Ukubuka Okwezwe
Ukusekela Komphakathi ISonto LaseSpain Okunciphile
ESpain uhulumeni uyaqhubeka enikeza iSonto lamaKatolika ukusekela okungokwezimali. Ngokwephephandaba laseMadrid iEl País, ngonyaka odlule isonto lamukela amapeseta angu-15 000 000 000 (R385 000-000). Ingxenye yalezimali yayivela kubakhokhi bentela, abaphawula ebhokisini elisemafomini abo entela bebonisa ingxenye yentela yabo njengomnikelo eSontweni lamaKatolika. Nokho, iEl País yaphawula ukuthi inani labakhokhi bentela abazimisele ukwenza umnikelo onjalo linciphile. Ngo-1989 amaphesenti angu-38 kuphela omphakathi okhokha intela abonisa ukuthi afuna lezimali zidluliselwe esontweni. Leli izwe okucatshangelwa ukuthi licishe libe namaKatolika angamaphesenti angu-100.
Izingane Ezixhashazwayo
Ezingxenyeni ezithile zaseNingizimu Afrika, ukuxhashazwa ngokomzimba kwezingane kuyanda. Inani elishaqisayo lezingane ezixhashazwayo elezingane ezincane kakhulu futhi ezingakakwazi ukufuna usizo. NgokweCape Times, iphephandaba laseKapa, ukuhlolwa kwamuva kwezingane ezingu-350 ezamukelwa esibhedlela ngenxa yokuxhashazwa lembula ukuthi “amaphesenti angu-60 axhashazwa ngokobulili nokuthi amaphesenti angu-40 axhashazwa ngokomzimba.” ICape Times yaphawula ukuthi “izisulu zokuxhashazwa ngokobulili ezingu-90% zazingamantombazane alinganiselwa ebudaleni beminyaka eyisithupha, kuyilapho iziguli ezingu-60% ezazixhashazwa ngokomzimba zazingabafana abalinganiselwa eminyakeni emihlanu nengxenye ubudala.” ESibhedlela Sezingane Sesiphambano Esibomvu, “isigamu sesine sazo zonke izingane ezaxhashazwa ngokomzimba (hhayi ngokobulili) (zazo zonke izinhlanga) ezelashwa eminyakeni emibili edlule zazingaphansi konyaka ubudala.”
Okuyingozi Kakhulu Kunecocaine
Ngo-1990, iphephandaba laseBrazil iJornal da Tarde, lathi izingane ezingu-58 ezweni laseMinas Gerais zabulawa ukuphuza ngokweqile umuthi wokukhwehlela. Ngenxa yalokho, “uhulumeni waseBrazil wakwenqabela ukudayiswa kanye nokuthengwa kwamanye amazwe kwemithi emine yokukhwehlela,” kusho umagazini iVeja. IVeja yenezela ngokuthi ngokomunye uchwepheshe, “umuthi wokukhwehlela onezipeprol ungaba isidakamizwa esinonya ngaphezu kwensangu noma ngisho necocaine ngenxa yokuthi ingabangela umonakalo ongenakulungiseka ngesikhathi nje esifushane.” Ukusetshenziswa ngokuqhubekayo kwezipeprol kungaphazamisa isimiso sokusebenza kwesisu namathubu, kubangele ukucindezeleka komgudu womoya, kukhubaze isinye, futhi kubangele ukuhluleka kokusebenza kwenhliziyo.
“Iyunivesithi Yokuphila”
UJohn Major wayesebenza njengongqongqoshe waseBrithani Wezimali zikahulumeni ngaphambi kokuba abe undunankulu ngoNovember 1990. Waphuma esikoleni eneminyaka engu-16 ubudala, futhi ezikhokhelela yena, imfundo yakhe yayivela “eyunivesithi yokuphila.” “Ngazi abantu abaningi kakhulu abanenqwaba yeziqu zemfundo,” esho, “futhi . . . iningi labo abalutho, ngempela. Abanalo ulwazi lwezinto eziyisisekelo. Empeleni kufanele kube ingxubevange yokuhlakanipha kanye nolwazi lwezinto eziyisisekelo uma abantu ngempela befuna ukufinyelela izinto futhi ngokuvamile ulwazi lwezinto eziyisisekelo lubaluleke kakhulu.” Nakuba abanye bakuphikisa ukuphawula kwakhe, iTimes yaseLondon yabika ukuthi owayenguthisha-nhloko uJohn Rae wavuma: “Iziqu ezingokwemfundo zimane nje zisho ukuthi umuntu uyafaneleka kulesosifundo esithile, azisho lutho ngalé kwalokho. Ezinye izifundiswa, ikakhulukazi emayunivesithi, azilazi izwe elingokoqobo. . . . Ngibona ukuthi abantu abangenazo iziqu ngokuvamile banekhono ngokwengeziwe.”
Ukungayesabi Ingculaza
Izikhulu zikahulumeni ophethe eCenters for Disease Control eAtlanta, eGeorgia, eU.S.A., ziye zezwakalisa ukumangala nokudumala ngenxa yokwanda kwezenzo zobulili phakathi kwentsha engamantombazane eUnited States naphezu kokusongela kwengculaza. IMedical Post, iphephandaba laseCanada, libika ukuthi “ngokwesibonelo, intsha eneminyaka engu-15 ubudala, ngokunokwenzeka ibushisekela ngokuphindwe kahlanu ubulili kunontanga yayo besizukulwane esedlule.” Inani lamantombazane asukela eminyakeni engu-15 kuya kwengu-19 ubudala avumayo ukuthi ahlanganyela ebulilini bangaphambi komshado licishe liphindeke kabili. Lokhu kunjalo ikakhulukazi phakathi kwamantombazane aneminyaka engu-15 ubudala. NgokweMedical Post, “ochwepheshe bezempilo bathi lamanani akhulayo abangelwa impucuko ethandwayo egcizelela kakhulu ubulili kanye nokwehluleka kwemikhankaso yemfundo yobulili yawo-1980.”
I“Stradivarius” Yepulasitiki?
Ngokuka Nksz. Judy Grahame, umqondisi Webhizinisi LeziMfijoli Zomculo waseLondon, “kufika iqophelo emsebenzini wabadlali bevayolini abachwepheshile lapho kuyodingeka bakhokhe cishe u£60 000 [R302 500] ngemfijoli ngayinye.” Kodwa manje, ngemva kokucwaninga okuthathe iminyaka engu-20, indoda eyiNgisi eneminyaka engu-81 isiveze lokho ekubiza ngokuthi “ivayolini yepulasitiki . . . efana ncamashí neStradivarius.” Njengoba yenziwe ngegraphite fiber ne-epoxy resin, imnyama bhuqe. Umsunguli wayo uthi ngokusebenzisa amasu okuwenza ngobuningi kanye nokuwalolonga ngokuncibilikisa ipulasitiki, kungathatha isikhathi esingaphansi kwamahora amahlanu ukwenza imfijoli engadayiswa ngemali ephansi elinganiselwa ku-£150 (R743). “Uma levayolini entsha iyinhle njengoba besho,” kunezela uNksz. Grahame, “ingashintsha wonke umkhakha wezomculo.” Esekelwa izimvume eziningi eziwagunyazayo, kwenziwa amalungiselelo okwandisa uhlu ukuba luhlanganise iviola, icello, kanye nedouble bass, kubika iDaily Telegraph yaseLondon.
Impi Nemboni Yamathoyisi
Kushukunyiswa ukusakazwa kwezindaba zempi yasePersian Gulf ngethelevishini, ukudayiswa kwamathoyisi empi kuye kwaphindeka kathathu futhi ngisho nakane eJapane. IDaily Yomiuri ithi “ukusakazwa kakhulu kwezindaba zempi yaseGulf kuye kwenza izingane kanye nabantu abadala abasebancane ezinhliziyweni ukuba baye ezitolo zamathoyisi ukuze bayothenga izindiza zepulasitiki kanye nezinqola zempi ezingamathoyisi ezazisetshenziswa amabutho asizanayo elwa neIraq.” Amathoyisi empi athandeka kakhulu indiza okuthiwa iStealth eqhumisa ibhomu ekwazi ukubalekela iradar, indiza iF-15 Eagle, inqola yezempi iM-1 Abrams, kanye nendiza enophephela iApache. Abanye ebhizinisini lamathoyizi bayesaba ukuthi ukuthengwa kakhulu kwawo kuzonikeza lemboni “umqondo ophambene wokudayisa ngempi.”
Izilwane Zisengozini
IKomiti Yendawo Ezungezile Yomkhandlu Wezwe eShayina muva nje yembule ukuthi “ngenxa yokuzingela budedengu, inani lezilwane zasendle liyancipha eShayina, futhi izilwane eziningi eziyimvelakancane zibhekene nokuqothulwa.” Ngemva kokuhlola izitolo zokudlela eziningana, izimakethe, izikhumulo, kanye namabhizinisi abantu ngabanye esifundazweni saseKwangtung, iqembu labahloli muva nje lithole ukuthi izilwane eziyimvelakancane ziyaqhubeka zibulawa futhi zidayiswe lapho. Ngokukamagazini iChina Today, “ihhovisi likahulumeni lesifundazwe lezamahlathi labika ukuthi izilwane eziyimvelakancane ezingu-1 286, kuhlanganise nesibankwa esikhulu, isambane, intulo enkulu, imfene kanye neqaqa, ziye zabulawa, zadayiswa noma zashushumbiswa zayiswa emadolobheni angu-11 alesosifundazwe.” IChina Environmental News iphawula ukuthi ‘abanye abantu, kuhlanganise nezikhulu ezithile, abakuqondi ngokugcwele ukubaluleka kokuvikela izilwane zasendle. Ngokombono wabo, wonke umuntu angazizingela izilwane zasendle ngenxa yokuthi akusizo ezamuntu.’
Imfucumfucu Esibhakabhakeni
Izazi zesayensi zikhathazekile ngokwanda kwemvithi eyenziwa umuntu ezungeza umhlaba. Ukushayisana phakathi kwendiza kanye nemvithi enjalo kungaphumela ekufeni kwabashayeli bezindiza noma ngaphandle kwalokho kuphazamise ukuhamba kwezinto ezihamba emkhathini. Abacwaningi balinganisela ukuthi izinto ezilinganiselwa ku-7 000 ezingaphezudlwana kwebhola lethenisi futhi nezintwana ezincane eziyizigidi ezingu-3,5 zintanta esibhakabhakeni. “Ngisho nezingcezu zikapende zingabangela ingozi njengoba zishwizashwiza emkhathini ngesivinini sika-60 000 kph,” kuphawula iGerman Tribune ekuhunyushweni kwesihloko esaphuma ephephandabeni laseMunich iSüddeutsche Zeitung. Inani elikhulayo lezingcezu zezimvithi ezizungeza umhlaba futhi zishayisane lingaphumela “esiyingini senkungu ezungeze uMhlaba njengeziyingi zeplanethi okuthiwa iSaturn.”
Ukuphola ENdiya
Ukuphola kuya kuthandwa ngokwengeziwe eNdiya, futhi abanye manje babonakala sebekwamukela njengendlela yokuphila. Umagazini i-India Today uphawula ukuthi eminyakeni eyishumi edlule, ukubona imibhangqwana ihamba ndawonye ibambene ngezandla “kwakunjengokubona inyoni eyimvelakancane. Kulezinsuku, kwande njengocilo.” Imibhangqwana epholayo ingabonwa emabhishi omphakathi, emapaki, ezindaweni zamabhayisikobho, nasezindaweni zokudla okulungiswa ngokushesha. Ukuboniswa obala kokuthandana kuvame ngokwengeziwe. Abanye bathi lolushintsho emphakathini waseNdiya lubangelwa ukucindezela kontanga ezikoleni nasemakholeji kanye nokwanda kwamafilimu abukisa ubulili ingcaca nezinhlelo zethelevishini.
Abathakathi BamaKatolika
Ubuthakathi buba ingxenye yokuphila kwansuku zonke kwabantu abaningi baseMexico. ISiete Días, umagazini wamasonto onke, ubika ukuthi abantu bafuna usizo lwabathakathi ekuxazululeni izinkinga ezihlukahlukene, njengezinhlungu zekhanda, imikhuhlane, izinkinga ezihlobene nomsebenzi kanye nezothando. Amazwe aseningizimu namaphakathi neVeracruz, eOaxaca, eMorelos, naseMichoacán adumile ngabathakathi bawo. ISiete Días iphawula ukuthi “ubuthakathi eMexico baqala emuva esikhathini sama-Aztec. Lapho kufika abantu baseSpain, abathakathi nabaphilisi bafaka emikhubeni yabo amasiko aseYurophu, anjengobuKatolika.” Omunye umthakathi owaziwayo eLa Petaca wamukela amakhasimende akhe endlini “egcwele izithombe zeNcasakazi yaseGuadalupe noJesu, izithombe zikaJohn Paul II, futhi ekhanyiswe ngamakhandlela.”