Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 3/22 k. 31
  • “Abantu Abayizimvukuzane”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Abantu Abayizimvukuzane”
  • I-Phaphama!—1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umshikashika Womhubhe
    I-Phaphama!—1994
  • Ukungabi Nakhaya Kubangelwa Yini?
    I-Phaphama!—2005
  • Ingabe Bewazi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Abangenamakhaya—Inkinga Yomhlaba
    I-Phaphama!—1988
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 3/22 k. 31

“Abantu Abayizimvukuzane”

UBUSIKA obubandayo. Uchungechunge lwemihubhe engamakhilomitha angu-⁠1 100 engaphansi komhlaba okungenani efudumele kunedolobha elingaphandle. Inani elandayo labantu abangenamakhaya​—⁠abangu-75 000, ngokwesilinganiso esisodwa. EDolobheni laseNew York, eU.S.A., lezozici ezintathu ziye zahlangana ukuze zakhe isenzakalo esethusayo sasedolobheni: abahlala emihubheni, noma “abantu abayizimvukuzane,” njengoba abanye bebabiza kanjalo. Ezindleleni eziyingcingo nasezitebhisini, ezindlini zezimpahla ezingasasetshenziswa, imihubhe, namanye amagumbi angasanakiwe alezinkimbinkimbi ezinkulu, baye basika iziza zamakhaya ezincane. Komunye umhubhe wesitimela waseManhattan osunesikhathi eside ungasetshenziswa, amashumi ngamashumi abo aye angena ezindaweni zokugcina amalahle ezikhonkiwe, emagunjini, nasemiphemeni. Abanye baye bakha ngisho nemikhukhu emincane emhubheni.

Nokho, ukuphila kwasemhubheni kunzima. Amagundane alingana namakati akhwashaza ebumnyameni. Minyaka yonke abantu abaningi babulawa izitimela eziduma zidlula emihubheni nawujantshi wesithathu onogesi. Amaphoyisa akhuculula imigwaqo njalo ukuze axoshe abangenamakhaya. Izisebenzi zokuthutha ziyalandela, zidiliza lemikhukhu. Zikhipha imibhede nezingubo zokulala, imisakazo namathelevishini, zize ngisho zihwaye iphepha lasodongeni ezindongeni zezindawo zokucasha emihubheni.

Ngemva kokuhamba kwamaphoyisa, abangenamakhaya bayabuyela. Njengoba omunye umphathi wamaphoyisa atshela iNew York Times, yonke imizamo yabo yokususa abangenamakhaya ingase ibagudluze isikhashana kuphela emihubheni. Wakubeka ngalendlela: “Leli ikhambi lesikhashana.” Kodwa ukungabi namakhaya akuyona inkinga yesikhashana. Ngokokunye ukulinganisa, abaningi kangangezigidi ezimbili abanawo amakhaya eUnited States iyodwa. Ngonyaka owodwa kuphela, inani labo landa ngokwethusayo ngamaphesenti angu-18. Ngokucacile, ikhambi elihlala isikhathi eside liyilokho esikudingayo. Yilokho uMdali wesintu akuthembisayo eBhayibhelini​—⁠isikhathi lapho wonke umuntu emhlabeni eyokwazi ukwakha indlu yakhe futhi ahlale kuyo, ejabulela ukuphila okungenakho ukukhathazeka ngobumpofu nokungabi nakhaya.​—⁠Isaya 65:​21-⁠23.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela