Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 3/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1990
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 3/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Abazali Abehlukene Abazali bami bahlukana ngesikhathi ngineminyaka emithathu ubudala. Iminyaka engu-36 bengizama ukubona ukuthi ubaba, owayengathembekile kumama, kufanele angenephi ekuphileni kwami. Ukukhetha ukuthi kumelwe ngithembeke kubani ngokuvamile kuye kwabonakala kungaphezu kwamandla ami. Isihloko senu esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngisebenzelana Kanjani Nomzali Wami Owahamba Ekhaya?” (November 8, 1990) siye sathinta zonke izici zalendaba. Manje yonke imizwa yami isikahle, futhi ngizizwa sengathi uJehova uye wangigaxa ngengalo yakhe enothando futhi wathi, ‘Ngiyaqonda.’

G. M., United States

Inhlekelele Yendiza Ngisanda kuqeda ukufunda isihloko esithi “Usizi Lwami Endizeni I-⁠232” (December 22, 1990), futhi angikwazanga ukubamba izinyembezi ngicabanga ngalokho okufanele ukuthi uLydia wabhekana nakho, elahlekelwa umyeni wakhe. Ezinyangeni ezinhlanu ezedlule ngalahlekelwa umama ngenxa yomdlavuza. Ngimbonga ngokungaphezi uNkulunkulu wethu onothando ngokwenza kube nokwenzeka ngathi ukuba sikwazi ukubona abathandekayo bethu ngovuko.

C. G., France

Isizathu Sokuba UNkulunkulu Avumele Ukuhlupheka Ngiye ngafunda iPhaphama! kusukela ekhasini lokuqala kuya kwelokugcina kusukela ngo-1985, kodwa angikaze ngibone impendulo ekhanyisela kangaka embuzweni wokuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka njengaleyo enikezwe kuyiPhaphama! yenu kaOctober 8, 1990. Noma yimuphi umuntu ocabangayo angathola izimpendulo ezicacile ngokufunda lezizihloko ezibhalwe ngendlela engenaphutha.

E. T. V., Brazil

Imisebenzi Yangemva Kwesikole Isihloko senu esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Umsebenzi Wangemva Kwesikole Uyongisiza Ukuba Ngikhule?” (November 22, 1990) sanginika iseluleko esiwusizo ngesikhathi esifanele. Sangisiza ukuba ngibheke ubuhle nobubi bomsebenzi futhi ngenze isinqumo esingcono kakhulu kunaleso ebengingasenza ukuba bengizenzela ngokwami. Ngiyabonga!

M. R., United States

Ngasijabulela ngempela isihloko senu. Ngineminyaka engu-32 ubudala, nginabantwana ababili, futhi ngisebenza ubusuku obubili ngesonto esitolo sokudlela. Izingane engisebenza nazo zisebenza ngokuzikhandla. Khona-ke ezinye zingase zicasulwe igama elithi “imijondolo yentsha.”

C. B., United States

Siyiqonda kahle imizwa yabanye abafundi balomagazini ngokuphathelene nalokhu. Nokho, leligama lacashunwa njengoba linjalo kuyi“Wall Street Journal.” Kulesosihloko, sasebenzisa amagama athi “isitolo sokudla okusheshayo.”—ED.

Ukuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla Njengoba mina ngokwami ngiyisisulu sokucindezeleka nesesifo sokungadli (anorexia), ngakwazisa ngempela ukuthi iNhlangano yasingatha lezinkinga ngendlela elula, ibonisa ukuthi abesifazane bangakhululeka ekuphazamisekeni kwemikhuba yokudla. (December 22, 1990) Siyabonga ngokukhuluma ngalezinto eziyingozi okuthukela kukhulunywe ngazo.

C. L., France

Isimiso Sokuzivikela Somzimba Ngisanda kuqeda ukufunda isihloko esithi “Isimiso Sokuzivikela Somzimba Wethu​—⁠Isimangaliso Sendalo.” (November 22, 1990) Ekuqaleni, ngangithanda ukuba manqikanqika ukusifunda, kodwa lapho sengisiqalile, sangivula amehlo ngendlela uNkulunkulu asabeka ngayo!

L. Z., United States

Isihloko senu sangishaqisa. Ukufanisa isimiso sokuzivikela somzimba namasosha ahlomile kwakukubi. NjengamaKristu, simelene nempi. Noma ingabe ukufanekisela kwakungamelwe kuthathwe njengeqiniso?

D. C., EJalimane

Ukuqhathanisa okwenziwa kwakungekhona neze okokuvuna ukulwa kwabantu. Kwakumane kusiza abafundi ukuba baqonde indaba enzima kakhulu. Ngokuthakazelisayo, iBhayibheli ngokwalo lisebenzisa impi njengesisekelo semifanekiso, liqhathanisa amaKristu namasosha ahlomile. (Efesu 6:​10-17)—ED.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela