Usuku Ekuphileni Kwami EHong Kong Eminyene
IHong Kong ingenye yezindawo ezinabantu abaningi kakhulu emhlabeni. Njengoba inabantu abayizigidi ezingu-5,8 abahlala kumakhilomitha-skwele angu-1 070 ezwe layo, inabantu abangu-5 592 kulelo nalelokhilomitha-skwele. Njengoba amaphesenti ayishumi kuphela ezwe engahlali-muntu, lokho kumelela isilinganiso sabacishe babe ngu-54 000 kulelo nalelokhilomitha-skwele elihlala abantu! Nokho, abantu bakulendawo babonakala beye bazivumelanisa ngokuphawulekayo nesiphithiphithi sedolobha eliminyene, kanye nendawo yalo yokuhlala encane, izimoto ezinomsindo, nokungcola.
NGAPHAPHANYISWA ukukhala okubukhali kwewashi lami ngo-7:30 ekuseni, ngavuka embhedeni wami obuye ube usofa, futhi ngagqoka ngokushesha. Ngihlanganyela lefulethi encane nabazali bami nodadewethu abathathu abangelamayo, abasebenzayo bonke. Ngakho-ke, kuhlala kufolelwe ikamelo lokugezela, futhi isikhathi sethu silinganiselwe. Ngemva kokudla kwasekuseni okusheshayo, ngithatha ibhayisekili ngilibangise esiteshini sesitimela. Okuhlangenwe nakho kwansuku zonke sekuqalile. Ngiba omunye wesixuku esikhulu esiya emsebenzini eHong Kong ephithizelayo.
Isitimela engisigibelayo sidlula nami ngesivinini ezakhiweni eziminyene kakhulu nasezakhiweni ezinde ezihlala abantu abaningi. Khona-ke ngishintshela ebhasini ukuze nginqamule isikhumulo semikhumbi. Sihamba emhubheni, izimoto zilandelana eduze. Yeka impumuzo okuyiyo ukuqhamukela esiQhingini saseHong Kong lapho ihhovisi lami likhona endaweni yezezimali eyinhloko. Lonke loluhambo lungathatha cishe ihora kuya ehoreni nengxenye, kuye ngobuningi bezimoto. Ekugcineni ngifika ngo-9:30. Kodwa asikho isikhathi sokuphumula—ucingo luqala ukukhala. Ikhasimende lami lokuqala losuku. Futhi lokho kwenzeka kimi usuku lonke—izingcingo zingena zilandelana, ucingo kuyethukela ngilubeke phansi. Khona-ke kuba nekhefu elincane lokudla kwasemini.
Manje inkinga iwukuthola isihlalo kwenye yezindlu zokudlela eziningi kulendawo. Kubonakala sengathi wonke umuntu uzama ukudla ngesikhathi esifanayo nasendaweni efanayo futhi ngokuvamile etafuleni elifanayo! Nakulokhu ngihlanganyela itafula lami nabantu engingabazi ngokuphelele. Kunjalo ukuphila eHong Kong eminyene. Khona-ke ngemva kwesidlo sami saseChina esisheshayo kodwa esinomsoco, ngiphindela ehhovisi.
Usuku lwami lomsebenzi kufanele luphele ngo-5:30, kodwa lokho akuvamile ukwenzeka. Njengoba kulindelekile, lapho ekugcineni ngithola ukuphumula futhi ngibheka iwashi, ngu-6:15. Ngezinye izinsuku lisuke selishaye ladlula ihora lesikhombisa ngaphambi kokuba ngikwazi ukuhamba. Khona-ke kufika uhambo lwami lokubuyela ekhaya.
Okokuqala ibhasi, bese kuba isitimela. Ekugcineni sifika esiteshini sami, futhi ngithatha ibhayisekili lami. Njengoba ngishova ngiya ekhaya, ngikhumbula indlela idolobha lethu elincane eliye laba ngayo idolobha lesimanje eliphithizelayo. Izindlu ezimfushane zasedolobhaneni seziye zathathelwa indawo amabhilidi aphakeme kakhulu, aphakeme ngezitezi ezisukela kwezingu-20 kuya kwezingu-30. Imigwaqo emikhulu, ebanzi iye yathatha izingxenye ezinkulu zendawo, futhi imigwaqo ephakeme iphithizela izimoto ezinomsindo ezigeleza njalo. Indlela endala yokuphila kokunethezeka isihambile phakade.
Njengoba singabantu abayisithupha futhi ngingenalo ikamelo elithi mina, ikhaya lakithi lincane ngempela—lingaphansi kwamamitha-skwele angu-28. Kungakho ngilala kusofa ekamelweni lokuhlala. Okungenani abazali bami banekamelo elingelabo, futhi odadewethu abathathu balala emibhedeni exhunywe omunye phezu komunye ekamelweni labo elincane. Indawo yokuba wedwa iwukunethezeka kithi.
Ngisho nakuba lilincane, liyintuthuko enkulu kunalokho esasinakho ngaphambili, lapho sonke sasihlala ekamelweni elilodwa endaweni eyayiqashiswa uhulumeni. Kodwa yeka ukuthi yinhle kanjani uma iqhathaniswa nezimo zezinkulungwane ezihlala esigodini saseMong Kok neziqashe “izindlu eziyikheji,” ezinqwatshelaniswe zaba zintathu ukuphakama futhi ezingamamitha angu-1,8 ubude namasentimitha angu-76 ububanzi namasentimitha angu-76 ukuphakama. Zinesikhala somatilasi nempahla yomuntu siqu embalwa. Akunandawo yefenisha.
Ngehora lesishiyagalolunye wonke umuntu usuke esekhaya, futhi sihlala phansi ngenjongo yokudla kwakusihlwa. Ngemva kokudla kwakusihlwa othile uvula iTV. Lokho kubulala ithemba lami lokufunda nokutadisha kuthulekile. Ngilinda kuze kube yilapho bonke sebeye balala ngehora le-11, bese ngiba sekamelweni ngedwa nokuthula okuthile ukuze ngigxilise ingqondo. Phakathi kwamabili nami futhi ngisuke sengilungele ukulala.
Bengisebenza kusukela ngaqeda isikoleni eminyakeni engu-12 edlule. Ngolunye usuku ngiyothanda ukushada, kodwa kumelwe ngisebenze ngokuzikhandla okukhulu ukuze ngiphile kangangokuthi anginaso isikhathi esiningi ngisho nesokumazi kahle owesifazane. Futhi ukuthola indawo yokuhlala kunzima ukwedlula ukwenyukela ezulwini, njengoba sikubeka. Nakuba siye safunda ukubhekana nalo, loluhlobo lokuphila kwasedolobheni eliphithizelayo alubonakali ngilujwayela. Nokho ngiyaqaphela ukuthi ngingcono kakhulu kunezigidi futhi mhlawumbe izigidi zezigidi kwezinye izingxenye zomhlaba ezingenawo amakhaya amahle, ugesi, amanzi agelezayo, noma ukukhucululwa okwanele kwendle. Ngokuqinisekile sidinga isimiso esingcono, izwe elingcono, ukuphila okungcono.—Njengoba ilandiswa nguKin Keung.