Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla Sekuyiminyaka engu-15 ngilwisana nokuphazamiseka kwemikhuba yokudla. Isihloko senu (December 22, 1990) sasinengqondo futhi sinothando futhi sakhuluma ngembangela ewumsuka yalenkinga—ukuzinyeza. Ngingathanda ukwenezela ukuthi kuthatha isikhathi ukwelapha ukulimala kwesicubu senyama, ukuncipha kwesisindo samathambo, izinkinga zokugayeka kokudla neze-endocrine lezo ezibangelwa ukuphazamiseka kwemikhuba yokudla. Ukululama kungakhungathekisa kakhulu futhi kuthene amandla njengoba umuntu edlula ezinguqukweni ezididayo zokwakheka nobukhulu, ukushintsha kwemizwelo, ukucindezeleka, ukucasuka, nokuhlaselwa ukushisa okufika ngokushesha. Nokho, uma uqaphela lokho ukululama okukuhilelayo, unokuthambekela okuncane kokubuyela ekuphazamisekeni kwemikhuba yokudla.
L. B., United States
Amakhaya Anomzali Oyedwa Ngiye ngashukunyiselwa ukuba ngizwakalise ukwazisa kwami ngesihloko esithi, “Intsha Iyabuza . . . Ngingajabula Kanjani Ngihlala Nomzali Oyedwa Kuphela?” (December 22, 1990) Umama wayeyinhloko yomkhaya onomzali oyedwa, futhi lesisihloko sabuyisa izinkumbulo. Njengoba ngikhuluma kokuhlangenwe nakho, ngingasho ngithi ukusikisela kokonga nokugwema ukusaphaza kuyasebenza ngempela, futhi kuye kwaqhubeka kungizuzisa njengomshumayeli wesikhathi esigcwele. Ngiyohlala nginokwazisa ngokuqeqesha okuhle kakhulu uMama asinikeza khona. Ngaso sonke isikhathi wayenika uNkulunkulu udumo ngempumelelo yakhe njengomzali oyedwa.
J. F., United States
Ubaba usanda kushona. Ngicabanga ukuthi lesisihloko siphumele mina nje ngesikhathi esikahle. Ngiyabona ukuthi uJehova uyanakekela ngempela. Ngiyaphinda ngithi ngiyabonga!
L. J., United States
Ukucwaninga Ngezilwane Ngathola umagazini wenu kaJuly 8, 1990, uphazamisa kakhulu. Inja esemfanekisweni wesembozo yayibukeka ihluneme kakhulu; yabonakala inxusa othile ukuba ayinakekele.
S. P., eJalimane
Inja esemfanekisweni yabolekwa esitolo sendawo esidayisa izilwane ezifuywayo futhi yanakekelwa kahle futhi yaphiwa ukudla ngesikhathi ilapha kithi. Kubonakala sengathi isimo sayo sokuhlunama siyazenzakalela.—ED.
Ukufa Komntwana Ngiyanibonga ngesihloko senu esithi “Umbono WeBhayibheli—Kungani UNkulunkulu Ethathe Ingane Yami?” (February 8, 1991) Lesihloko safika ngeposi ngalo kanye usuku mina nomyeni wami esasilahlekelwe ngalo izibulo lethu ngokuphuphuma kwesisu. Kwakuyisikhumbuzo esimisa idolo kithi ukukhumbula ukuthi uNkulunkulu akanacala ngokulahlekelwa kwethu.
J. G., United States
Uchakide Ngasijabulela isihloko esasikhuluma ngochakide. (March 8, 1991) Nokho, kumelwe kuqashelwe lapho kususwa isilwane sasendle endle futhi senziwa isilwane esifuywayo.
P. L., United States
Iphuzu silithola kahle. Ukufuywa kwezinhlobo ezithile zochakide kwakhulunywa ngakho ukuze nje kufanekiswe iqiniso lokuthi abanabo ubudlova. Eqinisweni, iUnited States iyakuvimbela ukungeniswa ezweni kochakide ngenjongo yokubafuya.—ED.
Ukuphuza Bese Ushayela Muva nje ngithole izincwadi zami zokushayela futhi ngalesosizathu ngathola umagazini wenu kaFebruary 8, 1991, uthakazelisa. Lesisihloko sasikhuthaza kodwa sibonisa isixwayiso esicacile. Akekho ongake afune ukuba sesimweni sensizwa eyathi yabulala umuntu! Ngizonika uthisha wami wokushayela ikhophi yaso.
L. K., eJalimane
Isihloko senu esithi “Izisulu Zibhekana Nezaphula-mthetho” sagelezisa izinyembezi emehlweni ami. Ngifisa nje sengathi abantu bebengephuze bese beshayela. Bebengasindisa ukuphila kwabantu abaningi.
K. M., United States