Ukuphila Ngezikhathi ZeBhayibheli—Abaculi Nezinsimbi Zabo
“Mdumiseni [uNkulunkulu] ngokushaya uphondo. Mdumiseni ngensimbi yomculo enezintambo nangehabhu. Mdumiseni ngethamborini nangomdanso wesiyingi. Mdumiseni ngezintambo nangegemfe. Mdumiseni ngamasimbali anomnkenenezo omnandi. Mdumiseni ngamasimbali akhencezayo.”—IHUBO 150:3-5.
SEKUYISIKHATHI eside umculo nabaculi kunendima ebalulekile ekukhulekeleni uJehova uNkulunkulu. Ngokwesibonelo, lapho uJehova ewelisa ngokuyisimangaliso ama-Israyeli oLwandle Olubomvu, udadewabo kaMose, uMiriyamu, wahola abesifazane ngengoma yokunqoba nomdanso. Abadansayo babedlala amathamborini. Lesi senzakalo sibonisa ukuthi umculo wawubaluleke kangakanani kuma-Israyeli—ayesanda kubalekela ibutho laseGibhithe, nokho abesifazane abaningi babeziphethe izinsimbi zomculo futhi belungele ukuzidlala. (Eksodusi 15:20) Kamuva, iNkosi uDavide yahlela ukuba izinkulungwane zabaculi zidlale izinsimbi zazo njengengxenye yokukhulekela ethempelini elalakhiwe indodana yayo uSolomoni.—1 IziKronike 23:5.
Zazenziwe ngani lezi zinsimbi? Zazibukeka kanjani? Zazikhipha umsindo onjani? Futhi zazisetshenziswa nini?
Izinhlobo Zezinsimbi Zomculo
Izinsimbi zomculo ezichazwe eBhayibhelini zazenziwe ngokhuni oluyigugu, zimbozwe ngesikhumba sesilwane, okusansimbi nangethambo. Ezinye zazinamekwe ngezinyo lendlovu. Izintambo zazo zazenziwa ngamagxolo ezihlahla noma amathumbu ezilwane. Nakuba zingasekho izinsimbi zomculo zasendulo namuhla, zisekhona izithombe zazo.
Izinsimbi zomculo ezazisetshenziswa ngezikhathi zeBhayibheli zingahlukaniswa izigaba ezintathu: izinsimbi ezinezintambo, njengehabhu, ugubhu olunezintambo (1), ne-lute (2); izimfijoli ezifuthwayo, njengophondo noma i-shofar (3), icilongo (4), umtshingo owawuthandwa kakhulu noma igemfe (5); izinsimbi zomculo ezishaywayo, njengethamborini (6), ubuxhaka obukhencezayo (7), amasimbali (8), nezinsimbi (9). Abaculi babedlala lezi zinsimbi nezingoma ezisankondlo, umdanso omnandi futhi becula. (1 Samuweli 18:6, 7) Okubaluleke kakhulu ukuthi babezisebenzisela ukukhulekela uNkulunkulu owayebabusise ngesipho somculo. (1 IziKronike 15:16) Ake ubhekisise iqoqo lezinsimbi zomculo ngalinye.
Izinsimbi Ezinezintambo Ihabhu nogubhu olunezintambo kwakungasindi, kwakuphatheka kalula kunezintambo ezinanyathiselwe ohlakeni lokhuni. UDavide wadlala izinsimbi ezinezintambo ukuze athobe umphefumulo weNkosi uSawulu owawudabukile. (1 Samuweli 16:23) Lezi zinsimbi zasetshenziswa emculweni wokunikezela ithempeli likaSolomoni nakwezinye izenzakalo ezijabulisayo, njengasemikhosini.—2 IziKronike 5:12; 9:11.
l-lute yayifana nehabhu, kodwa kuhluke indlela emi ngayo. Yayivame ukuba nezintambo ezimbalwa ezisohlakeni olunogqoko olwenza umsindo. Kungenzeka ukuthi lapho izintambo sezivevezela zazikhipha unqambothi oluthi alufane nolwesiginci sanamuhla. Izintambo zazenziwe ngezintambo zemifino ephothiwe noma ngamathumbu ezilwane.
Izimfijoli Ezifuthwayo IBhayibheli livamile ukukhuluma ngazo. Imfijoli endala kakhulu uphondo lwamaJuda, olwaziwa ngokuthi i-shofar. Lolu phondo lwenqama olude lwalukhipha umsindo omkhulu ohlabayo. Ama-Israyeli ayesebenzisa i-shofar ukuze aqoqele amasosha empini futhi aqondise isizwe ukuba senze okuthile.—AbaHluleli 3:27; 7:22.
Olunye uhlobo lwemfijoli efuthwayo kwakuyicilongo elenziwe ngensimbi. Umbhalo owatholakala emiQulwini YasoLwandle Olufile ubonisa ukuthi abaculi babekhipha imisindo ehlukahlukene kulezi zinsimbi. UJehova wayala uMose ukuba enze amacilongo esiliva amabili ukuze asetshenziswe etabernakele. (Numeri 10:2-7) Kamuva, lapho kunikezelwa ithempeli likaSolomoni, amacilongo angu-120 enezela umsindo omkhulu kulowo mkhosi. (2 IziKronike 5:12, 13) Abenzi bamacilongo babenza amacilongo anobude obungalingani. Amanye ayeze abe amasentimitha angaphezu kuka-91 ukusuka emlonyeni kuya esihlokweni.
Imfijoli efuthwayo eyayiyintandokazi kuma-Israyeli kwakuwumtshingo. Umsindo wayo omnandi ojabulisayo wawenza abantu abahlangene njengemindeni, ababesemadilini nababesemishadweni bajabule. (1 AmaKhosi 1:40; Isaya 30:29) Umsindo womtshingo okhala samculo wawuzwakala nasemingcwabeni, lapho abaculi babewudlala njengengxenye yesiko lokulila (bheka ikhasi 14).—Mathewu 9:23.
Izinsimbi Zomculo Ezishaywayo Lapho ama-Israyeli ejabula, ayesebenzisa izinhlobo eziningi zezinsimbi zomculo ezishaywayo. Le misindo enesigqi yayishukumisa imizwa ejulile. Ithamborini elenziwe ngesikhumba sesilwane esasinwetshwa sizungeze uhlaka lokhuni, kwakuthi lapho umculi noma umdansi elishaya ngesandla likhiphe umsindo onjengowesigubhu. Uma umculi ekhuxuza uhlaka, izinsinjana ezilenga kulo zazikhipha umsindo wobukhencekhence onesigqi.
Enye insimbi yomculo eshaywayo yayaziwa ngokuthi ubuxhaka obukhencezayo. Imise okweqanda futhi inohlaka lwensimbi nesibambo, nezimbambo ezinezinsimbi ezilengayo. Lapho ikhuxuzwa, le nsimbi ikhipha umsindo okhencezayo.
Amasimbali ethusi ayekhipha umsindo ohlaba kakhudlwana. Amasimbali ayengalingani. Amasimbali amakhulu akhencezayo ayeshayaniswa kakhulu. Amasimbali amancane ayedlalwa ngeminwe emibili. Womabili ayekhipha umsindo okhencezayo kodwa kuhluka isilinganiso somsindo.—IHubo 150:5.
Ukulandela Isibonelo
Namuhla oFakazi BakaJehova baqala futhi baphethe imihlangano yabo yokukhulekela ngomculo nangokuhlabelela. Emibuthanweni yabo emikhulu, umculo oqoshiwe uhlanganisa izinsimbi ezifuthwayo nezishaywayo zesimanje.
Ngokucula nokuhlabelela ekukhulekeleni kwabo, oFakazi balandela isibonelo esabekwa ama-Israyeli asendulo namaKristu ekhulu lokuqala. (Efesu 5:19) Njengezinceku zikaNkulunkulu zangezikhathi zeBhayibheli, oFakazi BakaJehova namuhla bajabulela amazwi ahambisana nomculo ukuze badumise uJehova.
[Izithombe ekhasini 23]
(izinsimbi zomculo akubona ubukhulu bazo bangempela)
(Bheka encwadini)