Impicabadala Yondlunkulu BaseBrithani
Ngumlobeli we-Phaphama! eBrithani
SEKUYISIKHATHI eside undlunkulu ovamile, owaziwa ngokutshiyoza kwawo, uyingxenye yokuphila kwaseBrithani. Kodwa manje usuyanyamalala—ngokungalindelekile—emadolobheni futhi akekho owaziyo ukuthi kungani. Iphephandaba laseLondon i-Independent lithembisa umklomelo ka-£5 000 (R53 000) kunoma ubani ongabhala umbiko ongokwesayensi ongaxazulula le mpicabadala. I-Royal Society for the Protection of Birds ne-British Trust for Ornithology ziyoba ngabahluleli. Kulindeleke ukuba kuthathe iminyaka emibili ukuqeda lo msebenzi.
Ucwaningo lubonisa ukuthi emadolobheni nasemadolobhaneni kulo lonke izwe siye sancipha ngokuphawulekayo isibalo sondlunkulu. Kwezinye izindawo baye banyamalala ngokuphelele. Nokho, ondlunkulu basatholakala ngobuningi kwamanye amadolobha aseYurophu, njengaseParis naseMadrid. UDkt. Denis Summers-Smith, onguchwepheshe owaziwa emhlabeni wonke ngolwazi londlunkulu, uthi: ‘Lena ngenye yezimfihlakalo ezixake kakhulu eziphathelene nezilwane zasendle kule minyaka engu-50 edlule.’
Kucatshangwa ukuthi ukuncipha kondlunkulu ngamaphesenti angu-65 ezindaweni zasemaphandleni kubangelwa ngokuyinhloko ukwanda kakhulu kwezolimo. Ezinye izinhlobo zezinyoni nazo ziye zancipha kakhulu ngendlela efanayo emaphandleni. Kodwa lokhu akuvezi ukuthi kungani ondlunkulu benciphe ngamaphesenti angu-92 ezindaweni zasemadolobheni. Isazi semvelo uMichael McCarthy siphetha ngokuthi ukunyamalala kondlunkulu ngokuphawulekayo “kuwuphawu oluqinisekile lokuthi kukhona okushaya amanzi endaweni yemvelo yondlunkulu—mhlawumbe nakweyethu futhi.” Kusazotholakala ukuthi konakelephi nokuthi mkhulu kangakanani umonakalo.