Incwadi Yokwazisa
EZINYANGENI ezithile ezidlule umagazini iPhaphama! wathola incwadi eyayivela kumfundi osemusha ayesho kuyo okulandelayo:
“Amaphephabhuku enu afundisa kakhulu, kulula ukuwafunda nokuwaqonda, afika ngesikhathi, futhi angamaphephabhuku akhuthazayo kwengake ngawafunda. Adlulisela iqiniso leZwi likaNkulunkulu ngokucophelela. Asingatha izenzakalo zamanje ngokuqonda nangethemba lesikhathi esizayo.
“Amagama asetshenzisiwe alula ngokwanele ukuba afundwe umuntu omusha, alula kakhulu kunawabanye omagazini, amaencyclopedia, nezincwadi zezikhombo. Futhi awesikhathi samanje. Ngivame ukuzibuza ngokuthile, khona-ke bese kuba nempendulo kumagazini olandelayo.
“Njengoba ngingumfundi wasesikoleni esiphakeme, kumelwe ngenze ukucwaninga okukhulu kwemibiko nemisebenzi enhlobonhlobo, okudinga izincwadi zezikhombo eziningi. Kulapha lapho omagazini benu beye babonakala bewusizo kakhulu khona. Ngiyajabula ukusho ukuthi ukwaziswa kwemisebenzi yami eminingi kuye kwavela kulabomagazini. Njalo kubonakala sengathi lapho ngidinga isihloko sokwenza umsebenzi othile, sisuke sikhona kulabomagazini. Noma lapho ngitadisha okuthile esikoleni, kuba khona isihloko esinendaba efanayo ukuze singisize ngikuqonde.
“Ngokwesibonelo, ngangidinga isihloko sokwenza umsebenzi wesayensi woMbukiso Wezesayensi okudingeka siwungenele. Kwakufanele ube nemifanekiso emithathu, umbiko, nesibonelo. Ngakho nganquma ukwenza isihloko abantu abaningi abazibuza ngaso kulezinsuku: ukushisa okubabazekayo. Kwaxoxwa ngaso kuPhaphama! yesiNgisi, kaSeptember 8, 1989. Ngasebenzisa umfanekiso ongaphakathi kwesembozo ukuze ngenze umfanekiso kanye nomfanekiso osekhasini 7 ukuze ngenze omunye. Umfanekiso wesithathu wawuphathelene nezingqimba zomkhathi. Ngasebenzisa nokwaziswa okusezihlokweni embikweni wami. Wonke umuntu wawuthanda umsebenzi wami nendlela engawubeka ngayo, ikakhulukazi uthisha wami wesayensi yezinto eziphilayo. Wanginika u“A” futhi ngathola umklomelo wokuqala engxenyeni yami yeSayensi Yokuhlobana Kwezinto Eziphilayo Nokuzizungezile Nokulondolozwa Kwazo.
“Khona-ke, ngoMarch ngangidinga isihloko ngenxa yesabelo sami soSizo Lokuqala. Ngabona kuPhaphama! kaMarch 22, 1990, isihloko esasikhuluma ngesifuba somoya nokwelashwa kwaso. Nganquma ukusebenzisa isithombe esisekhasini 17 ukuze sibe umfanekiso nokwaziswa ukuba kube umbiko. Ngathola u“A” nakulomsebenzi.
“Ekilasini lethu loMlando WaseMelika, safunda ngempucuko yasendulo, njengeyamaMaya, Aztec, neyamaInca, futhi uyazi ukuthini, lapho ngifika ekhaya ngobunye ubusuku, iPhaphama! kaMay 8, 1990, yayingilindile ebhokisini leposi. Ngayikhipha esembozweni sayo ukuze ngiyifunde futhi ngafika endabeni esekhasini 13, exoxa ngempucuko yamaMaya. Ngajabula kakhulu. Ngokushesha ngasifunda lesosihloko ngase nginika uthisha wami wezomlando ikhophi yaso.
“Ngiyanibonga ngakho konke lokhu kwaziswa okufika ngesikhathi, okwenza ukwenza lemisebenzi kube okuhlangenwe nakho kokufunda nenjabulo ngempela kunokuba kube umthwalo. Ngempela, labomagazini bafana namatshe ayigugu. Angifuni ukuhlukana nabo. Bawusizo ngempela, ikakhulukazi kwabasha njengami, abangaphambukiswa kalula. Ngokufunda labomagazini, kuhlanganise nezihloko ezithi ‘Intsha Iyabuza,’ siqiniswa ngamandla okuvimba leziphazamiso futhi sihlale sibheke umvuzo wokuphila okuphakade. Nginibonga kakhulu ngomsebenzi wenu onzima wokulungiselela labomagazini ukuze sibaqonde futhi sibajabulele.”—Inikelwe.