Okuthile Okubaluleke Ngaphezu Kwemali
“Isimiso sethu sokufaka ugqozi kuze kube manje cishe sisekelwe ngokuphelele ezinzuzweni zemali.”—Psychology Today.
UNANCY noHoward babenemigomo emikhulu ngemva kokushada kwabo ngo-1989. Babefuna indlu, ingane, izimoto ezintsha, kanye neholide eliphambili. Babenayo imali yokwenza lokho. Kodwa ngokungazelele bobabili bazithola bengasasebenzi. Imali eyayigcinelwe ukuthenga indlu kwadingeka isetshenziselwe ukukhokha intela yendawo ababehlala kuyo.
Benovalo ngekusasa, kwadingeka bahlehlise yonke imigomo yabo—kuhlanganise naleyo yokuqalisa umkhaya. UNancy wathi, “Eminyakeni emihlanu kusukela manje, angethembi ukuthi siyobe sesibuyele lapho sasikhona. Kuphelile konke, futhi angazi noma siyophinde sibe nakho yini.”
Yeka ukuthi lokhu kuwubonisa kahle kanjani umphumela obuhlungu wokulahlekelwa umsebenzi! Kodwa futhi kudalula amandla akhohlisayo emali. Okukhona namuhla kungase kungabikho kusasa. Kunjengoba iBhayibheli lixwayisa ngendlela engokoqobo: “Imali yakho ingahamba ngokuphazima kweso, njengokungathi imile izimpiko futhi yandiza njengokhozi.”—IzAga 23:5, Today’s English Version.
Ukwamukela isimo esishintshayo semali kulula ukukusho kunokukwenza. “Imali iyisilinganiso somhlaba wonke,” kuphawula iPsychology Today ngokuphathelene nezimo zengqondo ezifanayo ngemali. “Izinto sizilinganisa ngayo, ngokuvamile ngisho nasezingqondweni zethu.” Umqondo onamandla wokuzuza imali uye wenza ngisho nabantu abayizinginga ukuba bakhathazeke kakhulu, bacindezeleke, futhi babe nezinye izifo.
Ukubaluleka Kokuhlakanipha
Kodwa kunokuthile okubaluleke ngaphezu kwemali. IBhayibheli liyakuchaza kumShumayeli 7:12, (NW): “Ukuhlakanipha kuyisivikelo njengoba nemali iyisivikelo.” Khona-ke lelivesi linezela iqiniso elithile ngokuhlakanipha elibonisa ukuthi kungaphezu kwemali: “Ukuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho.”
Ukuhlakanipha kuhlanganisa ikhono lokusebenzisa ukwahlulela okuhle lapho sibhekene nezimo ezibeka inselele. Lapho sibhekene nokulahlekelwa umsebenzi, ukwahlulela okuhle kufanele kusitshele ukuthi inzuzo yangempela yokuphila ayilinganiswa ngamarandi namasenti. Ukwahlulela okuhle kuyosisiza futhi ukuba sigcine izinto eziza kuqala kithi ziqondile, sizinika ukunaka okufanele.
Ziyini Izinto Eziza Kuqala Kuwe?
Yini oyibeka kuqala ekuphileni? Ingabe umsebenzi wakho ubaluleke ngaphezu komshado wakho? Ingabe ikhaya lakho libaluleke ngaphezu kwezingane zakho? Ingabe imali ibaluleke ngaphezu kwempilo yakho? Usuku ngalunye senza izinqumo ezisekelwe esimisweni salokho okusifaka ugqozi, izinto eziza kuqala kithi. Lapho sibhekene nezinkinga ezingokwezimali, lezozinto eziza kuqala ziyonquma inkambo yesenzo esiyithathayo. Izinto eziza kuqala kuwe zisekelwe kukuphi?
UJesu Kristu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3, NW) Phawula ukuthi uJesu wabonisa ukuthi ingokomoya liyisidingo, into eza kuqala, hhayi nje into ephishekelwa kamuva lapho yonke enye into ekuphileni komuntu isilungile.
Kuyinselele ukunika lesosidingo esingokomoya indawo yokuqala lapho ungaphansi kokucindezeleka kokondla umkhaya wakho ngokwezinto ezibonakalayo. Nokho, labo abenza kanjalo, njengoba uJesu asho, bayajabula. Lapho bekhathazekile ngokuthola imali yokubagcina bephila, bakhululekile ngokwesilinganiso ‘eminjunjwini eminingi’ ezwiwa lapho umuntu enza imali ize kuqala. (1 Thimothewu 6:10) Abanjalo futhi bathola induduzo emazwini kaDavide akumaHubo 37:25: “Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.”
Nelisa Isidingo Sakho Esingokomoya
Isidingo somuntu esingokomoya siyinto azalwa nayo. Udinga okungaphezu nje kokudla, izembatho, nendawo yokuhlala. Ingokomoya liqhubekela phambili, liphendula imibuzo enjengokuthi, ‘Kungani ngilapha?’ nothi, ‘Lelizwe—nokuphila kwami—kuyaphi?’
Ukwesaba “okungase kwenzeke kwezomnotho” kuye kwashukumisela abaningi ukuba bezwe isidingo sabo esingokomoya. INewsweek iyabika: “Ukudayiswa kwezincwadi ezingokwesiprofetho—lezo ezichaza izenzakalo zamanje njengezibonakaliso ezingokweBhayibheli zesiphelo sezwe—kufinyelela kumaphesenti angu-50 kuya kwangu-70 kunokwangonyaka odlule.” Nokho, ukuze kwaneliswe leso sidingo esingokomoya, umuntu kufanele afune ulwazi oluqondile, hhayi nje ukuqagela komuntu.
Sikumema ukuba uhlole iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli Elingcwele. Linokuhlakanipha okusebenzayo kokukusiza ukuba ubhekane nezinkathazo zokuphila. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lingakunikeza ulwazi oluqondile lwencazelo ‘yezikhathi ezinzima’ zanamuhla. (2 Thimothewu 3:1) Ngokubhalela abashicileli balomagazini, kungahlelwa isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala. Manje kunanini ngaphambili isikhathi sokuba ufune ukuhlakanipha okusebenzayo kwamanje—kanye nolwazi oluqondile ngekusasa—okuvela eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.
[Isithombe ekhasini 9]
Izinzuzo ezingokomoya kufanele zibhekwe njengeziyigugu