Ukukhulumisana Kukadokotela Nesiguli—Isihluthulelo Esiyisa Empumelelweni
NGASEKUQALENI kwawo-1980, kwakusobala ukuthi kufanele kuthathwe izinyathelo zesibindi ekusunguleni ukukhulumisana okungcono phakathi koFakazi BakaJehova kanye nomphakathi wezokwelapha. Ngakho iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova yagunyaza isimiso sokwakha ubuhlobo obusebenzayo nodokotela nezibhedlela.
Abameleli abavela endlunkulu yoFakazi yomhlaba wonke eseDolobheni laseNew York bahambela izibhedlela eziningi ezinkulu kulelodolobha. Lokhu izisebenzi zezokwelapha zakwazisa kakhulu, futhi kwabeka isisekelo sokubambisana, kunokuxabana. Kamuva labameleli baqhuba izifundo emadolobheni amakhulu kulo lonke izwe. Njengesici esivelele salezifundo, bathatha izikhonzi zendawo zoFakazi BakaJehova baziyisa emihlanganweni eyayisezikhungweni zezokwelapha kuleyondawo, ngaleyondlela beziqeqesha ukuba ziqhubeke nalesimiso. Lapho ziseChicago, eIllinois, U.S.A., zahlangana nomhleli weJournal of the American Medical Association. Lokhu kwaholela esicelweni sokuba zibhale isihloko ngendlela odokotela abangasebenzelana ngayo noFakazi BakaJehova.a
Ngokuhamba kwesikhathi, ukuqeqesha neziqondiso ezilotshiwe kwanikezwa ngesilinganiso esandisiwe ukuze oFakazi abakwamanye amazwe bakwazi ukuqalisa izimiso ezifanayo.b Ngokwesibonelo, ngemva kokuba izifundo ziqhutshwe eCanada, kwakhiwa futhi kwaqeqeshwa amaKomiti Asesibhedlela Okuxoxisana (kamuva abizwa ngokuthi AmaKomiti Okuxoxisana Ezokwelapha). Ikomiti ngayinye yayakhiwa abadala abangamaKristu abanesifiso nabakwaziyo ukuxoxa nodokotela, izisebenzi zezenhlalakahle, kanye nezisebenzi zasesibhedlela.
Kwamiswa izikhathi zokubonana nongqongqoshe bezempilo besifunda, abaqondisi bezinhlangano zezokwelapha kanye nezibhedlela, kanye nabanye abanethonya emkhakheni wezokunakekelwa kwempilo. Lemihlangano yasiza ekwenzeni imiphakathi yezokwelapha ibe ngezwela ngokwengeziwe ezintweni ezikhathaza oFakazi. Ngaleyondlela kwabekwa isisekelo esiqinile sezingxoxo zesikhathi esizayo.
Umthombo Wosizo Otholakala Kalula
Kusukela kudala kwakulokhu kuqashelwa ukuthi ukwaziswa okuqondile kuwusizo olukhulu ekuqedeni ukuxabana okungenzeka phakathi kwamaKristu aqotho kanye nodokotela abathembele ekwelapheni ngegazi. Ekuqaleni kwawo-1960 endlunkulu yoFakazi BakaJehova, kwaqala ukwenziwa kohlu lodokotela bezokwelapha ababambisanayo. Laba kwakungodokotela ababeye bajwayelana nezinye izindlela zokwelapha ngaphandle kokumpompela igazi. Kamuva, uma udokotela wendawo noma isibhedlela sasingathandi ukwelapha isiguli, ikomiti yayingathola amagama abanye odokotela. Khona-ke, isiguli sasingabe sesiyiswa kwelinye iqembu lezokwelapha.
Okunye okwakungenziwa kwakuwukuba amaKomiti Ezokuxoxisana Asesibhedlela ahlele ukuxhumana ngocingo kukadokotela ohlinzayo wendawo kanye nozakwabo abangomakad’ebona. Ngezinye izikhathi loluhlobo lokuxoxisana ngokushesha lwalwenza odokotela bakwazi ukuthuthukisa indlela yabo yokwelapha, ngaphandle kwezingozi ezingadingekile esigulini. Nokho, ekusebenzeni njengomxhumanisi phakathi kwesiguli nodokotela, lamakomiti aye aba ochwepheshe ekususeni ukukhathazeka kokubili kwesiguli nodokotela lapho kungase kubonakale kudingeka igazi.
Ubufakazi Bokuthi Kuyasebenza
USonya wayeyintombazane ehlakaniphile eneminyaka engu-13 ubudala, lapho ekuqaleni kuka-1989 ezwa ukuthi uneqhubu elinomdlavuza ngaphansi kweso lakhe. Udokotela ohlinzayo wachazela uSonya nabazali bakhe ngokungathi sína kokuhlinza okwakudingeka. Njengoba iqhubu lalikhula ngokushesha, ukuhlinza kwakufanele kungahlehliswa. Ngokunokwenzeka kamuva wayeyodinga ukwelashwa ngamakhemikhali (chemotherapy), futhi udokotela wathi abazali bakhe kwakuyodingeka banikeze imvume yokuba ampontshelwe igazi. Kodwa abomkhaya abazange bayinikeze imvume yalokho ngenxa yezinkolelo zabo ezingokwenkolo. Udokotela owuchwepheshe kwezokuhlinza onakekela uSonya wayezimisele ukulisusa iqhubu lomdlavuza, eqiniseka ukuthi lokho wayengakwenza ngaphandle kokumpompela igazi. Nokho, ngenxa yenkambiso yesibhedlela, lodokotela akazange akwazi ukuthola udokotela oyisazi semithi ebulala imizwa ukuba amsize.
UJonathan uyindodana endala kaMichael noValerie. Ekupheleni kuka-1989, lapho eneminyaka engu-16, odokotela babatshela ukuthi uJonathan wayenesimila esikhulu kakhulu obendeni lwakhe. Odokotela ngandlela thile babemanqikanqika ngokuhlinza ngaphandle kokusebenzisa igazi, kodwa ngesibindi benza kanjalo, behlonipha ukuma okungokwenkolo komkhaya. Phakathi nesikhathi sokululama, kwabakhona izinkinga ezingathi sína. Umfutho wegazi kaJonathan wehla ngendlela ephawulekayo, futhi igazi lakhe lancipha. Lapho ehlinzwa okwesibili, walahlekelwa igazi eliningi kakhulu, ihemoglobin yakhe yehlela ku-5,5, okuyisigamu sesithathu sezinga elifanele. Udokotela oyisazi semithi ephuzwayo wababaza: “Isimo sendodana yakho siyawohloka. Sikwangqingetshe. Uma ingalamukeli igazi, ingase ife!” Yini okufanele yenziwe?
Amakomiti ezokuxhumanisa anikeza usizo olubalulekile kuzo zombili lezehlakalo zaseCanada. Enye yaqinisekisa umkhaya wakubo kaSonya ukuthi uma kwakungadingeka, babengasiza ekwenzeni amalungiselelo okuba adluliselwe esikhungweni sezokwelapha esikwelinye izwe. Kodwa ingabe kwakungenziwa okuthile ukuze udokotela wokuhlinza wesifazane owayesejwayelene kakade nokugula kwakhe aqhubeke? Empeleni, lodokotela wokuhlinza wayesesondelene noSonya kangangokuba wasikisela ukuba abe yingxenye yeqembu elalizohlinza kungakhathaliseki ukuthi kwakuzohlinzelwaphi. Nokho, kwakungadingeki ukudluliselwa kwenye indawo. Amalungu ekomiti akwazi ukushukumisa izisebenzi zezokwelapha ukuba zibambisane nodokotela ohlinzayo. Ngokwalowodokotela, ngemva kokuhlinza okwathatha amahora ayisishiyagalombili nengxenye, amazwi kaSonya okuqala kwakuwukubuza ngokukhathazeka ukuthi babengamfakanga yini igazi ngenkani. Yeka ukuthi wajabula kanjani uSonya ngokwazi ukuthi babengampompelanga!
Endabeni kaJonathan, lapho igazi lakhe lehlela ku-5,5 ngemva kokuhlinzwa kabili, odokotela babeqiniseka ukuthi ukumpompela igazi kwakudingeka ukuze basindise ukuphila kwakhe, futhi babekulungele ukufuna incwadi ebagunyazayo evela enkantolo ukuze bamfake igazi ngenkani. Kodwa ukholo oluqinile lukaJonathan kanye nokumelana kwakhe siqu nokusetshenziswa kwegazi kwazidambisa izinto. UJonathan uyabika: “UDkt.— ngamdonsa ngesiphika sejazi lakhe futhi ngamgqolozela emehlweni ngathi, ‘NINGISIZE angilifuni igazi noma imikhiqizo yegazi!’” Ikomiti yabazalwane abaqeqeshiwe yasiza ekuhleleni ukuba uJonathan athuthwe ngendiza ayiswe esibhedlela sezokwelapha esikhudlwana. Lapho efika, ilungu lekomiti laselisesibhedlela futhi selikhulume nodokotela abelaphayo. Ngosuku olulandelayo ihemoglobin kaJonathan yayisimi ndawonye. Umthamo wegazi lakhe wathuthuka kancane kancane, futhi wakhishwa ngemva kwezinsuku ezingu-15 zokuhlinzwa kwakhe kokuqala.
Ngokusobala, njengoba inani elandayo lezisebenzi zezokwelapha kanye nezisebenzi zezenhlalakahle zizimisele ukusebenza namaKomiti Okuxoxisana Asesibhedlela oFakazi BakaJehova, kungalindelwa impumelelo enhle eqhubekayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Inyatheliswe kabusha emakhasini 27-9 encwajana ethi Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho?, enyatheliswe iWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
b Manje kunamaKomiti Okuxoxisana Asesibhedlela angu-100 eUnited States, angu-31 eCanada, angu-67 eFrance, kanye namanye engeziwe kwamanye amazwe kuwo wonke umhlaba.