

IBhayibheli lichaza isimo sesikhathi esizayo sesintu emhlabeni ngokuveza ukuthi uNkulunkulu “azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” (IsAmbulo 21:⁠4) UMniki walezinzuzo ezimangalisayo nezimo ezijabulisayo ezizayo uthi: “Izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni. Kepha jabulani, nethabe kuze kube-phakade ngengikudalayo.”​—⁠Isaya 65:​17, 18.

Konke lokhu kuyokwenzeka ngegunya likabani? Ngegunya nangamandla oMniki wethemba omkhulu, uMdali wendawo yonke, uJehova uNkulunkulu. Uyaqinisekisa eZwini lakhe ukuthi isimiso esinjalo esisha ‘okukhona kuso ukulunga’ ngokushesha sizothatha indawo yalesimiso sezinto samanje esinobugovu nobudlova, isimiso esesingene shí “ezinsukwini [zaso] zokugcina” kakade.​—⁠2 Petru 3:​13; 2 Thimothewu 3:​1-5, 13; IzAga 2:​21, 22.

Induduzo Evela EZwini LikaNkulunkulu

OFakazi BakaJehova, njengabanye abantu, abagonyiwe ezinsizini zezikhathi zethu, kanti futhi kulelizwe eliyingozi, abalindele isivikelo saphezulu ekufeni, ngengozi noma ngenye indlela. Bayazi ukuthi lokhu akuyona injongo kaNkulunkulu okwamanje. UmShumayeli 9:​11 uthi: “Bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.” Nokho, oFakazi bebelokhu beqondisa ukunakekela eZwini likaNkulunkulu, njengoba izithembiso zakhe zinikeza induduzo ehlala njalo kubo bonke abazemukelayo.

Omunye woFakazi BakaJehova wathinteka ngokujulile lapho umshayeli odakiwe ebulala umlamu wakhe futhi washiya umkakhe (udadewabo) ekhubazekile engqondweni ngenxa yokulimala kabi ekhanda, kangangoba kwaze kwadingeka anakekelwe ngokuqhubekayo. Nabo futhi babengoFakazi BakaJehova. Uyalandisa:

“Engxenyeni enkulu yonyaka, ngangikhala njalo izinyembezi, futhi ngangithukuthele. Ngangithukuthelele insizwa eyayibangele lolusizi, ngithukuthelele abazali bayo ngenxa yokungayiqaphi ngokuseduze. Ngezinye izikhathi leyontukuthelo yayibhekiswa ngisho nakuNkulunkulu nasezingelosini ngenxa yokungakuvimbeli lokhu ukuba kwenzeke. Ukulahleka okunjalo kwabantu ababili abahle ababemkhonza!

“Yiqiniso, ngangazi ukuthi uNkulunkulu wayengenacala ngokuqondile futhi akafisi ukuba izinto ezinjalo zenzeke. Kodwa ngangiye ngaba nomuzwa wokuthi wayeqondisa isinyathelo sethu ngasinye futhi wayesivikela ekulimaleni okunjalo. Manje ngabona ukuthi kwakumelwe ngibe nombono olinganiselwe ngokwengeziwe kulokhu, futhi ngaqala ukufuna izimpendulo.

“Kwathatha isikhathi ngaphambi kokuba ngiqale ukuvalela ubuhlungu ngaphandle futhi kanjalo ngikwazi ukucabanga ngalendaba. Ngazizwa njengoAsafa, owathi kumaHubo 73 kwakubonakala sengathi ababi yibona ababevunyelwa. Kodwa kulo lelihubo elifanayo, iZwi likaNkulunkulu liyaqhubeka libonisa ukuthi akunjalo, ukuthi uNkulunkulu akabavumeli ababi, nokuthi ngesikhathi sakhe esifanele, bayobhujiswa.

“Ngaqaphela ukuthi ukucabanga kwami, hhayi okukaNkulunkulu, kwakunephutha. Ngangisebenzisa kabi imibhalo. UNkulunkulu akakuqinisekisi ukukhululeka ezingozini, ukugula, noma ukufa kulesikhathi kodwa uthembisa izibusiso ezinjalo esikhathini esizayo, ngezwe lakhe elisha. Lapho sengikuqonda lokho iZwi likaNkulunkulu elalikusho ngempela ngokusivikela kukaNkulunkulu manje ngendlela engokomoya, hhayi ngokomzimba, khona-ke intukuthelo yami yabohla kancane kancane. Futhi manje ngase ngingagxila emthonjeni wangempela wezinhlekelele, uSathane uDeveli, owayengumbulali wabantu nomqambimanga kusukela ngesikhathi ahlubuka ngaso kuNkulunkulu. IBhayibheli likwenza kucace ukuthi nguSathane ongunkulunkulu walelizwe eligcwele ukuhlupheka kangaka.​—⁠Johane 8:​44; 2 Korinte 4:⁠4.

“Lapho sengilibone ngokugcwele iqiniso lokuthi kungani kunokuhlupheka, kungani uNkulunkulu ekuvumela, nokuthi uzokuqeda kanjani, kwacaca kimina ukuthi uNkulunkulu akasona isitha sethu, kodwa uyinsindiso yethu!

“Futhi, kwakuyinduduzo enkulu ukwazi ukuthi ngomoya wakhe ongcwele, uJehova uyabasekela labo abamkhonzayo. IBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi umoya ongcwele uyonikeza ‘amandla angaphezu kwavamile.’ Ngalendlela usinikeza amandla okuthwala okungenakuthwaleka. Futhi ubuye asiduduze ngethemba lokubona abathandekayo bethu ovukweni. Ngaleyondlela singanqoba osizini.”​—⁠2 Korinte 4:⁠7, qhathanisa neNW.

Ikusasa Elihle Kakhulu

Izinsizi zezinhlobo ezihlukahlukene ziye zenzeka kwabaningi, kuhlanganise noFakazi BakaJehova, kuyo yonke leminyaka. Lokhu kufakazela iqiniso leZwi likaNkulunkulu lokuthi isikhathi nethuba kubehlela bonke. (UmShumayeli 9:​11) Kodwa okuhlangenwe nakho kwezinceku zikaNkulunkulu nakho kufakazela iqiniso leZwi likaNkulunkulu lokuthi uJehova uyabaduduza futhi abasekele abantu bakhe esikhathini sabo sokuswela futhi ubuye aqinisekise ngekusasa elihle kakhulu ezweni lakhe elisha, lapho izinhlekelele ezinjalo ziyoba yinto yesikhathi esidlule.

Kuyaduduza ngempela ukwazi ukuthi ezweni likaNkulunkulu elisha lokulunga, kuyoba nothando loqobo ngabanye abantu umuntu aphila nabo nenhlonipho ngesipho esiyigugu sokuphila. Lezimfanelo ezinhle kakhulu ziyothatha indawo yobugovu nokuxhashazwa kobuthakathaka babantu ngenxa yenzuzo manje okugcwele kulelizwe. Ziyobe zingasekho futhi izinkathazo, ukucindezeleka, nokwesaba kwalelizwe elikhona okusunduzela abaningi ekubeni nomuzwa wesidingo sokusebenzisa ngokweqile ialkhoholi noma ukusetshenziswa kwezinye izidakamizwa.

Ngisho namanje, oFakazi BakaJehova bakha ubuzalwane bomhlaba wonke obuboshwe amandla ahlanganisayo othando. (Johane 13:​34, 35) Labo abayingxenye yalobuzalwane banikeza isimiso esinamandla esisekelayo sokusiza labo abaye balahlekelwa. Bayakujabulela ukusiza noma ubani ofisa ukududuzeka njengoba kuye kwaba njalo nangabo.—2 Korinte 1:​3, 4.

[Isithombe ekhasini 13]

IBhayibheli lithembisa ukuthi kuzoba novuko lwabafileyo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela