Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g91 12/8 k. 9-k. 11 isig. 7
  • Lapho Amanxeba Amadala Esepholile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Amanxeba Amadala Esepholile
  • I-Phaphama!—1991
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuthunywa Kokuthula
  • Indlela Zonke Izimpi Eziphela Ngayo
  • Impi Yokuqeda Izimpi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izimpi
    I-Phaphama!—2017
  • “Abasafuneki AbaseHiroshima!”
    I-Phaphama!—1991
  • Izwe Elingenayo Impi Ngokushesha
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1991
g91 12/8 k. 9-k. 11 isig. 7

Lapho Amanxeba Amadala Esepholile

UADELINE NAKO osemncane, okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwaloluchungechunge, waba nenzondo enkulu ngezwe lokhokho bakhe, iJapane. Lapho abanye abantwana bebiza abantu baseHawaii abangamaJapane ngokuthi “amaJap,” wayephendula, “SingamaMelika.” Wapenda imifanekiso ethi, “Qothulani Leyomibuso Ephakathi NeYurophu” futhi wayephambili emkhankasweni wokuthenga izitembu zempi. UAdeline wathi: “Ngangiziqhayisa kakhulu ngamabutho empi ele-100 nelama-442 ayakhiwa amanisei, noma amaJapane aseMelika ayisizukulwane sesibili, lawo ngesibindi ayelwela iMelika.”

Nokho, njengoba ayekhula eba mdadlana, waqala ukuzibuza: ‘Kungani abantu kumelwe babulalane?’ Konke kwakubonakala kungahambi ngendlela. ‘AmaBhuda ayeya empini. AmaKristu ayeya empini. Bonke bangabazenzisi,’ wacabanga. Njengoba ayeseqale ukutadisha iBhayibheli ngosizo loFakazi BakaJehova, wabekela uFakazi owayemfundisa inselele ngombuzo othi, “Ingabe nina boFakazi BakaJehova niyaya empini?”

Watshelwa ukuthi abazithathi izikhali ukuze babulale noma imuphi umuntu. Ngalesosikhathi impi yayisabambene ngezihluthu eYurophu naseAsia. UAdeline wathola ukuthi oFakazi eJalimane babeyiswa emakamu okuhlushwa nokuthi labo abaseUnited States babeboshelwa ukungathathi izikhali empini. Wacabanga, ‘Lena kumelwe ukuba inkolo yeqiniso.’

Ukuthunywa Kokuthula

Njengoba ulwazi lwakhe ngeBhayibheli lwalukhula, washukumiseleka ukuba anikezele ukuphila kwakhe kuJehova, uNkulunkulu weBhayibheli. Ukuzinikela kwakhe “kuNkulunkulu wokuthula” kwamshukumisela ukuba anuleke othandweni lwakhe ngokulandela izinyathelo zamaJapane ahlala eHawaii amahlanu ayekhethe ngokuzithandela ukuya eJapane ngokushesha ngemva kweMpi Yezwe II. (Filipi 4:⁠9) Ayelangazelela ukusiza abantu ezweni lokhokho bawo, nokwenza ababeyizitha ngaphambili, ngokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso eziduduzayo ezivela eBhayibhelini njengezithunywa zevangeli.​—⁠Mathewu 24:⁠14.

Omunye owazikhethela ngokuzithandela ukusiza ezweni laseJapane elonakaliswe yimpi, uShinichi Tohara, ukhumbula umuzwa aba nawo ngokuthunywa kwakhe. Uthi: “Ngacabanga ngobuqotho babantu baseJapane lapho kuza ekukhonzeni amakhosi angabantu nombuso. Ngacabanga ngabashayeli bezindiza bamakamikaze, abanikela ngokuphila kwabo ngenxa yombusi ngokuba ngamabomu bandizisele izindiza zabo emikhunjini yempi yesitha. Ngacabanga, uma amaJapane eqotho kanjalo kubantu, yini ayoyenza uma ethola iNkosi yeqiniso, uJehova?”

Ngemibono enjalo eqondile, ngo-1949 lezi zisebenzi zokuzithandela zangena eTokyo, leyo kungekudala eyayenziwe incithakalo izindiza ezikhipha amabhomu zohlobo lwe-B-29. Yini abayithola emaqhugwaneni ayephakathi kwezincithakalo? Abantu abathanda ukuba namahloni ababeyizisebenzi ezithembekile. Njengokulindelekile, lapho kwakunabantu ababesafukamele inzondo ethile nobandlululo. Nokho, abaningi, basabela kahle esigijimini seBhayibheli sokuthula.

Ngo-1953, uAdeline wajoyina lezo zithunywa zevangeli zokuqala. Ngentshiseko wasiza labo ababelambele futhi bomele isigijimi esiduduzayo esitholakala eBhayibhelini. Nokho wayehlangana nabantu ababenenzondo ngomsebenzi wakhe wokushumayela. Babemtshela: “Nina nawisela amabhomu eathomu eHiroshima naseNagasaki!”

Wayesabela athi, “Kulungile, niyazi ukuthi ngivela eHawaii. Futhi iJapane eyahlasela iPearl Harbor kuqala futhi yabulala abantu abaningi khona. Kodwa lokho akuzange kungivimbele ukuba ngize eJapane ukuze ngitshele abantu balapha izindaba ezinhle.” Lokho ngokuvamile kwakubadambisa, futhi babezithatha izincwadi ezichaza iBhayibheli.

Ngosizo lwesisekelo esihle esabekwa yilezozithunywa zevangeli zokuqala ezazivela eHawaii nakwamanye amazwe, manje amaJapane angaphezu kuka-150 000 ayingxenye yobuzalwane balabo ‘abangasayifundi impi.’​—⁠Isaya 2:⁠4; 1 Petru 2:⁠17.

Indlela Zonke Izimpi Eziphela Ngayo

Ngempela, ukwazana nokuhlakulela uthando olungenabugovu ngabanye kuyadingeka ekuthuleni komhlaba. Nokho, lokho akwanele. Abantu ababethanda ukuthula futhi benabangane kolunye uhlangothi basunduzelwa empini yasePacific bengaphansi kokucindezela kwezimbangela “ezithethelelekayo.” Inkulumo-ze yobuzwe yalawula ukuthambekela kwabo okungokwemvelo. Nakuba abanye benqaba ukuya empini ngisho nakuba babesengozini yokuyiswa emakamu okuhlushwa noma emajele, izenzo zabo zaba nomphumela omncane, uma zaba nawo, ekuvimbeleni umuzwa wempi.

Lapho isizwe sonke siholelwa empini, izandla eziningi ukwedlula ezabantu eziholayo. Ngokuvamile bonke abahilelekile bagcizelela ukuthi bafisa ukuyigwema impi. Nokho, amandla amakhulu kakhulu abathonyela ekwenzeni ngokuphambene nezifiso zabo. IBhayibheli lichaza lawomandla ngokuthi “unkulunkulu walelizwe.” (2 Korinte 4:⁠4) Ngempela, “izwe lonke limi emandleni omubi,” uSathane uDeveli.​—⁠1 Johane 5:⁠19; bheka futhi noJohane 12:​31; 14:30.

Nokho, iBhayibheli lithembisa ukuthi “uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza uSathane.” (Roma 16:​20) Isandulela salokhu kuchoboza senzeka ezulwini eminyakeni engu-77 edlule. Lalela incazelo yalokho umphostoli uJohane akubona embonweni ovusa amadlingozi emakhulwini angu-18 eminyaka ngaphambi kokugcwaliseka kwawo ngo-1914: “Kwase kuba-khona ukulwa ezulwini . . . Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.”​—⁠IsAmbulo 12:​7-⁠9.

Kusukela ngalesosikhathi uSathane uDeveli ubelokhu egcinwe lapha emhlabeni. Ngokulawula ngobuqili abezombangazwe nabezempi njengopopayi, uye wabangela ukuhlupheka okukhulu ngezimpi zalelikhulu leminyaka. Nokho, ukungabekezeli kwakhe kumane kubonisa ukuba kwakhe nentukuthelo enkulu, njengoba “azi ukuthi unesikhathi esifushane.” (IsAmbulo 12:​12) Ngezandla ezinamandla ‘zeNkosi Yokuthula,’ uJesu Kristu, uNkulunkulu uyokwenza uSathane angasebenzi ‘ngemva kwempi enkulu yoMninimandla onke’ ‘eHarmagedoni.’​—⁠Isaya 9:⁠6; IsAmbulo 16:​14, 16.

Ngokungefani nazo zonke izimpi eziye zalwiwa abantu, indinganiso yobulungiswa eyoba khona kuleyompi ezayo kaNkulunkulu ivelele. Iyindinganiso yoMdali wesintu, ofisela isintu okuhle kakhulu. Ngokungefani nabaholi bezombangazwe abacindezela abantu ababaholayo ukuba baye empini, uJehova, uMdali wethu, uyotshela abantu bakhe njengoba nje atshela isizwe sakwaIsrayeli ezinsukwini zikaJehoshafathi wakwaJuda ngekhulu leshumi leminyaka B.C.E.: “Akusikho okwenu ukulwa kulempi; zihleleni, nime, nibone ukusindisa kukaJehova.”​—⁠2 Izikronike 20:⁠17.

Lapho amafu amnyama ethonya likaSathane esesusiwe, abantu bazo zonke izizwe bayojabulela ukuthula kweqiniso nokulondeka emhlabeni wonke. Khona-ke izimo ezilandelayo ezabikezelwa uIsaya ziyobe sezingokoqobo. “Bhekani, ngidala amazulu amasha nomhlaba omusha. Izinto zakuqala ngeke ziphinde zikhunjulwe noma zicatshangwe.”​—⁠Isaya 65:​17, The New English Bible.

Khona-ke, lokho okwenzeka ePearl Harbor ngeke kusakhunjulwa ngendlela ebuhlungu, noma izisulu zokuqhuma kwamabhomu eathomu aseHiroshima naseNagasaki zimemeze ukuthi “Abasafuneki AbaseHiroshima!” Ngani? Ngoba amazwi alandelayo esiprofetho sikaIsaya ayogcwaliseka kubo bonke abantu emhlabeni: “[UNkulunkulu] uyakwahlulela phakathi kwezizwe, anqume phakathi kwabantu abaningi; bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.”​—⁠Isaya 2:⁠4.

Ukugcwaliseka kwaleziprofetho sekuyenzeka kakade phakathi koFakazi BakaJehova, labo manje abakha izigidi zobuzalwane bomhlaba wonke. Lokhu kuba sobala ikakhulu emihlanganweni yezizwe zonke yoFakazi BakaJehova eba sezingxenyeni ezahlukahlukene zomhlaba. Nawe ungaba ingxenye yalobobunye nokuthula kwezizwe zonke. Woza futhi ufunde indlela ongaba ngayo omunye wabantu ‘asebekhande izinkemba zabo zaba amakhuba nemikhonto yabo yaba ocelemba,’ ‘abangasayifundi impi,’ nababheke phambili epharadesi elizoba semhlabeni ngokushesha, lapho izimpi zingeke ziphinde zibe khona.​—⁠IHubo 46:​8, 9.

[Isithombe ekhasini 9]

UJerry noYoshi Toma, uShinichi noMasako Tohara, kanye noElsie Tanigawa ngokuzithandela bakhetha ukusiza ababeyizitha zabo ngaphambili

[Isithombe ekhasini 10]

Namuhla ubuzalwane bomhlaba wonke bukhulekela uNkulunkulu ngobunye nangokuthula

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela