Izindinganiso Zenkolo—Ziphikelelephi?
“Imibhangqwana engu-15 isemhlanganweni wakusihlwa [wesonto lamaKatolika] wokweluleka abazoshada. Kubantu abangamashumi amathathu abakhona, bathathu kuphela abathi bayakholwa.—I-Croix, iphephandaba lamaKatolika lesiFulentshi eliphuma nsuku zonke.
IZINDINGANISO zenkolo zisesimweni esibucayi. Esembozweni se-Newsweek yamazwe onke ka-July 12, 1999, kwakunalo mbuzo: “Ingabe UNkulunkulu Ufile?” Lo magazini waphendula ngokuthi kubonakala kunjalo impela entshonalanga Yurophu. Iphephandaba lesiFulentshi i-Monde, lasho lokhu lapho libika ngomkhandlu weSonto LamaKatolika owawuhlangene eRome ngo-October walowo nyaka: “ISonto likuthola kunzima kunakuqala ukushumayela ivangeli lalo kubantu abangasalithandi. . . . E-Italy, ubuKatolika abuseyona into eyodwa efanayo. . . . EJalimane, impikiswano ngezikhungo zokweluleka abafuna ukukhipha izisu iyalandisa igebe phakathi kukapapa nabantu abafuna ukwenza abakuthandayo abangasazimisele ukuvuma ukutshelwa. Kakade ezinye izingqapheli zithi isinqumo esishaqisayo [seNetherlands] endabeni yokuziphatha nokuqedela asebegulela ukufa sidalwe ukulahla kwayo ubuKristu kungazelelwe.”
Kunjalo nakwezinye izindawo. Ngo-1999 uMbhishobhi Omkhulu waseCanterbury, uGeorge Carey, waxwayisa ngokuthi “kusele isizukulwane esisodwa linyamalale” isonto laseSheshi. Esihlokweni esasithi “Ukuphela KobuKristu EYurophu,” iphephandaba lesiFulentshi i-Figaro lathi: “Kwenzeka into efanayo yonke indawo. . . . Abantu bayaqhubeka bengabaza izimfundiso nezimiso zokulungile nokungalungile.”
Kuyancipha Ukuzihlupha Ngenkolo
EYurophu lehla ngokushesha inani labantu abaya esontweni. Angamaphesenti angaphansi kweshumi amaKatolika aseFrance aya eMiseni njalo ngeSonto, kanti angamaphesenti asukela kwamathathu kuya kwamane kuphela amaKatolika aseParis aya njalo esontweni. E-United Kingdom, eJalimane nasemazweni aseScandinavia amanani athi awafane noma aze abe ngaphansi kwalawa.
Okuzikhathaza kakhulu iziphathimandla zenkolo ukuntuleka kwabantu abafundela ubufundisi. Eminyakeni engaphansi kwekhulu, inani labefundisi eFrance lehle kakhulu, lisuke kubefundisi abangu-14 kubantu abangu-10 000 laya koyedwa kubantu abangu-10 000 namuhla. Kuyo yonke iYurophu, isilinganiso seminyaka yobudala babefundisi siyakhuphuka, futhi bantuleka ngisho nasemazweni anjenge-Ireland neBelgium. Ngesikhathi esifanayo, liyehla inani lezingane ezibhalisa emakilasini ekhathekizimu, okwenza kungabazeke kakhulu ukuthi iSonto LobuKatolika liyokwazi ukusimama.
Sekuphelile ukuyethemba inkolo. Bangamaphesenti angu-6 kuphela abantu baseFrance abakholelwa ukuthi “iqiniso lingatholakala enkolweni eyodwa kuphela,” uma kuqhathaniswa nabangamaphesenti angu-15 ngo-1981 nangu-50 ngo-1952. Kuyanda ukungabi nandaba nenkolo. Inani labantu abathi abasonti liye lakhula lisuka kumaphesenti angu-26 ngo-1980 lafika kumaphesenti angu-42 ngo-2000.—Les valeurs des Français—Évolutions de 1980 à 2000 (Izindinganiso ZaseFrance—Ukushintsha Kwazo Kusukela Ngo-1980 kuya ku-2000).
Ushintsho Olukhulu Ezindinganisweni Zokuziphatha
Lesi simo esibucayi ezindinganisweni sibonakala nasendabeni yokuziphatha. Njengoba kushiwo ngaphambili, abantu abaningi abahamba isonto bayayenqaba imithetho yokuziphatha yamasonto abo. Abavumelani nombono wokuthi abaholi benkolo banelungelo lokumisa izindinganiso zokuziphatha. Bona labo bantu abayishayela ihlombe imibono kapapa ngamalungelo abantu bayenqaba ukulandela lokho akushoyo uma sekuthinta ukuphila kwabo kwangasese. Ngokwesibonelo, abaningi, kuhlanganise nemibhangqwana eminingi engamaKatolika, bawushaya indiva umbono wakhe ngokuvimbela inzalo.
Lesi simo sengqondo sikhona kuyo yonke imikhakha yomphakathi, kwabakholwayo nabangakholwa. Imikhuba imiBhalo Engcwele eyilahla ngokucacile iyamukelwa. Eminyakeni engu-20 edlule, ubungqingili babuyinto engamukeleki kumaphesenti angu-45 ezakhamuzi zaseFrance. Namuhla, buyamukeleka kwabangamaphesenti angu-80. Nakuba bebaningi kakhulu abathi kuhle ukuthembeka emshadweni, nokho bangamaphesenti angu-36 kuphela abakulahla ngaphansi kwazo zonke izimo ukuba neshende.—Roma 1:26, 27; 1 Korinte 6:9, 10; Hebheru 13:4.
Inkolo Exubile
Emphakathini waseNtshonalanga, iyanda inkolo yokuzenzela, lapho wonke umuntu ezikhethela khona izinkolelo azithandayo. Ezinye izimfundiso ziyamukelwa, ezinye ziyalahlwa. Abanye bathi bangamaKristu bebe bekholelwa imfundiso yokuphind’ ukuzalwa, abanye abangabazi ukulandela izinkolo ezahlukahlukene ngasikhathi sinye. (UmShumayeli 9:5, 10; Hezekeli 18:4, 20; Mathewu 7:21; Efesu 4:5, 6) Incwadi ethi Les valeurs des Français yabonisa ngokucacile ukuthi amakholwa amaningi anhlanhlathe ngendlela engenakunqandeka ezindleleni ezimiswe yisonto.
Nokho, kukhona ingozi kulo mkhuba wokuziqambela inkolo. UJean Delumeau, isazi-mlando senkolo futhi oyilungu le-Institut de France, ukholelwa ngokuqinile ukuthi akunakwenzeka ukuba umuntu azakhele inkolo yakhe engasekelwe ohlelweni oluthile olumisiwe. “Ukholo alukwazi ukuqhubeka luphila uma lungakhelwe esisekelweni esiqinile senkolo ethile.” Izindinganiso zenkolo eziqinile nokuziphatha komuntu kumelwe kwakhe into eyodwa ebumbene. Kungatholakalaphi ukubumbana okunjalo emphakathini ohlale ushintsha njalo?
Nomaphi eBhayibhelini sikhunjuzwa ukuthi nguNkulunkulu omisa izindinganiso ezamukelekayo zokuziphatha, nakuba ebavumela abantu ukuba bakhethe ukuthi bayazilandela yini noma cha. Izigidi emhlabeni wonke ziyaqaphela ukuthi le ncwadi esinesikhathi eside ihlonishwa inenzuzo yangempela namuhla nokuthi ‘iyisibani ezinyaweni zazo, nokukhanya endleleni yazo.’ (IHubo 119:105) Zifike kanjani kuleso siphetho? Lokho kuzoxoxwa ngakho esihlokweni esilandelayo.