‘Ukube Nje Bengingakwazi Ukudlala Ngalendlela!’
EHLELI ngokunethezeka phambi kopiyano, uJon ubonakala enza umculo uphile. Njengoba amanothi aphakeme adlalwa isandla sakhe sokudla enza umculo ube mnandi, amanothi andondayo ashaywa ngokucophelela enza kube khona ukuvumelana kwamanothi kanye nesigqi. Amanothi anezelwa ngokuhlakanipha, kanye nashaywa ngokushesha, lapho eshaywa ngobuciko, aveza ungqambothi lomculo. UAdrian, uBrian, noBrett bawenza uphile ngeziginci zabo zikagesi, kuyilapho uSteve enandisa ngesaxophone yakhe epholile.
Umculo onkeneneza kanjalo ushukumisa izilaleli ukuba zicule ngomdlandla nangomuzwa. Lomculo ohlelwe kahle nohlabahlosile wenza ukuba zihlabelele ngangokusemandleni. Akumangalisi ukuthi othile ngokufisa uthi: ‘Ah, ukube nje bengingakwazi ukudlala ngalendlela!’
Ingabe nawe wake wazizwa ngaleyondlela lapho ulalele othile edlala umculo kamnandi? Mhlawumbe waze ngisho wadabuka: ‘Ngiyazi ngeke ngikwazi ukudlala ngalendlela.’ Kodwa wazi kanjani? Ingabe wake wazama ukufunda ukudlala imfijoli yomculo?
Ubani Ongafunda?
Abanye abantu banekhono elingokwemvelo elikhudlwana kunabanye lapho kuziwa emculweni. Kodwa, empeleni, noma ubani okwaziyo ukufunda nokubhala angakufunda futhi ukudlala imfijoli. Nokho, okokuqala, kufanele ube nesifiso sangempela sokudlala imfijoli futhi wenze umculo omnandi. Akumelwe nje kube isifiso sesikhashana. Kufanele ukulungele ukukuthuthukisa.
Njengokulindelekile, njengoba nje kungebona bonke abantu ababa nekhono ngendlela efanayo ekufundeni nasekubhaleni, ngakho akusibo bonke abafunda umculo abayofinyelela izinga elifanayo lekhono noma lokukwazi ukudlala ngomuzwa nangendlela eveza imizwa. Nakuba kunjalo, uma ukujabulela ukulalela umculo, khona-ke ukufunda ukudlala imfijoli kungakuvulela imikhakha emisha ngokuphelele. Umehluko phakathi kokudlala umculo nokuwulalela umehluko phakathi kokudlala umdlalo ngokoqobo kanye nokumane ube isibukeli.
Namuhla, kunezindlela ezimbili zokufunda ukudlala imfijoli. Kwenye kugcizelelwa ekufundeni indlela yokufunda amanothi encwadini kanye nokuprakthiza amazinga okwehla nokukhuphuka kwamanothi njengesisekelo. Nokho, izimfunda eziningi ziyadangala lapho zisebenzisa lendlela. Enye indlela iwukusiza umfundi ukuba adlale izingoma ezilula ngokuzikhumbula nje bese ngaleyondlela ejwayelana nemfijoli. Lokhu kungase kumkhuthaze ofundayo kangangokuba afune ukufunda ulwazi kanye nokuwufunda phansi umculo.
Ingabe Sekwephuze Kakhulu Ukuba Uqale?
“Yebo, ngingathanda ukudlala imfijoli,” kusho uRoslyn oneminyaka engu-46 ubudala, “kodwa akusizi ukuzama ukufunda kuleminyaka yami yobudala!” Ingabe nawe uzizwa ngaleyondlela? Futhi ingabe ngempela lokho kuyiqiniso? Ingabe umculo ungafundwa kuphela abasebancane? Akunjalo ngempela. Emculweni, njengakuyo yonke imikhakha efuna ukuzimisela, lesisho siyiqiniso: “Akukho muthi owaguga namagxolo awo.”
Yiqiniso, intsha ineminwe elula kanye nezingqondo ezinentshiseko ngokuvamile ezisheshayo ukufunda. Ngokwesibonelo, uFrédéric Chopin, ingane enekhono kakhulu, wadlala umculo wakhe wopiyano wokuqala ngqá eminyakeni yakhe yobudala eyisikhombisa! Umshayi wevayolini uYehudi Menuhin wadlalela umphakathi ngokokuqala ngqá eSan Francisco eneminyaka eyisishiyagalombili! Ngokusobala, bayingqayizivele.
Umshayi wethu wopiyano, uJon, waqala ukufunda upiyano eneminyaka eyisishiyagalombili, kodwa uthi: “Kumelwe ngivume ukuthi isasasa laphela ngemva nje kwezinyanga ezimbalwa, futhi ngaqhubeka nje ngenxa yokungibelesela kukamama. Nokho, manje, ngiyajabula ngokuthi wangibelesela.” Njengokulindelekile, uJon akayedwa ekuzondeni ukuprakthiza okungapheli. Lesi esinye sezithiyo ezinkulu abantu abasha abafundayo okumelwe basisuse, ikakhulukazi ezinyangeni ezimbalwa zokuqala lapho kubonakala sengathi abathuthuki ezifundweni zabo.
Ngakolunye uhlangothi, abantu abadala ngokuvamile banokuzimisela okwengeziwe kanye nesisusa. Lokhu kuyabasiza lapho kuziwa kuleyonto engenakugwenywa eyisa empumelelweni—ukuprakthiza njalo, nsuku zonke. Ngokuphathelene nokuba mdala kakhulu ukuba ufunde, khuthazwa okwashiwo uprofesa waseyunivesithi: “Uma ukuphila kuvuza futhi abantu beqhubeka besebenzisa amakhono abo, bayoqhubeka bekhula ngolwazi kungakhathaliseki ubudala babo.” UArturo Toscanini, owadlala wonke umculo wamakhonsathi akhe engawufundi encwadini, kubikwa ukuthi wafunda futhi wagcina enkumbulweni wonke amaculo eopera—igama ngalinye, inothi, nezimpawu zokuqondisa abaculi nezimfijoli—eneminyaka engu-85.
Ukukhetha Imfijoli Efanele
Umshayi wesiginci uBrett wanikeza lelicebiso: “Ungazihluphi ngokufunda imfijoli ongayithandi. Ngeke ugxilise inhliziyo yakho ekuyifundeni futhi uprakthize ngokufanele ngaphandle kokuba ikuheha ngempela imfijoli ethile oyikhethayo.” Leso iseluleko esihle. Ngakho, kuzo zonke izimfijoli owake wazilalela, iyiphi wena ongathanda ukuyifunda?
NjengoBrett, intsha eningi ithathwa isiginci, ngokuqinisekile okuyimfijoli ethandwa kakhulu namuhla. Isiginci singawunandisa umculo; singanikeza isigqi kanye nokuvumelana kwezinye izimfijoli; futhi singashaywa sisodwa. Enye inzuzo yesiginci iwukuthi singaphathwa kalula noma kuyiwaphi, ngaphandle noma endlini. Ukufunda izintambo eziyisisekelo kanye nokusebenzisa iminwe kulula uma kuqhathaniswa nezinye, futhi isiginci esingenayo imicikilisho eminingi asibizi kakhulu.
Izimfijoli ezinekeyboard, njengopiyano kanye no-ogani oludlala ngogesi, nazo ziyathandwa kakhulu. Kungafundwa ngosizo lukathisha noma ngesinye sezifundo ezenziwe lula ezitholakalayo. Nakuba upiyano lungathwaleki, emazweni amaningi akuyona into engavamile ukuluthola ezindaweni okuhlangene kuzo abangane. Ukunandisa ukuhlabelela kwabangane njengeqembu kungenye yezinjabulo ngisho nomfundi omusha wemfijoli angayijabulela. Kuno-ogani bakagesi abanemishini eyakhelwe ngaphakathi enikeza izigqi kanye neminye imisindo ekhethekile yomculo. Kube-ke sekuba khona inkositini, enezinkinobho ezishaywa isandla sobunxele eziveza amanothi andondayo. Izingoma ezilula ngokuvamile zingashaywa kulezimfijoli ngemva nje kwezifundo ezimbalwa.
Nokho, kunezinhlobo eziningi zezimfijoli zomculo ngaphezu kwezimbalwa nje ezijwayelekile. Ngokuvamile, zihlukaniswa izigaba ezine: izimfijoli ezishaywa ngokufutha umoya ngomlomo, ibrass, izimfijoli ezishaywa ngezandla, kanye nezimfijoli ezinezintambo. Ezaziwa kakhulu kwezishaywa ngokufutha umoya ngomlomo yilezi: umtshingo, imfiliji, umtshingo okuthiwa ioboe, igekle, igekle okuthiwa ibassoon, kanye nesaxophone. Engxenyeni yebrass: icilongo, icilongo laseFrance, itrombone, netuba. Ezishaywa ngezandla zihlanganisa: izigubhu, amathusi akhencezayo, ixylophone, itambourine, kanye nesigubhu okuthiwa itimpani. Futhi ekugcineni, ezinezintambo zinalezi: ihabhu, isiginci okuthiwa imandolin, isiginci, kanye nohlu lwevayolini—ivayolini, iviola, icello, kanye nedouble bass.
Abantu abaningi ubavusa amadlingozi umculo omnandi owenziwa izintambo zomculo, ikakhulukazi ivayolini. Kodwa khumbula, ukuze ufunde ivayolini, noma iyiphi enye imfijoli yalolohlobo lwezintambo, kumelwe ube nodlebe oluhle, olungokwemvelo lomculo ngenxa yokuthi azinabo okhiye njengoba kunjalo ngesiginci noma upiyano. Ukushaya amanothi ngendlela eqondile kuxhomeke ekubekeni iminwe ezindaweni ezifanele ezintanjeni, futhi kufanele uthembele odlebeni lwakho ekuzweni ukunemba nokungabhimbi komsindo.
Ibrass kanye nezimfijoli ezifuna ukufutha umoya ngomlomo zifuna amaphaphu anamandla, futhi anempilo ukuze avumele ukugeleza okunganqamuki komoya. Imisindo kuzo zonke izimfijoli zebrass ivezwa izindebe zomshayi wazo eziqhaqhazela endaweni yomlomo. Ukuze udlale izimfijoli ezifuthwa ngomlomo, kufanele ufunde ukushaya ngobuciko iqoqo lokhiye kuyilapho ulondoloza ukugeleza okunganqamuki komoya emfijolini.
Abantu abaningi bacabanga ngamathusi akhencezayo, amasnare drum, amakettledrum, amabass drum, nokunye njengezimfijoli nje ezinikeza isigqi esiphelezelayo noma zokuqhuba isikhathi. Kodwa kunokwengeziwe kukho. Ngaphandle komuzwa ojulile wesigqi, kuningi umdlali wazo okufanele akufunde ngobuchwepheshe bokudlala kahle izinhlobohlobo zezimfijoli, futhi umshayi wesigubhu onobuciko, nonodlebe lwaso uyawuthuthukisa umculo wanoma yiliphi iqembu elishaya izimfijoli.
Kumelwe Uzibekele Umgomo Ophakeme Kangakanani?
Ngakho ingabe ucabanga ukufunda ukushaya imfijoli ethile yomculo? Khumbula, ungazibekeli umgomo ophakeme kakhulu noma usebenzise amahora amaningi kakhulu uzama ukufinyelela ukuphelela. Kalula nje ungase ube ongalinganiseli ekusebenziseni kwakho isikhathi esiyigugu.
Yebo, ungafunda ukuyidlala—mhlawumbe hhayi njengegagu noma ngisho ‘ukudlala ngaleyandlela’ kodwa ungadlala kahle ngokwanele ukuba uzijabulise wena nalabo abalalela umculo wakho.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 21]
‘Uma abantu beqhubeka besebenzisa amakhono abo, bayoqhubeka bekhula ngolwazi kungakhathalisekile ubudala babo’