Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 4/22 k. 19-k. 20 isig. 4
  • Phumelela Empini Yendawo Yokuhlala!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Phumelela Empini Yendawo Yokuhlala!
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • No. 1: Lahla Izinto Ezingadingeki
  • No. 2: Sebenzisa Yonke Indawo Ekhona
  • No. 3: Hlela Kabusha Indawo Yakho Yokuhlala
  • I-International Space Station—Isikhungo Sokucwaninga Esihamba Emkhathini
    I-Phaphama!—1999
  • Ukuhlola Umkhathi—Ikusasa Liphetheni?
    I-Phaphama!—1992
  • Ukuhlola Umkhathi—Umuntu Usehambe Ibanga Elingakanani?
    I-Phaphama!—1992
  • Amathoyizi Angcono Kakhulu
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 4/22 k. 19-k. 20 isig. 4

Phumelela Empini Yendawo Yokuhlala!

‘NGIDINGA indawo yokuhlala enkudlwana!’ Kukangaki uzwa​—⁠noma usho⁠—​lesosikhalazo esijwayelekile? Ingabe ikhambi liyikhaya elikhudlwana noma amakamelo aqashisayo? Ngokuqinisekile akunjalo. Abaningi bethu bamane nje abanakukwazi ukuthuthela kwenye indawo. Futhi ngisho nalabo bethu abangase bakwazi, ngokushesha bangase bathole ukuthi inkinga yendawo isibuye yaqhamuka futhi.

Iqiniso liwukuthi, kungakhathaliseki ukuthi incane kangakanani indawo esihlala kuyo, ngokuvamile kunendawo eyanele yezinto esizidingayo. Izinto ezengeziwe lezo ngokuvamile ezidala inkinga. Futhi lapho ikhaya lingahlelekile noma liminyene, lingaba umthombo wasikhathi sonke wokungakhululeki, ukukhungatheka, nokucindezeleka. Khona-ke, ake sigxile ezindleleni ezintathu “zokuthola” indawo yokuhlala enkudlwana kuyo kanye indawo ohlala kuyo kakade​—⁠ikhaya lakho!a

No. 1: Lahla Izinto Ezingadingeki

Emakhaya amaningi ukuhlanza kwasekwindla noma kwasehlobo, kuwumkhuba wokushintsha indlela izimpahla ezihleli ngayo, ukuhlanza nokubuyisela izimpahla endaweni ebezikuyo. Kodwa kungani ungasebenzisi lokhu njengethuba lokulahla izinto ezingadingeki?

Ingabe usuye wangenwa umkhuba wokugcina amaphephandaba nomagazini abadala? Zama ukusika izihloko ofisa ngempela ukuzigcina (ubhale kuzo igama lalokho ozisike kukho, usuku, nenombolo yekhasi ukuze ubhekisele kukho esikhathini esizayo) bese ulahla lonke iphephandaba noma umagazini. Uyomangala ukuthi ingakanani indawo entsha lokhu okungayiveza!

Futhi, bheka impahla yasendlini onayo. Ingabe kunezinto ezincane lapha nalaphaya ezingafezi lutho ngaphandle kokunezela ekuminyaneni? Mhlawumbe umngane angazisebenzisa kangcono. Futhi kuthiwani ngamakhabethe enu ezingubo? Ingabe agcwele izingubo osekuyiminyaka ningazigqoki? Kungani ningacabangeli ukulahla noma yini eningazange niyigqoke esikhathini esingangonyaka noma ngaphezulu?

Kuyavunywa, lokhu kuzwakala njengomsebenzi omkhulu, futhi kungaba yiwo. Ngakho kwenze umsebenzi womkhaya. Hilela abantwana nomlingane wakho womshado. Lapho abantwana bakho bengena emoyeni womsebenzi, bangase babe nesifiso sokulahla ezinye zezinto ezingadingeki abanazo bona ngokwabo. Uyoba yini umphumela? Mhlawumbe uyoba ukuqala kwendlela yokuphila konke yobunono.

No. 2: Sebenzisa Yonke Indawo Ekhona

Manje ake sithathe uhambo ekhaya lakho futhi sibone zonke izindawo ongase ugcine kuzo izinto. Lezi zihlanganisa izindonga, amashalofu, iminyango, amaphasishi, amakhabethe ezingubo, nosilingi. Obhasikidi abangabizi noma amarack kungalengiswa ezindongeni zasephasishi noma eminyango ukuze kugcine izicathulo, amathawula, nokunye. Amabhokisi noma amabhokisi eziphuzo ezibandayo angasetshenziswa njengemigqomo eseduze yokugcina izincwadi, amathoyisi, ama-albhamu ezithombe, nezinye izinto onquma ukuzigcina. Ngokubeka lezizinto ekhabetheni lakho lezingubo, ungasebenzisa indawo ephansi ebithathwe yizo.

Ingabe izihlalo ezigoqwayo zithatha indawo enkulu? Mhlawumbe zingabekwa ngaphansi kukasofa noma ngemva kwamakhethini akho. Ingabe indawo eyigugu esekamelweni lokuhlala ithathwe amakhabethe amancane ezincwadi? Kungani, esikhundleni sawo, ungafaki ikhabethe lezincwadi elisuka phansi liye ophahleni ephasishi lakho? Uma ulifakela iminyango, lingasetshenziselwa futhi ukugcina ezinye izinto ngaphandle kwezincwadi.

Ungayishayi indiva indawo engaphansi kombhede wakho. Amabhokisi oqwembe nawepulasitiki angabekwa khona ukuze agcine ezinye izinto zombhede ongazisebenzisi ngaleyonkathi yonyaka. Futhi kuthiwani ngezindonga zakho? Izipikha ezinkulu zomsakazo zingakhelwa odongeni futhi kongiwe indawo ephansi. Uma amathoyisi eminyanisa indawo ephansi yekamelo lokulala lomntwana wakho, zama ukwakhela amashalofu angaphakeme ezindongeni. Lamashalofu anikeza indawo eseduze lapho umntwana wakho engabeka khona amathoyisi akhe, kunokuba anqwabelane ekhabetheni elikhulu. Amathoyisi ahlala eseduze kubantwana, futhi amashalofu angakhushulelwa phezulu odongeni njengoba umntwana ekhula. Amashalofu angase abonakale ewusizo futhi kuwe endlini yokugezela ukuze agcine amathawula, insipho, nezinto zokuzilungisa.

No. 3: Hlela Kabusha Indawo Yakho Yokuhlala

Indawo yokuhlala ezikhathini eziningi ingenziwa ngokumane kuhlelwe kabusha izinto ezimbalwa. Abaninimakhaya abaningi bancikisa yonke impahla yabo yendlu ezindongeni, beshiya indawo ephakathi nendawo yekamelo ingenalutho. Zama ukubeka amakhabethe ezincwadi amabili noma amatafula afulathelane ukuze asebenze ukuhlukanisa lelokamelo. Noma cabangela ukufaka ikhabethe lezincwadi elifinyelela ophahleni elingasebenza kokubili njengendawo yokugcina izinto nanjengento yokuhlukanisa ikamelo. Manje ikamelo elifanayo lingasetshenziselwa izinjongo ezimbili​—⁠eyokuqala ukutadisha, enye umsebenzi ovamile wasekhaya. Izinto zokuhlukanisa amakamelo ziwusizo ngokukhethekile lapho izelamani kumelwe zihlale ekamelweni elilodwa. Zandisa indawo yangasese ngezindleko eziphansi.

Nokho, lapho indawo yokuhlala incane, ngezinye izikhathi ngisho nemizamo engcono kakhulu yokuhlela kabusha ayibi nemiphumela efiselekayo. Mhlawumbe okungenani ungazikhohlisa ngokuthi unendawo enkulu ngokufaka izibuko zasodongeni noma ngokupenda kabusha ikhaya lakho ngemibala egqamile. Ukwenza enye yalezizinto kuyonikeza umbono ovuleke kakhudlwana ekhaya lakho.

Uma indawo yokuhlala encane iyinkinga, kungani ungake uzame lokhu kusikisela okungenayo imicikilisho? Ungase uthole ukuthi lapho ikhaya lakho lihlanzekile futhi lihlelekile, kunezela enhlala-kahleni nasekuthuleni kwengqondo komkhaya wonke​—⁠umvuzo ofanelekile wokuphumelela empini yendawo yokuhlala!

[Umbhalo waphansi]

a Nakuba ukusikisela okunikezwe lapha kusebenza ikakhulukazi kulabo abahlala emazweni athuthukile, ezinye zezimiso zingase futhi zibonakale ziwusizo kubafundi abasemazweni asathuthuka.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela