“Ukuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla”—Ukusabela Kwabafundi Balomagazini
IZIHLOKO zePhaphama! ezinesihloko esithi “Ukuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla—Yini Engenziwa?” (December 22, 1990) zabangela ukuba abantu abaningi basibhalele amathala ezincwadi. Abafundi balomagazini emhlabeni wonke basibhalela besibonga ngokusingatha lendaba ebucayi nevame ukubangela ubuhlungu. Izihloko zathinta abaningi abase benesikhathi eside belwisana nokuphazamiseka kwemikhuba yokudla.
Ngokwesibonelo, omunye wesifazane wabhala: “Mnumzane noma Nkosikazi Ethandekayo: IWatchtower Bible and Tract Society ifanelwe ukutuswa okukhulu ngesihloko sayo esiphathelene nokuphazamiseka kwemikhuba yokudla. Kusukela ngahlolwa ngatholakala ngineanorexia lapho ngineminyaka engu-9 ubudala, ngiye ngalwisana nayo iminyaka engu-34. Njengoba ngiye ngafunda cishe zonke izincwadi ezitholakalayo eziphathelene nokuphazamiseka kwemikhuba yokudla futhi ngathola nezinhlobonhlobo zokwelashwa, ngingasho ngeqiniso ngithi indlela iPhaphama! eyibeke ngayo lendaba ingengcono kakhulu kwengake ngahlangana nazo. Akukho ncwadi noma umeluleki oke wanikeza umbono ongokomoya ngendlela enokuqonda njengoba kwenza isihloko sePhaphama! Ngokokuqala ngqá, ngibheka ianorexia ngendlela uNkulunkulu ayibheka ngayo.”
Abaningi kakade sebeyasisebenzisa iseluleko abasithola kulezihloko. Owesifazane uyabhala: “Lapho ngifunda isihloko esithi, ‘Obani Ababa Nokuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla?’ ngamangazwa ukufunda incazelo yobuntu bami. Iphuzu ngalinye okwakhulunywa ngalo esihlokweni esithi ‘Ukunqoba Impi!’ liye langisiza kakhulu. Ngiye ngalungisa imibono yami. Kwakukhulula ukwazi ukuthi abanye, ngisho namaKristu, banayo lenkinga efanayo. Ngangicabanga ukuthi mhlawumbe yimina kuphela.”
Owesifazane oneminyaka engu-25 ubudala wabhala: “Bengilokhu ngihlushwa ibulimia kusukela ngineminyaka engu-13. Ngachitha izingxenye ezithile zika-1988 nawo wonke unyaka ka-1989 ngisekucindezelekeni okukhulu. Ngaze ngazama ngisho nokuzibulala kabili. Ngiyazi kahle into ezikhuluma ngayo lezihloko ezithinta kakhulu futhi kakade sengiyakusebenzisa okunye kokusikisela kwazo neseluleko esinengqondo. Lezihloko ziye zanginikeza isiqondiso esengeziwe. Lona ngokuqinisekile umagazini engiyohlala NGIWAZISA futhi ngibhekisela kuwo njalo!”
“Ngihlala ngiwufunda futhi ngiwuphindaphinda lomagazini,” kubhala omunye wesifazane osemusha oye walwisana nokuphazamiseka kwemikhuba yokudla iminyaka eyishumi. “Ngisanda kuqala ukuvuma ukuthi nginenkinga. Ukwazi ukuthi uJehova ufuna ukusiza nokuthi akasidikili uma kwenzeka siphindela enkingeni yethu kududuza kakhulu.”
“Ngaba nomuzwa wokuthi ngangifunda ngemizwa yami siqu!” kubhala intombazane esentsha. “Lesihloko sangisiza ukuba ngikhululeke futhi ngikhulume nomama, futhi manje ngikwazi kangcono ukubhekana nemizwa enginayo ngami siqu.” Intombazane eneminyaka engu-16 ubudala iyabhala: “Ngisalulama kuyianorexia nervosa. Bengilokhu ngithandaza kuJehova ukuba othile aqonde inkinga yokugula kwami. IPhaphama! yangibonisa ukuthi kakade senginabo labobantu eduze kwami. Nginomkhaya wakithi, oFakazi BakaJehova abaningi abangabangane bami, futhi okubaluleke kakhulu nginoJehova. Ngithemba ukuthi iPhaphama! kaDecember 22 isiza abanye njengoba iye yangisiza mina nomkhaya wami.”
Owesifazane oneminyaka engu-20 ubudala osenkonzweni yesikhathi esigcwele uyabhala: “Isikhathi eside kakhulu, ngazama ukuzisingathela ukuphazamiseka kwemikhuba yami yokudla. Ngesinye isikhathi ngaze ngaba nomuzwa wokuthi kwakuwubulima ukuthandaza ngakho. Kwangifikisela izinyembezi zenjabulo ukwazi ukuthi uJehova ngempela ubheka into enjalo njengebaluleke kangaka.”
“Sasisihle kakhulu! Ngiqinisile!” kwabhala omunye wesifazane. Uyaqhubeka: “Ngingumuntu owasinda ezinkingeni eziningi ngisemncane, ezimbili ezibuhlungu kakhulu kwakungezokuphathwa kabi ngokobulili nokuphathwa kabi ngemicikilisho yokukhulekela uSathane. Izigaba ezimbili zokuqala ezingaphansi kwesihlokwana esithi ‘Imizwa Yokungafaneleki’ zathinta wona kanye umsuka wenkinga yami. Ngempela kuyindaba yokuqeqesha kabusha ingqondo ukuze umuntu afunde ukuzithanda, futhi umuntu akanakukwenza eyedwa, njengoba kwachazwa kahle kangaka.”
Abaningi babonakala benomuzwa wokuthi lezihloko zazifike njengempendulo yemithandazo yabo. “Lezihloko akwenzekanga nje ngenhlanhla ukuba zibhalwe ngoba uJehova uyayiphendula ngempela imithandazo!” kwasho omunye umfundi. Uyenezela: “Ngisho nakuba bengilwa ‘iMpi Yokukhuluphala’ cishe ukuphila kwami konke, kwakungemva kokuba ngifunde lesihloko kuphela lapho ngaqaphela khona ukuthi nginenkinga engathi sína yokuphazamiseka kwemikhuba yokudla (bulimia).” Owesifazane oneminyaka engu-19 ubudala obelokhu elwisana nebulimia iminyaka eyisithupha uthi: “Ngangilungiselela ukunibhalela ekuqaleni kwalenyanga ukuze ngibone ukuthi ningaveza yini isihloko esibhalwe kahle ngalendaba. Ngijabula kakhulu ngokuthi nayiningiliza nangayifihla noma niyikhohlwe ngamabomu lendaba njengoba abantu abaningi benza.”
Enye incwadi yayimane ifundeka kanje: “Ngiye ngathandaza futhi ngalinda ngesineke izihloko ezikhuluma ngokuphazamiseka kwemikhuba yokudla. Ngangizokucela ukwaziswa ukuba ngangingenawo amahloni amakhulu ngakho. Uzwela enangibonisa lona mina siqu ezihlokweni lwaqinisa ukholo lwami lokunqoba lenkinga unomphela.” Intombazane esesikoleni esiphakeme iyabhala: “Ngaba neanorexia nervosa nebulimia futhi ngenxa yalokho ngagula ngokwengqondo nangokomzimba. Ngathandazela usizo kuJehova, futhi kwaphuma lezihloko. Ngangingenakwenza ngenye indlela ngaphandle kokuba ngikhale ngenxa yenjabulo.”
Kwabaningi, ukufunda lezihloko kwakungokuhlangenwe nakho okungokomzwelo. Omunye wesifazane osemusha uyabhala, “Ngokushesha nje lapho ngiwuvula, isembozo sawo samane sangigqolozela. Ngacishe ngesaba ngisho nokuwuthinta. Ngawubeka eduze kombhede wami futhi ngawubuka imizuzu embalwa. Engangingakwenza nje kwakuwukubonga uJehova ngalezihloko. Ngiyabona ngempela ukuthi uJehova uyangithanda. Lezihloko zangisiza ukuba ngiphinde ngikwazise kabusha ukuthi umzimba wami uyisipho esiyigugu nokuthi kumelwe ngiwuphathe ngaleyondlela.”
Omunye wesifazane uyabhala, “Lapho ngifunda lezihloko, futhi njengoba ngibhala lencwadi, angikwazi ukubamba izinyembezi ukuba zingagelezi ebusweni bami. Ngingumuntu oseluleme owayephethwe ibulimia futhi bengilokhu ngifisa ukuthola isihloko esivela eNhlanganweni ngalendaba. Ukufunda ukuzamukela—ukukholelwa ukuthi nginokubaluleka emehlweni kaJehova nokungavumeli indlela yokucabanga yabanye abantu ukuba ithinte indlela engizibheka ngayo—kuye kwaba enye yezinto ezinzima kakhulu okuye kwadingeka ngizenze. Ngezinye izinsuku kulula kunangezinye, kodwa ngisasebenzela kukho.”
“Lomagazini ngawuthatha ngawufaka enhliziyweni yami ngamehlo agcwele izinyembezi,” kubhala owesifazane oneminyaka engu-21. “Iminyaka ecishe ibe yisishiyagalolunye, bengilwisana nazo zontathu izinkinga okukhulunywe ngazo. Bengilokhu ngesaba ukutshela omunye umuntu. Manje, ngenxa yeseluleko esiwusizo esanikezwa, nginomuzwa wokuthi ngingayisingatha lenkinga ngosizo lukaJehova. Lokhu yikho kanye ebengilokhu ngikuthandazela.”
Ekugcineni, umdala ongumKristu uyabhala: “Ngiye ngathola lezihloko ziwusizo olukhulu. Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuthi thina badala sizifunde ngokucophelela futhi singenise lokhu kwaziswa ukuze sikwazi ukusiza abanye, kokubili ngaphakathi nangaphandle kwebandla!”
Lezingcaphuno zivela kwezinye nje izincwadi zokwazisa esiye sazithola. Kuyithemba lethu eliqotho nomthandazo ukuthi lezihloko ziyoqhubeka zisiza abantu emhlabeni wonke ukuba babhekane nalezozinkinga ezibanga usizi.