Sasinda Ekuqhumeni Kwebhomu Lombulali
USUKU lwangesonto ekuseni, ngoJuly 21, 1985, lwathembisa ukuba usuku olupholile, lwaphakathi nobusika njengoba oFakazi BakaJehova nabangane babeqala ukugcwala eHholo LoMbuso laseCasula edolobhaneni elisentshonalanga yeSydney, eAustralia. Ngo-9:35 a.m., uDavid Winder, isikhulumi esihambele, waqala inkulumo yakhe eyayikhuluma ngobuqotho bobuKristu. Ngemva nje kokuba lishayile ihora leshumi, sasibheke phansi, silandela emaBhayibhelini ethu njengoba ayefunda uJohane 6:68 ngokuphimisela.
Akazange aqede ukuwufunda. Ukuqhuma okukhulu okwakuvela ngaphansi esiteji kwamshiya ezibhonqa phansi, eseduze nokuba afe. Umngane wethu, uGraham Wykes, ongumyeni nobaba, wafa ujuqu. Abanye abaningi balimala, abanye babangwa nezibi. Unya olunjalo olwalungachukuluzwanga ngalutho olwenzeka endaweni yokukhulekela lwashaqisa ngisho nezwe elilukhuni. Njengoba izindaba zazisakazwa, abantu baseAustralia babethe njo kumaTV belalele nemisakazo yabo bengakholelwa.
Ukusabela Okusheshayo
Ngokushesha ngemva kokuqhuma, kwake kwathi ukuthula isikhashana. Ngicabanga ukuthi abaningi bethu babeshaqekile futhi bethukile, beqalaza ngokwesaba, bengakwazi ukukhuluma noma ukwamukela ububi balokho okwakusanda kwenzeka. Umoya wawugcwele izintuli. Yonke indawo yabonakala injengenkundla yempi futhi yanuka njengayo. Abantwana baqala ukukhala, futhi abanye baqala ukuhayiza ngenxa yokuphazamiseka ngokomzwelo. Kamuva, esinye isibukeli, umshayeli wetekisi, sabona “intombazane engaziwa leyo ngokunokwenzeka eyayinobuso obuhle ifakwa eambulensini kusele ingxenye eyodwa kuphela yobuso bayo.”a Leyontombazane engaziwa yayiwumkami, uSue.
USue washaywa waquleka okuthile okwandiza kusuka esiteji kweza ngqó ebusweni bakhe. Ulwelwesi lwezindlebe zami lwadabuka ngaso leso sikhathi. Kimi ukuqhuma kwezwakala njengokungathi othile wayevulele ipayipi lomoya ngaphakathi kwekhanda lami—kwakungekho kushaya, ngezwa kuphela umsindo ongalindelwe, ongabekezeleki womoya njengoba konke kwakuba mpunga. Njengoba sasihlezi emgqeni wesibili wezihlalo, isikhulumi sasimi ngokoqobo phezu kwebhomu, eyayifihlwe ngaphansi kwesiteji esakhiwe ngamapulangwe.
Ngokuzenzakalelayo ngagoqana izandla zami zisekhanda ngenxa yokwesaba izingcezu ezaziwa. Imizuzwana emibalwa eyalandela yafana nemizuzu. Ngaleso sikhathi ngaqaphela ukuthi ihholo lethu laliqhunyiswe ngebhomu, futhi ngakhathazwa umuzwa wokuthi kwakusengathi kukhona okubi okwakwenzekile, ngenxa yokuthi uSue wamane wanyamalala phakathi kwezingcezu nezintuli. Njengoba ngangimemeza “Susie, Susie!” imicabango yami yayididwa imibuzo ethi: ‘Ingabe ufile? Kuthiwani ngoDavid—nabanye? Ingabe mina ngilimele?’
Isilingi, izihlalo zepulasitiki, izingodo eziklayekile, izikhwama, namaBhayibheli nomagazini okudabukile kwakusakazeke yonke indawo. Ngokushesha ubuso obethukile, obuningi obabopha obunye bugcwele izingcezu zezingodo, bavumbuka phakathi kwemfucumfucu. Abaningi balabo ababehleli ngasemuva kwehholo babengenazingozi ngaphandle kokulimala izintwentwesi zezindlebe.
Okuhlangenwe Nakho Komkami Okubuhlungu
Ngathola uSue ngesikhathi ngibona amabhuthi akhe elunguze ngaphansi kwethayela likasilingi elikhulu, kodwa ngenhlanhla lalilula kakhulu. Lapho ngiligudluza, ngangingakulungele lokho engakubona. Udebe lukaSue olungenhla lwaludabuke ukusuka ngezansi kwekhala elifihlikile futhi lulengela eduze kwesilevu sakhe. Amazinyo akhe angaphambili ayelimele, futhi lapho ngibona ukulimala okwakusemehlweni naseduze kwawo, ngesaba ukuthi mhlawumbe angase abe yimpumputhe. Izinwele zakhe zaziyinhlikinhliki egcwele igazi, udoti, nezingcezu zezingodo, futhi ngenhla kwengalo yakhe kwakubonakala elimele kakhulu. Nokho, ngakhululeka lapho ngingaboni-kopha okuqhubekayo. Kodwa kamuva ngathola ukuthi ngangikhohlisekile. Imizuzu ethile ngemva kokuba ngiphakamise ikhanda lakhe namahlombe emfucumfucwini, ngezwi elingenamandla wabiza igama lami. Ngazama ukumthuthuzela, ngephutha ngicabanga ukuthi wayeqaphela ukuthi kwakwenzekeni. Kamuva uSue wathi: “Ngangicabanga ukuthi ngisekhaya embhedeni nginephupho elibi futhi ngangifuna uPeter ukuba angivuse.” Wabonakala equleka futhi abuye aphaphame, futhi ngangingafuni ukumshiya, kodwa kwamina ngangidinga usizo.
Omunye uFakazi, eshaqekile ngokomzwelo, ngokungangabazeki ekhathazwe kakhulu ukubukeka komkami, waqala ukuhhema njengoba ayesondela kithi. Ngengalo yami ekhululekile, ngamqhweba ukuba agobe ukuze ngikhulume naye. Amehlo akhe ekuSue, wagoba wanginika isandla sakhe. Ngaleso sikhathi senza umthandazo omfushane ndawonye, sinxusa uJehova ukuba asinike ukuhlakanipha namandla okubhekana nesimo. Ngesikhathi sithi amen, nakuba amehlo akhe ayegcwele izinyembezi, wayesekwazi ngokugcwele ukuzibamba. Ngamcela ukuba athole okuthile okwakuzosebenza njengomcamelo wokucamelisa uSue.
Ukusinda Kwabantu Ngendlela Emangalisayo
Lapho ibhomu iqhuma, uPaul Hahn osemncane wayehleli ngaphambili eqondene nami ngqo futhi eqhele cishe ngamamitha amabili opiyanweni. Ukuqhuma kwajikijela upiyano emoyeni, futhi ingxenye yalo enkulu yashayeka kuPaul, ithatha ingxenye enkulu yenyama ethangeni lakhe. Amazinyo akhe amahle angaphambili, ayesanda kukhishwa izinsimbi zokuwaqondisa, alimala kabi. UJoy Wykes, omyeni wakhe wabulawa ibhomu, wayelele eduzane, enenkambabeyibuza yengozi ekhanda kanye namanye amanxeba. Amabili emantombazaneni akhe nawo ayelimele.
Kwabalimele kakhulu, owasinda ophawuleka kakhulu kwakuyisikhulumi, uDavid Winder. Ibhomu yamjikijela kanye nezingcezu ibasusa esiteji yabaphonsa emoyeni yabajikijela endaweni evulekile lapho uphahla lwalukade lukhona imizuzu embalwa ngaphambili. Wehlela cishe endaweni ayekade emi kuyo. Ingqondo yayisekhona kodwa isesimweni sokushaqeka okukhulu. Njengoba imilenze yakhe yayilimele kabi, abanye bacabanga ukuthi ngeke aphinde ahambe, kodwa namuhla usehamba ngconywana. Ezinye zezingubo zakhe zatholakala esihlahleni se-eucalyptus esiseduze. Isitendi sesikhulumi satholakala egcekeni elingemuva lomuzi wesithathu ukusuka eHholo. Ngenxa yokuthi wayophe kakhulu, uDavid wayesesimweni esibucayi. Wathathwa ngendiza enophephela emhlane wayiswa esibhedlela.
Abatakuli Bayafika
Izikhulu zamaphoyisa nezama-ambulensi, ngokutuseka kakhulu zabonakala zifika ngokushesha. Ngesikhathi izikhulu zeambulensi zinakekela abalimele, amaphoyisa aswela umsebenzi. Ngenxa yokuthi ukuqhuma kwakuzwakale ezindaweni ezikujana, imigwaqo eza ngaseHholo LoMbuso yayiminyene igcwele amakhulu ezibukeli ezifuna ukwazi, futhi amakhamera abacosheli bezindaba ayekhala ubuqhahaqhaha. Abanye bomakhelwane abaseduze nehholo ngomusa bazinikela ukuze basize ngendlela ababengasiza ngayo.
Ama-ambulensi ngokushesha agcwala futhi aqala ukuthuthela abalimele ezibhedlela zendawo. Izisebenzi zasesibhedlela zethuka kakhulu ngokwakwenzekile. OFakazi abaningi bendawo beza ezibhedlela bezonika induduzo nokusekela. UDavid Winder noSue bayiswa esibhedlela esinemishini yekhethelo yokwelapha izisulu zebhomu. Ngalobobusuku esiBhedlela iLiverpool futhi ngisabulawe ngemijovo wonke umzimba, odokotela bakhipha izingcezu zezinkuni ezazingene zashona engalweni yami. Ngakusasa, njengoba ukukhathazeka kwami kwakukhula, ngafuna ukubona umkami. Benokwesaba okuncane, odokotela bangidedela ngaleyontambama ukuze ngikwazi ukuba noSue.
Inkinga Yegazi Iyaphakama
Ngamthola egumbini lababangwa nezibi, futhi lapho ngimbheka okokuqala ngimi ngezansi kombhede wakhe, ngakhala. Ngabingelelwa ubuso obunombala oxakayo, obuvuvukele nobulimele kangangokuthi babungabonakali. Izitishi eziningi, njengoziphu abancane abamnyama, zazihlanganise ubuso bakhe.
USue wayengakwazi ukubona ngenxa yokuthi amehlo akhe, ngisho nezinkophe kwakufihleke enyameni evuvukele. Emathanjeni akhe obuso, amathambo ekhala lakhe, umhlathi ongenhla, iziqhomo, nawamehlo ayehlakazekile. Nokho, ingozi yangempela, yayiseqinisweni lokuthi ingxenye yogebhezi lwakhe ngaphezudlwana nje kombombo wekhala yayishone emuva, ibhoboza umthambo. Ngesikhathi equlekile futhi egqibeke emfucumfucwini, igazi lophela esiswini sakhe ngokungabonakali. Isilinganiso segazi lakhe sehlela ezingeni lesithupha. (Isilinganiso esifanele sowesifazane singu-14.)
Ngokushesha ukumpontshelwa igazi kwaba inkinga, ekugcineni kwaphumela ekubeni udokotela ohlinzayo angazi ukuthi uzokwenzenjani. Watshela uSue ukuthi ukwenqaba kwakhe ukuvumela ukumpontshelwa, uma kudingekile, kwakuzomenza angakwazi ukuqhubeka nomsebenzi wakhe. USue wamqinisekisa ngokuthi sobabili sasikuqaphela lokhu nokuthi “sasizokwamukela noma iyiphi enye indlela yokwelapha ebonakala inengqondo, kodwa isicelo sethu ‘sokuyeka igazi’ sasingesona okungase kuboniswane ngaso.” (IzEnzo 15:28, 29) Wayengenakukwamukela lokhu.
Ukuhlaselwa ngokwengqondo kwaqala futhi kwaphikelela. USue wabuzwa ukuthi wayenabo yini abantwana, futhi lapho ephendula ethi, “Cha,” impendulo yaba ukuthi, “Lokho kuhle, ngoba bebezoba nomama omubi.” Futhi wakhuluma noSue ngokuthi kwakungenzeka ngifake isehlukaniso ngenxa yobuso bakhe. Kwaba yini ukusabela kukaSue? “Lokho kwakubanga usizi kakhulu. Ngazimisela ukuthi ngisho noma udokotela, ngendlela yakhe, efuna ngibukeke kahle ngangokunokwenzeka, ngangingeke ngimvumele ukuba acindezele unembeza wami.” Ukucasula kwakhe okuphikelelayo ngokumpontshelwa igazi kwamane kwenyusa ukucindezeleka futhi kwachitha isikhathi esiyigugu. Phakathi nalesikhathi sosizi, okwakwehluke ngendlela evelele kwakuwukunakekelwa kozwela nokothando uSue ayekunikezwa yizo zonke izisebenzi ezingabahlengikazi. Bazizuzela inhlonipho yethu.
Manje kwase kuyizinsuku ezingu-11 kusukela ibhomu laqhuma. Amathambo obuso bukaSue ayekulesosimo esibucayi lapho esezoqala nje ukuhluma kodwa esezindaweni ezingafanele. Wayedinga ukuhlinzwa ngokushesha! Ekuhambeleni kwakhe kwesibili, udokotela wakhe, ekuqhumeni kokugcina kwentukuthelo, wathi, “Ngeke ngisamelapha!” futhi wayesehamba. Lena kwakuyimizuzu enzima kakhulu yokuphila kwethu. Nokho, uma sesikubhekisisa, ukudikila uSue kukadokotela ohlinzayo kwaba isibusiso.
Udokotela Ohlinzayo Onozwela
Omunye uFakazi naye ongudokotela wasikhulumela nodokotela oyiplastic surgeon owavuma ukwelapha uSue ngenye indlela. Nakuba kungeyona indlela etuswayo kwezokwelapha, yayisusa inkinga yokumpontshelwa igazi. Lodokotela wayenenhlonipho futhi enomusa. Wazizuzela inhlonipho yethu, ngoba wayezimisele ukwenza konke okusemandleni akhe ngaphandle kokusebenzisa igazi.
Izipikili zensimbi ezinentambo, ezicishe zibe amasentimitha angu-8 ubude, zakulufelwa emathanjeni aphukile obuso bukaSue. Kwase kuthi, amabhuloho ensimbi, abamba lezipikili ukuba zingagudluki, evumela amathambo ukuba ahlume kahle. “Nginezincijo ezivele ebusweni bami cishe amasonto ayisithupha, ukulala kwakungemnandi!” kwavuma uSue. Umhlathi wakhe ongenhla ofahlakile wafakwa izingcingo wahlanganiswa nomhlathi wakhe wangezansi ongalimele ukuze kuqikelelwe ukuba uhlume kahle. Izinzwa zakhe zokuhogela azikwazanga ukubuya zisebenze.
USue unendlela enhle yokuhleka izinto, futhi okubaluleke kakhulu, wakwazi ukuzihleka, njengomcabango wokuthi wayefana ‘nothi lweTV oluhambayo.’ Nokho, wayezodinga okungaphezu kwesimo sokuhleka, ngoba wayezolokhu ehlinzwa iminyaka emibili nengxenye elandelayo. Lokhu kwahlanganisa ukulungiswa kwezintwentwesi zezindlebe nokulungiswa kwamazinyo okukhulu.
Izifundo Esazifunda
Sobabili safunda izifundo eziningi, kuhlanganise namandla omthandazo nokuthi uJehova akalokothi asiyekelele ukuba sihlupheke ngaphezu kwalokho esikwazi ukukuthwala. Lapho ejolozelwe udokotela wokuqala ngendaba yegazi, uSue wathi, “Ngangethuke kakhulu futhi ngidabukile ngokuthi kwakuye kwadingeka ukuba kube nokujolozelana okunjalo. Isikhathi ngasinye ngangithandaza kuJehova, futhi umuzwa wokuthuthuzeleka okuphelele owawungisibekela wawududuza kakhulu. Ngangiye ngafunda ngabanye oFakazi ababeye babhekana nokuthile okufanayo, kodwa manje ngangizizwela kona mathupha.” Manje sinesibindi ngokwengeziwe sokubhekana nezilingo zesikhathi esizayo, njengoba sesiyibonile indlela uJehova asiza ngayo ezimweni ngaphambili ebesingazibheka njengezesabisayo.
Abanye baye basibuza ukuthi kungani uJehova ebengavumela ukuba iHholo LoMbuso liqhunyiswe ngebhomu nokuba kufe umzalwane. Kuwo wonke umlando, nasesikhathini sethu, abantu bakaNkulunkulu baye baba izisulu zonya olukhulu. Ukuba uJehova ubebabiyele ngothango lokubavikela, njengoba uSathane athi wayenzile kuJobe, izisusa zabo zokukhonza uNkulunkulu ngempela beziyongabazisa. Asinasizathu sokucabanga ukuthi asinakulimala—ukuthi uNkulunkulu uyosisindisa ngaso sonke isikhathi, ngisho ‘nasezehlakalweni ezingalindelekile.’ Ukwamukela kwethu ukuhlupheka, noma ngisho nokulahlekelwa ukuphila kwethu siqu ngenxa yezinkolelo zethu noma ngenye indlela, kufakazela ukukhulekela kwethu njengokuyiqiniso, okungenabugovu—okungekhona okokusizakala ngethuba.—UmShumayeli 9:11; Jobe, izahluko 1 no-2; Mathewu 10:39.
Ubuzalwane Bubonakala Ngezenzo
Phakathi nakho konke lokhu kucindezeleka, abangane bethu abangokomoya babonakala ‘benamathela kithi kakhulu kuneselamani.’ (IzAga 18:24, NW) USue uyachaza: “Abanye bomkhaya wakithi bandiza ngendiza [amakhilomitha angu-4 000] ukuze babe nathi phakathi namasonto amabili okuqala anzima. Kwakuyinduduzo enkulu ukuba umkhaya nabangane bahlale nami, ngoba ngangivame ukuhlushwa amaphupho amabi.” Amakhadi, izincwadi, izincwadi zocingo, nezimbali okwakulokhu kugeleze njalo kwatheleka kuvela kubazalwane nodade abacabangelayo kokubili lapha naphesheya. Yeka ukuthi sasinokubonga okungakanani ‘ngalama-apula asezitsheni zesiliva.’ (IzAga 25:11) Lokhu kwaphumela ebufakazini obuhle kakhulu. Lobu ngempela kwakuwubuzalwane obuboniswa ngezenzo.
USue uyenezela: “Usizo olungokoqobo nalo salunikezwa. Abangane abaseduze abangoFakazi benza izithelo kanye nokudla okuwuhlaza okunothe ikakhulukazi ngokusansimbi kwaba iziphuzo. Saba nomuzwa wokuthi njengoba sasicela odokotela ukuba bahloniphe izifiso zethu, sasibophekile ukuba sibasekele, futhi endabeni yami, lokhu kwasho ukwakha igazi lami. Nami ngathola izakhi zokusansimbi.” Abaningi bethu baba ngochwepheshe ekushintsheni ukudla konke kube uketshezi, futhi uSue naye angatuswa ngokuthi waba nguchwepheshe ngokufanayo ekukuphuzeni. (Ingabe wake wazama ukudla ukudla kwakusihlwa okuthosiwe ngepayipana lokuphuza iziphuzo?) “Umphumela wakho konke lokhu waba wukuthi igazi lami lenyuka ngamaphuzu amathathu ngaphambi kokuhlinzwa, okwamjabulisa kakhulu udokotela wami omusha,” kusho uSue.
Isineke, uthando, umthandazo, usizo lomoya kaNkulunkulu, futhi nje nokuhamba kwesikhathi, kanye nokudla ukudla okufanele, konke kuye kwaba neqhaza ekululameni kukaSue. Amanye amanxeba aye ashiya izibazi ezingasuki okuwukubusa koMbuso kaNkulunkulu kuphela okuyozisusa ngesikhathi sawo. Kodwa ngokuphathelene nobuso bukaSue, kulabo abamazi kahle, buhluke kancane kodwa noma kunjalo bunikeza udumo kudokotela owamhlinza. Futhi kimi usalokhu emuhle.
Yebo, ithemba lethu njengoFakazi BakaJehova lingokuthile okukhethekile. Lingasidlulisa kunoma yisiphi isilingo. Futhi kunokuba lwenze ibandla libe buthakathaka ngokomoya, lolusizi lwaqinisa izibopho zethu. Umngane othakazelayo, owayekhona ngesikhathi kuqhuma ibhomu, uvuma ngokumomotheka ukuthi ‘ukuqhuma kwebhomu kwamjikijela eqinisweni.’ Njengoba azibonela ngawakhe ukuhlaselwa ngonya kwemikhaya ethanda ukuthula, wazimisela ngokwengeziwe ukuqhubeka nesifundo sakhe seBhayibheli.
Kuze kube manje akekho osabekwe icala ngokuqhuma kwebhomu, kodwa amaphoyisa anaye osoleka kakhulu, okuthiwa ungumbulali othanda ukuziphindiselela ozonda oFakazi. Nokho, ubufakazi obukhona abanele ukuba kungase kuvulwe icala. Uye wahlotshaniswa namanye amacala amaningi.
Manje, eminyakeni eyisithupha kamuva, mina noSue siyaqhubeka sijabulela ilungelo lokukhonza njengamalungu ezisebenzi ehhovisi legatsha leWatch Tower eAustralia. Okwasijabulisa kakhulu kwakuwukunikezelwa kweHholo LoMbuso lethu elisha elakhiwa ngokushesha, ngoJune 22-24, 1990, eduze kwendawo ihholo elidala elaqhunyiswa ngebhomu elalikuyo. Uthando lobuKristu luye lwanqoba inzondo yomuntu oyedwa yokuphumputheka.—Njengoba ilandiswa uPeter noSue Schulz.
[Umbhalo waphansi]
a ISydney Morning Herald, kaJuly 27, 1985.
[Izithombe ekhasini 10]
Isithombe samuva sikaPeter noSue Schulz
USue Schulz nobuso bakhe obufakwe izingcingo bulolongwe kabusha
[Isithombe ekhasini 13]
IHholo LoMbuso elisha, nelikhulu kunelakuqala