Izingadi ZaseJapane—Imvelo Esizaneni
Ngumlobeli we-Phaphama! eJapane
LAPHO ubuka ngaphandle kwefasitela lakho, ubona ulwandle, luzungezwe izihlabathi ezimhlophe nezihlahla zikaphayini eziluhlaza cwé okotshani. Njengoba umi kuvulanda wakho, ubuka izintaba ezinkulukazi ezigcwele izimpophoma ezigelezayo. Ngendlela obona ngayo, konke kungaphakathi kwegceke lakho. Ingabe kumane nje kuyiphupho elingenakufinyeleleka kubantu abavamile? Cha, akunjalo uma unengadi yaseJapane. Ukulingisa imvelo esizaneni kwenza leliphupho elibonakala lingenakwenzeka libe yinto engokoqobo.
Ukuze kwenziwe kube nokubukeka kobuhle obungokwemvelo, kusetshenziswa amatshe, amanzi, izitshalo, futhi ngezinye izikhathi isihlabathi. Yiqiniso, kudingeka ukucabanga nje okuncane, kodwa lapho izilinganiso zinqunywe kahle, kudaleka izimo ezikhohlisayo ezimangalisayo. Ichibi lifanekisela ulwandle noma isiziba, futhi amatshe asazitebhisi, iziqhingi. Amatshe amakhulu aba izintaba, futhi amanzi ageleza phakathi kwamatshe, izimpophoma.
Izihlahla Ezisetshenziswa Engadini YaseJapane
Njengoba uhlaza luyinala ezindaweni ezingokwemvelo zaseJapane, engadini kugcwele izihlahla kunezimbali. Izihlahla azitshalwa ngokunganaki bese ziyekwa ukuba zikhule nganoma iyiphi indlela. Ukugqagqana kwazo kuyalinganiswa, futhi ukukhula kwazo kuyalawulwa. Ngempela, izihlahla zinendima ebalulekile. Zakha ukucwatha okuyisici sezingadi zaseJapane.
Izinhlobo zezihlahla ezineminye imibala ziyasetshenziswa kodwa ngokulinganiselwe. Zenezela ukubukeka okuhlukahlukene engadini ngazo zonke izinkathi zonyaka. I-plum, i-cherry, ne-magnolia ziyasetshenziswa ukuze kuthakwe imibala ekuqaleni kwentwasahlobo. Ngo-April nango-May, ukuqhakaza okusobala kwe-azalea kunikeza isimo esijabulisayo endaweni ezungezile enokuthula. Ngokuvamile izihlahlana zayo ziyancwelwa zenziwe amabhola abushelelezi, ayizindingilizi, amakhulu namancane. Ekwindla amacembe e-maple yaseJapane akhangisa ngemibala yawo ebomvu okugqamile. Nokho, umbala oluhlaza okotshani utholakala ngobuningi engadini yaseJapane.
Izixhobo ezikhangayo zoqalo zenezela isimo saseMpumalanga. Umsayipuresi nemisedari kubekelwa imingcele yokukhula bese kuzongolozelwa, okunikeza isilinganiso esinengqondo sobude bomngcele wengadi. I-holly (inu-tsuge) yaseJapane ithandwa kuzo zonke izindawo, njengoba kungase kwenziwe okuningi ngayo. I-holly ungase uyithole incweliswe okwekhekhe lomshado, ufudu noma unohhemu eme ngonyawo olulodwa. Nokho, phakathi kwazo zonke izihlahla ezisetshenziswa engadini, ophayini abakhulu basetshenziswa kakhulu.
Ukuthena Nokunakekela Izihlahla
Phakathi kwezinhlobonhlobo zophayini baseJapane, ezivame kakhulu ukuthenwa uhlobo olumnyama nolubomvu. Uhlobo olumnyama lubizwa ngokuthi ‘olwesilisa’ futhi olubomvu lubizwa ngokuthi ‘olwesifazane’ ngenxa yezici zazo eziqinile nezimnene. Phakathi kwazo zombili, ukwakheka okuqinile kukaphayini omnyama kwenza kube lula ukuwunakekela nokuwukhulisa. Ake sithathe ophayini njengesibonelo futhi sibone indlela lezihlahla ezithenwa futhi zinakekelwe ngayo engadini yaseJapane.
Umlimi uqalisa umsebenzi wakhe ngamahlumela. Njengoba ehlola indlela avame ukukhula ngayo, ngokucophelela ugobagoba lezihlahla ezincane ngezindlela ezihlukahlukene ezithandwayo. Angase azivumele ukuba zime lutsheku ukuze kuthi lapho zimiswe phezu kwesango elingaphandle zakhe ikhothamo elihle likaphayini. Noma angase azame umklamo ovumela amagatsha ukuba agobele phansi ngendlela ewuchungechunge. Kungase futhi kusetshenziswe indlela evamile yokuzimisa ziqonde phezulu. Umtshali wesivande ukwakha kanjani lokubukeka nesilinganiso okufiselekayo?
Angase atshale amahlumela akhe ngokwe-engela ethile futhi asebenzise izingodo zoqalo njengemisime. Uhlanganisa uphahla noma uhlaka nezingodo zoqalo ezisemaceleni esihlahleni ngokusebenzisa intambo emnyama engaboli eyenziwe ngegxolo lesundu. “Lentambo,” kuchaza umlimi wesizukulwane sesine, “ishintshwa njalo ngezikhathi ezithile ukuze ingashiyi izibazi ezingabukeki emagatsheni.” Lezingodo zigcinwa isikhathi esingangonyaka noma emibili kuze kube yilapho isimo sokubukeka kwalezihlahla singenakushintsha ngaphandle kwazo.
Bese kulandela isici esiyisihluthulelo sokumisa izihlahla ngendlela ethandwayo—ukuzithena. “Umlimi wesivande uzama ukuthola ukuvumelana okunengqondo phakathi kwamaqabunga namagatsha akhula ngendlela engahlelekile nalawo athenwe kwaze kwaba sezingeni lapho kusobala kakhulu khona ukuthi ukukhula kwazo kulawulwa umuntu,” kusho incwadi ethi Japanese Gardens for Today. Inhloso yakhe iwukugqamisa izingxenye ezikhanga kakhulu zesihlahla ngokunquma konke okuyisiphazamiso. Ingabe ufuna ukuba isihlahla senabele ngasohlangothini olulodwa? Khona-ke uthena amagatsha abheke phezulu. Ngenxa yalokho uketshezi olondla isihlahla luzoya emagatsheni asemaceleni futhi ngaleyondlela lushintshe ukubukeka kwesihlahla.
Nokho, kudingeka okwengeziwe. Njalo entwasahlobo izihloko zamahlumela amasha ziyanquntwa. Lokhu kushiya cishe amamilimitha angu-25 ehlumela esihlokweni segatshana ngalinye ukuze kulawulwe ukukhula kwegatsha. Futhi, izimbudle ezinonyaka owodwa zisuswa ngesandla ngo-September. Lokhu kubangela ukubukeka okuntazayo, okusazimpiko kwezihlahla zikaphayini zaseJapane.
Lapho ophayini benakekelwa kahle bangaphila amakhulu eminyaka. Ukuze kuqinisekiswe ukuphila kwabo isikhathi eside ngaphandle kokungenwa isifo esithile, umlimi wesivande usebenzela ukubagcina benempilo ngoqhubekayo. Enye indlela ephawulekayo akwenza ngayo lokhu ingokubopha ingxenye yesiqu ngotshani obomile bezindwani. Njengoba ubusika bugasela, izilwanyana eziphila ngezinye ezihlala esihlahleni zifuna ukuthokomala futhi ngaleyondlela ziyehla bese zizishutheka zona namaqanda azo kulobutshani. Maphakathi nobusika, ngaphambi kokuba izinsuku zasentwasahlobo ezifudumele zikhiphe lezinambuzane, lobutshani buyasuswa futhi bushiswe kanye nalezilwanyana. Lapho lobutshani bezindwani buboshelwa kuso sonke isiqu kwezinye izihlahla, ezinjengamasundu, buvikela lezihlahla eqhweni nasemakhazeni amakhulu. Ngaphandle kokugcina lezihlahla zifudumele, lesisembozo sotshani esingena sithi khaxa sigqamisa nesimo sendawo esishaziswe ubusika.
Wonke lomsebenzi uyikhono elingazange lifinyelelwe noma lifundwe kalula. Ngempela, ukunakekela ezinye zalezihlahla eziphila isikhathi eside, kudinga izizukulwane zabalimi bezivande.
Izingadi Zemikhaya
Uma ziqhathaniswa nezingadi eziyinkimbinkimbi kakhulu ezisezindaweni zomphakathi, izingadi zemikhaya zaseJapane zinesimo esilula nesithandeka kakhulu. Kunamathuba angalinganiselwe okuxuba nokuvumelanisa uhlaza ngokuvumelana nokukhetha nokucabanga komuntu siqu.
Isebenzisa amatshe amakhulu nezihlahla ezincane, eminye imikhaya yakha uchungechunge lwayo lwezintatshana olunempophoma egobhozayo noma umfudlana omazombezombe ogeleza buthule. Ngisho noma ngabe ikhaya linendawo encane yengadi eminyene engosini, izimiso ezifanayo zokunciphisa ezisetshenziswa ekutshaleni ezindaweni ezinkulu zingasetshenziswa. Ngosizo lwezihlahla ezithenwe ngobuciko, bheka! iphupho elicatshangelwayo liyafezwa.
Kungakhathaliseki ukuthi uhlala kuphi emhlabeni, izimiso ezifanayo ezisetshenziswa ekwenzeni izingadi zaseJapane ezinhle zingaletha ubuhle bemvelo engadini yakho.
[Isithombe ekhasini 26]
Izihlahla ze-“cherry” zinezela ubuhle entwasahlobo
[Isithombe ekhasini 26]
Izihlahla ziyancwelwa zibe nokubukeka okuhlukahlukene