Intsha Iyabuza . . .
Ngingabhekana Kanjani Nesimo Uma Kugadla Inhlekelele?
“Amaphekula ambulaleleni umama?”—UKevin.a
“[Ngaphambi kuka-September 11], ngangizithanda izindawo eziyimihubhe. Manje ngiye ngizibone sengifela emhubheni oqhunyiswe ngebhomu.”—UPeter.
UKEVIN washonelwa unina lapho kuhlaselwa i-World Trade Center eNew York City ngo-September 11, 2001. UPeter yena akazange ashonelwe muntu kuleyo nhlekelele, kodwa noma kunjalo lezo zigameko zamthinta kakhulu.
Umbiko othile wezindaba uthi: “Izinkulungwane zezingane ezihlala eNew York zinokuphazamiseka okuthile engqondweni ngenxa [yokuhlaselwa] kwango-September 11 okungenzeka ukuthi eziningi zazo ziyokhula nako.” Okwethusayo ukuthi izimpawu zokuhlukumezeka ngokomzwelo “zazikhona nasezinganeni ezazikude nendawo okwenzeka kuyo le nhlekelele ngezinga elifanayo nelalezo ezazibonela ngawazo ukuhlaselwa okunjalo.”b
Kungase kushiwo okufanayo nangezinye izinhlekelele, njengokuziqhumisa ngamabhomu kwamadelakufa kwa-Israel nokudutshulwa kwabantu abangenzé lutho okwenzekayo kwezinye izindawo. Ngokuphathelene nalokhu kudutshulwa kwabantu, isazi esithile semiphumela yezigameko ezishaqisayo sathi: “Ngisho noma [lezi zingane] zihlala endaweni eqhele ngamamayela angu-2 000, lezi zigameko zisengakukhulisa ukukhathazeka [kwazo].”
Ngani? Lapho kugadla izenzakalo ezibuhlungu, izingane zizibona kaningi izithombe zalezo zinhlekelele imithombo yezindaba eziveza njengoba zinjalo. Izithombe ezethusayo zokuqhunyiswa kwamabhomu ngamaphekula, ukudutshulwa kwabantu ezikoleni, nezinhlekelele zemvelo kuphindaphindwa njalo, okwenza kube nzima ngezingane eziningi ukuba zisule lezi zithombe engqondweni yazo. Akumangalisi ukuthi kungani inhlolo-vo eyajutshwa uMnyango Wezemfundo eNew York City yembula lokhu: “Ezinyangeni eziyisithupha ngemva kokubhidlika kwe-World Trade Center, amaphesenti angu-76 abafundi abangu-8 266 abafunda ezikoleni zomphakathi ayesacabanga njalo ngalokhu kuhlasela kwamaphekula.”
Siphila enkathini iBhayibheli eliyibiza ngokuthi “izikhathi ezibucayi.” (2 Thimothewu 3:1-5) Ungakwazi kanjani ukubhekana nesimo uma kuvela izinhlekelele ezesabisayo?c
Okwenza Ukuba Izinto Ezimbi Zenzeke
Enye indlela yokusingatha imizwelo ebonakala ingaphezu kwamandla akho, ukuba uvuselele ‘amandla akho okucabanga ngokucacile.’ (2 Petru 3:1) Zama ukubheka izinto ngombono ohluzekile, kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, kungase kudingeke ukuba uzikhumbuze ukuthi izinhlekelele eziningi zimane nje ziwumphumela ‘wesikhathi nesenzakalo esingalindelekile.’ (UmShumayeli 9:11) UJesu Kristu wanikeza isibonelo salokhu lapho ekhuluma ngokuwa kombhoshongo waseSilowama. Kwafa abantu abangu-18 kuleyo nhlekelele eyenzeka lapho. Nokho, uJesu wakwenza kwacaca ukuthi labo ababa yizisulu akukhona ukuthi babejeziswa uNkulunkulu. Bafa ngoba nje babesendaweni engafanele ngesikhathi esibi. (Luka 13:1-5) Ukuzindla ngaleli qiniso kungase kukusize ukuba ube nombono ofanele ngezinhlekelele.
Ukuba nomqondo ohluzekile nakho kungakuvimbela ekubeni ‘ufuthekele uJehova’ futhi umsole ngezenzakalo ezidabukisayo. (IzAga 19:3) Akuyena neze uJehova obangela usizi lwethu, kunalokho yena ‘unguNkulunkulu wenduduzo yonke.’ (2 Korinte 1:3) Lapho kuvela izinhlekelele, kudingeka sisondele kuye—singaziqhelisi kuye sithukuthele. Zindla ngamazwi eBhayibheli akuJakobe 1:13, athi: “Uma umuntu elingwa makangasho ukuthi: ‘Ngilingwa uNkulunkulu.’ Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.”d
Ukuze sicacise leli phuzu singasebenzisa isenzakalo esiyinhlekelele esenzeka emakhulwini amaningi eminyaka edlule eMpumalanga Ephakathi. IBhayibheli lisitshela ukuthi okuwukuphela komuntu owasinda kuleso sigigaba wabika lokhu: “Kwehle umlilo kaNkulunkulu uvela emazulwini wavutha phakathi kwezimvu nezikhonzi wazidla waziqeda.” (Jobe 1:16) Yeka inhlekelele enyantisayo! Ngokusobala lo muntu owayethukile wacabanga ukuthi nguNkulunkulu owayeyibangele. Nokho, kwakungeyena uNkulunkulu. UJobe 1:7-12 wembula ukuthi lo mlilo wawungathunyelwanga nguNkulunkulu kodwa wawuthunyelwe nguMphikisi kaNkulunkulu—uSathane uDeveli!
Leso kwakuyisimo esiyingqayizivele: UJehova wayenikeze uSathane imvume ekhethekile yokuba avivinye ubuqotho bukaJobe. Ngakho-ke, musa ukuphetha ngokuthi uSathane uzibangela ngokuqondile izinhlekelele zemvelo ezinjengeziphepho nezikhukhula.e Noma kunjalo, iBhayibheli liyasho ukuthi “izwe lonke lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Yingakho ekwazi ukusebenzisa abantu ukuba badale umonakalo nencithakalo.
Noma kunjalo asikho isizathu sokuzizwa sishiywe dengwane. Cabangela esinye isenzakalo, esilotshwe eBhayibhelini kweyoku-1 Samuweli 22:12-23. Le ndinyana isitshela ngokucekwa ngonya kweqembu labapristi abathembekile nemikhaya yabo. Akungabazeki ukuthi uSathane wayenesandla ekugqugquzeleni iNkosi embi uSawule ukuba yenze lesi senzo sobulwane. Noma kunjalo, uDavide othembekile, kamuva owaba yinkosi naye, waloba iHubo 52, aveza kulo ithemba ayenalo lokuthi uNkulunkulu wayezobaqothula labo bantu ababi ababebangele leyo nhlekelele.—IHubo 52:5.
Ngokufanayo namuhla, ungaqiniseka ukuthi uNkulunkulu ngeke azibekezelele phakade izenzo ezigqugquzelwe uDeveli zokubulala nobudlova. Phela, iBhayibheli lithembisa ukuthi maduzane nje uNkulunkulu uzosebenzisa iNdodana yakhe, uJesu, ukuba ‘ibhidlize imisebenzi kaDeveli’! (1 Johane 3:8) Ekugcineni, akukho mnonjana womonakalo uSathane awenzile oyosala. Ngovuko, uNkulunkulu angabavusela ekuphileni abantu abaye bafa ezenzweni eziyinhlekelele zobudlova noma zobuphekula.—IzEnzo 24:15.
Izindlela Eziwusizo Zokubhekana Nesimo
Leli themba elisekelwe eBhayibhelini lingakusiza ukuba ugweme ukunqotshwa ukwesaba. Kodwa zikhona nezinye izinyathelo eziwusizo ongazithatha. Ngokwesibonelo, phawula isimiso seBhayibheli esikuzAga 12:25. Lelo “zwi elihle” lesikhuthazo ungalithola kuphela ngokuba uxoxe nabanye ngemizwa yakho. Ukwenza kanjalo kuyokusiza uqaphele ukuthi awuwedwa ekubhekaneni nalesi simo. Ngakho uma uzizwa ucindezelekile, zama ukuxoxa nabazali bakho noma nelungu elivuthiwe lebandla lobuKristu.f
Nakhu okunye ukusikisela: Musa ukubukela kakhulu izindaba eziveza izinhlekelele njengoba zinjalo. Ukwenza lokhu kumane kukwenze kube nzima ukusula imifanekiso ekuphazamisayo engqondweni.—IHubo 119:37.
Ingabe ungumKristu? Khona-ke, namathela esimisweni sakho semisebenzi yobuKristu. (Filipi 3:16) Leyo misebenzi ihlanganisa ukuya emihlanganweni yebandla kanye namaKristu esikanye nawo nokuhlanganyela ukholo lwakho nabanye. (Hebheru 10:23-25) Lokho kuyokusiza ukuba ungagxili emicabangweni emibi. Ukuzihlukanisa kuyomane kukulimaze nje kuphela—ngokomzwelo nangokomoya.—IzAga 18:1.
Ukuqhubeka ufunda iBhayibheli nsuku zonke kungaba usizo kakhulu kunoma isiphi isimo esicindezelayo. ULoraine osemusha wayegulelwa unina ephethwe umdlavuza. Phawula indlela uLoraine abhekana ngayo nalesi simo esibuhlungu: “Ngikhumbula ngifunda incwadi kaJobe izikhathi eziningana phakathi naleyo nkathi enzima. Incwadi yamaHubo nayo yanginikeza induduzo enkulu. Lapho ngifunda amazwi aduduzayo asemiBhalweni, ngezwa sengathi uJehova uyangigona.” Udadewabo uMishael naye uyakhumbula: “Uma kwakuba khona usuku engangingalifundi ngalo iBhayibheli, ngangikuzwa lokho. Umqondo wami wawubuyela ekucabangeni imicabango emibi. Ukufunda iBhayibheli kwanginika umsoco ongokomoya engangiwudinga ukuze ngibhekane nosuku ngalunye.”
Uma uye washonelwa—ikakhulukazi ngumuntu omthandayo—ukufunda incwajana engangomagazini ethi Lapho Ufelwa Othandekayog kungakududuza kakhulu. Zinike isikhathi sokufunda yonke imiBhalo ekhonjiwe futhi uzindle ngayo. Zindla nangethemba lovuko. ULoraine uthi: “Ngangizakhela umfanekiso kamama esebuya ovukweni. Ngangimuzwa esethi: ‘Sengibuyile. Uphekeni, sizodlani namuhla?’ Ukucabanga ngalokho kwakungenza ngimamatheke.”
Ukuncika kuJehova ngomthandazo nakho kungakunika amandla owadingayo ukuze ukhuthazelele ngisho nengakanani inhlekelele. ULoraine uyakhumbula: “Ngangisekamelweni lapho umama ephefumula okokugcina. Ngaso leso sikhathi ngacela uJehova ukuba anginike amandla okukhuthazela futhi ngidlule kule nkathi. Khona manjalo ngakuzwa ukuthula kukaNkulunkulu.” Nemba lapho uthandaza kuJehova. Mazise indlela ozizwa ngayo ngokuthe ngqo. ‘Thulula inhliziyo yakho kuye,’ kunxusa umhubi.—IHubo 62:8.
Njengoba isikhathi sihamba, cishe usizi luyokwanda emhlabeni. (2 Thimothewu 3:13) Noma kunjalo, iBhayibheli liyethembisa: “Ababi bayonqunywa . . . Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.” (IHubo 37:9-11, 29) Ukunamathela kuleli themba kuyokusiza ukuba ubhekane nesimo ngokuphumelelayo lapho kugadla izinhlekelele.
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
b Ngokwezazi zempilo yengqondo, izimpawu ezinjalo zingase zihlanganise ukuzizwa undikindiki, amaphupho amabi, ukuba ngunkom’ idla yodwa, ukunqamuka kwemisebenzi ethile evamile, umuzwa wecala nowentukuthelo.
c Nakuba lesi sihloko sikhuluma ikakhulukazi ngezinhlekelele ezithinta abantu abaningi, iseluleko esikuso singasetshenziswa nasezinhlekeleleni ezehlela umuntu ngamunye, njengokushonelwa umuntu omthandayo.
d Uma ufuna ukuthola ingxoxo ngokuthi kungani uNkulunkulu evumela ububi, bheka isahluko 7 sencwadi ethi Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
e Bheka esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-May 15, 1975.
f Ezimweni zokukhandleka ngokweqile ngokomzwelo noma zokucindezeleka, cishe kuyodingeka unakekelwe abezokwelapha.
g Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 18]
Kungase kube ukuhlakanipha ukulinganisela ukubukela kwakho izithombe zezindaba ezibuhlungu