Intsha Iyabuza . . .
Ngingaba Kanjani Isibonelo Kubafowethu Nodadewethu Abancane?
UPAUL wayazi ukuthi umfowabo omncane ukujabulela kangakanani ukubukela ithelevishini. Ngakho wamangala lapho ngolunye usuku embona eyicisha uhlelo lusaqhubeka. Sasiyini isizathu? Umfowabo kaPaul wachaza: “Bekungesiwo umdlalo ohlanzekile. Bengazi ukuthi wena uzoyicima, ngakho ngayicima ngokwami.”
Ngaphandle kokuqaphela, uPaul wayebekele umfowabo omncane isibonelo sokusilandela—futhi ngaphezu kwalokho esihle. Ingabe unabo abakwelamayo? Khona-ke lokho okushoyo nokwenzayo kungabathinta ngokufanayo. Incwadi iSibling Rivalry, kaSeymour V. Reit ithi: “Umuzwa wokulingisa omelamayo unamandla amakhulu futhi uqondisa izenzo eziningi zomntwana. Ngokwemvelo esibelamayo bayizibonelo zokulingiswa.”
Ngakho, uthanda noma ungathandi, ngenxa yokuthi umdala futhi unomthwalo wemfanelo owengeziwe, abafowenu nodadewenu ngokunokwenzeka bayokubheka njengesibonelo sokusilandela. Bangase bazame ukulingisa indlela osho futhi wenze ngayo izinto. Kuyavunywa, ukuba ngaso sonke isikhathi kufanele ube isibonelo sabakwelamayo ngezinye izikhathi kungabonakala kuwumthwalo.a “Ngiyisibonelo sawo wonke umuntu,” kukhononda intombazane eyeve eshumini nambili okuthiwa uLinda. “Ngakho umama uthi kungalesosizathu kufanele ngiqhube kahle esikoleni . . . Ngempela nginomthwalo wemfanelo omkhulu kakhulu.” Ukucindezeleka kungase kube kukhulu ngokukhethekile uma uhlala ekhaya elinomzali oyedwa. “Ngendlela engokoqobo ngingubaba wabo,” kubhala omunye umfana ngabamelamayo.
Nokho, ukuba ubhuti noma usisi omdala kunezinzuzo zakho. Phakathi kokunye, kukuvumela ukuba ube ithonya elihle ekuphileni kwabakwelamayo. Ake sibone ukuthi kanjani.
Ekhaya
Isaga sakudala sithi: “Indlu iyakhiwa ngokuhlakanipha, iqiniswe ngokuqonda.” (IzAga 24:3) Yiqiniso, ngokuyinhloko kuwumthwalo wemfanelo wabazali bakho ukwakha ikhaya lakini, ukulenza libe indawo egcwele ukuthula nenjabulo. Kodwa ngokuba wena ngokwakho ubonise ukuhlakanipha nokuqonda okuthile, unganikela kakhulu enjabulweni yomkhaya wakini.
Ngokwesibonelo, usabela kanjani uma uMama noma uBaba ekucela ukuba uchithe izibi noma ucoce ikamelo lakho? Ingabe ubambisana nabo? Uyalalela? Noma ingabe uyavukela noma ubaphendule ngokungenanhlonipho? Uma kunjalo, ungamangali uma abakwelamayo ngokushesha nabo beqala ukubaphendula. Into ongayenza ehlakaniphile newukuqonda iwukulandela amazwi ezAga 1:8: “Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.”
Kuyavunywa, ungase ube nesizathu esihle sokukhononda. Enye intombazane eneminyaka engu-18 yazwakalisa ukudabuka: “Angicabangi ukuthi umama ubeka umthwalo wemfanelo ofanele kubafowethu ababili. Yimina engithwala umthwalo wemfanelo wakho konke: umsebenzi wasendlini, ukubeka izibonelo, konke.” Mhlawumbe ukhuluma iqiniso kulokhu. Kodwa kunokuvukela, akungcono yini ukuxoxa ngakho nabazali bakho ngomoya ozothile nangenhlonipho? Ungabazisa ngendlela ozizwa ngayo nangalokho ocabanga ukuthi kungazithuthukiza izinto. Ngokuxoxa ngokukhululekile nabazali bakho, awenzi nje kuphela ukuphila kube ngcono ngawe ngokwakho kodwa futhi ufundisa abakwelamayo indlela evuthiwe yokulungisa izingxabano.
Nokho, ngemva kokuxoxa ngakho nabazali bakho, khumbula, izwi labo yilo eligcinayo endabeni. Ngakho sijabulele isinqumo sabo. Ngalendlela nawe uyobe ubekela abakwelamayo isibonelo esihle.
Izimpikiswano ezivuthayo ngemisebenzi yasendlini ngokuvamile zingagwenywa ngokuphelele uma uthatha isinyathelo kuqala. Ngamanye amazwi, ingabe njalo kudingeka utshelwe ukuba ungashiyi izingubo zakho yonke indawo phansi, noma ingabe uyazilungisa izinto zakho ngaphandle kokuba ugqugquzelwe? Isibonelo sakho sokuthula kulendaba singenza okukhulu ekusizeni umfowenu noma udadewenu omncane ukuba afunde ukuthi emkhayeni umuntu ngamunye kufanele athwale umthwalo wakhe ukuze izinto zihambe ngokushelela.—Qhathanisa nabaseGalathiya 6:5.
Esikoleni
‘Ngiyasizonda isikole.’ ‘Angazi ukuthi kungani kumelwe ngiye. Angifundi lutho.’ ‘Ngokushesha ngangokunokwenzeka lapho ngikwazi, ngizosiyeka isikole.’ Ngokuvamile intsha izwiwa isho imibono enjalo ephambene ngesikole. Kodwa ingabe abakwelamayo bayakuzwa ukhuluma ngaleyondlela? Ingabe bayakubona uphutha noma ubuya singakaphumi isikole? Lokhu kalula kungathinta isimo sabo sengqondo ngesikole.
Ukubeka isibonelo esihle kusho ukuhlakulela isimo sengqondo, esihle ngesikole. Lokhu kungase kungabi lula. Kodwa khumbula: Ukuzikhandla esikoleni kungakusiza ukuba ukhule kokubili ngokwengqondo nangokomoya. Ngesikhathi esifanayo, kungakusiza ukuba uthuthukise amakhono ayokusiza ukwazi ukuzondla ngolunye usuku usungumuntu omdala. Incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo inengxenye enesihloko esithi “Isikole Nomsebenzi.”b Lencwadi inokwaziswa okuwusizo okungathuthukisa isimo sakho ngasekufundeni.
Isimo sengqondo esihle ngesikole ngokuqinisekile siyobathonya abafowenu nodadewenu abancane. Futhi ngokuba nesithakazelo somuntu siqu emamakini abo nasemsebenzini wesikole abawenzela ekhaya—ufune ukusiza ngokuzithandela ngezikhathi ezithile—ungenza okukhulu ekuqhubekiseleni phambili intuthuko engokwemfundo. Kodwa kuthiwani ngendlela oziphatha ngayo esikoleni? Ubaphatha kanjani othisha, abeluleki, kanye nabaphathi besikole? Ingabe uyedelela, unenkani, noma ingabe ubeka isibonelo esihle ngokubonisa inhlonipho ngegunya labo?—Qhathanisa noThithu 3:1, 2.
Abakwelamayo bayobheka futhi ukuthi ukhetha uhlobo olunjani lwabangane. Uma uqala ukugijima neqembu elinaka izinto “zesimanje,” ngokushesha ungazithola “usuyisidala” kuNkulunkulu! Umbhalo ovame ukucashunwa weyoku-1 Korinte 15:33 uyaxwayisa: “Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.” Ngesikhathi esifanayo, ungase ubabekele isibonelo esiyingozi abakwelamayo. Omunye omusha owakhuliswa umama ongumKristu wakhetha ukulahla izindlela zikaNkulunkulu futhi waqala ukuzihlanganisa neqembu lentsha esebenzisa kabi izidakamizwa. Ngokushesha naye waqala ukusebenzisa kabi izidakamizwa. Esaba ukuthi umfowabo omncane uzohamba ezinyathelweni zakhe, wamxwayisa: “Ungalokothi uqale ukusebenzisa izidakamizwa!” Kodwa izenzo zakhe zabonakala zinethonya ngaphezu kwamazwi akhe, futhi ngokushesha umfowabo waba ngomunye waleloqembu elibi. Ngokuqinisekile, awunakuthanda ukuba unembeza wakho usindwe ulwazi lokuthi ube isikhubekiso kumfowenu noma udadewenu!—Qhathanisa noMathewu 18:7.
Ukubeka Isibonelo Ekukhulekeleni
Entsheni engamaKristu kubaluleke kakhulu ukubeka isibonelo esihle ezindabeni eziphathelene nokukhulekela. Ukuzimisela kwakho, inhlonipho, nenkulumo eyakhayo ngeke nje kuphela kwenze inhliziyo kaYihlo osezulwini ijabule kodwa futhi kungaba nethonya elihlala njalo kubafowenu nodadewenu abancane.—IzAga 27:11.
Ngokwesibonelo: Kwenye intsha ephakathi koFakazi BakaJehova, ukushumayela obala kunzima. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) NjengoJeremiya wakudala, enye intsha imane nje izizwa ingafaneleki. (Qhathanisa noJeremiya 1:6.) Enye ingase ngisho ibe namahloni okubonwa abangane bayo lapho ikulomsebenzi osindisa ukuphila. Ingabe kunzeka ukuthi abakwelamayo bavinjelwa imizwa enjalo ephambene? Uma kunjalo, zama ukuba nombono oqondile ngomsebenzi wokushumayela. Qikelela ukuba uphume njalo uye emsebenzini wokushumayela nomkhaya wakini. Njengoba abakwelamayo bekubona uthola injabulo nokwaneliseka kulomsebenzi, bangase bafune ukulingisa ukholo lwakho.—Qhathanisa namaHeberu 13:7.
Ngokwesibonelo, cabangela intombazane eyeve eshumini nambili egama layo linguCrystal. Iyachaza: “Umgomo engizibekele wona uwukuba njalo ngonyaka ehlobo ngisebenzise okungenani izinyanga ezimbili ngiyiphayona elisizayo.”c Intshiseko yakhe ibe namuphi umphumela kumfowabo omncane? UCrystal uthi: “Umfowethu oneminyaka engu-12 ubudala ubelokhu esebenzisa isikhathi esengeziwe emsebenzini wokushumayela selokhu ngaqala ukwenza lokhu.”
Imihlangano yobuKristu ikunikeza elinye ithuba lokubeka isibonelo esihle. Ukuya kuyo njalo kuyimfuneko engokomBhalo. (Heberu 10:24, 25) Kungani ungafundisi abakwelamayo indlela yokuhleleka neyokuzithiba ukuze bakwazi ukusheshe baqede umsebenzi wabo wesikole futhi bakwazi ukuya emihlanganweni? Bangafunda futhi ukuyijabulela ngokwengeziwe imihlangano uma bebona ukuthi njalo uyilungiselela kahle futhi wenze umzamo wokuhlanganyela kuyo.
Ukuphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu akulula. Kodwa uNkulunkulu ufuna ukuba yonke intsha engamaKristu ‘ibe-yisibonelo . . . ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka’ kungakhathaliseki ukuthi inabayelamayo noma cha. (1 Thimothewu 4:12) Kungani ungaqali ekhaya? Ukwenza kwakho kanjalo kungenza izinto zehluke—ekuphileni kwabakwelamayo ngisho nasekuphileni kwakho ngokufanayo!
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka isihloko esithi “Kungani Kumelwe Ngibe Isibonelo Kubafowethu Nodadewethu Abancane?” kumagazini wePhaphama! kaNovember 8, 1989.
b Yakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
c Phakathi koFakazi BakaJehova, iphayona elisizayo linikela amahora angu-60 ngenyanga emsebenzini wokushumayela.
[Isithombe ekhasini 18]
Indlela ophatha ngayo abazali bakho ingayithinta indlela abakwelamayo abayobaphatha ngayo