Ukubuka Okwezwe
Isu Lendlu-ngendlu
Ngokwephephandaba laseMadrid iEl País, abapristi nababhishobhi bamaKatolika babhekene nesikhathi esinzima. Besibekelwe ukudumala, abanye bayabushiya ubupristi noma bafuna ukusheshe bathathe umhlala-phansi. Phakathi kwezizathu ezinikeziwe kukhona isizungu esibangwa ukungashadi abakwenziswa ngempoqo. Ababhishobhi futhi bakhathazekile ngokwanda kwamanye amaqembu enkolo. IEl País yaphawula ukuthi elinye iphini likapapa lahlongoza ukuba abafundela ubufundisi bafundiswe “isu lendlu-ngendlu ukuze baye endlini ngendlu njengoFakazi BakaJehova batshele abantu ukuba bamukele ukholo lwamaKatolika.” Ngokwephephandaba, leliphini lenezela ngokuthi kokubili uKristu nomphostoli uPawulu bahlanganyela emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu.
Ukuphaphamela Ukubona Izakhiwo “Ezigulayo”
Njengoba manje ubhadane lwezakhiwo ezigulayo olubangelwa ukungcola komoya wangaphakathi selufakazelwe kahle, umuntu uyibona kanjani inkinga ngaphambi kokuba abantu bagule? (Bheka iPhaphama! yesiNgisi, 13/22/88, ikhasi 30 neka-12/8/88, ikhasi 29.) Oprofesa ababili baseYunivesithi yaseDartmouth bathi, ibonakala ngokusebenzisa izitshalo. Bathi izinto ezingcolisa umoya zingazigulisa ngokubonakalayo izitshalo ngaphambi kokuba amakhemikhali agulise abantu, ngaleyondlela zinikeze isixwayisayo kusenesikhathi. Izitshalo eziningi zibonisa amahlamvu agoqene nafayo noma zibonise ukungakhuli kahle lapho zithintana namakhemikhali angase abangele abantu baphathwe amakhanda, nesiyezi, futhi aveze ezinye izimpawu zezakhiwo ‘ezigulayo.’ Benezela ngokuthi, ngaphandle kokuba ngezizwela kakhulu, izitshalo zibiza kancane kakhulu kunemishini.
Ukwenza Imikhono Yesibhamu Ibe Izinduku Zokudlala
Ngo-1990 uhulumeni waseNingizimu Afrika wamemezela ukuyinciphisa kakhulu imali echithelwa ekuthengeni izikhali, ngokusho kweFinancial Mail. Leliphephabhuku laseNingizimu Afrika lathi, “umhlaziyi wezempi ubikezela ukuthi okungenani izigidi eziyinkulungwane zamaRandi zizosuswa emalini ebekelwe ezempi ngonyaka ozayo.” Ukuze ibhekane nokwehla kokufunwa kwezikhali, imboni yezikhali iye yangenela izivumelwano zamabhizinisi namafemu akhiqiza izinto ezithengisayo. Enye ifekthri eyenza izikhali “iye yalungisa imishini yayo eyayisetshenziselwa ukwakha imikhono yokhuni yesibhamu ukuze yakhe izinduku zohlobo oluphambili zokudlala icricket,” kubika iphephandaba laseGoli iStar. Izinduku zecricket zisetshenziswa emdlalweni wasehlobo othandwayo eNingizimu Afrika futhi ziye zahlolwa futhi zatuswa umdlali wecricket ophambili.
Izimvemvane Ezinciphayo
IYurophu inezinhlobo ezaziwayo ezingaba ngu-380 zezimvemvane, isigamu sesithathu sazo sitholakala kulelozwekazi kuphela. Umbiko okuEuropean ubonisa ukuthi “cishe zonke . . . ziye zancipha kakhulu futhi eziningi zibhekene nokunyamalala ngokuphelele.” Amazwe athintekile ahlanganisa iNetherlands, iJalimane, iSwitzerland, kanye neUnited Kingdom. Iyini imbangela? Ukwanda kokukhiqiza kwezolimo, ikakhulu okugqugquzelwa ukukhula koMphakathi waseYurophu, kuye kwaholela ekonakalisweni kwezindawo ezingokwemvelo zokuhlala izilwane zasendle. Ukulinywa kwezimfunda zotshani, ukukhishwa kwamanzi emaxhaphozini, ukusetshenziswa kwezibulala-zinambuzane okwandile, ukonakaliswa kwemithi etshalwe emingceleni yamasimu, kanye nokuphathwa kabi kwezimfunda ezinohlaza kuye kwasenza saba bucayi ngokwengeziwe isimo.
Izigebengu Ezisencane
Ngokokuhlola okwenziwa uMnyango Wokwahlulela eJapane, “intsha [ibangela] ukusolwa okungamaphesenti angu-57,4 abo bonke abantu abasolwayo abaphenywa noma baboshwa,” kubika iDaily Yomiuri. Isilinganiso sobudala bezigebengu ezisencane siye sehla minyaka yonke eminyakeni engaphezu kweyishumi. Leliphephandaba linezela ukuthi “ngokwalokhu kuhlola, amaphesenti angaphezu kuka-70 alamahlongandlebe enza amacala awo okuqala phakathi neminyaka engu-13 nengu-15 yobudala. Kulabo ababoshwa okungenani okwesibili, abaningi benza ubugebengu babo bokuqala ngaphambi kokuba babe neminyaka engu-10.” Lokhu kuhlola kwembula ukuthi iningi lentsha engamahlongandlebe eJapane linabazali abanganikezi isiqondiso esanele. Ivela emikhayeni “engakwazi ngokuphawulekayo ukuxoxisana ngendlela ephumelelayo.”
IBhayibheli LesiMongol
Abantu abakhuluma isiMongol abasemhlabeni wonke manje sebeyakwazi ukuthola ingxenye yeBhayibheli ngolimi lwabo. Kwathatha isazi saseBrithani uJohn Gibbens iminyaka engu-18 ukuba aqede inguqulo yakhe yemiBhalo yamaKristu yesiGreki. NgokukaMnu. Gibbens, “ulimi lwesiMongol luwulimi lokugcina olusemthethweni emhlabeni ukuba luthole iTestamente Elisha,” kubika iAsia Magazine. Nokho, lomagazini unezela ngokuthi inani lalabo abalikholelwayo iBhayibheli “kulinganiselwa ukuthi lingaphansi kwabayishumi nambili kubantu abayizigidi ezingu-2,2 abahlala eMongolian People’s Republic.” Inhlangano yeBhayibheli yaseNgilandi ichaza ukuthi kunesithakazelo esandayo eBhayibhelini njengencwadi yomhlaba.
Ukuphikisana KwamaKatolika
Iphephandaba laseFrance iFigaro libika ukuthi ngokokuhlola kwamuva okwenziwe ezweni kabanzi kombono wamaKatolika aseFrance, iningi lamaKatolika aseFrance (amaphesenti angu-57) alivumelani nezimfundiso ezisemthethweni zesonto ngokuphathelene nezindaba zokuziphatha. Lapho ebuzwa ngokwethembeka kwasemshadweni, ukulawulwa kwenzalo, ukukhishwa kwesisu, nokuzijova ngesidoda, amaphesenti angu-60 asabela ngokuthi isonto akumelwe limise noma imiphi imithetho kulezizindaba. Ukuhlola kwembula ukuthi amaphesenti angu-69 agcwele amaKatolika aseFrance athi ayavumelana, ngokwesimiso, nobuhlobo bobulili ngaphambi komshado. Ngaphezu kwalokho, amaphesenti angu-49 athi afuna kuqedwe ukungashadi okuyimfuneko kubapristi abangamaKatolika, futhi amaphesenti angu-51 acabanga ukuthi abesifazane kumelwe bavunyelwe ukuba babe abapristi. Ngokuthakazelisayo, amaphesenti angu-8 kuphela acabanga ukuthi iSonto lamaKatolika lisathembekile ezimfundisweni zikaKristu uJesu.
Imikhuba Yobusathane
“Imibiko yemikhuba yobusathane, osekukudala iphikiswa njengengenakwenzeka, yenzeka kaningi ngokwandayo nangokuphazamisayo,” kubika iGlobe and Mail yaseCanada. Leyomibiko ihlanganisa ukuphathwa kabi ngokobulili, ubuzimuzimu, nokunikela ngabantu njengemihlatshelo. Abanye bathi izisulu zabantu abenziwa iminikelo zitholakala kubantu abehla benyuka nabangenamakhaya abangu-50 000 okubikwa ukuthi balahleka minyaka yonke eNyakatho Melika. Kunezimangalo futhi zokukhiqizwa kwabantwana ngenjongo yokubenza umnikelo. IGlobe and Mail inezela ukuthi “eCanada, abantu abalinganiselwa ku-2 000 baye bavela obala bethi baye baphathwa kabi emicikilishweni yobusathane.” Ukuze kubhekanwe nalenkinga, iminyango yamaphoyisa kwezinye izingxenye zeCanada ibonisa ubuSathane ezifundweni zayo. Izikhulu zikhathazekile ngenxa “yendlela ubuSathane obukhanga ngayo intsha.”
Amafutha Anempilo
Ukuhlola kwamuva kuye kwembula ukuthi ukuvama kwesifo senhliziyo kubantu abahlala eduze kogu lwaseJapane kuphansi kunakubantu abahlala maphakathi nezwe. Siyini isizathu? IAsiaweek ibika ukuthi ukudla okucebile ngokudla kwasolwandle “kuye kwahlanganiswa nokwehla kwezifo zenhliziyo eziningi futhi ezivamile. Izinhlanzi isalmon netrout zinesilinganiso esiphakeme samafutha ancibilikayo aziwa ngokuthi iomega-3. Kukholelwa ukuthi loluhlobo lwamafutha lungasehlisa isilinganiso samafutha angancibiliki futhi lunciphise “‘ukunamfuzela’ kwegazi—ukuthambekela kwalo ekwenzeni amahlule futhi ngokunokwenzeka livale imithambo yegazi,” kuphawula iAsiaweek. Abanye basikisela ukuthi iomega-3 ingasiza ngisho nokuvimbela ezinye izifo, njengesifo sokuqaqamba kwamathambo, umdlavuza wamabele, ukungasebenzi kahle kwezinso, kanye nezinhlungu zekhanda eziphikelelayo.
Umbulali Wemithi Ongungqa-phambili
NgokweSüddeutsche Zeitung, iphephandaba laseMunich, amahlathi aseJalimane ayawohloka. Cishe indawo engamaphesenti angu-56 yamahlathi aseJalimane kuthiwa yonakele. Imithi engamafir ithinteka ngokukhethekile, okuye kwaba nemiphumela engathi sína emagqumeni, lapho izimpande ezijulile zifeza khona ingxenye ebalulekile ekuvimbeleni izikhukhula nokukhukhuleka kwenhlabathi engaphezulu. ISüddeutsche Zeitung iphawula ukuthi ngenxa yezinga eliphakeme lokugcwala kwezimoto eJalimane, “abezokongiwa kwendawo baye baphinda banxusa uhulumeni oHlangene ukuba enze okuthile ‘ngombulali ongu-ngqa phambili wemithi,’ izimoto.”
Ukufundela Ekhaya
Amakhulu ezinkulungwane zabazali eUnited States afundisela abantwana bawo emakhaya kunokuba abathumele esikoleni. INew York Times ibika ukuthi ngokokunye ukulinganisela, abantwana abangaphezu kuka-500 000 bafundiselwa ekhaya. Lokhu kukhetha kuya kuthandwa abazali abakhathazwa “izidakamizwa nobugebengu ezikoleni zomphakathi nokwehla kwezinga lemfundo etholwa kothisha.” NgokweTimes, abezemfundo bathi labantwana benziwa “izisulu zabazali abanezinhloso ezinhle kodwa abangaqeqeshiwe.” Umkhulumeli weNhlangano Yezikole Zasemakhaya Yezwe Lonke wavuma ukuthi “ukufundela ekhaya akukhona okukanoma ubani.” Wabe esenezela: “Kodwa futhi kunjalo nangesikole somphakathi.”
Izindleko Zokugcina Izindlu Zamasonto
Nakuba iSonto laseNgilandi lingelesibili ukuba nendawo enkulu eBrithani, libhekene nobunzima bokugcina izindlu zalo zamasonto eziningi. NgokweGuardian Weekly yaseManchester, “kunezinkomba zokuthi umphakathi usuyakhathala ukusekela lezindlu eziwohlokayo uma zizinhle osekuthathe iminyaka eminingi.” Ezinye izikhulu zesonto ziye sasikisela ukuvula izindlu zokudlela emagcekeni esonto noma ukwandisa izitolo ezithengisa izipho esezikhona kakade; eYork, izikhulu zesonto ziyiphinde kabili intela yezitolo zendawo. Leyomizamo iye yahlangabezana namazinga ahlukahlukene okugxekwa okuvela kubaholi besonto. Kodwa uDkt. Robert Runcie, owayengumBhishobhi Omkhulu waseCanterbury, muva nje ubhale incwadi eya kuhulumeni waseBrithani ecela usizo olungokwezimali lokusekela isonto. Indlu yesonto yase-Ely inekhambi elilula. Ikhokhisa izivakashi imali yokungena.