Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 6/22 k. 14-k. 16 isig. 9
  • Ingabe Kufanele Ngijoyine Iqembu Lesikole?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kufanele Ngijoyine Iqembu Lesikole?
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isizathu Sokuba Ithandwe Kangaka
  • “Uhlangothi Olungajabulisi”
  • Ukucindezela Kontanga
  • Eminye Imidlalo Enempilo
  • Ingabe Kufanele Ngingenele Iqembu Lezemidlalo?
    I-Phaphama!—1996
  • Imidlalo Yamaqembu—Ingabe Ingilungele?
    I-Phaphama!—1996
  • Ukugcina Ezemidlalo Zisendaweni Yazo Efanele
    I-Phaphama!—1991
  • Izinkinga Ngezemidlalo Namuhla
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 6/22 k. 14-k. 16 isig. 9

Intsha Iyabuza . . .

Ingabe Kufanele Ngijoyine Iqembu Lesikole?

“Ukudlala kwakujabulisa futhi kuvusa amadlingozi. Kwakunginikeza umuzwa omuhle. Lapho usemusha futhi ekugcineni uthola okuthile okwenza kahle ngempela, awufuni ukukuyeka.”​—⁠Robert.

MHLAWUMBE nawe uyakujabulela ukudlala imidlalo yamaqembu. Uyakuthanda ukuvivinya umzimba, ubungane, nokwesasa. Ungase uphuphe ngisho nokuphupha uyiqhawe, ucabanga ngokuhalalisa kwesixuku njengoba uphonsa ibhola enethini, unqaka ibhola, noma ufaka igoli elinqobisa iqembu lenu.

Kungakhathaliseki ukuthi siyini isizathu sokushisekela kwakho imidlalo, intsha eningi inaso. Ikujabulela ngokukhethekile ukuhlanganyela emidlalweni yamaqembu, njengonobhutshuzwayo, ibasketball, ibaseball, nehockey. IEducation Digest iyaphawula: “Abafundi [baseU.S.] abangaphezu kwezigidi ezingu-⁠5,2 babehileleke emidlalweni yasesikoleni esiphakeme phakathi nonyaka wesikole ka-1986-87, inani eliphakeme kunawo wonke eminyakeni emine. Futhi, izikole eziphakeme ziye zanezela imidlalo emisha eminyakeni eyi-10 edlule, eminingi ihlelelwe amantombazane.”

Isizathu Sokuba Ithandwe Kangaka

Ukuthandwa okukhulu imidlalo enakho kwasikiselwa amazwi endoda ehlakaniphile yasendulo eyathi: “Udumo lwabasha lungamandla abo.” (IzAga 20:​29) Imidlalo iyindlela eqabulayo yokukhipha amandla anqwabelana eminyakeni yomuntu yobusha. Ingaletha izinselele eziphilile kokubili emzimbeni nasengqondweni. Ukuhlanganyela emidlalweni kungaba okwenamisayo nokujabulisayo, kube ukuphumula emsebenzini wesikole nasemisebenzini yangemva kwesikole yansuku zonke.

Ngaphezu kwalokho, abanye bathi ukudlala imidlalo yamaqembu kwakha idumela. IHigh School Survival Guide, kaBarbara Mayer ithi: “Ukuqeqeshwa nomuzwa wokuzinikela okuyofuneka kuwe kuyokufundisa indlela ongazinikela ngayo emgomweni owusizo. . . . Ukuhlanganyela emidlalweni kungakusiza ukuba ube umholi.”

Nokho, akuyona yonke intsha, enezisusa eziphakeme kanjalo zokudlala imidlalo. Udumo, idumela, nesithunzi nakho kuyizisusa ezinamandla. “Uma useqenjini,” kukhumbula uReggie, “wawubhekwa njengomunye wabafana abathandeka kakhulu esikoleni.”

IBhayibheli liyavuma ukuthi “ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana.” (1 Thimothewu 4:⁠8) Futhi kungase kubonakale sengathi ukujoyina iqembu lesikole kungaba indlela yokuthola inzuzo enjalo. Nokho, intsha eningi iye yathola ukuthi imiphumela emibi yokujoyina iqembu lesikole ngokuvamile ingaphezu kwezinzuzo.

“Uhlangothi Olungajabulisi”

Umagazini iSeventeen uyabika: “Kunohlangothi olungajabulisi lwemidlalo, lapho abantu bebheka ukuphumelela njengokubaluleke kakhulu. Kumqeqeshi, ukuphumelela kungase kuholele ekukhushulweni esikhundleni noma ukuvela kuthelevishini. Kumzali, ukuphumelela kungase kusho ilungelo lokuqhosha ngengane yakhe noma umuzwa wokufeza okuthile. Kumdlali, ukuphumelela kungase kusho umfundaze, ukuvelela ezindabeni, ukunconywa ofunda nabo nomakhelwane.”

Abanye abadlali besikole baphupha futhi ngokuba abadlali abangompetha. “Ngangiphupha ngokudlala nompetha basedolobheni lakithi nabasesifundazweni futhi ekugcineni ngibe umdlali okhokhelwayo,” kusho uGerald osemusha. “Ngazibona ngiceba, ngikhangisa imikhiqizo eminingi, ngiba seqenjini labadlali abavelele, ngiba umkhangisi, futhi ngiphola nentombazane enhle kunawo wonke esikoleni.”

Khona-ke, akumangalisi ukuthi imidlalo ezikoleni eziningi idlalwa cishe ngomuzwa ocindezelayo wokufa nokuphila! Ukujabula nokuba qatha ngokomzimba kusala emuva. Njengoba iSeventeen yaqhubeka isho: “Ukuphumelela ngokushesha kubaluleke ngaphezu kokukhathalela ukwethembeka, umsebenzi wesikole, impilo, injabulo, nezinye izici zokuphila ezibalulekile. Ukuphumelela kuba okubaluleke kakhulu, bese kwanda ukucindezeleka.”

Njengoba kubusa lesisimo sokuphumelela noma sekunjani, akumangalisi ukuthi ukulimala okuningi kuhlasela imidlalo yesikole. Ubudlova obubangelwa abadlali, abalandeli, ngisho nabazali ngezinye izikhathi buba khona emidlalweni. Futhi ukusetshenziswa kwezidakamizwa ezithuthukisa amandla omdlali, njengamasteroid, kuba okusakazeka ngisho nasemidlalweni yabeve eshumini elinambili.

Ngakho nakuba ukudlala eqenjini kungase kube nezinzuzo ezilinganiselwe, kungase futhi kubangele umoya wokuncintisana oweqile, amaphupho engcebo eningi, nesifiso sokuzazisa sodumo. Ngokukhanyayo lezizinto ziyaphikisana neseluleko seBhayibheli ‘sokungancintisani,’ ukungathandi imali, nokungazifuneli udumo. (Galathiya 5:​26, NW; IzAga 25:​27; 1 Thimothewu 6:​10) Ukujoyina iqembu lesikole kungakubeka engozini yamathonya amabi ngendlela enamandla kakhulu.

Ukucindezela Kontanga

Othisha ngokuvamile batusa amathuba anikezwa imidlalo okwakha ubuhlobo obuseduze nontanga. Ngokuhlekisayo, yilo kanye lelithuba elibeka inkinga entsheni engamaKristu. IBhayibheli lithi: “Ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.”​—⁠1 Korinte 15:​33; 2 Korinte 6:⁠14.

Ngokusobala, luhlobo luni lwabangane oyohlangana nalo endlini yokushintshela? Omunye osemusha uyavuma: “Kwakukhona inhlamba eningi nokusetshenziswa kolimi olungcolile. Abafana babekhuluma ngamantombazane njalo futhi beza nezincwadi ezinezithombe ezingcolile ukuze bazibuke.” Ngaphezu kwalokho, ukuthuthukisa nokulondoloza umoya weqembu ngokuvamile kufuna ukuba ube nobudlelwano nokanye nabo eqenjini ngaphambi nangemva kwemidlalo nezikhathi zokuprakthiza.

Yiqiniso, kungase kwenzeke ukuba seqenjini futhi ungahileleki kwezokuzijabulisa nabangane. Kodwa njengoba intombazane eneminyaka engu-14 ivuma: “Ukucindezela kontanga kunamandla kakhulu ukuba ungamane udlale nje bese uya ekhaya.” Kanjalo iBhayibheli liyabuza: “Umuntu angaphatha umlilo esifubeni sakhe, izingubo zakhe zingashi, na?” (IzAga 6:​27) Icindezelwa ontanga, intsha ethile iye yazithola isemaphathini lapho kusetshenziswa khona utshwala nezidakamizwa, kungasaphathwa-ke umculo ongcolile nezimo ezihlazisayo nabobulili obuhlukile.

Cabangela okuhlangenwe nakho kosemusha othiwa uRobert. Uthi: “Ngemva kokujoyina iqembu, izinkinga zaziziningi kakhulu. Kwakunokucindezela okukhulu kokuhileleka ebulilini bangaphambi komshado, izidakamizwa, ukuphuza, nokuya emaphathini obuhlanya. Angizange ngikholwe ukuthi izinto ezinjalo zingahlangana nokudlala imidlalo yasesikoleni esiphakeme. Emagcekeni esikole ngisho nangaphandle, kulindeleke ukuba uhambe, ukhulume, futhi wenze njengabo bonke abafana.”

Okungamelwe futhi kunganakwa, umphumela ukuhlanganyela emidlalweni okungaba nawo emisebenzini engokomoya yasikhathi sonke. (Heberu 10:​23-25) “Ngokuvamile, imidlalo nokuprakthiza kuyashayisana nemihlangano yobuKristu,” kusho uGerald osemusha.

Eminye Imidlalo Enempilo

Yiqiniso, okunye ukuqeqeshwa kwezemidlalo kungase kwenziwe ngesikhathi sesikole njengengxenye yesimiso sokufunda, futhi ngokuvamile akukho okusolekayo ngokuba khona komKristu osemusha emakilasini anjalo. Ngaphezu kwalokho, izimo ziyahlukahluka emazweni ahlukahlukene. Nokho, intsha engoFakazi BakaJehova ngokuvamile iyakugwema ukuhileleka emidlalweni yesikole engaphandle kwesikhathi sesikole. Manje, lokhu akusho ukuthi njengosemusha ongumKristu awunakuyijabulela imidlalo. Nokho, kusho ukuthi ungase uthathe izinyathelo ezithile.

Ngokwesibonelo, ungase ukhulume nabazali bakho ngokuhlela ukuvakasha okuthile, njengepicnic. Lokhu kunganikeza umkhaya wakini nabangane ithuba lokujabulela imidlalo enempilo. Noma ungase uzame ukumema idlanzana lentsha engamaKristu ukuba nihlangane ndawonye, nidlale ibhola, noma nihlanganyele emijahweni eniyithandayo.

Nokho, kubalulekile ukugwema umoya wokuncintisana oweqile. Ukuba namaqembu ahlelwe ngokomthetho, kuthambekele ekubhebhezeleni umoya wokuphumelela nakanjani ngisho nalapho bonke abadlali bengamaKristu. Ngakho ngokuvamile kuhle ukugcina izinto zingenasimiso esingokomthetho. Eqinisweni, ukuba nesilinganiso esithile sokuqondisa komuntu omdala kuvame ukuba umqondo omuhle.

Kuyavunywa, imidlalo engenasimiso esingokomthetho ingase intule usikisiki oluthile imidlalo yesikole ehleliwe enalo. Kodwa nalapho ungazijabulisa. URobert wanquma ukuliyeka iqembu lasesikoleni sakubo. Kodwa uthi: “Namanje ngisakujabulela kakhulu ukudlala imidlalo. Kakhulu manje kunanini ngaphambili. Lapho ngidlala imidlalo manje, angidlaleli ukuphumelela noma sekunjani, futhi anginawo umoya wokuncintisana.”

Khumbula ukuthi lapho umphostoli uPawulu etshela insizwa uThimothewu: “Ukujwayeza umzimba kusiza ingcosana,” wanezela, “kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke.” Ngokukhanyayo, ukuba umdlali akuyona injongo yomKristu ekuphileni. Ngakho gcina imidlalo isesilinganisweni. Kungani uchitha isikhathi ebesingasetshenziswa ngokuyinzuzo kakhulu ekwakheni ingokomoya lakho? Khumbula: Ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu “kunesithembiso salokhukuphila nalokho okuzayo.”​—⁠1 Thimothewu 4:⁠8.

[Isithombe ekhasini 15]

Umoya wokuphumelela noma sekunjani ubusa eminingi yemidlalo yezikole

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela